Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Inhloso yencwadi ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi


“Inhloso yencwadi ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Inhloso yencwadi ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Inhloso yencwadi ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Imigomo echazwe kulensiza ingasiza bonke othisha bevangeli bafundise ngendlela yoMsindisi. Kubalwa abazali, abafowethu nodadewethu abasizayo, abefundisi benkolo, othisha bohlelo lokufundisa ivangeli (iseminary ne-institute), kanye nawo wonke umuntu onobizo eBandleni olumnikeza amathuba okufundisa.

Ungafunda lensiza wedwa noma uyisebenzise ukuhola izingxoxo nabanye mayelana nendlela yokuba uthisha ongcono. Isibonelo, lensiza ingasetshenziswa ngobusuku basekhaya, emihlanganweni yobumongameli, emihlanganweni yomkhandlu wewadi noma wesikhonkwane, imihlangano yohlelo lokufundisa ivangeli (iseminary ne-institute), kanye nemihlangano yomkhandlu wothisha (bheka “For Leaders—Helping Teachers Succeed”).

Indlela LeNsiza eHlelwe Ngayo

Ingxenye 1 igcizelela ukubaluleka kokugxila kuJesu Kristu noma yinini uma sifundisa imigomo yevangeli Lakhe. Lesigaba sichaza lokho esikufundisayo.

Ingxenye 2 igcizelela imigomo yokufundisa njengoKristu. Lesigaba sichaza indlela esifundisa ngayo.

Ingxenye 3 inikeza iziphakamiso ezingenziwa ezisiza othisha basebenzise imigomo yokufundisa okunjengokukaKristu.

Shicilela