“NgoSepthemba15–21: ‘Emva kokuHlupheka okuKhulu … Kuza Isibusiso’: IMfundiso neziVumelwano 102–105,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025(2025)
“IMfundiso neziVumelwano 102–105,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoSepthemba 15–21: “Emva kokuHlupheka okuKhulu … Kuza Isibusiso”
IMfundiso neziVumelwano 102–105
AbaNgcwele baseKirtland baphuka imimoya uma bezwa ukuthi ozakwabo esiGodini saseJackson, eMissouri, babesuswa emizini yabo. Ngakho-ke kufanele ukuthi baba nokukhuthazeka uma iNkosi isho nokusho ukuthi “ukuhlengwa kweSiyoni” kwakuhlelelwe ukuba “kuze ngamandla” (IMfundiso neziVumelwano 103:15). Ngaleso sethembiso ezinhliziyweni zabo, amadoda angaphezulu kwamakhulu amabili, ngokunjalo nabesifazane nabantwana ababe balelwa cishe emashumini amabili nanhlanu, babhaliswa kokwakubizwa ngokuthi yiNkambu ka-Israyeli, kamuva eyagcina isiyaziwa ngokuthi yiNkambu yeSiyoni. Umsebenzi walenkambu kwakuwukuhamba kuyiwe eMissouri kuyohlengwa iSiyoni.
Kumalungu aleNkambu, ukuhlenga iSiyoni kwakusho ukubuyisela abaNgcwele emhlabeni wabo. Kodwa kwathi ngaphambi kokuba bafike esiGodini saseJackson, iNkosi yatshela uJoseph Smith ukuba ihlakazwe iNkambu yeSiyoni. Amanye amalungu eNkambu ayedidekile futhi edangele; kwakubonakala sengathi uhambo alubanga yimpumelelo futhi nezithembiso zeNkosi zazingafezekanga. Kodwa-ke, abanye lokhu bakubona ngenye indlela. Nakuba abaNgcwele ababedingisiwe bangazange bathole izindawo zabo nemizi yabo, lokhu abadlula kukho kwakuletha “ukuhlengwa” okuthile eSiyoni, futhi “kweza ngamandla.” Amalungu aleNkambu yeSiyoni athembekile, iningi labo elagcina lingabaholi kuleliBandla, afakaza ngokuthi lokhu abadlula kukho kwabenza baba nokholo olukhulu emandleni kaNkulunkulu, obizweni lukaJoseph Smith olwaluvela phezulu, nakwiSiyoni—hhayi nje iSiyoni indawo kodwa iSiyoni okungabantu baNkulunkulu. Esikhundleni sokungabaza ukubaluleka kwalomsebenzi okwakubonakala sengathi awubanga yimpumelelo, bafunda ukuthi okuyiwona msebenzi wangempela wukulandela uMsindisi, ngisho singaziqondi kahle zonke izinto. Ekugcineni, yiyona ndlela lena okuzohlengwa ngayo iSiyoni.
Bheka Abangcwele, 1:194–206; “The Acceptable Offering of Zion’s Camp,” kwiZambulo zomongo, 213–18.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 102:12–23
Yini inhloso yemikhandlu yobulunga?
Isigaba 102 siqukethe amaminithi omhlangano owawubanjelwe eKirtland, e-Ohio, lapho kwahlelwa khona umkhandlu omkhulu wokuqala waleliBandla. Kuma vesi 12–23, iNkosi ichaza izinqubo imikhandlu emikhulu eyilandelayo uma ibamba imikhandlu yobulungu yalabo abenze izono ezinkulu.
UMongameli uM. Russell Ballard wafundisa wathi, “Amalungu eBandla ayabuza kwesinye isikhathi ukuthi kungani imikhandlu yeBandla yobulunga ibanjwa. Zintathu izinhloso zalokhu kuhlangana: ukusindisa umphefumulo walowo owonile, ukuvikela labo abangenacala, nokuvikela ukuhlanzeka, ubuqotho, negama elihle leBandla” (“A Chance to Start Over: Church Disciplinary Councils and the Restoration of Blessings,” kwiEnsign, ngoSepthemba 1990, 15).
Bheka futhi Topics and Questions, “Membership Councils,” Umtapo wolwazi weVangeli.
IMfundiso neziVumelwano 103:1–12, 36; 105:1–19.
ISiyoni ingakhiwa kuphela ngemigomo yokulunga.
Ngabe kungani abaNgcwele balahlekelwa umhlaba wabo wesethembiso eMissouri na? Kungenzeka ukuthi kwakunezizathu eziningi—okungenani esisodwa, iNkosi yasho, “kwakuyiziphambeko zabantu bami.” Uma kungenjalo,iSiyoni “ngabe isibuyiselwe esimweni (IMfundiso neziVumelwano 105:2). Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 103:1–12, 36; 105:1–19, kungenzeka ubone izinto ezithile ezavimba ukuba kumiswe iSiyoni eMissouri kanye nezinye izinto ezazingaba wusizo. Yikuphi okufundayo okungakusiza ukuba wakhe iSiyoni enhliziyweni yakho,emzini wakho, nasemphakathini wakho?
IMfundiso neziVumelwano 103:12–13, 36; 105:1–6, 9–19
Izibusiso ziza emva kokuvivinywa kokholo.
Ngezindlela eziningi, ukubamba iqhaza eNkanjini yeSiyoni kwaku wukuvivinywa kokholo. Uhambo lwalu lude, kushisa, futhi ukudla namanzi kwesinye isikhathi kwakuyingcosana. Futhi emva kwakho konke abakubekezelela, iNkambu yeSiyoni yayingakaphumeleli ekubuyiseleni abaNgcwele ezweni labo. Cabanga ukuthi wawunethuba lokubhalela ilungu leNkambu yeSiyoni okholo lwakhe eNkosini lwanyakaziswa ukwenzeka kulo. Yikuphi ongakusho ukuze ukhuthaze lomuntu? Yimaphi amaqiniso owathola kwiMfundiso neziVumelwano 103:5–7, 12–13, 36; 105:1–6, 9–19 angasiza?
Bese ucabanga ngesibonelo sesimanje sovivinyo olufana neNkampu yeSiyoni—njengomfundisi wevangeli osebenza kanzima, kodwa akekho ojoyina iBandla ngenxa yemizamo yakhe. Ngokusekelwe yilokho okufundile, ungamsiza kanjani lowomfundisi wevangeli ukuba abone ukuthi umsebenzi wakhe wawuphumelela?
INkosi ikubusise kanjani “ngemva kosizi oluningi”? (IMfundiso neziVumelwano 103:12).
Bheka futhi 1 Nefi 11:16–17; u-Alima 7:11–12; IMfundiso neziVumelwano 6:33–36; 84:88; 101:35–36; David A. Bednar, “On the Lord’s Side: Lessons from Zion’s Camp,” Ensign, July 2017, 26–35, or Liahona, July 2017, 14–23; Topics and Questions, “Endure to the End,” Gospel Library; “How Firm a Foundation,” Hymns, no. 85.
Iyini injongo yezilingo na?
Cabanga ngeseluleko seGosa u-Orson F. Whitney mayelana nenjongo yezilingo: “Abukho ubuhlungu esibuzwayo, asikho isilingo esibhekana naso esimoshekayo. Silungiselela imfundo yethu, ekuthuthukiseni izimfanelo ezinjengokubekezela, ukholo, isibindi nokuthobeka. Konke ukuhlupheka kanye nakho konke esikubekezelelayo, ikakhulukazi uma sikubekezelela ngokulinda, kwakha izimilo zethu, kuhlanza izinhliziyo zethu, kwandise imiphefumulo yethu, futhi kusenze sibe mnene futhi siphane kakhulu, sifaneleke kakhulu ukubizwa ngabantwana baNkulunkulu … futhi kungenxa yosizi nokuhlupheka, ukukhandleka nosizi, ukuze sizuze imfundo esize lapha ukuzoyithola futhi ezosenza sibe njengoBaba noMama wethu osezulwini” (kuSpencer W. Kimball, Faith Precedes the Miracle [1972], 98).
IMfundiso neziVumelwano 104:11–18, 78–83
INkosi ingenze “umphathi phezu kwezibusiso zasemhlabeni.”
Ngaphezu kwezivivinyo zaseMissouri, ngonyaka ka1834 iBandla lalibhekene nobunzima kwezezimali, kubalwa nezikweletu nezindleko ezinzima. Kwisigaba 104 iNkosi yanika iBandla iseluleko ngokuphathelene nesimo salo kwezezimali. Ungayisebenzisa kanjani lemigomo emavesini 11–18 nasemavesini 78–83 ngokuphathelene nezakho izinqmo ozithathayo ngemali na?
Bheka futhi “Ingcebo eZulwini: Indaba kaJohn Tanner” kanye “Nemisebenzi yezandla Zakhe” (amavidiyo), Umtapo wolwazi weVangeli.
Amasu okuFundisa abaNtwana
Ngingaba “ukukhanya kwezwe” ngokulandela uJesu.
-
Ungase umeme abantwana bakho ukuba babambe izithombe zesibani, ikhandlela, noma omunye umthombo wokukhanya ngesikhathi ufunda iMfundiso neziVumelwano 103:9. Singaba kanjani ukukhanya kwabanye uma silandela uJesu Kristu? -
IMfundiso neziVumelwano 104:13–18
INkosi ifuna ngabelane ngalokho enginakho nabantu abaswele.
-
Ungase uthande ukunikeza abantwana bakho imizuzu embalwa yokwenza uhlu lwezibusiso uNkulunkulu abanike zona (njengokudla, okokumbatha, amakhono, ukholo, kanye nekhaya). Bakhuthaze ukuthi babhale okuningi abangakwazi ukukubhala. Ngemva kwalokho ningafunda ndawonye kwiMfundiso neziVumelwano 104:13–18, nifuna izimpendulo zemibuzo enjengalena: Ubani umnikazi weqiniso wazo zonke izinto? Ngabe Ufuna senzeni ngalezi zinto? Wena kanye nabantwana bakho ningabelana ngolwazi lapho othile eninikeze okuthile okudingayo (bheka futhi “Ijazi” [ividiyo], umtapo wolwazi leVangeli).
IMfundiso neziVumelwano 104:42
INkosi izongibusisa uma ngigcina imiyalo Yayo.
-
Kukaningi kwisigaba 104 lapho iNkosi ithembisa “izibusiso eziningi” kubantu abalalela imiyalo Yayo ngokwethembeka. Ukusiza abantwana baqonde ukuthi kusho ukuthini “ukuphindaphinda”, ungadweba indilinga bese ucela abantwana bakho ukuthi bakusize uphindaphinde inani lezindilinga—ukudweba ezimbili, ezine, bese kuba yisishiyagalombili, bese kuba ishumi nesithupha, njalonjalo. Ngaso sonke isikhathi uma wengeza indilinga, siza abantwana bakho bacabange ngesibusiso uBaba oseZulwini abanikeze sona.
IMfundiso neziVumelwano 105:38–40
Ngingaba umenzi wokuthula.
-
Ukuze usize abantwana bakho bafune ngendaba yeNkambu yeSiyoni, ungase ufunde kwi “Isahluko 36: Zion’s Camp” (kwiZindaba zeMfundiso neziVumelwano, 135-39, noma ividiyo ehambisanayo kuMtapo wolwazi weVangeli). Yima kancane ngezikhathi ezithile ukuze ukhulume ngezifundo esingazifunda kuNkambu yeSiyoni-isbonelo, ukuthi iNkosi ifuna sibe nokuthula futhi sisebenzisane esikhundleni sokuxabana nokulwa (bheka futhi uRussell M. Nelson, “Peacemakers Needed,” Liyahona, Meyi 2023, 98-101).
-
Ungase futhi ufunde iMfundiso neziVumelwano 105: 38–38 bese ucela abantwana basukume njalo uma bezwa igama elithi “ukuthula.” Chaza ukuthi iNkosi yayifuna abaNgcwele benze ukuthula nabantu ababengenamusa. Siza abantwana bakho bacabange ngezinto abangazenza ukuze babe abenzi bokuthula, futhi ubameme ukuba balingise izimo ezithile.