13. UkuHamba okuNingi kobuFundisi kukamPhostoli uPawulu
-
Gaza UFiliphu washumayela ngoKristu futhi wabhabhasisa induna yase-Etiyopiya endleleni yakhe eyayiya eGaza (IzE. 8:26–39).
-
Jerusalema Bheka ibalazwe 12 ukuze ufunde ngezehlakalo zaseJerusalema.
-
Jopha UPetru wathola umbono wokuthi uNkulunkulu upha isipho sokuphenduka kwabeZizwe (IzE. 10; 11:5–18). UPetru wavusa uThabitha kwabafileyo (IzE. 9:36–42).
-
Samariya UFiliphu wasebenza eSamariya (IzE. 8:5–13), futhi kamuva uPetru kanye noJohane bafundisa lapha (IzE. 8:14–25). Emuva kokuba banike isipho soMoya oNgcwele, uSimoni oyisanusi wafuna ukusithenga lesi sipho kubo (IzE. 8:9–24).
-
Kesariya Lapha, emuva kokuba ingelosi isebenzele induna yekhulu yebutho okwakuthiwa nguKorneliyu, uPetru wamvumela ukuba abhabhadiswe (IzE. 10). Lapha, uPawulu wazivikela ngaphambi kuka-Agripha (IzE. 25–26; bheka futhi ku JS—uMl. 1:24–25).
-
Damaseku UJesu wavela kuSawulu (IzE. 9:1–7). Emuva kokuba u-Ananiya abuyisele ukubona kukaSawulu, uSawulu wabhabhadiswa futhi wase eqala ubufundisi bakhe (IzE. 9:10–27).
-
Antiyokiya (lase-Aramu) Lapha abalandeli baizwa okokuqala ngokuthi ngamaKristu (IzE. 11:26). U-Agabu waprofetha ngendlala (IzE. 11:27–28). Kwaba khona ukungezwani okukhulu e-Antiyokiya ngokuphathelene nokusokwa (IzE. 14:26–28; 15:1–9). E-Antiyokiya uPawulu waqala ukuya emsebenzini wakhe wesibili wokufundisa ivangeli noSila, uBarnaba, kanye noJuda Barsaba (IzE. 15:22, 30, 35).
-
Tarsu Yidolobha lapho uPawulu ayehlala khona; uPawulu wathunyelwa lapha ngabaZalwane ukuze bavikele impilo yakhe (IzE. 9:29–30).
-
Khupro Emuva kokuhlushwa, abanye abaNgcwele babalekela kulesi siqhingi (IzE. 11:19). UPawulu wahamba wadlula eKhupro ohambeni lwakhe lokuqala lobufundisi (IzE. 13:4–5), njengoba uBarnaba kanye noMarku nabo benza kamuva (IzE. 15:39).
-
Phafu UPawulu waqalekisa isanusi lapha (IzE. 13:6–11).
-
Derbe UPawulu kanye noBarnaba bashumayela ivangeli kulelidolobha (IzE. 14:6–7, 20–21).
-
Listra Ngesikhathi uPawulu elapha isishosha, yena kanye noBarnaba babizwa njengonkulunkulu. UPawulu wakhandwa ngamatshe futhi kwacatshangwa ukuthi wayefile kodwa waswabuluka futhi waqhubeka nokushumayela (IzE. 14:6–21). Leli yikhaya likaThimothewu (IzE. 16:1–3).
-
Ikoniyu Emsebenzini wabo wokuqala wokufundisa ivangeli, uPawulu kanye noBarnaba bashumayela lapha futhi basatshiswa ngokukhandwa ngamatshe (IzE. 13:51–14:7).
-
Lawodikeya kanye neKolose ILawodikeya ngelinye lamagatsha eBandla uPawulu alihambela futhi wathola kulo izincwadi (Kol. 4:16). Futhi lingelinye lamadolobha ayisikhombisa abhaliweyo encwadini yesAmbulo (amanye yi-Efesu, yiSmirna, yiPhergamu, yiThiyathira, yiSardesi, kanye neFiladelfiya; bheka IsAmb. 1:11). IKolose itholakalala empumalanga neLawodikeya amakhilomitha ayishumi nesishiyagalombili. UPawulu wabhalela abaNgcwele ababehlala lapha.
-
Antiyokiya (lasePhisidiya) Emsebenzini wabo wokuqala wokufundisa ivangeli, uPawulu kanye noBarnaba bafundisa abaJuda ukuthi uKristu wavela enzalweni yaDavide. UPawulu wapha ivangeli kwabakwa-Israyeli, kamuva kwabeZizwe. UPawulu kanye noBarnaba bahlushwa futhi baxoshwa (IzE. 13:14–50).
-
Milethu Ngesikhathi elapha emsebenzini wakhe wokufundisa ivangeli wesithathu, uPawulu wexwayisa amagosa eBandla ukuthi “izimpisi ezihahayo” zizongena emhlambini (IzE. 20:29–31).
-
Phatmose UJohane wayeyisiboshwa khulesi siqhingi ngesikhathi ethola imibono manje esiqukethwe encwadini yesAmbulo (IsAmb. 1:9).
-
Efesu U-Apholo washumayela lapha ngamandla (IzE. 18:24–28). UPawulu, emsebenzini wakhe wokufundisa ivangeli wesithathu, wafundisa e-Efesu iminyaka emibili, eguqula abantu abaningi (IzE. 19:10, 18). Lapha wanika isipho soMoya oNgcwele ngokubeka izandla (IzE. 19:1–7) futhi wenza izimangaliso eziningi, kuhlanganisa nokukhipha imimoya emibi (IzE. 19:8–21). Lapha abakhonza uDiyana basusa umsindo ngokumelene noPawulu (IzE. 19:22–41). Inxenye yencwadi yesAmbulo yayibhekiswe eBandleni elise-Efesu (IsAmb. 1:11).
-
Trowa Ngesikhathi uPawulu elapha ohambeni lomsebenzi wakhe wokufundisa ivangeli wesibili, wabona umbono wendoda eyayiseMakedoniya icela usizo (IzE. 16:9–12). Ngesikhathi elapha emsebenzini wakhe wesithathu wokufundisa ivangeli, uPawulu wavusa u-Evitiku kwabafileyo (IzE. 20:6–12).
-
Filiphi UPawulu, uSila, kanye noThimothewu baququla owesifazane ogama lakhe linguLidiya, bakhipha umoya omubi, futhi bashaywa (IzE. 16:11–23). Bathola usizo oluvela kuNkulunkulu ukuba babaleke etilongweni (IzE. 16:23–26).
-
Athene UPawulu, ngesikhathi esekuthunyweni kwakhe kwesibili e-Athene, washumayela eNtabeni kaMarsi (e-Areyophagu) ngo “nkulunkulu ongaziwayo” (IzE. 17:22–34).
-
Korinte UPawulu waya eKorinte emsebenzini wakhe wokufundisa ivangeli wesibili, lapho ahlala khona no-Akwila kanye noPrisila. Washumayela lapha futhi wabhabhadisa abantu abaningi (IzE. 18:1–18). EseKorinte, uPawulu wabhala incwadi yakhe yokuthunyelwa eyayiya kwabaseRoma.
-
Thesalonika UPawulu washumayela lapha ngesikhathi sohambo lwakhe lwesibili lobufundisi. Iqoqo lakhe labefundisi lahamba laya eBereya emuva kokuba abaJuda babasongele (IzE. 17:1–10).
-
Bereya UPawulu, uSila, kanye noThimothewu bathola abantu abanobuntu ababafundisa ngesikhathi sohambo lwesibili lobufundisi lukaPawulu. AbaJuda baseThesalonika babalandela futhi babahlupha (IzE. 17:10–13).
-
Makedoniya UPawulu wafundisa lapha ngohambo lwakhe lwesibili nolwesithathu (IzE. 16:9–40; 19:21). UPawulu wadumisa ububele babaNgcwele baseMakedoniya, abapha yena kanye nabaNgcwele abampofu abaseJerusalema (Roma 15:26; Ⅱ Kor. 8:1–5; 11:9).
-
Melitha UPawulu waphahlazeka nomkhumbi kulesi siqhingi endleleni yakhe eya e-Roma (IzE. 26:32; 27:1, 41–44). Akazange alinyazwe wukulunywa yinyoka futhi welapha abaningi ababegula eMelitha (IzE. 28:1–9).
-
Roma UPawulu washumayela lapha iminyaka emibili esekuboshweni (IzE. 28:16–31). Wabhala futhi izincwadi zokuthunyelwa, noma izincwadi ezilotshiweyo, kwabase-Efesu, kwabaseFiliphu, kanye nakwabaseKolose kanye nakuThimothewu kanye noFilemoni ngesikhathi eboshwe eRoma. UPetru wabhala incwadi yakhe yokuthunyelwa ese “Babiloni,” cishe okwakuseRoma, masinyane nje emuva kokuhlushwa kwamaKristu nguNiro ngonyaka wama 64 emuva kukaKristu. Ngokwejwayelekile kukholakala ukuthi uPetru kanye noPawulu babulawelwa ukholo lapha.