Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Fundisa ngoJesu Kristu Noma Ngabe Yini Oyifundisayo


“Fundisa ngoJesu Kristu Noma Ngabe Yini Oyifundisayo,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Fundisa ngoJesu Kristu Noma Ngabe Yini Oyifundisayo,” Ukufundisa Ngendlela yoMsindisi

Fundisa ngoJesu Kristu Noma Ngabe Yini Oyifundisayo

Ziningi izinto ongafundisa ngazo kwivangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe—imigomo, imiyalelo, iziphrofetho, kanye nezindaba zemibhalo engcwele. Kepha konke lokho kungamagatsha omuthi owodwa, ngoba konke kunenhloso eyodwa: ukusiza bonke abantu beze kuKristu bapheleliswe Kuye (bheka Jaromu 1:11; Moroni 10:32). Ngakho-ke, noma kuthiwa ufundisani, khumbula ukuthi empeleni ufundisa ngoJesu Kristu nendlela yokuba njeNgaye. UMoya oNgcwele ungakusiza ufunde ukubona amaqiniso ngoMsindisi kanye namandla Akhe ahlengayo kumgomo wevangeli ngamunye, kumyalelo, kanye nakwimfundiso yobuphrofethi (bheka Jakobe 7:10–11).

Ngabe uyafundisa ngomnikelo na? Cabanga ukubheka nabafundi indlela iminikelo esiyenzayo ekhomba ngayo imiphefumulo yethu “kumnikelo omkhulu nowokugcina” woMsindisi (Alima 34:10). Ngabe uyafundisa ngobunye na? Cabanga ukuxoxa ngobunye uJesu Kristu akufeza noBaba Wakhe nesimemo Sakhe sokuthi nathi sibemunye Nabo (bheka NgokukaJohane 17). Bheka isihloko ngasinye sevangeli njengethuba lokufundisa nokufunda ngoJesu Kristu.

Yonke imiyalelo nayo yakha lelithuba. Ungagxili kuphela emithethweni yevangeli—phinda ufunde ngoNika Umthetho. Uma uxoxa ngeZwi leNhlakanipho bese uyama ezintweni okumele uzenze nokumele ungazenzi ukuze ube nempilo, ugeja ithuba lokuzindla ngokuthi uJesu Kristu unendaba nathi kangakanani—kokubili ekuphileni kwethu komoya nokwenyama—ukuze asinike lomthetho. Gxila endleleni uMsindisi azimisele ngayo ukusibusisa ngamandla Akhe ukuze siphile imithetho Yakhe. Yonke imiyalelo asinikeza yona iveza okuthile ngomqondo, ngentando nangenhliziyo Yakhe—tholani intokozo ekufundeni lokhu ndawonye!

Gcizelela Isibonelo sikaJesu Kristu

Singabeka uJesu Kristu phakathi kokufundisa nokufunda ngokubona nokugcizelela ukuthi Uyisibonelo esiphelele sayo yonke imigomo yevangeli. Njengabafundi, asilandeli nje imigomo—silandela uJesu Kristu. Ngesikhathi sigxila esibonelweni sikaMsindisi esiphelele, uMoya oNgcwele uzofakaza Ngaye futhi usikhuthaze ukuthi simlandele.

Cabanga ngamehlo engqondo umzuzwana nje ukuthi ufundisa umgomo wokubekezela kuze kube sekugcineni. Ingxoxo ngokuthi uMsindisi uyisibonelo kanjani sokubekezela kuze kube sekugcineni ingaletha imizwa yokumhlonipha emnandi. Ngabe labo obafundisayo bangafundani esibonelweni Sakhe na?

Isithombe
UMsindisi elapha indoda elele phansi

UMsindisi wasinikeza sonke isibonelo esiphelele. He Healed Them All [Wabelapha Bonke], nguMichael Malm

Fundisa ngamaGama, iziNdima, kanye neziMilo zikaJesu Kristu

UJesu Kristu unamagama amaningi emibhalweni engcwele. Igama ngalinye liveza izindima Zakhe ohlelweni lukaNkulunkulu futhi lisifundisa ngezimilo Zakhe ezingcwele. Ungase ucabange ukubheka nabafundi ukuthi amagama anjengokuthi iMvana kaNkulunkulu, uMmeli, uMqedi woKholo Lwethu, kanye nokuKhanya koMhlaba asifundisani ngoJesu Kristu. Futhi, ngesikhathi usiza abafundi bazi kabanzi ngoMsindisi, dlula kulokhu akushilo nakwenzile ubheke ukuthi Ungubani nokuthi ufisa ukudlala yiphi indima ezimpilweni zethu. Ngesikhathi nifunda ngesimilo sikaMsindisi ndawonye, uMoya oNgcwele uzojulisa ukumqonda kwakho nothando lwakho Ngaye.

Bheka Izimpawu Ezifakaza ngoJesu Kristu

“Zonke izinto,” kwamemezela iNkosi, “zadalwa futhi zenziwa ukuba zifakaze ngami” (Mose 6:63; bheka futhi 2 Nefi 11:4). Sinaleloqiniso emqondweni, singafunda ukubona izimpawu eziningi emibhalweni engcwele ezifakaza ngoMsindisi. Lezizimpawu zibala izinto ezinjengesinkwa, amanzi kanye nokukhanya. Uma sesazi ukuthi lezizinto zihlobene kanjani noMsindisi, zingasifundisa ngamandla Akhe nangezimilo Zakhe. Ungaphinde uthole okufana nempilo yoMsindisi ezimpilweni zabaphrofethi kanye nabanye abesilisa nabesifazane emibhalweni engcwele. Ukubheka izimpawu kuveza amaqiniso ngoMsindisi ezindaweni ongase ungazinaki.

Shicilela