Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 16–22: “INkosi Idinga Inhliziyo Nengqondo Efisayo”: IMfundiso neziVumelwano 64–66


“NgoJuni 16–22: ‘INkosi Idinga Inhliziyo Nengqondo Efisayo’: IMfundiso neziVumelwano 64–66,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 64–66,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

eDaviess County, eMissouri

eDaviess County, eMissouri

NgoJuni 16–22: “INkosi Idinga Inhliziyo Nengqondo Efisayo”

IMfundiso neziVumelwano 64–66

Ngesikhathi ilanga lishisa kakhulu ngo-Agasti 1831, amagosa amaningi ayehamba ebuyela emumva eKirtland eqhamuka eSiyoni eMissouri. Izihambi zazishiselwa futhi zikhathele, futhi ukungazwisisani kwajika kwaba izingxabano. Kwakungabukeka sengathi ukwakha iSiyoni, idolobha lothando, ubumbano, kanye nokuthula kwakuzothatha isikhathi eside.

Ngenhlanhla, ukwakha iSiyoni—eMissouri ngo-1831 noma ezinhliziyweni, emindenini, kanye nasemawadini ethu namhlanje—akusidingi ukuthi sibe ngabantu abaphelele du. Esikhundleni kwalokho, “kodwa kini kudingeke nithethelele,” kwasho iNkosi (IMfundiso neziVumelwano 64:10). Idinga “inhliziyo nengqondo efisayo” (ivesi 34). Futhi Idinga ukubekezela kanye nokukhuthala, ngoba iSiyoni sakhiwe ngaphezulu kwesisekelo “sezinto ezincane,” ezenziwe yilabo “abangakhathali ekwenzeni okuhle” (ivesi 33).

Bheka futhi ku-Saints, 1:133–34, 136–37.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda Ekhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 64:1–11

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
“Thethelelanani.”

Ake udlinze ngalokhu okulandelayo ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 64:1–11:

  • Cabanga ngesikhathi lapho iNkosi yakuthethelela khona. Wazizwa unjani na?

  • Ukhona odinga ukuthi umthethelele na? Kungani ukuthethelela abanye kubenzima kangaka? Yini ekusizayo ukuba unqobe lezingqinamba na?

  • Yimaphi amaqiniso ngentethelelo owatholayo kwiMfundiso neziVumelwano 64:1–11 abonakala ebalulekile kuwena na? Uma ucabanga kungani iNkosi isiyala ukuthi “sithethelele wonke umuntu” na? (ivesi 10).

Uma kunzima ukuthethelela, dlinza ngokufunda umyalezo weGosa uJeffrey R. Holland “The Ministry of Reconciliation” (iLiyahona, ngoNov. 2018, 77–79) noma umyalezo kaKristin M. Yee “Beauty for Ashes: The Healing Path of Forgiveness” (iLiyahona, ngoNov. 2022, 36–38). Yini oyifundayo ngokuthi uKristu angakusiza kanjani ukuthi uthethelele na?

Ubudlelwane bomndeni bunika amathuba amaningi okufunda ukuthethelela. Cabanga ngamalungu omndeni wakho. Ngabe ubani odinga ukuba umthethelele na? Ngabe “sihlushwa” kanjani (ivesi 8) uma singathethelelani na? Ngabe ukuthethelelana kungabuthinta kanjani ubudlelwane bomndeni wakho na?

Bheka futhi Izihloko nemibuzo, “Forgiveness,” Umtapo Wolwazi Wevangeli; “Forgiveness: My Burden Was Made Light” (ividiyo), Umtapo Wolwazi Wevangeli.

8:24

Forgiveness: My Burden Was Made Light

ubaba nendodana bangana

“Kufanele nithethelelane” (IMfundiso neziVumelwano 64:9).

IMfundiso neziVumelwano 64:31–34

INkosi ingicela “inhliziyo nengqondo efisayo.”

Wake wazizwa “ukhathele” ngakho konke “okuhle” ozama ukukufeza? Bheka umyalezo weNkosi kuwena kwiMfundiso neziVumelwano 64:31–34. Ngabe uBaba oseZulwini ufuna wenzeni ukuqhubeza “umsebenzi omukhulu” Wakhe na?

Cabanga ngokwenza isifundo sento esingafaniseka ivesi 33—into enkulu eyakhiwe ngezinto ezincane, njengesithombe esakhiwe ngezingcezu zezinto ezinombala noma isakhiwo sezitini. Yiziphi “izinto ezincane” ongazenza nsuku zonke “[ukubeka] isisekelo” somsebenzi omkhulu kaNkulunkulu na? Yiziphi ezinye izibonelo “zomsebenzi omkhulu” uNkulunkulu akunikeze wona na?

IMfundiso neziVumelwano 64:31–34

“Inhliziyo nengqondo efisayo”

IGosa uDonald L. Hallstrom waphakamisela lesi sibonelo njengengcazelo kumusho othi “inhliziyo nengqondo efisayo”:

“Inhliziyo ingumfanekiselo wothando nokuzibophezela. Senza imihlatshelo sibuye futhi sithwale imithwalo yalabo esibathandayo esingeke siyithwala ngenxa yezinye izizathu. Uma uthando lungekho, ukuzibophezela kwethu kuyehla. …

“Ukuba ‘nengqondo efisayo’ kuchaza ukunikeza imizamo yethu engcono kakhulu futhi nemicabango yethu elungileyo kunayo yonke kanye nokufuna inhlakanipho kaNkulunkulu. Kuyasikisela ukuba imfundo esizinikele kuyo impilo yethu yonke kumele kube ngeyezinto eziyingunaphakade ngokwemvelo. Kuchaza ukuthi kumele kube nobudlelwano obungehlukaniseki phakathi kokuzwa izwi likaNkulunkulu nokulilalela” (“The Heart and a Willing Mind,” i-Ensign, ngoJuni 2011, 31–32).

IMfundiso neziVumelwano 64:41–43

ISiyoni siyoba “isibonakaliso kubantu.”

Isibonakaliso “ifulegi noma umgomo lapho abantu behlangana ngokubumbana ngenjongo noma ubunikazi” (IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ensign,” Umtapo woLwazi weVangeli). Ngabe iSiyoni—noma iBandla leNkosi—sekube kanjani isibonakaliso kuwena? Cabanga ngalezi zibonelo zezinto ezibanjwa phezulu, njengesibonakaliso, ukubusisa abantu: UNumeri 21:6–9; NgokukaMathewu 5:14–16; u-Alima 46:11–20. Bheka ezinye izindlela iNkosi echaza ngayo iSiyoni kwiMfundiso neziVumelwano 64:41–43.

Bheka futhi “Let Zion in Her Beauty Rise,” Hymns, no. 41.

IMfundiso neziVumelwano 65

Umbuso kaNkulunkulu emhlabeni ulungisela umhlaba ukubuya koMsindisi.

IMfundiso neziVumelwano 65 inikeza incazelo ekhuthazayo yomsebenzi weBandla leNkosi ezinsukwini zokugcina. Cabanga ukuphenya lesi sigaba, ubheka izimpendulo zemibuzo efana nalena: Yini iNkosi efuna ukuthi umbuso Wayo uyifeze emhlabeni na? Yini Afuna ukuthi ngiyenze ukusiza na?

Bheka futhi “Prepare Today for the Second Coming” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.

2:3

Prepare Today for the Second Coming

IMfundiso neziVumelwano 66

INkosi iyayazi imicabango yenhliziyo yami.

Kafushane emva kokungena eBandleni, uWilliam E. McLellin wacela uJoseph Smith ukuthi amembulele intando yaNkulunkulu ngaye. UJoseph wayengazi, kodwa uWilliam wayenemibuzo emihlanu ayethembe ukuthi iNkosi ingayiphendula ngokusebenzisa uMphrofethi Wakhe. Asiyazi ukuthi imibuzo kaWilliam yayithini, kodwa siyazi ukuthi isambulo esiqondiswe kuyena, manje IMfundiso neziVumelwano 66, saphendula umbuzo ngamunye kaWilliam “ngokugcwele nangokugculiseka okuphelele” (“William McLellin’s Five Questions,” kwi-Revelations in Context, 138).

Ngesikhathi ufunda isigaba 66, cabanga ngokuthi yikuphi iNkosi eyayikwazi ngoWilliam McLellin kanye nokukhathazeka nenhloso yenhliziyo yakhe. Ngabe iNkosi ikwembulele kanjani ukuthi iyakwazi na? Uma unesibusiso sobuphathriyakhi, cabanga ukusifunda. Ngesikhathi wenza njalo, uMoya oNgcwele ukusiza kanjani ukuqonda isifiso sikaNkulunkulu ngawe na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne-For the Strength of Youth (Okwakha Intsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 03

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 64:7–10

UJesu Kristu ufuna ukuba ngithethelele wonke umuntu.

Iphuzo: Ngesikhathi ufundisa izingane zakho ngomyalelo weNkosi othi “nithethelele wonke umuntu”, ungacacisa ukuthi ukuthethelela akusho ukuvumela abantu bakulimaze. Uzigqugquzele ukuthi zitshele umuntu omdala ezimuthembile makuwukuthi kukhona obalimazile noma obathinte okungafanele.

  • Emva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 64:10 nezingane zakho, khuluma nazo ngokuthi kuchazani ukuthethelela umuntu. Ungase wabelane ngezibonelo ezimbalwa. Mhlawumbe zingenza umdlalo wokulingisa ngalezi zibonakaliso ukuzijwayeza ukuthethelela.

  • Ungabuza izingane zakho ukuba zihlele ukuthi zona zingafundisa kanjani omunye umuntu—njenge ngane yakubo encane—ngokuthethelela abanye. Uzisize ukuthi zithole imishwana kwiMfundiso neziVumelwano 64:7–10 ezingazisebenzisa ngesikhathi zifundisa.

  • Culani iculo ngentethelelo, elinjengo “Help Me, Dear Father” (Children’s Songbook (Iculo labantwana), 99). Ngabe leliculo lisifundisani ngokuthethelela abanye na?

IMfundiso neziVumelwano 64:33

“Umsebenzi omkhulu” kaNkulunkulu wakhelwe “ezintweni ezincane.”

  • Ungakhombisa izingane zakho izinto ezakhiwe ngezinto ezincane, njenge phazili noma umata. Bese ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 64:33. Uyini “umsebenzi omkhulu” kaNkulunkulu na? Ziyini “izinto ezincane” esingazenza ezingasiza na?

IMfundiso neziVumelwano 64:34

Ngingamulandela uJesu ngenhliziyo nangengqondo yami.

  • Ngesikhathi ufundela izingane zakho IMfundiso neziVumelwano 64:34, ungazikhomba inhliziyo yakho kanye nekhanda lakho, ngesikhathi ufunda igama elithi “inhliziyo” kanye nelithi “ingqondo”, ungamema izingane ukuthi zikwenze nawe. Singazinikela kanjani izinhliziyo (izifiso) kanye nezingqondo (imicabango) zethu kuMsindisi na?

Gcizelela isibonelo sikaJesu Kristu. Cabanga indlela ongagcizelela ngayo isibonlelo soMsindisi ngesikhathi ufunda noma ufundisa. Isibonelo, ngesikhathi ufundisa IMfundiso neziVumelwano 64:34, ungakhuluma nezingane zakho ngokuthi uMsindisi unikele kanjani ngenhliziyo (izifiso) kanye nengqondo (imicabango) Yakhe kuBaba Wakhe oseZulwini. (Bheka Teaching in the Savior’s Way6.)

IMfundiso neziVumelwano 66

INkosi Iyangazi ukuthi ngingubani futhi Iyangithanda.

  • Siza izingane zakho zikwazi ukuthi uWilliam E. McLellin wayenemibuzo emihlanu eNkosini. UJoseph Smith wathola izimpendulo zalemibuzo noma wayengayazi imibuzo kaWilliam. Tshela izingane zakho ngesikhathi iNkosi ikukhombise ukuthi Yayifuna wenzeni, bese ukhuluma ngezibusiso ezafika ekulandeleni iziqondiso Zakhe. Ningabuye nifunde IMfundiso neziVumelwano 66:4 ndawonye bese umema izingane zakho ukuba zibheke amathuba okuqonda ukuthi iNkosi ifuna zona zenzeni.

    Ukuza Kwesibili kukaMsindisi

    Isithombe esiphuma kwi- The Second Coming [Ukuza Kwesibili], nguKevin Keele

IMfundiso neziVumelwano 65

Ngingasiza ukulungiselela umhlaba ukuwamukela uJesu Kristu.

  • Ngesikhathi izingane zakho zibuka isithombe soKuza Kwesibili kukaJesu Kristu, zicele ukuba zichaze ukuthi zibonani noma yini abayaziyo mayelana nalomcimbi. Ungase futhi unikeze izingane zakho amagama noma imisho ngoKuza Kwesibili ekumele zizithole kwiMfundiso neziVumelwano 65. Asifundisani lamagama nemisho na? Singazilungiselela kanjani ukubuya kukaMsindisi na?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

uMsindisi ethethelela umuntu wesimame

Forgiven [Uthetheliwe], nguGreg K. Olsen.

ikhasi lomsebenzi labantwana