“Ngo-Okthoba 13–19: ‘Umnikelo Wakhe Uyobangcwele Kakhulu Kimi Kunenzuzo Yakhe’: IMfundiso neziVumelwano 115–120,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 115–120,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni:i: 2025
Ngo-Okthoba 13–19: “Umnikelo Wakhe Uyobangcwele Kakhulu Kimi Kunenzuzo Yakhe”
IMfundiso neziVumelwano 115–120
Kwakunesizathu sokuthi abaNgcwele babe nethemba ngendawo yabo entsha yokuhlangana, iFar West, eMissouri. Idolobha lalikhula ngokushesha, izwe lalibonakala lichichima, futhi eduze kwalapho kwakukhona i-Adam-ondi-Ahman, indawo ebaluleke kakhulu ngokomoya esikhathini esidlule nasesikhathini esizayo (bona IMfundiso neziVumelwano 107:53–56; 116). Noma kunjalo, kufanele ukuthi kwakunzima ukuba abaNgcwele bangacabangi ngalokho okwakubalahlekele. Ngaphandle kokuxoshwa e-Independence, indawo emaphakathi yeSiyoni, abaNgcwele kwadingeka babaleke eKirtland, beshiya ithempeli labo abalithandayo ngemva kweminyaka emibili kuphela. Ngalesisikhathi kwakungezona izitha zangaphandle kweBandla nje kuphela ezazibanga izinkathazo—amalungu amaningi agqamileyo ayesemujikele uJoseph Smith, kubalwa amalungu amane oMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi amaBili.
Esikhundleni sokugxila kulokho okubalahlekele, abathembekile bamane baqhubeka nokwakha iSiyoni, kulokhu eFar West. Benza nezinhlelo zethempeli elisha. Kwabizwa abaPhostoli abane abasha. Abangcwele bafunda ukuthi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu akusho ukuthi awusoze uwe; kusho ukuthi “uyavuka futhi.” Nakuba uyodela izinto ezithize, leyo minikelo iyobangcwele kuNkulunkulu, ngisho “iyokubangcwele kakhulu … kunenzuzo [yakho]” (IMfundiso neziVumelwano 117:13).
Bheka Saints, 1:296–99.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 115:3–6
Igama leBandla libalulekile eNkosini.
UMongameli uRussell M. Nelson wathi igama leBandla “wudaba olubaluleke kakhulu” (“The Correct Name of the Church,” ILiyahona, ngoNovemba 2018, 87). Cabanga ngokuthi kungani lokhu kuyiqiniso ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 115:4–6. Ngabe igama leBandla lihlangene kanjani nomsebenzi nokuthunywa kwalo na?
Bheka futhi ku 3 uNefi 27:1–11.
IMfundiso neziVumelwano 115:5–6
USiyoni nezikhonkwane zakhe banika “ukuphepha kuso isichotho.”
Njengoba ufunda umfanekiso onamandla KwiMfundiso Nezivumelwano 115:5–6, cabanga ngendima iNkosi efuna wena, njengelungu leBandla Lakhe, uyifeze. Ngokwesibonelo, yini ongayenza ukuze “usukume ukhanye” noma “ube indinganiso yezizwe”? (ivesi 5). Yiziphi izivunguvungu zomoya oziqaphelayo ezikuzungezile? Usithola kanjani “isiphephelo” ngokubuthana? (ivesi 6).
Bheka futhi “Brightly Beams Our Father’s Mercy,” Amahubo, no. 335.
Iminikelo yami ingcwele eNkosini.
Cabanga ukuthi ubunguNewel K. Whitney noma unkosikazi wakhe, u-Elizabeth, ababephila impilo emnandi eKirtland bese bacelwa ukuba bahambe. Ngabe yikuphi okutholayo kwi- IMfundiso neziVumelwano 117:1–11 okungenzeka ukuthi kwabasiza ukuba benze lomnikelo na? Yikuphi ukuzidela okwenzela uNkulunkulu? Lamavesi akufundisani ngokuthi uNkulunkulu ungubani nokuthi wenzani?
Umnikelo owawucelwa ku-Oliver Granger wawehlukile: iNkosi yamnika umsebenzi wokuthi makahlale eKirtland axazulule izindaba zezimali zeBandla. Nakuba emele iBandla ngobuqotho, ekugcineni akazange aphumelele kakhulu. Cabangela ngokuthi amagama eNkosi KwiMfundiso neziVumelwano 117:12–15 angazithinta kanjani izinto iNkosi ezicele kuwe.
Bheka futhi “Far West and Adamu-ondi-Ahman,” kokuthi Revelations in Context, 239–40.
IMfundiso neziVumelwano 119–20
Okweshumi kwami kuyasiza ekwakheni umbuso kaNkulunkulu.
Imiyalelo ezigabeni 119 kanye nesigaba 120 zicacisa ukuthi yini okweshumi: sinikela “okukodwa kweshumi” kwenzuzo yethu (noma imali engenayo) unyaka ngamunye (bona IMfundiso Nezivumelwano 119:4). Kodwa lezi zambulo zenza okungaphezu kokunikeza incazelo. INkosi yatshela abaNgcwele ukuthi okweshumi “kuzongcwelisa izwe laseSiyoni.” Futhi ngaphandle kwalomthetho, Wathi, “akuyikuba … iSiyoni kini” (ivesi 6). Uke wacabanga ngokukhipha okweshumi ngale ndlela? Ukukhokha okweshumi kungasiza kanjani ukuthi ungcweliswe kakhulu, ulungele iSiyoni?
Ufundani kulezi zambulo mayelana nokuthi izinceku zeNkosi zisebenzisa kanjani izimali zokweshumi? Ngabe yikuphi okubalulekile kuwe ngomushwana othi “nangezwi lami kubo” kwIMfundiso neziVumelwano 120 na?
IGosa uDavid A. Bednar unikeze incazelo ewusizo yokuthi okweshumi kusetshenziswa kanjani kanye nezibusiso ezitholakala ngokulalela lomthetho ku “Ifasitela laseZulwini“ (Liyahona, ngoNovemba. 2013, 19-20). Imibuzo elandelayo ingasiza njengoba ufunda umlayezo wakhe:
-
Ubani onqumayo ukuthi okweshumi kusetshenziswa kanjani emva kokukhokhwa eBandleni?
-
Kusetshenziselwani okweshumi?
-
Yiziphi izibusiso eziza ngenxa yokukhokha okweshumi? Isibonelo, ukukhokha okweshumi kuqinisa ngaziphi izindlela ubudlelwano bakho noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu?
-
Yini ongayifunda esimemweni seGosa uBednar?
-
Ungabasiza kanjani abanye bakhulise ukholo lwabo emthethweni weNkosi wokweshumi?
Bheka futhi uMalaki 3:8–12; “Okweshumi Kwabantu Bami,” ku Revelations in Context, 250–55.
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 115:4–5
NgingoweBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.
-
Ukusiza abantwana bakho bafunde igama leBandla futhi baqonde ukuthi kungani libalulekile, cabanga ngokubuza ukuthi ngabe ukhona yini kubo ongasho igama eliphelele leBandla. Ungakwazi-ke ukubakhombisa igama elivela KwiMfundiso neziVumelwano 115:4 futhi ubenze baliphinde kanye nawe. Njengoba wenza, cabanga ukukhomba amagama abalulekile nokuthi kungani ebalulekile. Ungase futhi ubuyekeze “Isahluko 43: UJesu Kristu Uqamba Ibandla Lakhe” (kwi Doctrine and Covenants Stories, 164, noma kuvidiyo ehambisana nayo ku-Gospel Library) noma ucule “Church of Jesus Christ” (Ibhuku Lezingoma Zezingane, 77).
IMfundiso neziVumelwano 115:4–6
Isibonelo sami singasiza abanye beze kuKristu futhi bathole ukuphepha.
-
Izingane zakho zingase zazi abantu abathwele kanzima futhi abadinga “isiphephelo” “ezivunguvungwini zokuphila” (ivesi 6). Bangabasiza kanjani laba bantu? Cabangela ukumema abantwana bakho ukuthi bame lapho ufunda igama elithi vuka ku IMfundiso neziVumelwano 115:5. Bangalula iminwe yabo njengemisebe yokukhanya kwelanga lapho ufunda khanya phambili. Khumbuza izingane zakho ukuthi ukukhanya kwethu kuvela kuJesu Kristu, futhi ubasize bacabange ngezindlela “abangakhanya ngazo” njengoba Yena enza.
-
Izingane zakho zingangadweba isithombe esibonisa IMfundiso neziVumelwano 115:6. Ngokwesibonelo, bangase badwebe isivunguvungu nabantu abaphephele esakhiweni seBandla. Isivunguvungu singamelelani? IBandla likaMsindisi linikeza kanjani usizo? Siza izingane zakho zicabange ngomngane, ilungu lomndeni, noma umakhelwane oswele. Singabamema kanjani ukuthi bathole usizo eBandleni likaJesu Kristu?
Iminikelo yami ingcwele eNkosini.
-
Mema izingane zakho ukuthi zenze sengathi bangu-Newel K. Whitney. Babengazizwa kanjani uma iNkosi ibacela ukuba bashiye umsebenzi wabo ophumelelayo baye endaweni entsha? (Kungase kusize ukubuyekeza “Isahluko 41: Inkinga E-Kirtland,” kokuthi Doctrine and Covenants Stories, 158–60, noma ividiyo ehambisana nayo ku-Gospel Library.) Njengoba nifunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 117:1–11, cela abantwana bakho ukuthi bakumise lapho bezwa okuthile okungabasiza babe nokholo lokulalela iNkosi. Yimiphi imihlatshelo esiyenzayo ukuze silalele uJehova? Usibusisa kanjani?
IMfundiso neziVumelwano 119–20
UBaba oseZulwini usebenzisa okweshumi ukubusisa abantwana Bakhe.
-
Abaningi bezingane obafundisayo bangase bancane kakhulu ukuba bathole imali futhi bakhokhe okweshumi, kodwa kuhle ukuthi baqonde ukuthi okweshumi kufaka isandla kanjani emsebenzini weNkosi emhlabeni wonke. Cabangela ukusebenzisa izithombe kanye nekhasi lomsebenzi ekugcineni kwaloluhlaka ukuze ubasize baqonde ukuthi yini okweshumi. (Bheka futhi “Isahluko 44: Okweshumi,” kokuthi Izindaba Zemfundiso Nezivumelwano, 165–66, noma kuvidiyo ehambisana nayo ku-Gospel Library.) UBaba oseZulwini ukusebenzisa kanjani okweshumi ukubusisa abantwana Bakhe? Yabelana ngemizwa yakho ngomthetho wokweshumi nokuthi ukubusise kanjani.