Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Bathande Labo Obafundisayo


“Bathande Labo Obafundisayo,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Bathande Labo Obafundisayo,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Bathande Labo Obafundisayo

Konke okwenziwa nguJesu Kristu ngesikhathi sobufundisi bakhe kwasemhlabeni kwakugqugquzelwa uthando. Ngesikhathi sizama ukuba abalandeli baKristu beqiniso, singagcwala loluthando olufanayo (bheka NgokukaJohane 13:34–35; Moroni 7:47–48; 8:26). Uma uthando loMsindisi lusezinhliziyweni zethu, sifuna yonke indlela ekhona ukusiza abanye bafunde ngoKristu futhi beze Kuye. Uthando luba imbangela yokufundisa kwethu.

Ukubathanda Labo Obafundisayo

  • Buka abafundi ngendlela uNkulunkulu ababona ngayo.

  • Funa ukubazi—ukuqonda izimo, izidingo kanye namandla abo.

  • Bakhulekele ubabize ngamagama.

  • Enza indawo ephephile lapho bonke behlonishwa futhi bazi ukuthi ukuphawula kwabo kubalulekile.

  • Thola izindlela ezifanele zokukhombisa uthando lwakho.

UMsindisi Wabona Okungenzeka Okungcwele Kubo Bonke Ayebafundisa

Abantu abaningi eJeriko babecabanga ukuthi bazi konke ababedinga ukukwazi ngoZakewu. Wayengumthelisi nomqoqi wentela—umthelisi omkhulu, empeleni—futhi wayecebile. Kusobala, babecabanga, ukuthi kumele engabinaqiniso futhi ekhohlakale. Kepha uJesu wabheka inhliziyo kaZakewu wabona “indodana ka-Abrahama” eqotho (bheka NgokukaLuka 19:1–10). UMsindisi wayebona abantu hhayi ngendlela ababebukeka beyiyo kepha wayebabona ngendlela abayiyo ngempela—ebona ababezoba yikho. Kubadobi bezinhlanzi ababengahluzekile abanjengoSimoni, u-Andreya, uJakobe, noJohane, wabona abaholi bakusasa beBandla Lakhe. Kumshushisi owayesatshwa uSawuli, wabona “isitsha esikhethiweyo,” owayezoshumayela ivangeli Lakhe phambi kwamakhosi nezizwe (bheka Izenzo 9:10–15). Futhi kuwe nakuwo wonke umuntu omfundisayo, uMsindisi ubona indodana noma indodakazi kaNkulunkulu enamathuba angapheli.

Phakathi kwabantu obafundisayo, kuvamisile ukuthi kube nabanye ababonakala benokholo futhi beguqukile nabanye ababonakala bengenayo intshisekelo noma ngisho abavukelayo. Qaphela ukungabacabangeli ngenxa yalokhu okubonayo kuphela. UMoya ongcwele ungakusiza ubone kumuntu ngamunye lokho okubonwa uMsindisi—futhi Akusize uqale ukubathanda ngendlela Abathanda ngayo.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Cabanga ngomuntu ngamunye omfundisayo, futhi uzindle ngendlela uBaba oseZulwini kanye noJesu abazizwa ngayo ngabo umuntu ngamunye. Ngabe Bangabonani kuye na? Ngabe lemicabango ingaba nomthelela kanjani endleleni ofundisa ngayo loyo muntu na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: 1 USamuweli 16:7; Amahubo 8:4–5; KwabaseRoma 8:16–17; IMfundiso neziVumelwano 18:10–14

UMsindisi Uyasazi futhi Uyaziqonda Izimo, Izidingo, kanye naMandla Ethu

Owesifazane ongumSamariya akazanga emthonjeni ukuzozwa umyalezo wevangeli. Weza ukuzokha amanzi. Kepha, uMsindisi wakwazi ukubona ukuthi ukoma kwakhe kwakungaphezulu kokwenyama nje. Wayazi ukuthi wayenomlando onezinkinga nobudlelwano obuntekenteke. Ngakho-ke, uJesu wathatha isidingo senyama ayesibhekile ngaleso sikhathi—amanzi anikeza impilo—wasihlanganisa nezidingo zakhe ezijulile zomoya “zamanzi aphilayo” kanye “nempilo engunaphakade.” Sebephetha ingxoxo yabo, owesifazane wayenobufakazi bakhe bokuthi uJesu wayenguKristu, esinye isizathu sokuba akukholwe lokhu kwakungukuthi Wayemazi kahle. Wathi, “[u]ngitshele konke engikwenzileyo.” “Kungabe nguye uKristu na?” (bheka NgokukaJohane 4:6–29).

Ukuba uthisha ofana noKristu kubandakanye ukwazana nabantu obafundisayo nokuzama ukuqonda okusezinhlizyweni zabo. Unganaka izimpilo zabo futhi ukhombise uzwelo. Ungafuna izindlela zokuqonda imvelaphi, iziphiwo, abakuthandayo, kanye nezidingo zabo. Ungathola ukuthi bafunda kahle ngayiphi indlela. Ungabuza imibuzo, ulalelisise, bese uyanaka. Okubalulekile kunakho konke, ungakhulekela ukuqonda okungalethwa nguMoya kuphela. Uma wazi umuntu kangcono, yilapho okwazi khona ukumsiza kangcono ukuthi athole ukubaluleka okuhambisana naye namandla kwivangeli likaJesu Kristu. Uma usukuqonda ukoma komuntu, uMoya ungakufundisa ukuthi ungakuqeda kanjani ngamanzi aphilayo oMsindisi.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Yikuphi osukwazi ngabantu obafundisayo na? Yini ebalulekile kubo na? Yini abayenza kahle na? Yini abazabalazayo kuyo na? Yikuphi ongakwenza ukuze ubaqonde kangconywana na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: Amahubo 139:1–5; NgokukaMathewu 6:25–32; NgokukaMakhu 10:17–21; NgokukaJohane 10:14; 3 Nefi 17:1–9

UMsindisi Wayebakhulekela Labo Ayebafundisa

Cabanga ukuthi uSimoni Phethro wazizwa enjani ngesikhathi ezwa uMsindisi ethi kuye, “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile, …kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli” (NgokukaLuka 22:31–32). Bekungakuphatha kanjani ukuzwa ukuthi uJesu Kristu ukukhulekele kuBaba? Abantu baseMelika yasendulo babe nesehlakalo esinje, bona basichaza ngalendlela: “Akekho noyedwa ongayicabanga intokozo eyagcwala imiphefumulo yethu ngesikhathi simuzwa [uJesu] esikhulekela kuBaba” (3 Nefi 17:17).

Ungase ucabange futhi ngokuthi kwenzekalani ngaphakathi kwakho uma wena ukhulekela omunye—ngokungaguquki , ngegama. Imikhuleko yakho ithinta kanjani indlela ozizwa ngayo nagaloyo muntu? Ithinta kanjani izenzo zakho? Nangempela uBaba oseZulwini uyayizwa futhi ayiphendule imikhuleko yeqiniso yothisha ofisa ukusiza umfundi. Futhi ezikhathini eziningi, enye indlela aphendula ngayo leyo mikhuleko ukuba athinte inhliziyo kathisha futhi amukhuthaze ukuba enze noma asho into ezokwenza umfundi ezwe uthando lwakhe.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Ngesikhathi ucabanga ngabantu obafundisayo, ukhona ozwa ngathi unesidingo esikhethekile semikhuleko yakho na? Ngabe uzizwa uphefumulelwe ukuba umkhulekele ngani? Yiziphi izibusiso ezingase zize ngesikhathi umema abafundi ukuba bakhulekelane?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: NgokukaJohane 17; Alima 31:24–36; 3 Nefi 18:15–24; 19:19–23, 27–34

UMsindisi Waqinisekisa Ukuthi Bonke Bazizwa Behloniphekile futhi Bebalulekile

Isimo esasivamisile kubaholi benkolo ngesikhathi sikaJesu kwakungukuthi abonile kumele bexwaywe. Ngenxa yalokhu, ngesikhathi laba baholi bebona uJesu ezwana nabonile, bathuka. Umuntu ozihlanganisa nabantu abanje engaba kanjani umfundisi wezomoya?

Kepha, uJesu, wayenendlela ehlukile. Wayefuna ukulapha labo abagula ngokomoya (bheka NgokukaMakhu 2:15–17; NgokukaLuka 4:17–18). Wayevame ukufinyelela njalo kulabo ababehlukile kunalabo ababenabo noma abanomlando onzima, futhi wayezwana nalabo abonile. Wancoma ukholo lwesosha laseRoma (bheka NgokukaMathewu 8:5–13). Wabiza umqoqi wentela owayengathenjwa ukuba abe ngomunye wabafundi Bakhe abathembekile (bheka NgokukaMakhu 2:14). Ngesikhathi owesifazane ebekwa icala lokuphinga, wamenza wazizwa ephephile futhi wamukhuthaza ukuba aguquke futhi aphile impilo engcono (bheka NgokukaJohane 8:1–11).

Kodwa uJesu wenza okungaphezu kwalokho. Wakhuthaza isimo esifanayo sokwamukela nothando kubalandeli Bakhe. Isibonelo Sakhe nangempela sasisezinhlizweni zabaPhostoli Bakhe ngesikhathi isikhathi sifika sokuba bayise ivangeli kubo bonke abantu. Kuvela emazwini kaPhethro: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu” (IZenzo 10:34).

Kungenzeka ukuthi cishe wonke umuntu obizelwe ukuthi umfundise uyazabalaza ngendlela ethile ukuthi azizwe ehloniphekile futhi ebalulekile. Ngendlela obathanda ngayo nangendlela obahlonipha ngayo, ungadlulisa ukuthi abamkelekile kuphela kepha bayadingeka. Ungaxoxisana nalabo abangezi, abazabalazayo, noma ababukeka benganayo intshisekelo, ube nesineke uma umehluko uza kancane. Ungasiza wonke umuntu azizwe ephephile futhi enethezekile ukuthi angakhuluma ngezinkathazo zakhe namanye amakholwa. Futhi ungenza okuningi kunalokho. Ungakhuthaza bonke abafundi ukuba bakusize wakhe indawo lapho imfundiso ifundiswa khona ngomoya wenhlonipho, ukwamukelwa, nothando.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Yini esiza umuntu azizwe ehloniphekile futhi ebalulekile? Yikuphi okukhuthaza umuntu ukuba ahloniphe futhi abone abanye bebalulekile? Ngesikhathi ucabanga ngokukhuleka abantu obafundisayo, yikuphi ogqugquzeleka ukuba ukwenze ukuze bazizwe bamkelekile futhi bedingeka?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: NgokukaJohane 4; 2 Nefi 26:27–28, 33; Alima 1:26; 3 Nefi 18:22–25

Isithombe
ubaba efundisa abantwana

Othisha bangasiza labo ababafundisayo bezwe uthando.

UMsindisi Wayelukhombisa Uthando Lwakhe Kulabo Ayebafundisa

Ekupheleni kosuku oluhle, nolunamandla lokufundisa nokusiza phakathi kwamaNefi, uJesu wabona ukuthi kwase kushaye isikhathi sokuthi ahambe. Wayenabanye abantu ayezobavakashela. “Hambani niye emakhaya enu,” wabatshela, “futhi nilungise izingqondo zenu zilungele ikusasa.” Kepha abantu bavele bahlala “bakhala,” bebheke “kuye ngokugxilile engathi babezomcela ukuthi ahlale nabo isikhashana eside.” Ebona isidingo sabo abangasiphimisanga futhi “[e]gcwele isihawu,” uJesu wahlala kancane (3 Nefi 17:3, 5–6). Wabusisa abagulayo nabahlukumezekile kubo. Waguqa futhi wakhuleka nabo. Wakhala nabo, futhi wajabula nabo.

Cabanga ukufunda ngokukhuleka amazwi nezenzo zikaMsindisi ku-3 Nefi 17. Zindla ngothando alukhombisa ngalabo ayebafundisa. Bheka indlela akhombisa ngayo uthando Lwakhe kwezinye izindawo emibhalweni engcwele. Bese ucabanga ngabantu obafundisayo. Ungabakhombisa kanjani uthando ngendlela efanelekile? Vumela uMoya ukuhole. Uma ukuthola kunzima ukuzwa noma ukukhombisa uthando kulabo obafundisayo, qala ngokufakaza ngothando lukaNkulunkulu. Ngakho-ke, “khulekani kuBaba ngamandla onke enhliziyo, ukuze nigcwaliswe ngaloluthando [olumsulwa lukaKristu], alunika bonke labo abangabalandeli beqiniso beNdodana yakhe, uJesu Kristu” (Moroni 7:48). Futhi khumbula ukuthi inkathazo yakho ngokufundisa isifundo akumele ikuphazamise ekukhombiseni uthando ngamazwi nezenzo. Kuvame ukuthi indlela ophatha ngayo abantu ibaluleke njengalokho obafundisa kona.

Imibuzo Ongazindla ngayo: UMsindisi ukusize kanjani ukuthi wazi ngothando Lwakhe? Umzali noma omunye uthisha ukusize kanjani ukuthi uzwe uthando Lwakhe na? Ngabe abantu obafundisayo bayazi ukuthi uyabathanda na? Bayazi ukuthi uMsindisi uyabathanda na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: NgokukaMakhu 6:31–42; NgokukaJohane 13:3–16, 34–35; 15:12–13; 1 KwabaseKhorinte 13:1–7; 1 KaJohane 4:7–11

Ezinye Izindlela Zokwenza Lokhu Okufundayo

  • Uma ufundisa ikilasi, funda amagama abafundi bese uyawasebenzisa uma ufundisa.

  • Khombisa ukubonga uma abafundi bephendula.

  • Chitha isikhathi nabafundi ngaphambi kokubafundisa uphinde futhi emva kokuba ubafundise.

  • Siza abafundi bakhe indawo enothando nokuhloniphana.

  • Lalela ngokuzimisela ukwenza—uma ufundisa noma ngezinye izikhathi.

  • Siza labo obafundisayo.

  • Zimisele ukushintsha izinhlelo zakho zokufundisa ukuze uchithe isikhathi kwimigomo ebalulekile kulabo obafundisayo.

Shicilela