“NgoMeyi 26–Juni 1: ‘Othembekile, Olungile, futhi noHlakaniphile Umphathi’: IMfundiso neziVumelwano 51–57,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neZivumelwano 51–57,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoMeyi 26–ngoJuni 1: “Othembekile, Olungile, futhi noHlakaniphile Umphathi”
IMfundiso neziVumelwano 51–57
Kumalungu eBandla ngeminyaka yangu-1830, ukuqoqwa kwabaNgcwele nokwakha idolobha leSiyoni kwakungumsebenzi okwakufanele wenziwe ngokomoya nangokwenyama , kubandakanya nezinqinamba eziningi okwakufanele kubhekwane nazo: Kukhona okwakufanele athenge umhlaba futhi awuhlukanisele abaNgcwele lapho babengahlala khona. Kukhona okwakufanele agaye izincwadi kanye nezinye ezazikhishiwe. Kwakudingeka umuntu ozosebenza esitolo ukuze anikeze ngezimpahla kulabo abaseSiyoni. Ezambulweni ezibhalwe kwiMfundiso neziVumelwano 51-57, iNkosi yabeka futhi yayala abantu ukuba babhekane nalemisebenzi.
Yize amakhono ezintweni ezifana nalezi ayebalulekile eSiyoni, lezi zambulo zisifundisa ukuthi iNkosi ifisa ukuthi abaNgcwele Bayo bafaneleke ngokomoya ukubizwa ngabantu beSiyoni—abantu Bayo. Ubiza omunye nomunye wethu ukuba sibe “othembekile, olungile, futhi nohlakaniphile umphathi,” sibe nomoya odabukileyo, “sime siqine” emisebenzini yethu esinikwe yona (bheka IMfundiso neziVumelwano 51:19; 52:15; 54:2). Uma singenza lokho—ngaphandle kwamakhono ethu amanje—iNkosi ingasisebenzisa ukwakha iSiyoni.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
INkosi ifuna ngibe umphathi othembekile, olungile, futhi ohlakaniphile.
Ukuba wawuyilungu leBandla ngonyaka ka-1831, mhlawumbe wawuzomenywa ukuba uphile umthetho wokunikela ngokunikela kumbhishobhi eBandleni yonke impahla yakho. Esikhathini esiningi wayekubuyisela kuwe, lokho okunikelile, ngesinye isikhathi kube khona nokuseleyo. Kepha kwakungasekona okwakho nje kuphela—kwakuba wubuphathi bakho.
Namhlanje izindlela okuqhutshwa ngazo zihlukile, kepha imigomo yokunikela kanye nobuphathi isabalulekile emsebenzini weNkosi. Ngesikhathi ufunda isigaba 51, cabanga ngalokho uNkulunkulu akubeke kuwe. Ngabe igama elithi “ubuphathi” (ivesi 19) kanye nelithi “ukunikela” (ivesi 5) lisho ukuthini, futhi ngabe lamagama aqondeni ngalokho uNkulunkulu akulindele kuwe na?
UMongameli uSpencer W. Kimball wachaza ukuthi: “eBandleni ubuphathi buyisibopho esingcwele ngokomoya nangokwenyama ekutheni kuzoba khona ukuziphendulela. Ngoba zonke izinto zingezeNkosi, singabaphathi phezu kwemizimba yethu, imiqondo, imindeni, kanye nezimpahla. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 104:11–15.) Umphathi othembekileyo usebenzisa ukubusa okulungileyo, ozinakekelayo, futhi onakekela nabampofu nabaswele” (“Welfare Services: The Gospel in Action,” i-Ensign, ngoNov. 1977, 78).
Bheka futhi “The Law of Consecration” (ividiyo), Umtapo Wolwazi Wevangeli.
IMfundiso neziVumelwano 52:9–11, 22–27
Ngingabamema abanye ukube beze Kristu noma kuphi lapho engiya khona.
Ngesikathi iNkosi ithumele abaholi abaningana beBandla eMissouri, yabatshela ukuba basisebenzisa kahle isikhathi sabo besasendleleni futhi “bashumayele endleleni” (amavesi 25–27). Ungabelana kanjani ngevangeli “usendleleni”, noma ngesikhathi sakho senjwayelo impilweni yakho na?
IMfundiso neziVumelwano 52:14–19
INkosi iyangisiza ukuba ngigweme ukukhohliswa.
Ngenxa yabantu ababethi babeboniswe izinto ngokomoya, abaNgcwele bokuqala babekhathazekile ngokukhohliswa. Yabaxwayisa ngokuthini iNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 52:14? Kwakuyini isixazululo Sayo na? (bheka amavesi 14–19).
Iphetheni kuyinto ephindayo ngendlela ejwayelekile, nebikezeliwe. Izibonelo kubandakanya ukubala ngezinombolo ezilinganayo noma ukusa nokushona kwelanga usuku ngalunye. Yizona ziphi ezinye izibonelo ongazicabanga na? Ngesikhathi ucinga IMfundiso neziVumelwano 52:14–19, bheka iphethini yeNkosi yokugwema ukukhohliswa. Kungasiza ukuqapela ukuthi “odabukileyo” kuchaza imizwa ethobekile neyokuphenduka; “mnene” kuchaza ukuzithiba; bese “ukwakha” kuchaza ukufundisa noma thuthukisa. Ucabanga ukuthi kungani iphetheni yeNkosi ibandakanya lezizimfanelo, ngaphezu kokulalela na? Lephethini ungayisebenzisa kanjani ukuze ugweme ukukhohliswa na?
Yiziphi ezinye izibonelo zokukhohliswa ezinsukwini zethu na? Singazi kanjani uma sesikhohliswa na?
Isibonelo, ungacabanga ngokuhlola izinqumo zakho ngamafilimu, imiculo, kanye nezinkundla zokuxhumana ngokwemigomo kwi-“Walk in God’s light” kwi-For the Strength of Youth: A Guide for Making Choices, 16–21.
Bheka futhi uGary E. Stevenson, “Deceive Me Not,” iLiyahona, ngoNov. 2019, 93–96; “Guide Me to Thee,” Amaculo, no. 101; Izihloko nemibuzo, Seeking Truth and Avoiding Deception,” Umtapo Wolwazi Wevangeli.
Ngingaphendukela eNkosini uma ngizwa ubuhlungu ngenxa yezinto ezenziwe ngabanye.
Usuwake wadumala ngesikhathi umuntu owawumethembile engasigcinanga isithembiso sakhe na? Lokhu kwenzakala kubaNgcwele abase-Colesville, eNew York, ababezilungiselele ukuba izakhamuzi emhlabeni kaLeman Copley e-Ohio. Ukufunda kulesisehlakalo, cabanga ngokufunda isihloko sesigaba 54 (bheka futhi Saints, 1:125–28; “A Bishop unto the Church,” kwiZambulo zomongo, 78–79). Uma kuthiwa wawunomgani phakathi kwabaNgcwele baseColesville, isiphi iseluleko obungasithola kwi sigaba 54 ukwabelana naye na?
IMfundiso neziVumelwano 56:14–20
Babusisiwe abampofu abacwebileyo ezinhliziyweni.
Kulamavesi, iNkosi yakhuluma nabacebile kanye nabampofu; kungakuhle ukuqhathanisa iseluleko Sakhe kulamaqembu womabili. Ngabe yikuphi kulamavesi okuzwa kufanele wena na?
Amasu okuFundisa Abantwana
Ngingaba neqiniso.
-
Ukusiza abantwana bakho baqonde ukuthi kuchaza ukuthini ukuba neqiniso, ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 51:9 nabelane ngezindaba zezingane ezibhekana nezinqumo zokuba neqiniso. Ungasebenzisa izithombe, opopayi besokisi, noma onodoli bamaphepha ukwenza izindaba zakho zibe mnandi kakhulu. Ngabe iNkosi isibusisa kanjani ngemizamo yethu yokuba neqiniso na?
-
Cabanga ukudlala umdlalo nezingane zakho. Emva kwalokho, khulumani ngokuthi ubuzohluka kanjani lomdlalo ukuba bekukhona okhohlisile. Kubaluleke ngani “ukwethembeka” komunye na?
IMfundiso neziVumelwano 52:10; 53:3; 55:1
Nginikezwa isipho soMoya oNgcwele ngokubekwa kwezandla.
-
Ukunikezwa uMoya oNgcwele ngokubeka kwezandla kukhulunywe kaningi kwiMfundiso neziVumelwano 51–57. Lesi kungaba isikhathi esikahle sokufundisa izingane zakho ngokulalela. Isibonelo, bangabuka isithombe sengane eqiniswayo bese beyachaza ukuthi kwenzekalani kulesi sithombe. Ubacele ukuba bashaye izandla ngesikhathi bezwa “ukubekwa kwezandla” noma “ukubekwa izandla” ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 52:10; 53:3; 55:1.
-
Ningabuye nicule iculo elithi: “The Holy Ghost,” (Children’s Songbook, 105) noma iculo elifanayo. Siza izingane zakho zithole amagama nemisho kuleliculo okufundisa ngesipho soMoya oNgcwele.
IMfundiso neziVumelwano 52:14–19
UNkulunkulu unephethini lokungisiza ukuba ngingakhohliswa.
-
Ukuze ufundise ngephethini yeNkosi yokuvikela ukukhohliswa, ungaqala ngokusiza izingane zithola izibonelo zephethini—emvelweni, ezingubeni ezinemibala eminingi, noma empilweni. Basize ukuba bathole iphethini esiyinikwe iNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 52:14–15. Qinisekisa ukuba ziyawaqonda amagama noma amavesi abangawajwayele. Singayisebenzisa kanjani le phethini ukubona iqiniso na?
IMfundiso neziVumelwano 54:4–6
Kumele ngizigcine njalo izithembiso zami.
-
Ngamagama akho, abelana nezingane zakho ukuthi kwenzakalani kwabaNgcwele abafika ukuzohlala emahlabeni kaLeman Copley (bheka isihlokho sesigaba 54). Izingane zakho zingazenza amalungu eBandla elifike e-Ohio. Babezozizwa kanjani emva kokuba uLeman ephule isivumelwano sakhe na? Lokhu kusifundisani ngokugcina izivumelwano nezithembiso zethu na? Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 54:6 ukuthola izibusiso zabantu abagcina izivumelwano zabo.
IMfundiso neziVumelwano 55:1–4
Ngingasebenzisa izibusiso uNkulunkulu angiphe zona ukubusisa abanye.
-
Ukungenisa isigaba 55, ungachaza ukuthu uWilliam W. Phelps wayengumshicileli wephephandaba owafunda ngevangeli wabuye wabandakanya neBandla. Funda nezingane zakho IMfundiso neziVumelwano 55:1–4, uzisize zithole ukuthi uNkulunkulu wayefuna ukuba enzeni uWilliam. Wayehlele ukuzisebenzisa kanjani izipho zikaWilliam na? Lokhu kungaze kuholele engxoxweni yokuthi uNkulunkulu usimema kanjani ukuba sisebenzise amathalente ethu ukubusisa izingane Zakhe.