Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba 22–28: “Uhlelo lweNdodana kaNkulunkulu”: IMfundiso neziVumelwano 106–108


“NgoSepthemba 22–28: ‘Uhlelo lweNdodana kaNkulunkulu’: IMfundiso neziVumelwano 106–108,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025(2025)

“IMfundiso neziVumelwano 106–108,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

uJesu Kristu enikeza igunya lobupristi

NgoSepthemba 22–28: “Uhlelo lweNdodana kaNkulunkulu”

IMfundiso neziVumelwano 106–108

Uma ubuka kokuqala, iMfundiso neziVumelwano 107 ibukeka ikhuluma ngokuhlela amahhovisi obupristi kuphela ukuba abe uhlelo lobuholi beBandla leNkosi. Ngesikhathi lesi sambulo sishicilelwa, amalungu eBandla ayekhula ngaphezulu kwamandla abaphathi ababekhona. Ukucacisa indima nomsebenzi wobuMongameli bokuQala, umGwamanda wabaliShumi namBili, abangamaShumi ayisiKhombisa, obhishobhu, nomgwamanda wobumongameli kwakudingeka ngempela. Kepha kuningi okunye okuhambisana nomyalezo ongcwele kwisigaba 107 kunokuthi ubuholi beBandla buhlelwe kanjani. Lapha, iNkosi isifundisa ngamandla negunya Layo, “ubuPristi obungcwele, emva koHlelo lweNdodana kaNkulunkulu” (ivesi 3). Inhloso yobupristi ukuvula “zonke izibusiso zomoya zebandla” ukuze bonke abantwana baNkulunkulu “bavulelwe izulu” futhi “nokuthokozela ukudlelwane nobukhona bukaNkulunkulu uBaba, kanye noJesu ongumlamuleli wesivumelwano esisha” (amavesi 18–19). Ekusifundiseni ngobupristi Bakhe, uMsindisi usifundisa Ngaye kanye nokuthi singeza kanjani Kuye.

Bheka “Restoring the Ancient Order,” kwiRevelations in Context, 208-12.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 106; 108

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INkosi iyangeseka uma ingibiza ukuba ngiyisebenzele.

KwiMfundiso neziVumelwano 106 naku 108, iNkosi inikeza umyalo nezethembiso kumalungu amabili ayebizelwe ukusebenza eBandleni Layo. Ngesikhathi ufunda izeluleko Zayo, ungacabanga ngamathuba akho okusebenzela iNkosi—mhlawumbe umsebenzi wokusebenzela, ubizo lweBandla, izibopho emndenini wakho, noma ukukhuthaza ngokomoya ukwenza okuhle.

Uzwa ukuthi uyini umlayezo weNkosi kuwe kulezi zambulo na? Yimiphi imishwana ebonakala inencazelo enenjongo kuwe? Nazi ezimbalwa okufanele uzicabange

Ngesikhathi iGosa uCarl B. Cook lithola umsebenzi onzima weBandla, lathola amandla kwisehlakalo sikakhokho. Funda ngakho kumyalezo wakhe “Serve” (Liahona, Nov. 2016, 110–12). Cabanga ngokubhala incwadi ukukhuthaza inzalo yakho—noma uzibhalela wena esikhathini esizayo—ukwamukela amathuba okusebenzela iNkosi. Faka encwadini yakho amaqiniso owafunda kumlayezo weGosa uCook, iMfundiso neziVumelwano 106 kanye no-108, kanye nezakho izehlakalo.

Bheka futhi uHenry B. Eyring, “Walk with Me,” Liyahona, ngoMeyi 2017, 82-85; Topics and Questions, “Serving in Church Callings,” Umtapo woLwazi lweVangeli; “uWarren Cowdery” kanye nalokhu “’Wrought Upon’ to Seek a Revelation,” kwiRevelations in Context, 219-23, 224-28.

IMfundiso neziVumelwano 107:1–4, 18–20

Ubupristi “[bungo]koHlelo lweNdodana kaNkulunkulu.”

INkosi iqala “isambulo Sayo ngobupristi” (iMfundiso neziVumelwano 107, isihloko sesigaba) ngokusifundisa igama lokuqala lobuPristi bukaMelkisedeki (bheka amavesi 1–4). Ucabanga ukuthi kungani kubalulekile ukwazi lokho? Ngabe leligama luyithinta kanjani indlela ocabanga ngayo ngobupristi na?

Gcina lemicabango engqondweni ngesikhathi ufunda ngobupristi, ikakhulukazi kulamavesi 18 4–20. Kusho ukuthini “ukuvuleka kwamazulu”? Kusho ukuthini “ukuthokozela ubudlelwane nobukhona bukaNkulunkulu uBaba, noJesu”? Amandla obupristi oMsindisi kanye negunya likwenza kanjani konke lokhu kutholakale kuwe?

Bheka futhi u-Alima 13:2, 16; IMfundiso neziVumelwano 84:19–27.

Gxila kuJesu Kristu “Ziningi izinto ongafundisa ngazo kwivangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe—imigomo, imiyalelo, iziprofetho, kanye nezindaba zemibhalo engcwele. Kepha konke lokho kungamagatsha omuthi owodwa, ngoba konke kunenhloso eyodwa: ukusiza bonke abantu beze kuKristu bapheleliswe Kuye (bheka kuJaromu 1:11; Moroni 10:32). Ngakho-ke, noma kuthiwa ufundisani, khumbula ukuthi empeleni ufundisa ngoJesu Kristu nendlela yokuba njeNgaye” (Teaching in the Savior’s Way, 6). Isibonelo, ngesikhathi ufundisa—futhi ufunda—ngobupristi kwiMfundiso neziVumelwano 107, buza njalo, “Yini esiyifundayo ngoMsindisi?”

IMfundiso neziVumelwano 107:22

Izinceku zeNkosi “zesekwe ngokuthenjwa, ngokholo, nangomkhuleko weBandla.”

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukusekela izinceku zeNkosi ngokuzethemba kwakho? ngokholo lwakho? ngomthandazo wakho?

Bheka futhi “God Bless Our Prophet Dear,” Amaculo, no.24.

IMfundiso neziVumelwano 107:23–24, 33–35, 38, 91–92

Abaprofethi kanye nabaPostoli bafakaza ngoJesu Kristu.

UJoseph Smith wabelana ngesigaba 107 ngo-1835 nabasanda kubizwa boMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili (bheka isihloko sesigaba). INkosi yabafundisani ngobizo lwabo kulamavesi 23–24, 33–35, 38? Ngabe ubufakazi bakho ngoJesu Kristu buqiniswe kanjani ukufundisa kanye nomsebenzi wabaPostoli Bakhe abaphilayo?

Kumavesi 91–92, iNkosi ifundisa ngomPostoli Wayo omkhulu, uMongameli weBandla. Ufana kanjani “njengoMose”? (Bheka iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “uMose,” uMtapo woLwazi weVangeli).

Bheka futhi uDavid A. Bednar , “Chosen to Bear Testimony of My Name,“ Liyahona, Nov. 2015 , 128-31.

IMfundiso neziVumelwano 107:27–31, 85–89

INkosi ifeza umsebenzi Wayo ngemikhandlu.

Qaphela ukuthi iNkosi yafundisani ngemikhandlu kwiMfundiso neziVumelwano 107:27–31, 85–89. Yini eyenza umkhandlu uphumelele? Ungayisebenzisa kanjani lemigomo obizweni lwakho eBandleni, ekhaya lakho, noma kweminye imisebenzi yakho?

Bheka futhi uM. Russell Ballard, “Family Councils,” Liyahona, May 2016, 63–65; General Handbook, 4.3–4.4, uMtapo woLwazi weVangeli.

Umndeni uhlela ndawonye

Nkosi imema imindeni ukuthi icebisane ndawonye.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye neFor the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 107:18–20

UJesu Kristu uyangibusisa ngamandla Akhe obupristi.

  • Ngesikhathi wena nabantwana bakho nifunda ndawonye kwiMfundiso neziVumelwano 107:18–19 gcizelela inkulumo ethi “zonke izibusiso ezingokomoya.” Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningabala izibusiso ezivela kubupristi. Ningase nenze umdlalo ngakho—bhekani ukuthi ubani ongenza uhlu olude kakhulu. Abantwana bakho bangadweba noma bathole izithombe ezimele lezi zibusiso (bheka ikhasi lomsebenzi) lakulelisonto. Ningakhuluma-ke ngokuthi izimiso zobupristi (njengombhabhadiso noma isidlo esingcwele) zisisiza kanjani ukuthi sithole izibusiso zikaNkulunkulu.

IMfundiso neziVumelwano 107:21–26, 33–35, 91–92

Izinceku zeNkosi ezikhethiwe zihola iBandla Layo.

  • Njalo ibhuku lengqungquthela iLiyahona lifaka ikhasi lezithombe zabaHoli abaKhulu beBandla. Cabanga ngokubuka lezi zithombe nabantwana bakho njengoba ufunda ngezibopho kwiMfundiso neziVumelwano 107:21–26, 33–35, 91–92. Wena kanye nabantwana bakho ningaxoxa ngokuthi kungani ubonga ukuthi iNkosi ibanike lezi zibopho.

  • Abantwana bakho bangafunda kabanzi ngezinceku zeNkosi “kwiGeneral Church Leadership” ku ChurchofJesusChrist.org. Mhlawumbe umntwana wakho ngamunye angafunda ngomunye walaba baholi futhi bafundisane ngaye. Abelanani omunye nomunye ukuthi nazi kanjani ukuthi laba baholi bayizinceku zeqiniso zikaJesu Kristu.

  • Emva kokufunda kwiMfundiso neziVumelwano 107:22 ndawonye, wena kanye nabantwana bakho ningashintshana niphakamise isithombe sobuMongameli bokuQala futhi nabelane ngezindlela eningabasekela ngayo njengezinceku zeNkosi.

UbuMongameli bokuQala

UbuMongameli bokuQala

IMfundiso neziVumelwano 108:3

Ngingacophelela ekuphileni izivumelwano zami.

  • Ukuqala ingxoxo ngaleli vesi, ungase ucele abantwana bakho ukuba benze okuthile okudinga ukunakisiswa, njengokugcwalisa inkomishi ngaphandle kokuchitha. Kwenzekani uma singanakile? Emva kalokho ningafunda iMfundiso neziVumelwano 108:3 Ukuthola ukuthi yini iNkosi efuna siyenze ngokucophelela. Yiziphi “izifungo” (izithembiso noma izivumelwano) esizenza noNkulunkulu? Singaqikelela kanjani kakhudlwana ukuzigcina? Ungase wabelane ngezingxenye zomlayezo kaDade uBecky Craven “Careful versus Casual” (Liyahona, May 2019, 9–11) onomuzwa wokuthi ungakhuthaza abantwana bakho ukuthi bagcine izivumelwano zabo. -

intombazane ithela amanzi

Ukuthela amanzi ngokucophelela kungafaniswa nokugcina izivumelwano zethu ngokucophelela.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga leFriend (Umngani).

umdwebo kaMelkisedeki no-Abrahama

UMelkisedeki uBusisa u-Abrama, nguWalter Rane.

ikhasi lomsebenzi labantwana