Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Fundisa IMfundiso


“Fundisa IMfundiso,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Fundisa IMfundiso,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Fundisa IMfundiso

Noma UJesu akhula ngokuhlakanipha nolwazi empilweni Yakhe, Wayengafundanga ngokusemthethweni njengabanye abaholi bezinkolo bezinsuku Zakhe. Kepha uma Efundisa, abantu babebabaza, bethi “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?” Kungani izimfundiso Zakhe zazinamandla kanje na? “Imfundiso yami akusiyo eyami,” kwachaza uMsindisi, “kodwa ngeyongithumileyo” (NgokukaJohane 7:15–16). IMfundiso yiqiniso elingunaphakade—elitholakala emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi bezinsuku zokugcina—elisikhombisa indlela yokuba njengoBaba oseZulwini nendlela yokubuyela Kuye. Noma ngabe unesipiliyoni esingakanani ekubeni uthisha, ungafundisa ngamandla, njengoba uMsindisi enza, ngokufundisa imfundiso kaBaba. Wena kanye nalabo obafundisayo nizozibabaza izibusiso uNkulunkulu azithumelayo ngesikhathi ukufundisa nokufunda kwenu kuma ezweni Lakhe.

Ukufundisa IMfundiso

  • Zifundele imfundiso kaJesu Kristu ngokwakho.

  • Fundisa okuvela emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi bezinsuku zokugcina.

  • Siza abafundi bawafune, bawabone futhi bawaqonde amaqiniso asemibhalweni engcwele.

  • Gxila emaqinisweni aholela ekuguqukeni futhi akhe ukholo kuJesu Kristu.

  • Siza abafundi bathole ukuthi imfundiso kaJesu Kristu iphathelene nabo siqu.

UMsindisi Wayifunda IMfundiso

Kucacile ukuthi uMsindisi wafunda emibhalweni engcwele esamusha ngesikhathi ekhula “ekuhlakanipheni … nasemseni kuNkulunkulu” (NgokukaLuka 2:52). Ukuqonda kwakhe imfundiso kaBaba ngokujula kwacaca ngesikhathi abazali bakhe bemthola ethempelini esaneminyaka emincane, efundisa othisha bamaJuda futhi ephendula imibuzo yabo (bheka UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaLuka 2:46 [NgokukaLuka 2:46, isinezelo c]). Kamumva, ngesikhathi uSathane emethulela isilingo esikhulu, ulwazi lukaJesu lwemfundiso lamsiza ukuba anqabe isilingo (bheka NgokukaLuka 4:3–12).

Nawe ungafuna ukufunda imfundiso eyiqiniso ngokujulile ngaphambi kokuba uyifundise. Ngesikhathi ulungiselela ukufundisa nokufunda nabanye, bhekisisa ukuthi iNkosi itheni ngamaqiniso owafundisayo. Bheka imibhalo engcwele namazwi abaphrofethi abaphilayo ukuthola incazelo nesiluleko. Ukuphila nokusebenzisa amaqiniso owafundayo kuzomema uMoya ukuba ukufundise imfundiso ngendlela ejule kakhulu futhi ufakaze ngobuqiniso bemfundiso ezinhliziyweni zalabo obafundisayo.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Kungani kubalulekile ukuba uziqondele amaqiniso evangeli na? Ukuthole kanjani ukuqonda okujulile kwamaqiniso evangeli? Ngabe yikuphi ozwa unogqozi lokukwenza ukuze uthuthukise ukufunda kwakho imibhalo engcwele namazwi abaphrofethi abaphilayo na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: IZaga 7:1–3; 2 Nefi 4:15–16; IMfundiso neziVumelwano 11:21; 88:118

UMsindisi wayeFundisa okuvela Emibhalweni Engcwele

Emuva kokufa kukaMsindisi, abafundi bakhe ababili babehamba bexoxa benokudumala okuxubene nokuthuka ezinhlizyweni zabo. Babengakuqonda kanjani okwenzekile? UJesu waseNazaretha, indoda ababeyithembile ukuthi inguMhlengi wabo, yayisife izinsuku ezintathu manje. Kwase kwaba khona imibiko ethi ithuna lakhe lalingenalutho, nezingelosi zisho nokusho ukuthi Wayephila! Esikhathini esibalulekile okholweni lwalaba bafundi, kwaqhamuka umfokazi wahambisana nabo. Wabaduduza “[ngokuba]chasisela emibhalweni okuqondene [noMsindisi].” Ekugcineni, abahambi babona ukuthi uthisha wabo kwakunguJesu Kristu uqobo nokuthi nangempela, wayevukile. Bamubona kanjani na? “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu,” bacabanga kamumva, “ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?” (NgokukaLuka 24:27, 32).

IGosa D. Todd Christofferson wafundisa, “Inhloso ebalulekile yombhalo ongcwele wonke ukugcwalisa imiphefumulo yethu ngethemba kuNkulunkulu uBaba nakwiNdodana Yakhe, uJesu Kristu” (“The Blessing of Scripture,” ILiyahona, ngoMeyi 2010, 34). Kubufundisi Bakhe bonke, uJesu wasebenzisa imibhalo engcwele ukufundisa, ukulungisa, nokukhuthaza abanye. Qinisekisa ukuthi ukufundisa kwakho akuqheli emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi abaphilayo. Ngesikhathi uthembela ngokholo ezweni likaNkulunkulu ngokufundisa kwakho, ungenzela abanye lokho okwenziwa uMsindisi. Ungabasiza ukuba bamazi, ngokuba sonke sidinga ukholo lwethu kuMsindisi luqiniswe njalo njalo. Uthando lwakho lwemibhalo engcwele lizobonakala kulabo obafundisayo, futhi ukufundisa kwakho kuzomema uMoya ukuba wenze izinhliziyo zabo zivuthe ngobufakazi bukaYise neNdodana.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Ngabe uke wakuthinta ngayiphi indlela uthisha owayesebenzisa imibhalo engcwele ukukusiza wazi uMsindisi kangcona na? Yini ongayenza ukuze uthembele emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi kakhulu ngesikhathi ufundisa na? Ungabasiza kanjani labo obafundisayo ukuba bazi futhi bathande izwi likaNkulunkulu na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: NgokukaLuka 4:14–21; Alima 31:5; Helamani 3:29–30;3 Nefi 23

UMsindisi Wasiza Abantu Ukuba Bafune, Babone, futhi Baqonde Iqiniso

Ummeli wake wabuza uJesu, “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Ephendula, uMsindisi waholela obuzayo emibhalweni engcwele: “Kulotshweni emthethweni? ufunda kanjani?” Lokhu kwenza indoda iphenduleke hhayi embuzweni wayo kuphela—“Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho … nomakhelwane wakho”—kepha nakumbuzo olandelelayo: “Umakhelwane wami ngubani na?” UMsindisi waphendula lombuzo ngomfanekiso mayelana namadoda amathathu abona isihambi siswele. Oyedwa kulaba abathathu, umSamariya, owayezondwa amaJuda ngenxa yemvelaphi yakhe, wama wasiza. UJesu wase emema ummeli ukuba aziphendulele umbuzo wakhe: “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba ngumakhelwane wakhe na?” (bheka NgokukaLuka 10:25–37).

Ucabanga ukuthi kungani uMsindisi afundisa ngalendlela—ukuphendula imibuzo ngezimemo zokubheka, ukuzindla, nokuthola na? Ingxenye yempendulo ukuthi iNkosi iyawuthanda umzamo wethu ekufuneni iqiniso. “Funani, niyakufumana,” Umeme waphindaphinda (bheka, isibonelo, NgokukaMathewu 7:7; NgokukaLuka 11:9; IMfundiso neziVumelwano 4:7). Uklomela izenzo zokholo nesineke komuntu ofunayo.

NjengoMsindisi, ungasiza labo obafundisayo babone futhi baqonde iqiniso. IMibhalo eNgcwele, njengesibonelo, igcwele amaqiniso evangeli, kodwa ngesinye isikhathi kuthatha imizamo ehambisana nokuzimisela ukuwathola. Ngesikhathi nifunda ndawonye emibhalweni engcwele, yima ubuze labo obafundisayo ukuthi babona maphi amaqiniso evangeli. Basize babone ukuthi lamaqiniso ahambisana kanjani nesu likaBaba oseZulwini lensindiso. Ngezinye izikhathi amaqiniso angunaphakade ayashiwo emibhalweni engcwele, futhi ngezinye izikhathi atholakala ezindabeni nasezimpilweni zabantu esifunda ngabo. Kungasiza futhi ukubheka ndawonye umlando wesizinda samavesi eniwafundayo, kanye nencazelo yawo amavesi nokuthi asithinta kanjani thina namuhla.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Uwabona kanjani amaqiniso aphakade emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi na? Ngabe lamaqiniso ayibusisa kanjani impilo yakho na? Yiziphi izindlela ongasiza ngazo abafundi ukuba babone futhi baqonde amaqiniso azobaluleka kubo futhi abasondeze kuNkulunkulu na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: NgokukaJohane 5:39; 1 Nefi 15:14; IMfundiso neziVumelwano 42:12

Isithombe
abafundi befunda

Singabasiza labo esibafundisayo bathole futhi bazibonele iqiniso.

UMsindisi Wafundisa Amaqiniso Aholela Ekuguqukeni futhi Nakha Ukholo

Ngolunye usuku lweSabatha, uMsindisi nabafundi Bakhe, bazizwa belambile, badlula insimu futhi baqala badla uhlambu. AbaFarisi, behlezi benogqozi lokugcizelela amaphuzu amancane omthetho kaMose, akhomba ukuthi ukuvuna uhlambu kahle-hle kwakuyisimo somsebenzi, esasinqatshelwe ngeSabatha (bheka NgokukaMakhu 2:23–24). Ukusebenzisa umshwana kamphrofethi weNcwadi kaMormoni uJakobe, abaFarisi babe “buka ngale komgomo” (Jakobe 4:14). Ngamanye amazwi, babegxile kakhulu ekutolikweni kwemiyalo baze bangayibona inhloso engcwele yaleyomiyalo—ukusisondeza kuNkulunkulu. Empeleni, abaFarisi ababonanga nokuthi Lo owanikeza umyalo wokuhlonipha iSabatha wayemile phambi kwabo.

UMsindisi wasebenzisa lelithuba ukufakaza ngobuYena obungcwele nokufundisa ukuthi kungani iSabatha libalulekile. Lalidalelwe thina njengosuku lokukhonza iNkosi yeSabatha, uJesu Kristu Yena (bheka NgokukaMakhu 2:27–28). Lamaqiniso asisiza siqonde ukuthi imiyalelo kaNkulunkulu ithinta okungaphezulu kunokuziphatha kwethu kwangaphandle. Imele ukusisiza sishintshe izinhliziyo zethu futhi siguquke ngokuphelele kakhulu.

Cabangisisa ngemfundiso nemigomo okhetha ukugxila kuyo. Nakuba kukhona amaqiniso amaningi emibhalweni engcwele okungaxoxwa ngawo, kuhle kakhulu ukugxila emaqinisweni evangeli aholela kwinguquko futhi nakha ukholo kuJesu Kristu. Amaqiniso alula, ayizisekelo afundiswa futhi akhonjiswa uMsindisi anamandla amakhulu okuguqula izimpilo zethu—amaqiniso amayelana neNhlawulo Yakhe, nesu lensindiso, imiyalelo yokuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane, kanjalo kanjalo. Mema uMoya ukuba ufakaze ngalamaqiniso, uwasize ajule ezinhlizyweni zalabo obafundisayo.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Yimaphi amaqiniso evangeli akusizile ukuba uguquke kakhulu kuJesu Kristu futhi ube nokholo olukhulu Kuye na? Ngabe uthisha ukusize kanjani ukuba ugxile emaqinisweni evangeli abaluleke kakhulu na? Yikuphi ongakufundisa okuzosiza abanye beguqukele kakhulu kuJesu Kristu na?

Okuvela emiBalweni eNgcwele: 2 Nefi 25:26; 3 Nefi 11:34–41; IMfundiso neziVumelwano 19:31–32; 68:25–28; 133:57; Mose 6:57–62

UMsindisi Wasiza Abantu Bathole Okubathintayo kwiMfundiso Yakhe

“Lomuntu wamukela izoni, adle nazo,” kwakhononda abaFarisi ngoJesu—echaza ukuthi kwakungeyona indlela eyamkelekile yokuziphatha uma unguthisha wezomoya (NgokukaLuka 15:2). UJesu wabona ukuthi leli kwakuyithuba lokubafundisa amaqiniso omoya ayebalulekile. Wakwenza kanjani na? Wayezobasiza kanjani abaFarisi babone ukuthi kwakuyizinhliziyo zabo—hhayi eYakhe—ezazingcolile futhi zidinga ukwelashwa na? Wayezoyisebenzisa kanjani imfundiso Yakhe ukubakhombisa ukuthi ukucabanga nokuziphatha kwabo kwakumele kushintshe na?

Wakwenza lokhu ngokukhuluma nabo ngemvu eyalahleka kumhlambi nangohlamvu olwalahleka. Waxoxa ngendodana eyavukela eyafuna uxolo kumfowabo omdala owanqaba ukumamukela noma ukudla naye. Lemifanekiso ngayinye yayiqukethe amaqiniso ayephathelene nendlela abaFarisi babebuka ngayo abanye, ebafundisa ukuthi wonke umphefumulo unokufaneleka okukhulu (bheka NgokukaLuka 15). UMsindisi akazange atshele abaFarisi—noma thina imbala—ukuthi sizifanise nobani kulemifanekiso. Ngezinye izikhathi singubaba onovalo. Ngezinye izikhathi sigumfowethu onomona. Isikhathi esiningi siyimvu elahlekile noma indodana engahlakaniphile. Kepha noma ngabe izimo zethu zinjani, ngemifanekiso Yakhe, uMsindisi usimema ukuba sithole okusithintayo ezimfundisweni Zakhe—sithole afuna sikufunde nesingadinga ukukuguqula endleleni esicabanga ngayo nendlela yokuziphatha.

Kungenzeka ubone ukuthi abanye abafundi ababoni ukuthi kungani amanye amaqiniso ebalulekile kubo. Ngesikhathi ucabanga ngezidingo zalabo obafundisayo, cabanga ngendlela amaqiniso emibhalweni engcwele angabaluleka futhi asebenziseke ngayo ezimweni zabo. Indlela ongasiza ngayo abafundi babone ukuthi abathinta kanjani lamaqiniso abawatholayo ukuthi ubuze imibuzo enjengokuthi “Lokhu kungasiza kanjani entweni obhekene nayo manje na?” “Kubaluleke ngani ukuthi ukwazi lokhu na?” “Lolulwazi lungenza mehluko muni empilweni yakho na?” Balalele labo obafundisayo. Bavumele babuze imibuzo. Bagqugquzele babone ubuhlobo phakathi kwezimfundiso zoMsindisi nezimpilo zabo. Ungabelana futhi ngendlela othole ngayo okukuthintayo empilweni yakho kulokho okufundisayo. Ukwenza lokhu kungamema uMoya ukuba ufundise umfundi ngamunye indlela imfundiso ingenza ngayo umehluko ezimpilweni zabo.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Yini enza amaqiniso evangeli abaluleke futhi asebenziseke kuwe na? Yini ekwenza uthole okukuthintayo ngesikhathi ufunda ivangeli na? Yini oyenzayo ukugxila emaqinisweni athinta labo obafundisayo na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: 1 Nefi 19:23; 2 Nefi 32:3; IMfundiso neziVumelwano 43:7–9

Ezinye Izindlela Zokusebenzisa Lokho Okufundayo

  • Hlola okufundisayo ukuqinisekisa ukuthi ufundisa imfundiso eyiqiniso. Lemibuzo ingasiza:

    • Lokhu engihlele ukukufundisa kususelwe emibhalweni engcwele nasemazwini abaphrofethi bezinsuku zokugcina na?

    • Ngabe abaphrofethi abaningi bakufundisile lokhu na? Abaholi beBandla bamanje bafundisa ngani na?

    • Lokhu kuzobasiza kanjani abanye ukuba bakhe ukholo kuJesu Kristu, baguquke, futhi bathuthuke endleleni yesivumelwano?

    • Ngabe lokhu kuyahambisana neziqwashiso zoMoya oNgcwele, noma ngizizwa ngingakhululekile emoyeni ngakho na?

  • Funda izwi likaNkulunkulu nsuku zonke ukuze uzifundela imfundiso eyiqiniso.

  • Cela abafundi bafunde imibhalo engcwele namazwi abaphrofethi bamanje ngesikhathi ufundisa.

  • Fundisa abafundi ukusebenzisa izinezelo, IziHloko zemiBhalo eNgcwele, nezinye izinsiza ngesikhathi befunda imibhalo engcwele.

  • Mema abafundi ukuba bathole amaqiniso embhalweni engcwele noma endatsheni.

  • Thula ubufakazi ngokuthi waze kanjani ukuthi imfundiso iyiqiniso.

  • Sebenzisa izindaba noma izingathekiso ukusiza abafundi bathole ukuqonda okujulile ngamaqiniso evangeli.

Shicilela