Uhla lwamabalazwe lungakusiza ukuba ukwazi ukuthola indawo ethize ebalazweni. Umbhalo ngamunye uhlanganisa inombolo yebalazwe ulandelwe yinkomba eyenziwe yinombolo kanye neletha. Isibonelo, umbhalo wendawo iRaba (Amani) ebalazweli lokuqala ubhalwe ngokuthi 1:D5—okungukuthi, yibalazwe 1, isikwele D5. Ungakwazi ukuthola izikwele ezithize kwibalazwe ngalinye ngokuthi ubheke lokho okuqondanisayo maphezulu naseceleni kwalelo balazwe. Amanye amagama ezindawo abhalwe kubakaki; isibonelo, Raba (Amani). Uphawu lombuzo olulandela igama lukhombisa ukuthi leyondawo ekhonjiswayo ebalazweni kungenzeka kube yiyo noma kungenzeka kube yiqiniso ukuthi itholakala lapho kodwa akukaziwa kahle.