Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Siza Abafundi Beze kuJesu Kristu


“Siza Abafundi Beze kuJesu Kristu,” Ukufundisa Ngendlela kaMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Siza Abafundi Beze kuJesu Kristu,” Ukufundisa Ngendlela kaMsindisi

Isithombe
UJesu Kristu ehleli nabantwana

Njengothisha bevangeli likaJesu Kristu, sisiza abanye baqonde futhi bathembele ezimfundisweni, emandleni nasothandweni Lwakhe.

Siza Abafundi Beze kuJesu Kristu

Akukho ongakwenza njengothisha okungabusisa abafundi ngaphezulu kokubasiza bazi uBaba oseZulwini noJesu Kristu futhi bezwe uthando Lwabo (bheka NgokukaJohane 17:3). Cabanga ngodlule kukho okukusize wazi futhi wathanda uBaba oseZulwini noJesu Kristu. Wenzeni ukuze ufunde ngesimilo, amandla nothando Lwabo na? Uthando lwakho ngoBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu likulethele kanjani intokozo na? Bese ucabanga ukuthi uthando lwabo kanye namandla Abo angenzani kulabo obafundisayo. (Bheka Alima 26:16; Mose 5:11.)

Inhloso yethu enkulu kulempilo ukuba sibe njengoBaba wethu waseZulwini futhi sibuyele Kuye. Leyo nhloso siyifeza ngokuza kuJesu Kristu (bheka NgokukaJohane 14:6). Yingakho, njengoba umprofethi uNefi afundisa ukuthi, “sikhuluma ngoKristu, sithokoza kuKristu” (2 Nefi 25:26).

Bonke abantwana baNkulunkulu bayakudinga ukukhanya neqiniso okuvela kuMsindisi futhi bangakhetha ukukuphendula. Ukuba uthisha wevangeli likeJesu Kristu kuchaza ukusiza abanye baqonde futhi bathembele kwizimfundiso Zakhe, ukuhlengwa, amandla, kanye nothando Lwakhe oluphelele. Cabanga ngokuthi lamasu alandelayo angakusiza kanjani ukhuthaze abanye ukuthi bazi uJesu Kristu kangcono futhi bemlandele.

Siza Abafundi Babone Uthando, Amandla, Nomusa weNkosi Ezimpilweni Zabo

Kuhle ukwazi ngothando, amandla, nomusa woMsindisi, kepha kumele siphinde sikuzwe . Ukubona ukuthi wababusisa futhi wabelapha kanjani abantu emibhalweni engcwele kuyasisiza sibe nokholo olukhulu ekutheni engasibusisa futhi aselaphe. Isibonelo, ukufunda ngokwehlela uDaniyeli akuphelele uma kungasikhuthazi ukuthi sithembele eNkosini uma sibhekana nowethu umphando wezingonyama wokulinganisa.

Ngesikhathi usiza abafundi babone “ubumnene besihawu” beNkosi (1 Nefi 1:20), emibhalweni engcwele nasezimpilweni zabo, bazozwa futhi bazi ukuthi iNkosi inabo futhi izoma nabo ngothando (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:6). Bazobona futhi bezwe iqiniso lothando nomusa weNkosi kwizidingo nezimo zabo.

Isithombe
UJesu enikeza iNtshumayelo yaseNtabeni

Othisha bangasiza abafundi baluzwe uthando, amandla, nomusa weNkosi.

Siza Abafundi Baqinise Ubudlelwane Babo noBaba oseZulwini noJesu Kristu

Inhloso yokufundisa nokufunda ngoJesu Kristu ukusiza umuntu ngamunye asondelane Naye noBaba oseZulwini. Siza abantu obafundisayo bangayeki ukuyibona leyo nhloso. Bagqugquzele ukuba baqinise ubudlelwano babo noBaba oseZulwini noJesu Kristu ngokufunda imibhalo engcwele, ukuguquka njalo, ukukhuluma noBaba ngomkhuleko, nangokufakaza ngoYise neNdodana. Fundisa abafundi ngamazwi nesibonelo ukuthi ukwenza nokugcina izivumelwano kusibophezela kanjani Kubo. Basize bazi indlela esibaluleke ngayo futhi esithandwa ngayo Yibo. Qinisa ukholo lwabo lokuthi uJesu Kristu, ngenxa yeNhlawulo Yakhe ephelele, Nguye kuphela indlela ebuyela kuBaba wethu. Akha amathuba okuthi abafundi bathole ubufakazi obuvela kuMoya oNgcwele, “owafakaza ngoBaba neNdodana” (Mose 5:9).

Siza Abafundi ukuba Baphokophelele Ukuzama ukuba NjengoJesu Kristu

Ekugcineni, ukufunda ngoJesu Kristu kuyasikhuthaza ukuthi sibe njeNgaye. Kepha ukuba njengaye kwenzeka uma sizosebenza ngokholo kuphela, sithatha izinqumo esizimisele ngazo zokulandela isibonelo Sakhe futhi sithole umusa Wakhe. Mema amalungu ukuba afune usizo lukaMoya oNgcwele ukuthola izindlela zokuba njengoMsindisi. Nikela ngokubahola nokubaseka abafundi ngesikhathi bezama ukwenza ukuba njeNgaye kube yinjongo yempilo yabo.

UJakobe wafundisa ukuthi “zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu kusukela ekuqaleni komhlaba” zingasifundisa ngoJesu Kristu (2 Nefi 11:4). Ukufundisa kwakho kungaba ingxenye yalezi zinto. Beka uJesu Kristu phakathi kwakho konke ukufundisa nokufunda. Ngesikhathi wena nabafundi “[ni]khuluma ngoKristu, …[ni]thokoza kuKristu, … [ni]shumayela ngoKristu” (2 Nefi 25:26), uMoya ongcwele ungatshala ubufakazi ngoMsindisi ekujuleni komqondo nenhliziyo komuntu ngamunye. Ngesikhathi usiza abafundi ukuba bazi uBaba oseZulwini noJesu Kristu ngokwabo, amathuba maningi ukuthi bazobheka Kubo uma bedinga usizo, ithemba, nokwelashwa ezimpilweni zabo zonke.

Shicilela