“NgoJuni 2–8: ‘Mabazibandakanye Ngokukhuthala eMsebenzini Omuhle’: IMfundiso neziVumelwano 58–59,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 58–59,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoJuni 2–8: “Mabazibandakanye Ngokukhuthala eMsebenzini Omuhle”
IMfundiso neziVumelwano 58–59
Ngesikhathi amagosa eBandla ebona indawo yedolobha laseSiyoni—e-Independence, eMissouri okokuqala—kwakungekhona lokhu ababekulindele. Abanye babecabanga ukuthi babezothola umphakathi okhulayo, nokhuthele wabaNgcwele. Esikhundleni salokho bathola indawo enabantu abayidlanzana, engenayo impucuko abayijwayele futhi kuhlala izifiki ezingenamasiko esikhundleni sabaNgcwele. Kuyavela-ke ukuthi iNkosi yayingabaceli ukuthi beze eSiyoni nje kuphela—Yayifuna ukuthi bakhe iSiyoni.
Uma esikulindele kungahambisani nesikubonayo emhlabeni, kufanele sikhumbule ukuthi iNkosi yabatshelani abaNgcwele ngonyaka ka-1831: “Anikwazi ukubona ngamehlo enu enyama okwamanje, isu likaNkulunkulu … nenkazimulo ezolandela emva kosizi olukhulu” (iMfundiso neziVumelwano 58:3). Yebo, impilo igcwele ubunzima, ngisho nobubi, kodwa sisangakwazi “ukwenza ukulunga okuningi; ngokuba amandla [akithi]” (amavesi 27–28).
Bheka futhi Abangcwele, 1:127–33.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 58:1–5;; 59:23
“Emuva kosizi olukhulu kuza izibusiso.”
AbaNgcwele babenethemba lokuthi ngezikhathi zabo zokuphila, isiFunda iJackson sasizokhula sibe iSiyoni, yindawo lapho bonke abaNgcwele babengabuthanela khona. Kepha, isikhathi sabo kwisiFunda iJackson sasigcwele usizi. Eminyakeni embalwa, bahanjiswa ngenkani futhi “balinda isikhashana kuze kubuyiselwe iSiyoni” (IMfundiso neziVumelwano 105:9).
Yini oyifundayo ngosizi noma izinkinga emazwini eNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 58:1–5? Uma ucabanga kungani ezinye izibusiso zifika emva kobunzima na? Yiziphi izibusiso osuzitholile emva kobunzima ?
Yini oyifundayo kwiMfundiso neziVumelwano 59: 23 ekulethela ithemba?
IMfundiso neziVumelwano 58:26–29
“Ngingenza okuningi ukulunga” “ngokuthanda” kwami.
Njengengxenye yokufunda kwakho lamavesi, ungahle wenze uhla lwezinye zezinto“ozibandakanye ngokukhuthala” kuzo. Ngabe zonke lezo zinto “ziyimisebenzi emihle na”? Zindla ngokuthi yini ongayenza ukuze “[ulethe] okuningi ukulunga”—futhi ucabange ukubeka imigomo ukuthi ukwenze.
Ucabanga ukuthi kungani iNkosi ifuna wenze “izinto eziningi ngokuthanda [kwakho]” na? Ungaba yini umphumela uma ungahle “[uphoqwe] kukho konke”? Ngabe u- 2 Nefi 2:27 wengezani ekuqondeni kwakho lomgomo?
Bheka futhi kuDale G. Renlund, “Choose You This Day,” Liayhona, Nov. 2018, 104–6.
IMfundiso neziVumelwano 58:42–43
INkosi iyangixolela ngesikhathi ngiphenduka.
Isithembiso seNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 58:42 sokuxolela ngokupheleleyo labo abaphendukayo siyakhuthaza, yize sivusa eminye imibuzo: Ngabe kusho ukuthini ukuphenduka? Ngazi kanjani ukuthi sengiphendukile na? Ngenhlanhla, iNkosi yaqhubeka, “Ngalokhu niyokwazi…” (uvesi 43).
Nansi eminye imibuzo eyengeziwe abantu abanayo ngesinye isikhathi ngokuphenduka. Ukufundisani uMoya oNgcwele ngesikhathi ufunda izinsiza eziphakanyisiwe ngezansi na?
Ngabe ukuvuma izono zami kungisiza kanjani ukuba ngiphenduke na? Bheka IHubo 32:1–5; Izaga 28:13; uMosiya 27:34–37; u-Alima 39:12–13.
Ngizama ukushiya izono zami, kepha ngiyaqhubeka nokwenza amaphutha. Ngabe ukuphendua kwami kusamile? Bheka uBradley R. Wilcox, “Worthiness Is Not Flawlessness,” Liyahona, Nov. 2021 , 61-67; “Ukubuyiselwa Kwansuku Zonke” (vidiyo), Umtapo Wolwazi weVangeli.
Ngingaqinisekisa kanjani ukuthi uMsindisi usengixolelile? Bheka uTad R. Callister, “The Atonement of Jesus Christ,” Liyahona, ngoMeyi 2019, 85-87 , ikakhulukazi isigaba esinesihloko esithi ”2. Isono.“
Ungathola okunye ukuqonda “kwiMibuzo neziMpendulo” mayelana nokuphenduka kwiFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha): A Guide for Making Choices (amakhasi 8–9).
Bheka futhi Izihloko nemibuzo, “Ukuphenduka,“ Umtapo Wolwazi weVangeli.
Ngabe kwakungubani uPolly Knight?
UPolly Knight kanye nomyeni wakhe, uJoseph Knight Sr., babengabanye bokuqala ukukholelwa obizweni lukaJoseph Smith lobuprofethi. UPolly noJoseph bameseka kakhulu umProfethi emsebenzini wokuhumusha iNcwadi kaMormoni. Umndeni wakwaKnight wahamba waya eColesville, eNew York, ukuyohlanganyela nabanye abaNgcwele e-Ohio futhi emva kwesikhashana bayalelwa ukuthi bathuthele kwisiFunda iJackson, eMissouri. Ngesikhathi besahamba, impilo kaPolly yaqala ukuba ntekenteke, kodwa waye phikelela ekuboneni iSiyoni ngaphambi kokuba ashone. Wayesehlale eMissouri izinsukwana nje ngesikhathi edlula emhlabeni (bheka KwaBangcwele, 1: 127-28, 132-33). IMfundiso neziVumelwano 59 yatholwa ngosuku adlula ngalo emhlabeni, futhi ivesi 1 nelesi 2 kungenzeka abhekiswe kuyena ngqo.
IMfundiso neziVumelwano 59:4–19
Imiyalelo iyizibusiso.
Ucabanga ukuthi kuqonde ukuthini “ukuqheliswa … ngemiyalelo” na? (uvesi 4). Cabanga ngokuthi iNkosi ikubusisa kanjani ngesikhathi uphokophela ukulalela yonke imiyalo kumavesi 5–19.
IMfundiso neziVumelwano 59:9-19
ISabatha usuku lweNkosi.
Emva kokubathembisa ukubabusisa abaNgcwele eSiyoni “ngemiyalelo engembalwa,” iNkosi yagcizelela umyalelo owodwa vo: umyalelo wokuhlonipha “usuku olungcwele” Lwakhe (iMfundiso neziVumelwano 59:4, 9). Ngesikhathi ufunda kwiMfundiso neziVumelwano 59:9-19, ake ucabange ukuthi kungani ukuhlonipha iSabatha kwakubaluleke kangaka kulaba abaNgcwele ngesikhathi bezama ukwakha iSiyoni. Kungani kubalulekile kuwe na?
Ungaphinda futhi udlinze ngokuthi ngabe ulusebenzisa ngendlela iNkosi eyayihlose ngayo yini usuku lweSabatha na. Ngabe ukugcina usuku lweSabatha lungcwele kukusiza kanjani ukukugcina “ungenasici ezweni na”? (uvesi 9). Ungenzenjani ukugcwalisa “izethembiso za[kho] koPhakeme kaKhulu”? (uvesi 10).
Ungaqaphela futhi ukuthi iNkosi yasebenzisa amagama anjengo “kujabula,” “ukuthokoza,” kanye “nokwenama” ukufundisa ngosuku lweSabatha. Ngabe yikuphi okwenza iSabatha lijabulise kuwe na? Ungamchazela kanjani umuntu ukuthi kungani ukhetha ukuhlonipha usuku lweNkosi na?
Ufundani eculweni elithi “Gently Raise the Scared Strain“ (Amaculo, nombolo. 146) ngezinjongo nezibusiso zeSabatha?
Bheka futhi uGenesisi 2:2–3; u-Isaya 58:13–14; uRussell M. Nelson, “The Sabbath Is a Delight,” Liyahona, ngoMeyi 2015, 129–32.
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 58:26–28
UBaba oseZulwini ungiphe amandla okukhetha.
-
Ukufunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 58:26–28 kungakupha wena nabantwana bakho ithuba lokuxoxa ngamandla uNkulunkulu asiphe wona okukhetha ukwenza okuhle. Ningase nitshelane mayelana nokukhetha okuhlukahlukene enikwenzile nokuthi kwenzekeni ngenxa yalokho. Mhlawumbe abantwana bakho bangathanda ukudweba isithombe salokho abakwenzile.
-
Ungahle ubhale ukukhetha ohlangothini olulonda locezu lwephepha kanye nemiphumela kolunye uhlangothi bese usebenzisa leliphepha ukutshengisa ukuthi ukukhetha kwethu nemiphumela yakhona akuhlukaniseki. Mhlawumbe abantwana bakho bangabhala izinqumo ezimbalwa futhi bakhulume ngemiphumela evela kuzo. Ngemva kwalokho ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 58:27–28 bese nixoxa ngezinqumo “eziletha ukulunga okuningi” noma imiphumela emihle. UBaba waseZulwini “usivuza” noma usibusisa kanjani ngesikhathi sizama ukwenza okuhle? (uvesi 28).
IMfundiso neziVumelwano 59:7, 18–21
“Bonga iNkosi uNkulunkulu wakho kuzo zonke izinto.”
-
Ake ucabange ngokufunda lamavesi ngesikhathi wena nabantwana bakho nizithathela uhambo noma nibuka izithombe zemvelo, unake izinto “ezijabulisa iso … zenamise nenhliziyo” (uvesi 18). Ungase futhi uqaphele izinto ezifanayo eculweni elithi “My Heavenly Father Loves Me” (Iculo lezingane, 228-29). Noma ungase umeme abantwana bakho ukuba badwebe izithombe zezinto abazibongayo futhi ubavumele bakutshele ngezithombe zabo. Singakukhombisa kanjani ukubonga lezi zinto?
IMfundiso neziVumelwano 59:9–12
ISabatha usuku lweNkosi.
-
Yikuphi esingakwenza ngeSonto ukukhonza iNkosi futhi sithole injabulo? Siza abantwana bakho bathole amasu kwiMfundiso neziVumelwano 59:9–12 kanye nekhasi lokwenziwayo lakulelisonto. Mhlawumbe bangathola izithombe noma izinto ezimele izinto esizenzayo ngeSabatha (njengezithombe zesidlo esingcwele kulolu hlaka). Lezi zinto zisisiza kanjani ukuthi sizizwe sisondelene noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu?