Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 9–15: “NginabaThembekileyo Njalo”: IMfundiso neziVumelwano 60–63


“NgoJuni 9–15: ‘NginabaThembekileyo Njalo’: IMfundiso neziVumelwano 60–63,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 60–63,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

umlilo wekamu ngaseMfuleni iMissouri

Umniningwane ovela kwisithombe Campfire eMissouri (Umlilo weKamu eMissouri,, nguBryan Mark Taylor

NgoJuni 9–15: “Nginabathembekileyo Njalo”

IMfundiso neziVumelwano 60–63

Ekuqaleni kwa-Agasti ngonyaka ka-1831, uJoseph Smith kanye namanye amagosa eBandla babelungiselela ukubuyela eKirtland ngemva kokuvakasha okufushane “ezweni laseSiyoni” (IMfundiso neziVumelwano 59:3). INkosi yayifuna ukuba bashumayele ivangeli ngesikhathi sohambo lwabo (bheka IMfundiso neziVumelwano 52:10), futhi abanye babo bakwenza lokho ngokukhuthala. Kepha abanye babengabaza. “Bayalifihla ithalente engibanike lona,” kusho iNkosi “ngenxa yokwesaba abantu” (IMfundiso neziVumelwano 60:2). Iningi lethu liyazi ukuthi lamagoso ayezizwa kanjani. Yize silithanda ivangeli, ukwesaba nokungabaza kungasivimba ekwabeleni ngalo. Kodwa Nkosi inomusa. “Iyabazi ubuthakathaka babantu futhi iyakwazi nokuthi ingasisiza kanjani” (IMfundiso neziVumelwano 62:1). Kuneziqinisekiso ezigcwele ezibhekiswe kubafundisi bevangeli bokuqala kuzo zonke lezi zambulo ezingasisiza sinqobe ukwesaba kwethu nokushiyeka: “Ngiyakwazi ukunenza nibe ngcwele.” “Yonke inyama isesandleni sami.” “Nginabathembekileyo njalo.” Futhi “Lowo othembekileyo nobekezelayo uyowunqoba umhlaba.” (IMfundiso neziVumelwano 60:7; 61:6; 62:9; 63:47.)

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 60; 62

Ngingabelana ngothando nobufakazi bami ngoJesu Kristu.

Ubufakazi bakho bevangeli bufana kanjani ne “thalente,” noma igugu elivela kuNkulunkulu na? Yiziphi izindlela esingase “sifihle ngazo amathalente [ethu]”? (IMfundiso neziVumelwano 60:2; bheka futhi NgokukaMathewu 25:14–30).

Yimiphi imilayezo ekhuthazayo evela eNkosini esiyithola kwisigaba 60 kanye nesigaba 62? Ngabe lemilayezo ikwakha kanjani ukuzethemba ukuze wazise abanye ngevangeli na? - Ufundani kuleli culo lezingane mayelana nokwabelana ngevangeli?

Bheka futhi kwi “Sharing the Gospel” kwiqoqo elukuMtapo Wolwazi weVangeli.

Ukwabelana ngevangeli ebhasini

Ngingakhululeka mayelana nokwabelana ngokholo lwami kuKristu.

IMfundiso neziVumelwano 60:2–4; 61:1–2, 20, 36–38; 62:1, 6

Imibhalo engcwele ifundisa ngoJesu Kristu.

Ngesikhathi eyala abafundisi Bakhe bevangeli, iNkosi yembula amaqiniso abalulekile Ngayo. Bheka lamaqiniso kwiMfundiso neziVumelwano 60:2–4; 61:1–2, 20, 36–38; 62:1, 6. Yimiphi imibhalo evela emibhalweni engcwele ekhombisa izindima kanye nezimpawu zoMsindisi owazithola? (bheka, isibonelo, NgokukaJohane 8:1–11; u-Etere 2:14–15).

IMfundiso neziVumelwano 62

Izinqumo zami kufanele zilinganise “ngokwahlulela nangokuyalelwa nguMoya.”

INkosi inikeza indlela mayelana namaqiniso nemigomo yaphakade, kodwa Ihlala ikushiyela kithi ukuthi sinqume imininingwane eqondile mayelana nendlela yokwenza le migomo. Ngabe lomgomo uwubona ukhonjiswa kanjani kwiMfundiso neziVumelwano 62? (bheka futhi kwiMfundiso neziVumelwano 60:5; 61:22). Ngabe lomgomo uwubone usebenza kanjani empilweni yakho na? Kungani kukuhle kithi ukuthi sizithathele ezinye izinqumo ngaphandle kokuba silindele ukuthi uNkulunkulu asitshele kahle ukuthi senzeni na?

Bheka futhi u-Etere 2:18–25; IMfundiso neziVumelwano 58:27–28.

IMfundiso neziVumelwano 63:7–12

Izibonakaliso zivela ngokholo nangentando kaNkulunkulu.

Ekugcineni kwalolu hlaka, kunomfanekiso wesimangaliso owahlaba umxhwele ngokujulile ku-Ezra Booth: Ingalo ka-Elsa Johnson yelashwa ngokuyisimangaliso. Ngemva kokubona lokho, u-Ezra wabhabhadiswa ngokulangazela. Kepha, emva kwezinyanga ezimbalwa, u-Ezra walahlekelwa wukholo lwakhe wase eba nokumgxeka umProfethi. Ngabe kwenzeka kanjani lokhu, uma ucabanga ngesimangaliso asibona na?

Ake udlinze ngalokhu ngesikhathi ufunda kwi Mfundiso neziVumelwano 63:7–12. Yimaphi amaqiniso owafundayo mayelana nezimpawu nokholo na?

Bheka futhi NgokukaMathewu 16:1–4; NgokukaJohane 12:37; uMormoni 9:10–21; u-Etere 12:12, 18.

IMfundiso neziVumelwano 63:16

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingaba msulwa emicabangweni yami nasezenzweni zami.

KwiMfundiso neziVumelwano, uMsindisi waqinisekisa lokho Akufundisa eTestamenteni Elisha—ukuthi umthetho wobumsulwa akufanele ubuse izenzo zethu kuphela kodwa nemicabango yethu (bheka NgokukaMathewu). Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 63: 16, bhala phansi izexwayiso uMsindisi azinikezayo mayelana nemicabango evusa inkanuko. Ungase futhi ucabange ngokuphambene nesixwayiso ngasinye. Isibonelo, yimaphi amanye amagama noma imishwana ephikisana nokwesaba? Yiziphi ezinye izibusiso ezitholakala ngokuba nemicabango nezenzo ezimsulwa?

Abantu abaningi bacabanga ukuthi izindinganiso zeNkosi zobumsulwa bomcabango nezenzo ziyisidala noma ziyacindezela. Yimuphi umehluko obungenzeka uma bonke abantwana baNkulunkulu bebelwela ukuphila lomthetho? Ungahle ubheke izimpendulo kumbuzo kumyalezo weGosa uDavid A. Bednar othi “We Believe in Being Chaste” (Liyahona, ngoMeyi 2013, 41–44) noma “Your body is sacred” (For the Strength of Youth (Okwakha Intsha): A Guide for Making Choices, 23–26). Yimiphi imilayezo yethemba oyitholayo?

Ngisho noma sizazi izibusiso zokuba msulwa emicabangweni nasezenzweni zethu, lokho akusho ukuthi kulula. Ungahle uthathe isikhathi ucabangisise ukuthi yini eyenza kubenzima ukugcina izinga loMsindiso lobumsulwa—futhi yikuphi okwenza kubelula. Yimaphi amathiphu ongabelana ngawo nabanye mayelana nokuthi ungenzenjani uma ulingeka ngemicabango engalungile?

Nisekelane. Enye yezibusiso ezinkulu ngokuhlanganyela ndawonye emihlanganweni yeBandla nasemagumbini okufundela yithuba lokuthola ukwesekwa okuvela kwabaNgcwele esikanye nabo emizamweni yethu yokulandela uMsindisi. Iningi lethu libhekana nezinkinga ezicishe zifane, futhi okuhlangenwe nakho kwethu okuvamile kungaba amandla amakhulu. Ungesabi ukuvuma ukuthi unezinkinga. Abelananani ndawonye ukuthi yikuphi okukusizayo ukuphila imithetho kaNkulunkulu futhi unqobe isilingo.

Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 121:45; Izihloko nemibuzo “Virtue,” Umtapo Wolwazi weVangeli; “Izindinganiso: Ubumsulwa bobulili kanye nesizotha - Ukuzethemba kweqiniso” (ividiyo), Umtapo Wolwazi weVangeli; AddressingPornography.ChurchofJesusChrist.org.

3:58

Standards: Sexual Purity and Modesty - True Confidence

IMfundiso neziVumelwano 63:58–64

Izinto ezingcwele kumele ziphathwe ngokuhlonipha.

Umgogo otholakala kwiMfundiso neziVumelwano 63: 58–64 udlula ukuphatha igama leNkosi ngeze. Ngabe yiziphi ezinye izinto ezingcwele “ezivela phezululu”, noma kuNkulunkulu na? Kusho ukuthini kuwe ukukhuluma ngale zinto “ngokunakekela”?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga e Liyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 03

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 60:4; 61:1–2, 36; 62:1

Imibhalo engcwele ifundisa ngoJesu Kristu

  • Mhlawumbe ungabhala ezinye zezitatimende mayelana noMsindisi ezitholakaka kwiMfundiso neziVumelwano 60–62 emaphepheni amancane. Bese ke abantwana bakho baqhathanise lezitatimende ezithombeni zikaJesu ebufundisini Bakhe basemhlabeni (bheka Incawdi yobuciko bevangeli, izinombolo 34-61) lokho kukhombisa lezi zimfanelo. Ngabe Uzazisa kanjani kithi namuhla?

    Jesus Christ at age twelve in the temple at Jerusalem during the Feast of the Passover. A group of learned Jewish doctors are gathered around Christ. The doctors are expressing astonishment at the wisdom and understanding of the young Christ. (Luke 2:41-50)
uJesu Kristu ovukileyo

Imininingwane ivela For This Purpose (Ngale Nhloso), nguYongsung Kim

IMfundiso neziVumelwano 60:7; 61:1–2; 62:1

INkosi izongixolela uma ngiphenduka.

  • Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 60:7; 61:2 nabantwana bakho, basize bathole amagama afanayo kula mavesi. Bakhumbuze ukuthi lezi zambulo zanikwa uJoseph Smith kanye nabanye abaholi beBandla. Yikuphi lokhu iNkosi eyayifuna bakwazi? Ungakwazi futhi ukukhuluma ngendlela uMsindisi azizwa ngayo ngathi uma senza amaphutha nokuthi kusho ukuthini ukuphenduka. NgokweMfundiso neziVumelwano 62:1, uJesu angasiza kanjani uma silingwa?

IMfundiso neziVumelwano 62:3, 9

UJesu Kristu ufuna mina ngabelane ngevangeli Lakhe.

  • Ungase ubuze abantwana bakho ukuthi bangathini uma othile ebabuza ukuthi yini abayithandayo ngoJesu Kristu kanye neBandla Lakhe. - Ungahle ufunde iMfundiso neziVumelwano 62:3 bese ucela abantwana bakho balalele ukuthi kwenzekani uma sethula ubufakazi bethu. Isethembiso esitholakala kuvesi 9 singasiza kanjani uma sizizwa sethukile?

IMfundiso neziVumelwano 63:64

Ngingahlonipha.

  • Ukwethula IMfundiso neziVumelwano 63:64, ungacula iculo mayelana nenhlonipho nabantwana bakho, elithi “Reverence Is Love” (Iculo labantwana, inombolo 31). Emva kwalokho ungakhuluma ngezindlela ezahlukene zokubonisa inhlonipho kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

  • Ungasiza abantwana bakho baqonde ukuthi kuyini ukuhlonipha ngokuxoxa nabo ngento ekhethekile kubo, njengethoyizi eliyintandokazi, incwadi, noma ingubo yokulala. Babuze ukuthi bazinakekela futhi bazivikele kanjani izinto ezibalulekile kubo. Ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 63:64. Yiziphi izinto ezikhethekile—noma ezingcwele—kuBaba oseZulwini? (bheka, isibonelo, uvesi 61 kanye nekhasi lokwenziwayo). lakulelisonto Kufanele siziphathe kanjani lezi zinto—ngamazwi nangezenzo zethu?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

ukwelapha u-Elsa Johnson

Healing of Elsa Johnson’s Shoulder (Ukulashwa kweHlombe lika-Elsa Johnson, nguSam Lawlor

ikhasi lomsebenzi labantwana