Amasu Okufunda
11. IZwe eliNgcwele ngeziKhathi zeTestamente eliSha


11. IZwe eliNgcwele ngeziKhathi zeTestamente eliSha

Ibalazwe leBhayibheli 11

Nyakatho

Isiboniso

Imingcele eyenziwe ngokubuswa kwamazwe

Sidoni

Abilene

Sarepita

IziNtaba zaseLebanoni

Damaseku

Litani

Aramu

INtaba Hermoni

Fariphari

Tire

Finishiya

Kesariya Filipi

IsiGodi saseHuleh

Galile

Petolemayi (Ako)

Korazini

Betsayida

Kapernawume

Kishiyoni

Khana

Magadana

ULwandle lwaseGalile (Kinereti)

INtaba Kameli

Nazaretha

Tiberiya

INtaba iThabori

Yarmuki

Nayini

Gadara

Kesariya

INtaba iGilibowa

Dekapholi

Samariya

Salimi?

Samariya

Enoni?

IThafa laseSharoni

Sikhari

INtaba i-Ebali

Jaboki

Jopha

INtaba iGerizimu

Arimatheya?

Ajaloni

Bethele

UMfula iJordani

Perayeya

Filadelfiya

Jeriko

ULwandle oluKhulu (ULwandle lweMediteleniyani)

Azotu

Soreki

Emawuse

Bethabara

Jerusalema

INtaba yemiNqumo

Betfage

Bethaniya

Kumrani

AmaThafa akwaMowabi

INtaba Nebo

Ashikeloni

Ela

Betlehema

Judiya

Gaza

Hebroni

Makherus

Gerari

Idumiya

ULwandle olungenaMpilo

Arinoni

Besori

Beri-Sheba

Masada

IHlane laseJudiya

Nabataea

Zeredi

Amakhilomitha

0 20 40 60

A B C D

1 2 3 4 5 6 7 8

1

1

2

2

3

4

5

6

7

8

9

10

11

12

13

14

15

16

17

  1. Tire kanye neSidoni UJesu waqhathanisa iKorazini kanye neBetsayida neTire kanye neSidoni (Math. 11:20–22). Welapha indodakazi yowesifazane wabeZizwe (Math. 15:21–28).

  2. INtaba yokuGuqulwa UJesu waguqulwa phambi kukaPetru, uJakobe, kanye noJohane, futhi bathola izikhiye zombuso (Math. 17:1–13). (Abanye bakholwa wukuthi iNtaba yokuGuqulwa yiNtaba iHermoni; abanye bakholwa wukuthi yiNtaba iThabori.)

  3. Kesariya Filipi UPetru wafakaza ukuthi uJesu unguKristu futhi wathenjiswa izikhiye zombuso (Math. 16:13–20). UJesu wabikezela ngokufa kanye nangoVuko Lwakhe uqobo (Math. 16:21–28).

  4. IsiFunda saseGalile UJesu wachitha isikhathi esiningi sempilo kanye nobufundisi Bakhe eGalile (Math. 4:23–25). Lapha wanika iNtshumayelo yaseNtabeni (Math. 5–7); welapha onochoko (Math. 8:1–4); futhi wakhetha, wagcoba, futhi wathumela abaPhostoli abayiShumi namBili, kubo uJuda Iskariyothe okusengathi nguye kuphela owayengeyena umGalile (Marku 3:13–19). EGalile uKristu ovukileyo wavela kubaPhostoli (Math. 28:16–20).

  5. ULwandle lwaseGalile, kamuva olwabizwa ngoLwandle lwaseTiberiya UJesu wafundisa esemkhunjini kaPetru (Luka 5:1–3) futhi wabiza uPetru, u-Andreya, uJakobe, kanye noJohane ukuba babe ngabadobi babantu (Math. 4:18–22; Luka 5:1–11). Futhi wathulisa isivunguvungu (Luka 8:22–25), wafundisa imifanekiso esemkhunjini (Math. 13), wahamba olwandle (Math. 14:22–32), futhi wavela kubafundi Bakhe emva koVuko Lwakhe (Joh. 21).

  6. Betsayida UPetru, u-Andreya, kanye noFiliphu bazalelwa eBetsayida (Joh. 1:44). UJesu wahamba waya ngasese nabaPhostoli maduze neBetsayida. Izixuku zamlandela, futhi wapha ukudla izinkulungwane ezinhlanu (Luka 9:10–17; Joh. 6:1–14). Lapha uJesu welapha umuntu oyimpumputhe (Marku 8:22–26).

  7. Kapernawume Lapha kwakuyikhaya likaPetru (Math. 8:5, 14). EKapernawume, uMathewu ayibiza ngokuthi “ngumuzi wakubo” kaJesu, uJesu welapha umuntu ofe uhlangothi (Math. 9:1–7; Marku 2:1–12), welapha isisebenzi senduna yekhulu, welapha unina womfazi kaPetru (Math. 8:5–15), wabiza uMathewu ukuba abe ngomunye wabaPhostoli Bakhe (Math. 9:9), wavula amehlo avalekile, wakhipha udeveli (Math. 9:27–33), welapha isandla somuntu esishwabeneyo ngeSabatha (Math. 12:9–13), wanika intshumayelo yesinkwa sokuphila (Joh. 6:22–65), futhi wavuma ukukhokha izintela, etshela uPetru ukuba athole imali emlonyeni wenhlanzi (Math. 17:24–27).

  8. Magadana Lendawo kwakuyikhaya likaMariya Magdalena (Marku 16:9). UJesu weza lapha emuva kokupha ukudla izinkulungwane ezine (Math. 15:32–39), futhi abaFarisi kanye nabaSadusi bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini (Math. 16:1–4).

  9. Khana UJesu waguqula amanzi aba yiwayini (Joh. 2:1–11) futhi welapha indodana yesikhulu eyayiseKapernawume (Joh. 4:46–54). IKhana futhi kwakuyikhaya likaNathanayeli (Joh. 21:2).

  10. Nazaretha Ukubikwa kuMariya kanye noJosefa kwenzeka eNazaretha (Math. 1:18–25; Luka 1:26–38; 2:4–5). Emuva kokubuya eGibithe, uJesu wachitha isikhathi sobungane kanye nobusha Bakhe lapha (Math. 2:19–23; Luka 2:51–52), wamemezela ukuthi wayenguMesiya, futhi wenqatshwa ngaBakhe (Luka 4:14–32).

  11. Jeriko UJesu wapha indoda engaboni ukuba ibone (Luka 18:35–43). Futhi wadla idina kanye noZakewu, “umthelisi omkhulu” (Luka 19:1–10).

  12. Bethabara UJohane umBhabhadisi wafakaza ukuthi waye “yizwi lomemeza ehlane” (Joh. 1:19–28). UJohane wabhabhadisa uJesu eMfuleni iJordani futhi wafaza ukuthi uJesu uyiWundlu likaNkulunkulu (Joh. 1:28–34).

  13. IHlane laseJudiya UJohane umBhabhadisi wayeshumayela kulelihlane (Math. 3:1–4), lapho uJesu wazila ukudla khona izinsuku ezingamashumi amane futhi walingwa khona (Math. 4:1–11).

  14. Emawuse UKristu ovukileyo wahamba emgwaqweni oya e-Emawuse kanye nabafundi Bakhe ababili (Luka 24:13–32).

  15. Betfage Abafundi ababili balethela uJesu imbongolo aqala ukungena ngayo ngokwesasa eJerusalema (Math. 21:1–11).

  16. Bethaniya Lendawo kwakuyikhaya likaMariya, uMarta, kanye noLazaru (Joh. 11:1). UMariya wezwa amazwi kaJesu, futhi uJesu wakhuluma kuMarta ngokukhetha “isabelo esihle” (Luka 10:38–42); uJesu wavusa uLazaru kwabafileyo (Joh. 11:1–44); futhi uMariya wagcoba izinyawo zikaJesu (Math. 26:6–13; Joh. 12:1–8).

  17. Betlehema UJesu wazalwa futhi wabekwa emkhombeni (Luka 2:1–7); izingelosi zamemezela kubelusi ukuzalwa kukaJesu (Luka 2:8–20); izazi zaholwa yinkanyezi ukuba ziye kuJesu (Math. 2:1–12); futhi uHerode wabulala abantwana (Math. 2:16–18).