Wozani, Ngilandeleni 2024
NgoSepthemba 29–Okthoba 5: “Yindlu Yakho, Indawo YobuNgcwele Bakho”: IMfundiso neziVumelwano 109–110


“NgoSepthemba 29–Okthoba 5: ‘Yindlu Yakho, Indawo YobuNgcwele Bakho’: IMfundiso neziVumelwano 109–110,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 109–110,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

ukunikezelwa kwethempeli laseKirtland

UkuKhanya Okukhazimulayo—IThempeli laseKirtland, nguGlen S. Hopkinson

NgoSepthemba 29–Okthoba 5: “Yindlu Yakho, Indawo Yobungcwele Bakho”

IMfundiso neziVumelwano 109–110

Iminyango yaseThempelini laseKirtland kwakungamele ivulwe kuze kube yihora lesishiyangagalombili ekuseni ngoMashi 27, 1836. Kepha abaNgcwele ababefisa ukuhlanganyela emhlanganweni wokulinikela eNkosini baqala ukuma ulayini ekuseni ngehora lesikhombisa. Indawo echichimayo kanye nengxenye yomhlangano yesibili yayidingeka ukuze kuhlaliswe wonke umuntu. Futhi akubona kuphela abaphilayo ababelangazelela ukuba khona. Ofakazi abaningi babona izingelosi phakathi ethempelini kanye nasophahleni, ngesikhathi nasemuva kokunikelwa kwethempeli eNkosini. Nangempela kwabukeka engathi “amabutho asezulwini” ayezile “ukuzocula futhi amemeze” nabaNgcwele bezinsuku zokGcina (“The Spirit of God,” Hymns, no. 2).

Kungani kujatshulwa—emacaleni womabili esihenqo na? Emva kweminyaka engaphezulu kwamakhulu, kwakukhona indlu yeNkosi futhi emhlabeni. INkosi yayifeza isithembiso Sayo sokupha abangcwele Bayo “amandla asuka phezulu” (IMfundiso neziVumelwano 38:32). Futhi lokhu, Washo, “[kwaku]yisiqalo sezibusiso” (IMfundiso neziVumelwano 110:10). Isikhathi esiphila kuso manje—nomsebenzi osheshiswayo wasethempelini kanye nezimiso ezitholwa abaningi abaphilayo nabafile—kwaqala eKirtland, ngesikhathi “isihenqo esimboze umhlaba siqala ukuqhuma” (“The Spirit of God”).

Bheka futhi ku Saints, 1:232-41; “A House for Our God,” ku Revelations in Context, 169–72.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 109

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INkosi nginika izibusiso ezicebile ngezivumelwano zasethempelini.

IThempeli laseKirtland lalehlukile kunamathempeli esiwaziyo namuhla. Isibonelo, ayengekho ama-altare nenkundla yokubhabhadisa. Kepha izibusiso ezichaziwe kwisigaba 109, umthandazo wokunikela iThempeli laseKirtland, ziyatholakala endlini yeNkosi namuhla. Buyekeza amavesi alandelayo ukuze uthole ezinye zalezi zibusiso, futhi uzindle ukuthi zingasiza kanjani ukuqinisa ubudlelwane bakho noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu.

Amavesi 5, 12–13 (bheka futhi kwiMfundiso neziVumelwano 110:6–8): Endlini yeNkosi, Angaziveza kimi, futhi ngingawezwa amandla Akhe.

Amavesi 9, 15–19, 26, 78–79:

Amavesi 21–23:

Amavesi 24–33, 42–46:

Amavesi 35–39:

Ezinye izibusiso:

Uma uke waya endlini yeNkosi, cabanga ngokuthi lezi zithembiso zigcwaliseke kanjani empilweni yakho.

Ihubo elithi “The Spirit of God” (Hymns,no. 2) labhalelwa ukunikelwa kweThempeli laseKirtland—futhi seliculwe kuyo yonke imihlangano yokunikela ithempeli. Cabangela ukulicula noma ukulilalela njengengxenye yokufunda nokukhonza kwakho. ­Yiziphi izibusiso zethempeli ozithola zichazwe kulesi sihlabelelo?

IMfundiso neziVumelwano 109

Umkhuleko uwukuxhumana noBaba oseZulwini.

Isigaba 109 singumkhuleko wokunikela owathulwa kumPhrofethi uJoseph Smith ngesambulo (bheka isihloko sesigaba). Yikuphi okufundayo ngomkhuleko kulesisigaba? Isibonelo, ungabhala ukuthi uMphrofethi wabonga ngani nokuthi yiziphi izibusiso ayezicelile. Yini enye ayisho kulomkhuleko? Njengoba ufunda, ungahlola ukuxhumana kwakho noBaba oseZulwini. Ufundani Ngaye neNdodana Yakhe kulomkhuleko?

Uma ungathanda ukufunda imithandazo yokunikela amanye amathempeli, kuhlanganise nethempeli eliseduze nawe, vakashela ikhasi lethempeli ku temples.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 110:1-10

INkosi ingaziveza kimi endlini Yayo.

Ngesikhathi ufunda izincazelo zoMsindisi kwiMfundiso neziVumelwano 110:1–10, kuhlanganisa nesihloko sesigaba, zindla ngokuthi lamavesi aphakamisani Ngaye.

UJesu Kristu uzibonakalisa kanjani—noma uzenza abonakale kanjani kuwe—endlini Yakhe? Ukusiza kanjani wazi ukuthi uyayamukela imihlatshelo yakho?

phakathi eThempelini laseKirtland

phakathi eThempelini laseKirtland

IMfundiso neziVumelwano 110:10–16

UMsindisi uhola umsebenzi Wakhe ngezikhiye zobuphristi.

Cishe nje ngaphambilini kokuba uMose, u-Eliyasi, kanye no-Eliya bevela ethempelini ukuzobuyisela izikhiye zobuphristi, uJesu Kristu wathi, “Lesi yisiqalo sesibusiso esiyothululwa phezu kwamakhanda abantu bami” (IMfundiso neziVumelwano 110:10). Ngesikhathi ufunda amavesi 11–16, cabanga ngezibusiso uMsindisi azithululela phezu kwakho ngomsebenzi oholwa yilezi zikhiye. Isibonelo:

  • Ivesi 11: UMose nezikhiye zokuqoqwa kuka-Israyeli (noma umsebenzi wokufundisa ivangeli). INkosi ikubusise kanjani wena kanye nomndeni wakho ngemizamo yobufundisi beBandla Lakhe?

  • Ivesi 12: U-Eliyasi kanye nezikhiye zevangeli lika-Abrahama, kuhlanganisa isivumelwano sika-Abrahama. INkosi ingakubusisa kanjani kanye “nezizukulwane emva [kwakho]” ngenxa yezivumelwano zakho? (Bheka kuRussell M. Nelson, “The Everlasting Covenant,” Liahona, Okt. 2022, 4–11; IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Eliyasi,” Umtapo woLwazi weVangeli.)

  • Amavesi 13–16: U-Eliya kanye namandla okubopha, abonakaliswa ngethempeli kanye nasemsebenzini womlando womndeni. Ucabanga ukuthi kungani uBaba oseZulwini efuna ukuthi uhlanganyele nokhokho bakho ngezimiso zasethempelini? (Bheka kuGerrit W. Gong, “Happy and Forever,” Liahona, Nov. 2022, 83–86.)

Yikuphi ukuxhumana okubonayo phakathi kwalezi zikhiye kanye nezibopho zethu emsebenzini kaNkulunkulu wensindiso nokuphakanyiswa (ukuphila ivangeli, ukunakekela abantu abaswele, ukumema bonke ukuba bamukele ivangeli, nokuhlanganisa imindeni ingunaphakade)?

Yiziphi izinto oye wabhekana nazo ngomsebenzi wensindiso nokuphakanyiswa kukaNkulunkulu? Lezi zehlakalo zikufundisani ngoMsindisi, iBandla Lakhe, kanye nomsebenzi Wakhe?

Thola izindlela zokubandakanya nabanye. Uma ufundisa ngeMfundiso neziVumelwano 110:11–16, ungase ucabange ukwabela umfundi ngamunye ukuba afunde ngoMose, u-Eliyasi, noma u-Eliya nezikhiye azibuyisela. Ngemva kwalokho abafundi bangabelana bodwa ngalokho abakutholile. Indlela efana nalena ibandakanya wonke umuntu ekufundeni nasekufundiseni. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way,, 24–27).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga ILiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesesigaba sabantwana 03

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 109:12–13; 110:1–7

Ithempeli liyindlu yeNkosi.

  • Wena kanye nabantwana bakho ningaxoxa ngento eniyithandayo ngekhaya lenu. Bese ningabheka isithombe seThempeli laseKirtland futhi nisebenzise IMfundiso neziVumelwano 109:12–13; 110:1–7 ukukhuluma ngokuthi lelo thempeli lanikelwa kanjani futhi laba yindlu yeNkosi (bheka futhi “Chapter 39: The Kirtland Temple Is Dedicated,” in Doctrine and Covenants Stories, 154). Yabelanani omunye nomunye ngento oyithandayo ngendlu yeNkosi.

    2:17

    Chapter 39: The Kirtland Temple Is Dedicated: January–March 1836

  • Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningacabanga ukuthi umngane wakho uzama ukuthola indlu yakini. Singamsiza kanjani umngane wethu azi ukuthi iyiphi indlu yethu? Sazi kanjani ukuthi ithempeli yindlu yeNkosi? (bheka IMfundiso neziVumelwano 109:12–13).

isifanekiso sikaKristu eduze kweThempeli laseRoma e-Italy

IMfundiso neziVumelwano 110

UMsindisi ubusisa ubantu Bakhe ngezikhiye zobuphristi.

  • - Ungase usebenzise futhi isithombe esisekugcineni kwalolu hlaka.

    1:17

    The Kirtland Temple

  • Ukufunda ngokubaluleka kwalokho okwenzeka eThempelini laseKirtland, wena kanye nabantwana bakho ningakhuluma ngokuthi izikhiye zenzani. Mhlawumbe abantwana bakho bangashintshana ngokubamba izikhiye futhi benze engathi bavula umnyango ohluthulelwe. Basize bathole igama elithi izikhiye kwiMfundiso neziVumelwano 110:11–16, bese nikhuluma ngezibusiso lezi zikhiye ezizivulayo. Ungachaza ukuthi izikhiye zobuphristi ziyimvume kaNkulunkulu yokuhola iBandla Lakhe. Yabelana ngokubonga kwakho ukuthi iNkosi isinikeze izikhiye zobuphristi.

IMfundiso neziVumelwano 110:15

UMsindisi ufuna ngiphendule inhliziyo yami kokhokho bami.

  • Emva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 110:15 ndawonye, tshela abantwana bakho ngesehlakalo esakusiza uphendule inhliziyo yakho kokhokho bakho. -

  • Yikuphi okungasiza “kuphenduke izinhliziyo” zabantwana bakho kokhokho babo? Ungathola amasu amnandi ku FamilySearch.org/discovery Ningasebenzisana ndawonye ukuthola okhokho abadinga izimiso zasethempelini. Kungani uJesu efuna senze umsebenzi Wakhe?

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani) .

uMose, u-Eliyasi, no-Eliya bevela eThempelini laseKirtland

Umbono eThempelini laseKirtland, nguGary E. Smith

ikhasi lomsebenzi labantwana