Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Isifinyezo sokuFundisa NjengoKristu


“Isifinyezo sokuFundisa NjengoKristu,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi (2022)

Isifinyezo sokuFundisa NjengoMsindisi

Lamashadi alandelayo anikeza isifinyezo semigomo efundiswayo kulensiza.

Gxila kuJesu Kristu

Fundisa ngoJesu Kristu Noma Ngabe Yini Oyifundisayo

  • Gcizelela isibonelo sikaJesu Kristu.

  • Fundisa ngeziqu, izindima, kanye nezimfanelo zikaJesu Kristu.

  • Bheka Izimpawu Ezifakaza ngoJesu Kristu.

Siza Abafundi ukuba Beze kuJesu Kristu

  • Siza abafundi babone uthando, amandla, nomusa weNkosi, ezimpilweni zabo.

  • Siza abafundi baqinise ubudlelwane babo noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

  • Siza abafundi ukuba baphokophela ukuba njengoJesu Kristu.

Izimiso Zokufundisa NjengoKristu

Bathande Labo Obafundisayo

  • Buka abafundi ngendlela uNkulunkulu ababuka ngayo.

  • Funa ukubazi—ukuqonda izimo, izidingo, kanye namandla abo.

  • Bakhulekele ubabize ngamagama.

  • Enza indawo ephephile lapho bonke behlonishwa futhi bazi ukuthi ukuphawula kwabo kubalulekile.

  • Thola izindlela ezifanele zokukhombisa uthando lwakho.

Fundisa ngoMoya

  • Zilungiselele ngokomoya.

  • Hlala ukulungele ukusabela ngokushesha uma uzwa iziqwashiso zangokomoya mayelana nezidingo zabafundi.

  • Yakha indawo namathuba ukuba abafundi bafundiswe nguMoya oNgcwele.

  • Siza abafundi bafune, babone, futhi benze okuthile ngesambulo somuntu siqu.

  • Yethula ubufakazi njalo, futhi umeme abafundi ukuba babelane ngemizwa, abadlule kukho, kanye nangobufakazi babo.

Fundisa IMfundiso

  • Zifundele imfundiso kaJesu Kristu ngokwakho.

  • Fundisa okuvela emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi bezinsuku zokugcina.

  • Siza abafundi bawafune, bawabone futhi bawaqonde amaqiniso asemibhalweni engcwele.

  • Gxila emaqinisweni aholela ekuguqukeni futhi akhe ukholo kuJesu Kristu.

  • Siza abafundi bathole ukuhlobana komuntu siqu emfundisweni kaJesu Kristu.

Mema Ukufunda Ngenkuthalo

  • Siza abafundi ukuba bazifundele bona ngokwabo.

  • Khuthaza abafundi ukuba bamazi uMsindisi ngokufunda ivangeli nsuku zonke.

  • Mema abafundi ukuba balungiselele ukufunda.

  • Khuthaza abafundi ukuba babelane ngamaqiniso abawafundayo.

  • Mema abafundi ukuba bakuphile lokho abakufundayo.

Isithombe
Ishadi leSifinyezo sokuFundisa NjengoKristu

Shicilela