Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Okwabaholi—Ukusiza Othisha Baphumelele


“Okwabaholi—Ukusiza Othisha Baphumelele,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Okwabaholi—Ukusiza Othisha Baphumelele,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Isithombe
Ikilasi likaSonto skole

Okwabaholi—Ukusiza Othisha Baphumelele

Ukuchitha Isikhathi Nomuntu Ngamunye

Kujwayelekile ukuthi indlela enhle kakhulu yokuphendula izidingo zothisha ukuchitha isikhathi nomuntu ngamunye. Isibonelo, njengomholi, ungaba nengxoxo emfishane nothisha ngaphambi kwekilasi noma emva kwalo ukuxoxa ngemigomo yencwadi ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi. Ungayilungiselela lengxoxo ngokubuka uthisha efundisa. Funa ukuqonda kangcono amandla kathisha futhi uthole izindlela ongameseka ngazo.

Ukwakha phezu kwamandla kathisha kubaluleke njengokuthola amathuba okwenzangcono. Kuyasiza ukuqala izingxoxo nothisha ngokubacela ukuthi bazicabangele ukuthi yikuphi okuhamba kahle nokuthi yikuphi la bebona ukuthi bangenzangcono khona.

Ngesikhathi uhlangana nothisha, cabanga izindlela zokubaqinisa futhi ubagqugquzele ngesihe nokubonga ngomsebenzi abawenzayo.

Imihlangano Yomkhandlu Wothisha

Iwadi ngayinye kumele ibambe imihlangano yomkhandlu wothisha njalo ngekota lapho othisha bebonisana khona ngemigomo yokufundisa njengoKristu. Imihlangano yomkhandlu wothisha ingabizelwa abazali (bheka General Handbook: Serving in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints, 13.5, ChurchofJesusChrist.org).

Kumele Ibanjwe Nini Lemihlangano Na?

Imihlangano yomkhandlu wothisha ibanjwa ngesikhathi sekilasi ngeSonto esiyimizuzu engama-50.

  • Othisha bobuPhristi, iNhlangano yokuSiza, namaNtombazane bangahlanganyela phakathi kweSonto lokuqala noma elesithathu, njengoba kuzobe kunqunywe abaholi bendawo.

  • Othisa baSonto Skole bangahlanganyela phakathi kweSonto lesibili noma elesine, ngokunqunywe abaholi bendawo.

  • Othisha babaNtwana bangahlanganyela nganoma yiliphi iSonto, ngokunqunywe ubumongameli beNhlangano yabaNtwana nobumongameli baSonto Skole bewadi. Uma kufiswa, othisha beNhlangano yabaNtwana bangahlangana ngokuhluka kunabanye othisha ukuze babonisane ngesimo esikhethekile sokufundisa abantwana. Lokhu kungenzeka ngesikhathi sokucula esiyimizuzu engama-20, ngaphambi noma emva kwemihlangano yangeSonto ejwayelekile, noma ngolunye usuku esontweni. Kungabanjwa umhlangano womkhandlu wothisha ongaphezulu kowodwa ngekota ukwenzela othisha beNhlangano yabaNtwana ukuze kungabi ukuthi abekho bonke emakilasini abaNtwana ngesonto elilodwa. (Inothi: Lapho kunesidingo, ubumongameli beNhlangano yabaNtwana bucela othisha abazobambela, bahlanganise amakilasi, noma benze ezinye izinhlelo zokudedela othisha babaNtwana behambe imihlangano yomkhandlu wothisha.)

  • Imihlangano yomkhandlu wothisha yabazali ingabanjwa nganoma yiliphi iSonto, njengokukhetha komkhandlu wewadi.

Ubani Okumele Ahambe Imihlangano?

Wonke umuntu ofundisa umgwamanda noma ikilasi ewadini kumele awuhambe umhlangano, kanye nomholi okungenani oyedwa wobuphristi noma wenhlangano onesibopho phezu kwaleyomigwamanda noma kwalawomakilasi. Uma kunesidingo, abahlanganyeli bangahlukaniswa babe ngamaqembu ahambisana nezidingo zalabo ababafundisayo. Isibonelo, othisha bentsha nabantwana bangazuza ngokuhlangana ngokuhlukana ngezinye izikhathi ukuze baxoxe ngezimo ezimayelana nokufundisa intsha nabantwana.

Ngemihlangano yomkhandlu wothisha yabazali, umkhandlu wewadi uyakhetha ukuthi kuzomenywa abazali abathile noma bazomema bonke abafisa ukubamba iqhaza.

Ubani Oyiholayo Lemihlangano Na?

Umkhandlu wewadi, usizwa ubumongameli baSonto Skole, uphatha imihlangano yomkhandlu wothisha. Babonisana ndawonye ngezidingo zothisha nabafundi ngenxa yalokhu abakubone emakilasini nasemihlanganweni. Bayasebenzisana ukukhetha ukuthi yimiphi imigomo nezenzo okuvela encwadini ethi Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi ezoxazulula izidingo abazibonile.

Kuvamise ukuthi umongameli kaSonto Skole ahole imihlangano yomkhandlu wothisha. Kepha, namanye amalungu anganikezwa ukuthi ahole imihlangano ngezinye izikhathi. Ubumongameli bomgwamanda nobumongameli benhlangano bagcizelela imigomo nezenzo okuxoxwe ngakho emihlanganweni nothisha.

Yini Okumele Yenzeke Emhlanganweni Womkhandlu Wothisha Na?

Umhlangano womkhandlu wothisha kumele ulandele loluhlelo:

  • Abelanani futhi nibonisane ndawonye. Mema othisha ukuba baxoxe ngokusanda kwenzeka okuphathelene nokufundisa, bese babelana ngamasu okunqoba lezozinselele. Lengxenye yomhlangano kumele ibale ukubuyekezwa kwemigomo okuxoxwe ngayo emihlanganweni odlule.

  • Fundani ndawonye. Mema othisha ukuba baxoxe ngemigomo elandelayo ethulwe kulensiza: gxila kuJesu Kristu, thanda labo obafundisayo, fundisa ngoMoya, fundisa imfundiso, futhi umeme ukufunda ngokuzimisela. Kungaxoxwa ngemigomo nganoma yikuphi ukulandelana, futhi uma umkhandlu ungabanga nombono ohlukile, ababambe iqhaza emihlanganweni bangakhetha umgomo olandelayo okuzoxoxwa ngawo. Ningaxoxa ngomgomo owodwa emihlanganweni embalwa uma kunesidingo.

  • Hlela futhi umeme. Siza othisha bahlele ukuthi bazowusebenzisa kanjani umgomo abaxoxe ngawo. Uma kufanele, ningalingisa ndawonye ikhono enixoxe ngalo. Bameme ukuba babhale futhi benze okubafikelayo okumayelana nokuthi bangawusebenzisa kanjani umgomo ekufundiseni kwabo—ngisho nasemizanyweni yabo yokufundisa emakhaya. Bagqugquzele ukuthi baqale bafunde umgomo olandelayo okuzobe kuxoxwa ngawo.

Ngangokunokwenzeka, Imihlangano yomkhandlu wothisha kumele ibe yisibonelo semigomo ekuxoxwa ngayo.

Isithombe
amantombazane esingathana

Imihlangano yomkhandlu wothisha ingasiza othisha baqonde kangcono futhi basebenzise imigomo yokufundisa njengoKristu.

Ukungenisa Othisha Abasha Ababiziwe

Njengomholi, unesibopho “sokuhlangana nothisha ababizwe kabusha” kwinhlangano yakho futhi “ubasize balungiselele ubizo lwabo” (General Handbook, 17.3, ChurchofJesusChrist.org). Lemihlangano iyithuba lokwethula othisha abasha obizweni labo olungcwele futhi ubakhuthaze ngombono wokuthi kuchaza ukuthini ukufundisa ngendlela yoMsindisi. Njengomholi, ungasiza othisha abasha balungiselele ukusebenza ngokwenza lokhu okulandelayo:

  • Ukukhombisa ukwethemba ukuthi uMsindisi uzobasiza obizweni labo (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:78).

  • Nikeza othisha abasha ikhophi lalensiza, futhi ubakhuthaze ukuthi babheke izindlela abangasebenzisa ngayo imigomo yayo ekufundiseni kwabo.

  • Abelana nganoma yini ngenhlangano yakho engaba usizo ukuthi bayazi othisha abasha.

  • Uma kunesidingo, tshela othisha abasha ukuthi bafundisele kuliphi igumbi futhi baqale ngasiphi isifundo. Nikeza noma uluphi ulwazi abalidingayo ngekilasi labo namalungu ekilasi.

  • Chazela othisha abasha ukuthi ungabasiza ngobizo lwabo. Zinikele ukuba ubasekele ekilasini nokusiza ukuthola izinsiza uma zidingeka.

  • Zinikele ukubuka amakilasi othisha ngezinye izikhathi, bese unikeza imibono ngokuqwashiswa uMoya.

  • Mema othisha ukuba babambe iqhaza emihlanganweni yomkhandlu wothisha njalo ngekota.

Shicilela