Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoJuni 23–29: “Zibaluleke … Njengengcebo Yomhlaba Wonke” IMfundiso neziVumelwano 67–70


“NgoJuni 23–29: ‘Zibaluleke … Njengengcebo Yomhlaba Wonke,’: IMfundiso neziVumelwano 67–70,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neZivumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 67–70,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

umbhalo olotshwe ngesandla weNcwadi yemiYalelo

NgoJuni 23–29: “Zibaluleke … Njengengcebo Yomhlaba Wonke”

IMfundiso neziVumelwano 67–70

Kusukela ngonyaka ka-1828 kuya koka-1831, umProfethi uJoseph Smith wathola izambulo eziningi ezivela eNkosini, kubandakanya nezeluleko ezivela kuNkulunkulu ezaziqondene nabantu abathile, imiyalo yokuphatha iBandla, imibono yezinsuku zokugcina, kanye namaqiniso amaningi akhuthazayo empilo yaphakade. Kepha abaningi babaNgcwele babengakazifundi. Izambulo zazingakakhishwa, futhi amakhophi ambalwa ayetholakala ayebhalwe ngesandla emaphepheni ayesakazwa phakathi kwamalungu eBandla futhi ayephathwa ngabefundisi bevangeli.

Kwase kuthi ngoNovemba ka-1831, uJoseph wabiza umkhandlu wabaholi beBandla ukuzokhuluma ngokukhishwa kwalezi zambulo. Emva kokufuna intando yeNkosi, labaholi benza izinhlelo zokukhipha Incwadi yemiYalelo—eyaba yisandulela seMfundiso neziVumelwano esikhona manje. Maduzane wonke umuntu wayezobe esekwazi ukuzifundela izwi uNkulunkulu alembula ngomprofethi ophilayo, ubufakazi obubonakalayo bokuthi “izikhiye zezimfihlakalo zombuso woMsindisi wethu seziphinde zaphathiswa abantu futhi.” Ngalezi zizathu nezinye eziningi, abaNgcwele bangaleso sikhathi kanye nabamanje bacabanga ukuthi lezi zambulo “zibaluleke … njenge ngcebo yoMhlaba wonke” (IMfundiso neziVumelwano 70, isihloko sesigaba).

Bheka Saints (Abangcwele), 1:140–43.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 67:1–9; 68:3–6

Izinceku zeNkosi zikhuluma intando Yakhe uma ziqhutshwa uMoya oNgcwele.

Ukuthatha isinqumo sokukhipha izambulo ezatholwa nguJoseph Smith kubukeka sengathi kulula, kepha abanye abaholi beBandla bokuqala babengaqinisekile ukuthi kwakuwumqondo omuhle lowo. Okunye okwakukhathaza kwakuhlobene namaphutha endleleni uJoseph Smith ayebhala ngayo izambulo. Isambulo kwisigaba 67 safika ephendula leso sikhalazo. Yikuphi okufundayo ngabaprofethi beNkosi nesambulo emavesini 1–9? Ngabe yiluphi olunye ulwazi oluthola kwisigaba 68:3–6?

Uzitholele kanjani wena ngokwakho ukuthi izambulo uNkulunkulu azinikeza izinceku Zakhe ziyiqiniso? Ungase futhi ucabangisise ngezinto ezenzeka lapho uzwa ukuthi iNkosi ikhuluma nawe ngomunye wezinceku Zakhe (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:4). Uke wazizwa nini “uholwe uMoya oNgcwele” (ivesi 3) ukusho okuthize? INkosi “yema nawe” kanjani? (ivesi 6).

Ngaphambi kokuthi iNcwadi yeMiyalo igaywe, abaholi beBandla abambalwa basayina ubufakazi obubhaliwe bokuthi izambulo ezisencwadini ziyiqiniso. Ukubona ikhophi yobufakazi babo, bheka “Testimony, circa 2 November 1831,“ Incwadi yesambulo 1, 121 , josephsmithpapers.org.

IMfundiso neziVumelwano 67:10–14

“Qhubeka ngokubekezela.”

Ngabe umona, ukwesaba kanye nokuzazisa kusivimba kanjani ukuba sisondelane neNkosi na? Simnqoba kanjani “umuntu wemvelo” noma “ingqondo yenyama” ukuze “simbone [Yena] futhi sazi ukuthi [Ukhona]”? (ivesi 12; bheka futhi uMosiya 3:19). Ngabe yikuphi okutholayo kulamavesi okukukhuthaza ukuba “[u]qhubeke nokubekezela [ku]ze [ku]be [u]phelelisiwe”? (ivesi 13).

IMfundiso neziVumelwano 68:25–31

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
Ngingasiza kanjani ukumisa ikhaya lami kuJesu Kristu?

Amazwi eNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 68:25–31 abhekise ngqo kubazali, kodwa akukhathaliseki ukuthi ungumzali noma cha, ungasebenzisa iseluleko Sakhe ukwenza ingxenye yakho ukugxilisa ikhaya lakho emfundisweni kaJesu Kristu. Okubhalwe ngezansi eminye yemigomo iNkosi ethi kufanele ifundiswe ekhaya. Cabanga ukuthi ungenza kanjani ukwenza lemigomo ngayinye ingxenye yesisekelo sekhaya eligxile kuKristu—ikhaya ohlala kulo manje noma ikhaya lakho elizayo. Izinsiza nemibuzo enikeziwe ingasiza.

  • Ukuphenduka: Funda u-Alima 36:17–20, futhi uqaphele ukuthi u-Alima wabusiswa kanjani ngesikhathi esibucayi ngoba uyise wayemfundise ngomsebenzi woMsindisi wokuhlawulela. Ungasiza kanjani ukukhuthaza umndeni wakho ukuthi uguqukele kuJesu Kristu futhi uphenduke? (bheka futhi u-2 Nefi 25:26).

  • Ukholo kuKristu: Funda iziphakamiso ezinhlanu zikaMongameli uRussell M. Nelson zokuthuthukisa ukholo ku “Christ Is Risen; Faith in Him Will Move Mountains” (Liyahona, ngoMeyi 2021, 103). Zindla ukuthi lezi ziphakamiso zingadala kanjani usiko lokholo emndenini wakho.

  • Umbhabhadiso: Buyekeza isivumelwano sokubhabhadiswa njengoba sichaziwe kuMosiya 18:8–10, 13. Imizamo yakho yokugcina lesi sivumelwano ingawuqinisa kanjani umndeni wakho?

  • Isipho soMoya oNgcwele: Funda isimemo kumakhasi 17–19 e For the Strength of Youth (Okwakha Intsha): A Guide for Making Choices. Yini ozizwa ugqugquzelekile ukuba uyenze ukuze umeme ithonya likaMoya oNgcwele ekhaya lakho?

  • Umthandazo: Ufundani ngamandla omthandazo ekhaya ku “Love Is Spoken Here”? (Iculo labantwana, 190-91). Yiziphi izibusiso uMsindisi azithembisayo ku-3 Nefi 18:15–21?

  • Yimiphi imigomo oyitholayo kwiMfundiso neziVumelwano 68:25–31:

Isiphi iseluleko ongasinikeza umuntu onamalungu omndeni angayisekeli imizamo yakhe yokwakha ukholo kuKristu?

Bheka futhi “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke”,” UMthombo woLwazi weVangeli; Izihloko nemibuzo, “Parenting,” UMtapo woLwazi weVangeli; Dieter F. Uchtdorf, “Jesus Christ Is the Strength of Parents,” Liahona, ngoMeyi 2023, 55–59.

umndeni ufunda ndawonye

IMfundiso neziVumelwano 69:1

Abangane “beqiniso nabathembekile” bangisiza ngilandele uJesu Kristu.

Kungani ucabanga ukuthi “kwakuwukuhlakanipha [eNkosini]” ukuthi othile “weqiniso nothembekile” ahambe no-Oliver Cowdery esabelweni esichazwe kuleli vesi? Lomgomo usebenza kanjani kuwe na?

Siza abafundi baphakamisane. Umuntu ngamunye ekilasini lakho noma emndenini ungumthombo ocebile wobufakazi, ukuqonda, kanye nolwazi ngokuphila ivangeli. Bameme ukuthi babelane futhi baphakamise omunye nomunye.

IMfundiso neziVumelwano 70:1–4

Ngiyaziphendulela ezambulweni iNkosi ezinikezile.

INkosi yanikeza amagosa athile umsebenzi wokubheka ukukhishwa kwezambulo. Yize singenawo lowo msebenzi, yimuphi umqondo lapho nathi singathathwa “njengabaphathi bezambulo nemiyalelo” na? (ivesi 3).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga e Liyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 01

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 67

IziMfundiso neziVumelwano zingifundisa ngoJesu Kristu.

  • Tshela abantwana bakho mayelana nokuthi izambulo zikaJoseph Smith zaze zanyatheliswa kanjani encwadini (bheka “Isahluko 23: kwiMfundiso neziVumelwano,” ku Zindaba zeMfundiso kanye neziVumelwano, 90–92, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli). Basize bakhumbule ezinye zezinto ozifundile ngoJesu Kristu kwiMfundiso neziVumelwano kuze kube manje kulo nyaka. Ningase futhi nabelane omunye nomunye amavesi enu eniwathandayo avela kwiMfundiso neziVumelwano.

    2:2

    Chapter 23: The Doctrine and Covenants: August–November 1831

  • Ungase futhi ubonise abantwana bakho iBhayibheli, iNcwadi kaMormoni, iMfundiso neziVumelwano, kanye neGugu leNani eliKhulu futhi ukhulume nazo ngokuthi zihluke kanjani nokuthi zifana kanjani (bheka izincazelo zalezi zincwadi kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele). Sazi kanjani ukuthi imibhalo engcwele iyiqiniso? Sifundani kwiMfundiso neziVumelwano 67:49 mayelana nezambulo iNkosi eyazinika uJoseph Smith?

abantwana befunda imibhalo engcwele

IMfundiso neziVumelwano 68:25–31

Ngingabhabhadiswa uma ngineminyaka eyisishiyagalombili.

  • KwiMfundiso neziVumelwano 68:27, iNkosi yacacisa ukuthi umuntu kufanele abe neminyaka emingaki ukuba abhabhadiswe. Siza abantwana bakho baqonde lokho Akusho. Kungani uJesu efuna ukuba sibhabhadiswe na? - Ngokusebenzisa izithombe noma amavesi 25–31 (noma kokubili), siza abantwana bakho bathole izinto iNkosi efuna abantwana bazifunde.

  • Funda kanye nabantwana bakho ngomsebenzi iNkosi eyawunikeza u-Oliver Cowdery esigabeni sesihloko seMfundiso neziVumelwano 69. Ngabe yisiphi iseluleko iNkosi eyasinikeza evesini 1? Kubalukeke ngani ukuba nabantu “abaneqiniso futhi abathembekile” na? Mhlawumbe abantwana bakho bangakutshela ngothile abamaziyo “oneqiniso nothembekile.” - Singaqinisekisa kanjani ukuthi siqotho futhi sithembekile eNkosini? Angasisebenzisa kanjani ukubusisa abanye uma sineqiniso futhi sithembekile?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

umshini wokugaya

INcwadi yemiYalelo, isandulela seMfundiso neziVumelwano, yagaywa emshinini onjengalona.

ikhasi lomsebenzi labantwana