Ubizo lweziNhlelo zokuFundisa iVangeli
Fundisa ngokoMoya


“Fundisa ngokoMoya,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi: Incwadi Yabo Bonke abaFundisa eKhaya naseBandleni (2022)

“Fundisa ngokoMoya,” Ukufundisa ngeNdlela yoMsindisi

Fundisa ngokoMoya

Ngesikhathi uMsindisi eyala uJoseph Smith noSidney Rigdon ukuba bashumayele ivangeli Lakhe, Wabethembisa wathi, “uMoya oNgcwele uyothunyelwa kini ukufakaza ngazo zonke izinto noma yini eniyoyisho” (IMfundiso neziVumelwano 100:8; bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 42:15–17; 50:17–22). Lesisithembiso siqondene nabo bonke labo abafundisa ivangeli, kubalwa nawe. Ngesikhathi ulifundisa ivangeli likaJesu Kristu, ungaba noMoya oNgcwele ukuba ukuhole futhi ufakaze ngeqiniso emiqondweni nasezinhliziyweni zalabo obafundisayo (bheka IMfundiso neziVumelwano 8:2). Awuwedwa ngesikhathi ufundisa, ngokuba “kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele” (NgokukaMakhu 13:11).

UMoya oNgcwele nguye onguthishela wangempela. Akekho uthishela wasemhlabeni, akukhathaliseki ukuthi unekhono noma unolwazi olungakanani, ongathatha indawo Yakhe ukufakaza ngeqiniso, ukufakaza ngoKristu, nokuguqula izinhliziyo. Kodwa bonke othishela bangaba ngabasetshenziswa nguNkulunkulu ukusiza abantwana baNkulunkulu bafunde ngokoMoya oNgcwele.

Ukufundisa ngokoMoya

  • Zilungiselele ngokomoya.

  • Hlala ukulungele ukusabela ngokushesha uma uzwa iziqwashiso zangokomoya mayelana nezidingo zabafundi.

  • Yakha indawo namathuba ukuba abafundi bafundiswe nguMoya oNgcwele.

  • Siza abafundi bafune, babone futhi benze okuthile ngesambulo somuntu siqu.

  • Yethula ubufakazi njalo, futhi umeme abafundi ukuba babelane ngemizwa, abadlule kukho, kanye nangobufakazi babo.

UMsindisi Wayezilungiselela NgokoMoya ukuze Afundise

Ukuze alungiselele ubufundisi Bakhe, uJesu wachitha isikhathi ehlane izinsuku ezingama-40 ukuze “abe noNkulunkulu” (Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, NgokukaMathewu 4:1 [kuNgokukaMathewu 4:1, isinezelo b]). Kodwa-ke ukuzilungiselela Kwakhe ngokomoya kwakuqale kude ngaphambilini. Ngesikhathi uSathane emlinga, Wakwazi ukusebenzisa “amazwi okuphila” Ayewagcinele “lelo hora” lapho Ayeyowadinga khona (IMfundiso neziVumelwano 84:85). Cabanga ngeyakho imizamo yokuzilungiselela ngokomoya ukuba ufundise. Ngabe yikuphi okufundayo kuNgokukaMathewu 4:1–11 mayelana nokuthi ungasilandela kanjani isibonelo soMsindisi uma uzilungiselela ngokomoya?

UMoya nguye onguthishela wangempela futhi nongumthombo wokuguquka. Ukufundisa ivangeli okunamandla akudingi ukulungiselela isifundo kuphela kodwa kudinga ukuzilungiselela wena ngokomoya ngaphambi kokuba uqale ukufundisa. Uma uzilungiselele ngokomoya, uzokwazi kangcono ukuzwa futhi ulandele ukuholwa nguMoya ngesikhathi ufundisa. Indlela yokumema uMoya oNgcwele ukuba abe khona ngesikhathi ufundisa ukuba uwumeme empilweni yakho. Kulokhu kubalwa ukulandela isibonelo soMsindisi ngokukhuthala futhi nokuliphila ivangeli Lakhe ngayo yonke inhliziyo yakho. Futhi ngenxa yokuthi akekho kithina ongakwenza lokho ngokungenaphutha, kusho futhi nokuphenduka nsuku zonke.

Imibuzo Ongadlinza ngayo: Ngabe kusho ukuthini kuwe ukuzilungiselela ngokomoya ukuze ufundise? Ngabe yikuphi ozwa ugqugquzeleka ukukwenza ukuze uthuthukise indlela ozilungiselela ngayo ngokomoya? Ngabe ucabanga ukuthi ukuzilungiselela ngokomoya kungawenza kanjani umehluko ekufundiseni kwakho?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: U-Ezra 7:10; NgokukaLuka 6:12; Alima 17:2–3, 9; IMfundiso neziVumelwano 11:21; 42:13–14

UMsindisi Wayehlezi Ekulungele Ukusabela Kwizidingo Zabanye

UJayiru, umphathi wesinagoge, wayewele ezinyaweni zikaJesu, emcela ukuba asize indodakazi yakhe eyayishona. UJesu nabafundi Bakhe babehamba bephuthuma endleleni yabo eyayigcwele izixuku zabantu beya endlini kaJayiru ngesikhathi uJesu ema ngokuphazima kweso. “Ngubani ongithintileyo na?” Kwabuza Yena. Kwaba wumbuzo omangalisayo lona—ehamba lapho kwakugcwele khona abantu abaningi, ngubani owayenga-mthinti? Kodwa uMsindisi wabona ukuthi kulezozixuku, kukhona owayeze Kuye enesidingo esithile futhi enokholo lokuthola ukwelashwa okwakuvela Kuye. Sasisazoba khona isikhathi sokuvakashela indodakazi kaJayiru. Kodwa kuqala wathi kowesifazane owayethinte izingubo Zakhe, “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile, hamba, ngokuthula” (bheka NgokukaLuka 8:41–48).

Njengothishela, kwesinye isikhathi ungazithola uphuthuma ukufundisa okuthile okulungiselele ukukufundisa. Nakuba lokho kubalulekile, yiba nesiqiniseko sokuthi ekuphuthumeni kwakho awusidluli ngephutha isidingo esisheshayo somuntu omfundisayo. Ngaphezu kokuholwa nguMoya okufune ngesikhathi ulungiselela ukufundisa, funa futhi ukuholwa nguMoya ngesikhathi ufundisa. Zama ukwazi izidingo, imibuzo, kanye nezintshisekelo zabafundi. UMoya oNgcwele ungakusiza ukuba ubone ukuthi umfundi ukwamukela kanjani noma ukuzwa kanjani lokho okufindisile. Angakuqwashisa, kwezinye izikhathi, ukuba uzishintshe izinhlelo zakho. Isibonelo, ungabanomuzwa wokuba uchithe esiningi isikhathi esihlokweni esithile kunalokho obukuhlosile noma uyishiye ingxoxo ethile ukuba ixoxwe kamuva ukuze ugxile odabeni olubalulekile kubafundi okwamanje.

Imibuzo Ongadlinza ngayo: Ngabe kunini lapho owake wezwa khona ukuthi umzali noma omunye uthishela wayazi ngezidingo zakho njengomfundi na? Ngabe labo obafundisayo bayazi yini ukuthi unentshisekelo ngokufunda kwabo kunokuqeda isifundo na? Ungabazisa kanjani ngezintshisekelo zakho na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: 1 KaPhethro 3:15; Alima 32:1–9; 40:1; 41:1; 42:1

UMsindisi Wayenza Amathuba okuba Abantu Bafundiswe nguMoya oNgcwele

Kwakunzima kwabaningi ngesikhathi sikaJesu ukuba baqonde ukuthi wayengubani ngempela, kodwa yayiminingi imibono. “Abanye basho uJohane uMbhabhadisi,” kwasho abafundi Bakhe, “abanye basho uEliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaphrofethi.” Kodwa-ke uJesu wabe esebuza umbuzo owawumema abafundi Bakhe ukuba babuyisele eceleni imibono yabanye babheke phakathi ezinhliziyweni zabo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” Wayefuna ukuba impendulo bangayitholi kuyo “inyama negazi” kodwa bayithole ngqo “kuBaba osezulwini.” Kwakuyiloluhlobo lobufakazi—isambulo somuntu siqu esivela kuMoya oNgcwele—esavumela uPhethro ukuba asho ukuthi, “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo” (bheka NgokukaMathewu 16:13–17).

Ukuze baphile ngokomoya ezinsukwini zokugcina, abantu obafundisayo bazodinga ubufakazi beqiniso bangokomoya. Ngeke wakwazi ukubanika lokho, kodwa ungabamema, ubakhuthaze, ubafake ugqozi, futhi ubafundise ukuba bakufune. Ungabacacisela—ngamazwi nangezenzo zakho—ukuthi ubaluleke kangakanani uMoya oNgcwele uma kufundwa ivangeli. Cabanga, njengesibonelo, indawo yokufunda oyakhayo nokhuthaza ukuba ibe khona. Into ewubala njengokuhlela izihlalo lapho kufundelwa khona noma indlela obabingelela uphinde futhi uxoxisane nabafundi ngayo kwenza kube khona isimo somoya abafundi abazofunda ngaphansi kwaso. Ungabamema futhi abafundi ukuba bazilungiselele ngokomoya ukuzofunda, njengoba nawe uzilungiselela ngokomoya ukufundisa. Bacele ukuba bakwenze kube wumsebenzi wabo ukwazi ukuthi baletha umoya onjani lapho kufundwa khona. Wena-ke ungabenzela amathuba okuba bawuzwe uMoya ufakaza ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe. Lobo bufakazi buzoba “yidwala” kubo, “amasango eHayidese awayiku[ba]hlula” (NgokukaMathewu 16:18).

Imibuzo Ongadlinza ngayo: Ngabe yikuphi osuke wakubona ukuthi kwenza kube khona indawo yangokomoya yokufunda ivangeli na? Ngabe yikuphi okuphazamisayo kulokho na? Ngabe yikuphi okusiza abantu obafundisayo bafunde kuMoya na? Cabanga ngendawo ovamise ukufundisela kuyo. Ngabe uzizwa kanjani njalo uma ulapho na? Ungamema kanjani ngempumelelo uMoya ukuba ube khona lapho na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: NgokukaLuka 24:31–32; NgokukaJohane 14:26; 16:13–15; Moroni 10:4–5; IMfundiso neziVumelwano 42:16–17; 50:13–24

Isithombe
izithunywa zevangeli zifundisa umndeni

Ngesikhathi sifundisa, singabamema abafundi ukuba bazifunele ubufakazi babo beqiniso bangokomoya.

UMsindisi Wayebasiza Abanye ukuba Bafune, Babone futhi Benze okuthile ngeSambulo Somuntu Siqu

INkosi ifuna ukuxhumana nathi—futhi ifuna sazi ukuthi iyaxhumana nathi. Ngonyaka ka-1829, uthishela wesikole owayeneminyaka engama-22 ubudala ogama lakhe lalingu-Oliver Cowdery wayefunda ngemfundiso egqamile, enesasasa yokuthi noma ngubani angathola isambulo somuntu siqu. Kodwa wayenemibuzo efana naleyo esike yabuzwa yiningi lethu: “Ngabe iNkosi ngempela izama ukukhuluma nami na? Futhi ngingazi kanjani ukuthi Ithini na?” Ukuphendula lemibuzo, uJesu Kristu wamema u-Oliver ukuba acabange emuva ngesikhathi eyedwa ezifuna ngokomoya. “Angikunikanga yini ukuthula engqondweni yakho na?” Kwabuza Yena (bheka IMfundiso neziVumelwano 6:21–24). Kamuva, Wafundisa u-Oliver ngezinye izindlela uMoya owawungakhuluma ngazo naye (bheka IMfundiso neziVumelwano 8:2–3; 9:7–9; bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 11:12–14).

Ngenxa yokuthi siphila emhlabeni imvamisa ongazazi izinto zangokomoya, sonke sidinga usizo ukuze sikwazi ukuliqonda izwi likaMoya. Kungenzeka ukuthi sesike sawuzwa uMoya singazi. Futhi sonke singafunda kabanzi ngokuthi singawufuna kanjani uMoya, siliqonde ithonya Lakhe, futhi senze okuthile ngalokho asiqwashisa ukuba sikwenze. Ngesikhathi ufundisa, siza abafundi ukuba bathole izindlela uMoya ongaxhumana nabo ngazo—nokuthi usuke waxhumana kanjani nabo. Esinye sezipho ezinkulu ongasipha njengothishela wukusiza labo obafundisayo ukuba bathuthuke kulendlela yempilo yonke yokuthola isambulo somuntu siqu.

Imibuzo Ongadlinza ngayo: Kungani kubalulekile ukufunda ukuthola isambulo somuntu siqu na? Ngabe ukhona owake wakusiza waqonda ukuthi ungasifuna futhi usiqonde kanjani isambulo na? Ungabakhuthaza kanjani labo obafundisayo ukuba bafune, baqonde, futhi benze okuthile ngenxa yesambulo esivela kuMoya oNgcwele na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: KwabaseGalathiya 5:22–23; Alima 5:45–47; IMfundiso neziVumelwano 42:61; 121:33; Joseph Smith—Umlando 1:8–20

UMsindisi Wayefakaza Kulabo Ayebafundisa

Ngesikhathi somzuzu wokufundisa onemizwa ejulile nenothando, uJesu wafuna ukududuza umngani Wakhe uMartha, owayeshonelwe ngumfowabo. Wabelana naye ngobufakazi obusobala beqiniso laphakade: “Umfowenu uzakuvuka” (NgokukaJohane 11:23). Ubufakazi Bakhe bakhuthaza uMartha ukuba naye abelane ngobakhe ubufakazi: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngomhla wokuphela” (NgokukaJohane 11:24). Qaphela ukuthi lesisifanekiso siphinda kanjani kuNgokukaJohane 11:25–27. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngesibonelo soMsindisi na? Kungani ukwabelana ngobufakazi bamaqiniso evangeli kuyingxenye ebalulekile yokufundisa na?

Ubufakazi bakho bungaba nethonya elinamandla kulabo obafundisayo. Abudingi ukuba ube nekhono lokukhuluma noma ukhulume isikhathi eside. Abudingi ukuba uqale ngokuthi “ngifisa ukufakaza.” Kalula yabelana ngalokho okwaziyo ngamandla kaMoya oNgcwele. Ubufakazi beqiniso bunamandla amakhulu uma buqondile futhi busuka enhliziyweni. Fakaza ngoMsindisi njalo, ngevangeli Lakhe, nangamandla Akhe empilweni yakho, futhi ubakhuthaze labo obafundisayo ukuthi nabo benzenjalo. Futhi ukhumbule ukuthi kwesinye isikhathi ufakazi onamandla kakhulu akusiwo kathisha kodwa yilowo womunye wabafundi.

Imibuzo Ongazindla ngayo: Bheka lezo zibonelo emibhalweni engcwele ezikhombisa ithonya elinamandla lalowo ofakazayo. Ngabe yikuphi okufundayo kulezozibonelo na? Ngabe kunini lapho wake wabusiseka khona ngenxa yobufakazi bomunye na? Ngabe ukwabelana ngobufakazi bakho kube nethonya kanjani kulabo obafundisayo na? Ngabe kube nethonya elinjani kuwe na?

Okuvela emiBhalweni eNgcwele: IZenzo 2:32–38; Mosiya 5:1–3; Alima 5:45–48; 18:24–42; 22:12–18; IMfundiso neziVumelwano 46:13–14; 62:3

Ezinye Izindlela Zokusebenzisa Lokho Okufundayo

  • Cela abafundi ukuba babelane ngokuthi ngabe uMoya oNgcwele ubafundiseni ngesikhathi belifunda izwi likaNkulunkulu.

  • Zilungiselele ngaphambili ukuba uthole iziqwashiso zangokomoya ngesikhathi ufundisa.

  • Bhala phansi imicabango yangokomoya oyithola ngesikhathi uzilungiselela.

  • Nikeza amathuba ngezikhathi ezithile ukuze amalungu ekilasi azindle ngokuthula ngalokho uMoya obafundisa kona.

  • Sebenzisa umculo nezithombe ukumema ithonya likaMoya.

  • Lalela oqwashiswa ngakho ngesikhathi wenza izinhlelo futhi ufundisa, futhi uvume ukushintsha izinhlelo zakho.

  • Nikeza amathuba okuba bonke abafundi bafakaze ngalokho abakufundayo.

  • Siza abanye ukuba bakuqonde uma uMoya ukhona.

  • Waphile amaqiniso owafundisayo ukuze ukwazi ukufakaza ngawo.

  • Landela iziqwashiso ukuba ufundise ngezikhathi ezizivelelayo, ezingahleliwe.

Shicilela