Amasu Okufunda
12. IJerusalema ngesiKhathi sikaJesu


12. IJerusalema ngesiKhathi sikaJesu

Isithombe
Ibalazwe leBhayibheli 12

Nyakatho

Isiboniso

Idolobha ngesikhathi sika Jesu

Izindawo ezazungezwa ngezindonga kamuva

Umgwaqo oya eSamariya

Bezetha (IDolobha eliSha)

Golgotha

IThuna elaKhiweyo laseNsimini

IsiZiba saseBethesda

ISango leziNhlanzi

Inqaba i-Antoniya

IsiZiba sakwa-Israyeli

INsimu yaseGetsemane

ISango laseSusa

ISango leziMvu

UmPheme kaSolomoni

Thempeli

INtaba yemiNqumo

Ibhuloho

UmNyango omuHle

Umgwaqo oya e-Emawuse nase Jopha

IsiZiba somBhoshongo

Umgwaqo oya eBethaniya nase Jeriko

IsiQongo seThempeli

INdlu yobuKhosi yaseHasmoniya

UmPheme wasebuKhosini

Umsele owakhiweyo wamanzi

INdlu yobuKhosi kaHerode

IziTebhisi eziya eThempeli

UmThombo waseGihoni

IsiZiba seNyoka

UMuzi oPhezulu

Umsele owakhiweyo wamanzi

INdlu kaKayafase

UmGodi kaHezekiya

IsiGodi saseHinomu

IGumbi eliPhezulu

IsiGodi saseKidroni

UMuzi oseZansi

IsiZiba saseSilowama

ISango Lamanzi

Umgwaqo oya eBetlehema nase Hebroni

UmThombo waseRogeli

Umgwaqo oya oLwandle olungenaMpilo

Amamitha

0 100 200 300 400

A B C D

1 2 3 4 5 6 7 8

1

2

3

4

5

6

7

8

8

9

10

11

12

13

14

15

16

17

18

  1. Golgotha Yindawo okungenzeka kube ngeyonqamulezo lukaJesu (Math. 27:33–37).

  2. IThuna elaKhiweyo laseNsimini Yindawo okungenzeka kube yilapho okwakukhona khona ithuna elakhiweyo lapho okwabekwa khona umzimba ka Jesu (Joh. 19:38–42). UKristu ovukileyo wavela kuMariya Magdalena ensimini ngaphandle kwethuna Lakhe elakhiweyo (Joh. 20:1–17).

  3. Inqaba i-Antoniya UJesu kungenzeka ukuthi wabekwa icala, walahlwa ngecala, wahlekwa usulu, futhi washaywa ngesiswebhu kulendawo (Joh. 18:28–19:16). UPawulu waboshwa futhi walandisa ngendaba yokuphenduka kwakhe (IzE. 21:31–22:21).

  4. IsiZiba saseBethesda UJesu waphilisa isiguli ngeSabatha (Joh. 5:2–9).

  5. IThempeli UGabriyeli wethembisa uZakariya ukuthi u-Elisabethe wayezozala indodana (Luka 1:5–25). Isisitho sethempeli sadabuka kabili ekufeni kukamSindisi (Math. 27:51).

  6. UmPheme kaSolomoni UJesu wazisa ukuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu. AmaJuda azama ukumgxoba ngamatshe (Joh. 10:22–39). UPetru washumayela ngokuphenduka emuva kokwelapha indoda eyisishosha (IzE. 3:11–26).

  7. UmNyango omuHle UPetru kanye noJohane belapha indoda eyisishosha (IzE. 3:1–10).

  8. IsiQongo seThempeli UJesu walingwa nguSathane (Math. 4:5–7). (Kungenzeka kube yilapho kwenzeka khona lesi sehlakalo.)

  9. INtaba eNgcwele (izindawo ezingashiwongo)

    1. Ngokwendaba ethathwe kokhokho kuthiwa lapha u-Abrahama wakha i-altare ukuze anikele ngo-Isaka (Gen. 22:9–14).

    2. USolomoni wakha ithempeli (Ⅰ AmaKh. 6:1–10; Ⅱ IziKr. 3:1).

    3. AmaBabiloni alibhubhisa ithempeli cishe ngonyaka wama 587 ngaphambi kukaKristu (Ⅱ AmaKh. 25:8–9).

    4. UZerubabele walakha kabusha ithempeli cishe ngonyaka wama 515 ngaphambi kukaKristu (Ezra 3:8–10; 5:2; 6:14–16).

    5. UHerode walinweba igceke lethempeli futhi walakha kabusha ithempeli kusuka ngo 17 ngaphambi kukaKristu. UJesu walethwa ngengomntwana (Luka 2:22–39).

    6. Eseneminyaka eyishumi nambili, uJesu wafundisa ethempelini (Luka 2:41–50).

    7. UJesu walihlanza ithempeli (Math. 21:12–16; Joh. 2:13–17).

    8. UJesu wafundisa ethempelini izikhathi eziningana (Math. 21:23–23:39; Joh. 7:14–8:59).

    9. AmaRoma ngaphansi kuka Thithu alibhubhisa ithempeli ngonyaka wama 70 emva kukaKristu.

  10. INsimu yaseGetsemane UJesu wezwa ubuhlungu, wakhashelwa, futhi waboshwa (Math. 26:36–46; Luka 22:39–54).

  11. INtaba yemiNqumo

    1. UJesu wabikezela ngokubhujiswa kweJerusalema kanye nethempeli. Wakhuluma futhi nangokuZa kwesiBili (Math. 24:3–25:46; bheka futhi ku JS—Math).

    2. UJesu wenyukela ezulwini esuka lapha (IzE. 1:9–12).

    3. Ngomhlaka 24 Oktoba 1841, iGosa u-Orson Hyde wanikela iZwe eliNgcwele ukuze kubuyele kulo abantwana ba-Abrahama.

  12. UmThombo waseGihoni USolomoni wagcotshwa waba yinkosi (Ⅰ AmaKh. 1:38–39). UHezekiya wamba imbobo ukuze alethe umthombo edolobheni (Ⅱ IziKr. 32:30).

  13. ISango Lamanzi U-Ezra wafunda futhi wahumusha umthetho kaMose kubantu (Neh. 8:1–8).

  14. IsiGodi saseHinomu Unkulunkulu wamanga uMoloki wayekhonzwa, okwakuhlanganisa nokunikelwa kwabantwana (Ⅱ AmaKh. 23:10; Ⅱ IziKr. 28:3).

  15. INdlu kaKayafase UJesu wasiwa phambi kukaKayafase (Math. 26:57–68). UPetru waphika ukuthi wayemazi uJesu (Math. 26:69–75).

  16. IGumbi eliPhezulu Yindawo ejwayelekile lapho uJesu adla khona ukudla kwePhasika futhi waqalisa isidlo esingcwele (Math. 26:20–30). Wageza izinyawo zaba Phostoli (Joh. 13:4–17) futhi wabafundisa (Joh. 13:18–17:26).

  17. INdlu yobuKhosi kaHerode UKristu wasiwa phambi kukaHerode, cishe kuyo lendawo (Luka 23:7–11).

  18. Jerusalema (izindawo ezingashiwongo)

    1. UMelkisedeki wayebusa njengenkosi yaseSalema (Gen. 14:18).

    2. INkosi uDavide yalithumba lelidolobha kumaJebusi (Ⅱ Sam. 5:7; Ⅰ IziKr. 11:4–7).

    3. Lelidolobha labhujiswa ngamaBabiloni cishe ngonyaka wama 587 ngaphambi kukaKristu (Ⅱ AmaKh. 25:1–11).

    4. UMoya oNgcwele wagcwalisa abaningi ngosuku lwePhentekoste (IzE. 2:1–4).

    5. UPetru kanye noJohane baboshwa futhi balethwa phambi kwebandla (IzE. 4:1–23).

    6. U-Ananiya kanye noSafira baqamba amanga eNkosini futhi bafa (IzE. 5:1–10).

    7. UPetru kanye noJohane baboshwa, kodwa ingelosi yabakhulula etilongweni (IzE. 5:17–20).

    8. AbaPhostoli bakhetha amadoda ayisikhombisa ukuba abasize (IzE. 6:1–6).

    9. Ubufakazi bukaStefanu kumaJuda benqatshwa, futhi wakhandwa ngamatshe waze wafa (IzE. 6:8–7:60).

    10. UJakobe wabulawelwa ukholo (IzE. 12:1–2).

    11. Ingelosi yakhulula uPetru etilongweni (IzE. 12:5–11).

    12. AbaPhostoli banquma ngodaba lokusoka (IzE. 15:5–29).

    13. AmaRoma ngaphansi kukaThithu alibhubhisa lelidolobha ngo 70 emuva kukaKristu.

Shicilela