Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Mema Ukufunda Ngenkuthalo


“Mema Ukufunda Ngenkuthalo,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Mema Ukufunda Ngenkuthalo,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Mema Ukufunda Ngenkuthalo

Nakanjani kwakumangalisa ukubuka uMsindisi ehamba emanzini. Kodwa lokho kwakungenele kuPhethro. Wayefuna ukwenza lokho uMsindisi ayekwenza, abe lapho Ayekhona, futhi azizwele yena ngokwakhe. “Yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi,” kwasho yena. UMsindisi waphendula ngesimemo esisobala: “Woza.” Ngalawomazwi, uPhethro wagxumela ngaphandle kwesikebhe futhi wasikhombisa ukuthi ubufundi akukona ukudlula ezintweni uthule nje (bheka NgokukaMathewu 14:24–33). Kudinga ukholo kuKristu kanye nokuzama ngenkuthalo. Kodwa futhi kuletha inzuzo enhle yokuhamba noMsindisi.

“Woza.” “Wozani nibone.” “Wozani, ngilandeleni” “Hamba wenze njalo nawe” (NgokukaMathewu 14:29; NgokukaJohane 1:39; NgokukaLuka 18:22; 10:37). Kusuka ekuqaleni kobufundisi Bakhe, uMsindisi Wayemema abalandeli Bakhe ukuba bazizwele ngokwabo amaqiniso, amandla, kanye nothando ayebanika lona. Wakwenza lokhu ngoba ukufunda kwangempela kunjena. Akukhona nje ukulalela noma ukufunda, wukushintsha, ukuphenduka, kanye nokuthuthuka. Ngamazwi oMsindisi, ukufunda kuza “ngokufunda kanye futhi nangokukholwa” (IMfundiso neziVumelwano 88:118; kwengezwe ukugcizelela). Futhi ukukholwa kusho ukuzenzela thina ngokwethu, hhayi nje ukuthi kwenziwe kithi (bheka 2 Nefi 2:26).

Ngesikhathi silandela isibonelo soMsindisi, simema labo esibafundisayo ukuba bacele, bafune, bangqongqothe—futhi bathole (bheka NgokukaMathewu 7:7–8). Futhi siyasamukela ngokwethu lesosimemo. Ndawonye, ngokholo lwethu kuKristu nangokuzama ngokukhuthala, sizofinyelela ekuzazeleni thina ngokwethu ukuthi kusho ukuthini ukuhamba Naye.

Ukumema Ukufunda Ngenkuthalo

  • Siza abafundi ukuba bazifundele bona ngokwabo.

  • Khuthaza abafundi ukuba bamazi uMsindisi ngokufunda ivangeli nsuku zonke.

  • Mema abafundi ukuba balungiselele ukufunda.

  • Khuthaza abafundi ukuba babelane ngamaqiniso abawafundayo.

  • Mema abafundi ukuba bakuphile lokho abakufundayo.

UMsindisi Wayesiza Abanye ukuba Bazifundele Bona Ngokwabo

Ukwakha izikebhe ezingawela izilwandle ngokuphepha kungaba wumsebenzi onzima kunoma wubani. Umfowabo kaJarede waye “yalelwa njalo yisandla seNkosi” (Etere 2:6), ethola imiyalelo ngesimo saleyomikhumbi nokuthi wawuzongeniswa kanjani umoya kuyo. Kodwa-ke ngabe yikuphi okuqaphelayo mayelana nokuthi iNkosi yamphendula yathini ngesikhathi umfowabo kaJarede ebuza ngokuletha ukukhanya kulezo zikebhe na? (bheka Etere 2:22–25). Ngabe umfowabo kaJarede wabusiseka kanjani ngesimemo sokusebenzisa ukholo lwakhe ngalendlela na? (bheka Etere 3:1–16).

Kungabonakala kulula ukuvele ubatshele abafundi konke ocabanga ukuthi kufanele bakwazi. Kodwa, iGosa uDavid A. Bednar waseluleka wathi: “Injongo yethu akufanele kube wukuthi sithi ‘Ngibatsheleni abafundi na?’ Esikhundleni salokho, imibuzo okufanele sizibuze yona wukuthi ‘Ngingabamema ukuthi benzeni na? Ngabe yimiphi imibuzo ephefumulelwe efikayo engingayibuza okuzothi, uma bevuma ukusabela kuyo, iqale ukumema uMoya oNgcwele ezimpilweni zabo na?’” (evening with a General Authority, 7 Februwari 2020 broadcasts.ChurchofJesusChrist.org).

Cabanga ngokuthi ungabasiza kanjani abafundi ukuba bazifundele bona ngokwabo. Ngokwesibonelo, ungabamema ukuba babuze eyabo imibuzo, bacinge izimpendulo, bazindle, futhi babelane noma baqophe imicabango nemizwa yabo. Ngesikhathi bekwenza lokho, bazoluqinisa ukholo lwabo, bathole amaqiniso ezwini likaNkulunkulu, futhi babe nokuzibonela nokuzizwela bona ngalamaqiniso. Ngesikhathi sizifundela thina ngokwethu, njengoba noJoseph Smith asho, nathi singasho sithi, “Sengiyazazela ngokwami” (Joseph Smith—uMlando 1:20).

Imibuzo Ongazindla ngayo: Kungani kubalulekile ukuba abafundi babambe iqhaza kunokuba babe ngabathulile ekufundeni kwabo na? Ungabasiza kanjani ukuba bazifundele bona ngokwabo na? Ngabe othisha bakusize kanjani ukuba ukwenze lokhu na? Ngabe yiziphi izibonelo ezisemibhalweni engcwele ongazicabanga lapho abantu bamenywa khona ukuba bazifundele bona na? Ngabe lezi zibonelo ziyithinta kanjani indlela ofundisa ngayo na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: 1 Nefi 11; IMfundiso neziVumelwano 9:7–8; 58:26–28; 88:118–125; Joseph Smith—uMlando 1:11–20

UMsindisi Wayekhuthaza Abanye ukuba Bamazi Ngokufunda Izwi Lakhe

Ngesikhathi sekufika isikhathi sokuba uMsindisi ahlele iBandla Lakhe ngokomthetho ezinsukwini zokugcina, wathi ezincekwini Zakhe, “Thembela ezintweni ezibhaliweyo” (IMfundiso neziVumelwano 18:3). Ngempela, iNcwadi kaMormoni, abase bezoqeda ukuyihumusha, yayiqukethe imiyalelo eyayizobasiza kulowomsebenzi, okubalwa kuwo indlela yokubhabhadisa, indlela yokupha isidlo esingcwele, neminye imininingwane ebalulekile. Kodwa uMsindisi wayefuna futhi ukuba izinceku Zakhe zibone izambulo Zakhe njengethuba lokumuzwa nokuthi zifinyelele ekumazini ngokujulileyo. Kulesosambulo esifanayo, Wathi kubo, “Yizwi lami elikhuluma [lamazwi] kini; … ngalokho-ke, ningafakaza ukuthi nilizwile izwi lami, futhi niyawazi amazwi ami” (IMfundiso neziVumelwano 18:35–36).

Cabanga ngabantu obafundisayo. Ngabe bakubuka kanjani ukufunda imibhalo engcwele na? Ngalolodaba, wena ukubuka kanjani lokho na? Ngabe kungaphezulu yini kwesibopho sansuku zonke na? Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, ngabe uyamuzwa yini uMsindisi ekhuluma nawe ngqo? UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi: “Singaya kuphi ukuyoMuzwa na? Singaya emibhalweni engcwele. … Ukuzicwilisa kwansuku zonke ezwini likaNkulunkulu kubalulekile ukuze usinde ngokomoya, ikakhulukazi kulezi zinsuku zokwanda kwezinkinga. Ngesikhathi sizitika ngamazwi kaKristu usuku nosuku, amazwi kaKristu azositshela ukuthi yikuphi esingakwenza ebunzimeni ebesingazi sizobhekana nabo” (“Hear Him,” Liyahona, ngoMeyi 2020, 89). Ngesikhathi ufundisa, bakhuthaze abafundi ukuba bayifunde imibhalo engcwele ngenjongo yokumthola uMsindisi—hhayi nje ukuthola amavesi noma amaqiniso Ngaye kodwa ukuthola Yena. Ukulizwa izwi leNkosi njalo emibhalweni engcwele kuyisisekelo ekuzifundeleni ivangeli ngokukhuthala impilo yonke.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Ake ucabange ngovame ukukwenza uma ufunda imibhalo engcwele. Ngabe ukulifunda izwi likaNkulunkulu kubuqinise kanjani ubudlelwano bakho Naye na? Yikuphi ongakwenza ukuthuthukisa ukufunda kwakho na? Uzobafaka kanjani ugqozi abanye ukuba bavame ukulifunda ngokukhuthala izwi likaNkulunkulu na? Yiziphi izibusiso abazozithola uma benza lokho na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: UJoshuwa 1:8; 2 KuThimothewu 3:15–17; 2 Nefi 32:3; Jakobe 2:8; 4:6; IMfundiso neziVumelwano 33:16

UMsindisi Wayebamema Abanye ukuba Balungiselele Ukufunda

Ngisho imbewu enhle kakhulu ngeke yakhula emhlabathini oqinile, noma ogcwele amatshe nameva. Ngokufanayo, ngisho imfundiso eyigugu nekhulisa ukholo ngeke yayishintsha inhliziyo engakulungele ukuyemukela. Lokho kuyingxenye yomyalezo womfanekiso kaMsindisi omayelana nomhlwanyeli, imbewu, kanye nomhlabathi onezimo ezahlukene. Kuse “mhlabathini omuhle”—lapho inhliziyo ethanjisiwe yasuswa amatshe nameva angokomoya—lapho izwi likaNkulunkulu elingakhipha khona isithelo esinempilo (bheka NgokukaMathewu 13:1–9, 18–23).

Ukuzilungiselela ngokomoya kubalulekile—kuwe nakubantu obafundisayo. Ngakho-ke sisiza kanjani ukulungisa izinhliziyo zethu zibe “umhlabathi omuhle” wezwi likaNkulunkulu na? Cabanga ngalemigomo elandelayo yokulungiselela, ongayisebenzisa empilweni yakho futhi ukhuthaze nalabo obafundisayo bayisebenzise ezimpilweni zabo. Khuleka ukuze uthole ukuthi iNkosi ifuna ufundeni. Phila ngendlela evumela ukuba abe khona empilweni. Phenduka nsuku zonke. Khulisa ukulangazelela kwakho ukufunda ngokubuza imibuzo esuka enhliziyweni. Lifunde izwi likaNkulunkulu ngokholo lokuthi Uzokuholela ezimpendulweni. Vulela inhliziyo yakho kunomayini Azokufundisa yona.

Ngesikhathi abafundi bezilungiselela ukufunda ngalendlela, bazoba namehlo okubona nezindlebe zokuzwa zangokomoya ukuze bezwe lokho iNkosi ethanda bakwazi (bheka NgokukaMathewu 13:16).

Imibuzo Ongazindla ngayo: Ngabe yikuphi okwenzayo ukuzilungiselela ukufunda na? Ngabe ukuzilungiselela kwakho kuyithinta kanjani indlela olibona ngayo, olizwa ngayo, noliqonda ngayo izwi likaNkulunkulu na? Ungabafaka kanjani ugqozi abanye ukuba bazilungiselele ukufunda na? Kungenza mahluko muni lokho kwindlela abawamukela ngayo amaqiniso evangeli na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: Enoshe 1:1–8; Alima 16:16–17; 32:6, 27–43; 3 Nefi 17:3

Isithombe
umntwana efunda imibhalo engcwele ekilasini

Abafundi bayazuza uma kukhona amathuba okwabelana ngalokho abakufundayo.

UMsindisi Wayebakhuthaza Abanye ukuba Babelane Ngamaqiniso Ababewafunda

“Nginamalimi,” kwakhala u-Enoke lapho iNkosi imbizela ukushumayela ivangeli. Kodwa ukuba nekhono lokukhuluma akukaze kudingeke kwinceku yeNkosi. Esikhundleni salokho, iNkosi yathembisa u-Enoke ukuthi uma enokholo olwanele ukuba avule umlomo wakhe, amazwi ayezoza. “Ngiyokunika ozokusho,” kwasho Yona (Mose 6:31–32). U-Enoke walusebenzisa ukholo lwakhe, futhi ngempela iNkosi yakhuluma ngaye, ngamazwi ayenamandla kangangoba enza abantu bathuthumele (bheka Mose 6:47). Eqinisweni, enza umhlaba uqobo ukuba uzamazame. Izintaba zabaleka, imifula yakhishwa endleleni yayo, futhi izizwe zabesaba abantu baNkulunkulu, “lalinamandla kakhulu izwi lika-Enoke, futhi ayemakhulu kakhulu amandla olimi uNkulunkulu ayemnike wona (Mose 7:13).

INkosi isifuna sonke—hhayi abaphrofethi Bayo nje kuphela—sibe namandla okulikhuluma izwi Layo. Ifuna sibe nalokho sonke, kubalwa nabantu obafundisayo (bheka IMfundiso neziVumelwano 1:20–21). Amazwi ethu angesuse izintaba noma ajikise imifula, kodwa angasiza ukushintsha izinhliziyo. Yingakho kubalulekile kakhulu ukunika abafundi amathuba okuba babelane ngalokho abakufundayo ngoMsindisi nangevangeli Lakhe. Ukwenza lokho kuzobasiza bawafake ezinhliziyweni amaqiniso abafundiswa wona futhi bawasho. Kuzobasiza futhi ukuba bathole ukuzethemba ukuthi bakwazi ukwabelana ngamaqiniso kwezinye izindawo.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Cabanga ngesikhathi ukhuluma nothile ngeqiniso levangeli. Ngabe yikuphi owakufunda ngowakubona nowakuzwa na? Kunini lapho wawunokubonga khona ukuthi kukhona owaba nesibindi sokwabelana ngemicabango nangezinkolelo zakhe na? Abantu obafundisayo bangazuza kanjani uma kukhona amathuba okukhuluma ngezinto abazifundayo na? Yimaphi amathuba ongabakhela wona na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: Alima 17:2–3; Moroni 6:4–6; IMfundiso neziVumelwano 84:85; 88:122; 100:5–8

UMsindisi Wayebamema Abanye ukuba Bakuphile Lokho Ayekufundisa

“Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu.” “Thandani izitha zenu.” “Celani, khona nizakuphiwa.” “Ngenani ngesango elincane.” (NgokukaMathewu 5:16, 44; 7:7, 13.) Ezinye zezimemo ezigqamile nezidumile kubo bonke ubufundisi bukaMsindisi basemhlabeni zakhulunywa ngesikhathi efundisa abafundi Bakhe entabeni eyayingaphezulu koLwandle lwaseGalile. Injongo yoMsindisi kwakuwukushintsha izimpilo, njengoba kucaciswa yisimemo asenza esephetha: “Yilowo nalowo owezwa lamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala” (NgokukaMathewu 7:24; kwengezwe ukugcizelela).

Imvula iyana nezikhukhula ziyeza nemimoya iyavunguza ezimpilweni zawo wonke umuntu. Ukufunda ngevangeli akwanele uma kuzomele abafundi bamelane nabo bonke ubunzima abazobhekana nabo. Yingakho-ke kufanele singabi nakho ukungabaza ngokumema abafundi ukuba bacabange ngokuthi bazokuphila kanjani lokho abakufundayo. Ngenxa yokuhlonipha ilungelo labanye lokuzikhethela, izimemo zethu eziningi kufanele zibhekiswe kubo bonke: “Ngabe yikuphi enizwa nihlabeka umxhwele ukuba nikwenze na?” Izikhathi ngezikhathi izimemo zethu kungadingeka zikhombe okuthile ngqo: “Ungakhetha esisodwa isici soMsindisi ongathanda ukusikhulisa na?” Ngesikhathi wakha amathuba okuba abafundi bazizwe, baziqonde, futhi babelane ngezikhuthazo ezivela kuMoya oNgcwele, Uzobafundisa ukuthi yikuphi okudingeka bakwenze umuntu siqu. Basize abafundi ukuba bacabange ngezibusiso ezizolandela ngesikhathi bekusebenzisa abakufundayo, futhi ubakhuthaze ukuba baphikelele ngisho noma sekubanzima. Ukuliphila iqiniso iyonandlela esheshayo yokufinyelela okholweni olukhulu, ubufakazi obukhulu, nokuguquka okukhulu. Njengoba uMsindisi asho, ukuyiphila imfundiso iyonandlela yokuba sonke sazi ngempela ukuthi imfundiso iyiqiniso (bheka NgokukaJohane 7:17).

Imibuzo Ongazindla ngayo: Kunini lapho osuke wanogqozi lokwenza okuthile ngenxa yesimemo esenziwa wumuntu othile na? Ngabe yashintsha kanjani impilo yakho ngokwenza lokho na? Qaphela izimemo ezikhona emibhalweni engcwele nezenziwe ngabaholi beBandla. Yini oyifundayo engakusiza ngesikhathi umema abanye ukuba benze okuthile na? Yiziphi izindlela ongalandelela ngazo ezimemweni ozenzileyo na?

Okuvela emiBhhalweni eNgcwele: NgokukaLuka 10:36–37; NgokukaJohane 7:17; EkaJakobe 1:22; Mosiya 4:9–10; IMfundiso neziVumelwano 43:8–10; 82:10

Ezinye Izindlela Zokusebenzisa Lokho Okufundayo

  • Bacele abanye ukuba beze bekulungele ukwabelana ngokuthile uMoya oNgcwele obafundise kona, njengokuqonda okusithekileyo abakuthole kwindinyana yombhalo ongcwele.

  • Nika abafundi ithuba lokuba bafundise ingxenye yesifundo.

  • Bakhuthaze abafundi ukuba babuyekeze ividiyo, umbhalo ongcwele, noma umyalezo ngaphambi kokuhlangana.

  • Ungawuvumeli umkhuba wokuba uphendule yonke imibuzo. Bandakanya abanye ekufuneni izimpendulo.

  • Ngaphambi kokuba wabelane ngolwazi lwakho oluphathelene nombhalo ongcwele, cela abafundi ukuba babelane ngolwabo.

  • Buza imibuzo ekhuthaza abafundi ukuba bathole izimpendulo ezwini likaNkulunkulu.

  • Mema abafundi ukuba babuze eyabo imibuzo ngalokho abakufundayo.

  • Nikeza isikhathi sokuba abafundi bazindle ngombuzo ngaphambi kokuba ubacele babelane ngezimpendulo.

  • Cabanga ngokubahlukanisa abafundi babe ngamaqembu amancane, uma kungenzeka lokho.

  • Shono ukuthi yikuphi okulindelekile ukusiza abafundi bakhule.

  • Khipha izimemo ezifaka ugqozi kubafundi ukuba bathuthuke kodwa ezingabaqedi amandla. Landelela futhi ubameme abafundi babelane ngabadlula kukho.

  • Basize abafundi bafunde emibhalweni engcwele ngokwenza lokhu:

    • Ukudwebela izindinyana ezinenzuzo uma, kudingeka.

    • Ukumema ukwambulelwa ngokuzindla nangomkhuleko.

    • Ukubhala phansi okufikayo ngokukamoya.

    • Ukugcina incwadi yokubhala izifundo

    • Ukuzibekela izinjongo ukuze bakwenze lokho abakufundayo.

Shicilela