Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Umyalezo ovela kubuMongameli bokuQala


“Umyalezo ovela kubuMongameli bokuQala,” Ukufundisa Ngendlela KaMsindisi: Okuphathelene Nabo Bonke Labo Abafundisa Emakhaya kanye naseBandleni (2022)

“Umyalezo ovela kubuMongameli bokuQala,” Ukufundisa Ngendlela KaMsindisi

Umyalezo ovela kubuMongameli bokuQala

Bafowethu nodadewethu abathandekayo,

Laze lalihle kakhulu ithuba eninalo lokufundisa ivangeli likaJesu Kristu! Ukuthi ngabe unobizo oluqondene nawe ngqo lokufundisa noma cha, unguthisha. Njengomfundi kaThisha Omkhulu, uJesu Kristu, unamathuba okwabelana ngokukhanya Kwakhe noma ngabe ukuphi—ekhaya, ebandleni, ngesikhathi usiza abanye, futhi naphakathi kwabangani bakho. Ukufundisa ivangeli kungukwethenjwa okungcwele. Kuyingxenye ebaluleke kakhulu yomsebenzi weNkosi, futhi wenzeka kahle uma siwenza ngendlela Yakhe.

Siyanimema ukuba nifunde kabanzi ngoJesu Kristu nokuthi wayelifundisa kanjani ivangeli. Ngokukhuleka wafundeni amazwi Akhe, izenzo Zakhe, izici Zakhe zemvelo, futhi nizame ukuMlandela ngokuphelele. Ukufundisa Ngendlela KaMsindisi kungaba umhlahlandlela wakho.

UbuMongameli bokuQala

Shicilela