“Amazwi Okubuyiselwa kweVangeli: IziBonakaliso zikaMoya neThempeli laseKirtland,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IziBonakaliso zikaMoya neThempeli laseKirtland,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Amazwi Okubuyiselwa kweVangeli
IziBonakaliso zikaMoya neThempeli laseKirtland
Ngezansi ngamazwi abaNgcwele bezinsuku zokuGcina ababeseThempelini laseKirtland ngesikhathi linikelwa nangesikhathi semihlangano eyalandela emva kwalokho. Abaningi baqhathanisa abakubona nalokho okwazwiwa abaNgcwele basemandulo ngesikhathi “bephiwa amandla avela phezulu” ngosuku lwePhentekoste (NgokukaLuka 24:49; bheka futhi IzEnzo 2:1–4; IMfundiso neziVumelwano 109:36–37).
u-Eliza R. Snow
“Nokho, imicimbi yomhlangano wokunikela yayilungiselelwe, kepha alikho ulimi lwasemhlabeni olungachaza izibonakaliso zangaloluyasuku. Izingelosi zazivela kwabanye, bonke ababekhona bezwa kukhona ubungcwele phakathi kwabo, futhi inhliziyo ngayinye yagcwala ‘intokozo engenakuchazeka futhi egcwele inkazimulo.’”
uSylvia Cutler Webb
“Enye yezinto engangizikhumbula ekuqaleni kwakuwukunikelwa kweThempeli. Ubaba wami wasigona wasitshela ukuthi kungani sasiya nokuthi kuchaza ukuthini ukunikela indlu kuNkulunkulu. Noma ngangisamncane ngaleso sikhathi, ngiyalukhumbula lolosuku. Ngingakwazi ukubheka emuva kuleya minyaka ngibone uJoseph umPhrofethi njengoba ngangimbona, emile nezandla zakhe zibheke phezulu ezulwini, ubuso bakhe bumhlophe, izinyembezi zehla ebusweni bakhe ngesikhathi ekhuluma ngaloloyasuku olukhulu. Baningi ababebukeka bekhala. Indlu yayigcwele kangangokuthi abantwana babegonwe ngabadala; udadewethu wayegonwe ubaba, mina ngigonwe umama. Ngikhumbula ngisho izingubo esasizigqokile. Umqondo wami wawumncane kakhulu ukuba ngikwazi ukuqondisisa ukubaluleka kwakho konke, kepha ngokuhamba kwesikhathi kwangicacela kakhulu, futhi ngibonga kakhulu ukuthi ngakwazi ukuba khona.”
u–Oliver Cowdery
“Ebusuku ngahlangana nabaholi bebandla endlini yeNkosi. UMoya wathululwa—ngabona inkazimulo kaNkulunkulu, njengefu elikhulu, yehla yazohlala phezu kwendlu, yagcwala futhi njengomoya onamandla. Ngabona nezilimi, ezinjengomlilo owehlela kwabaningi, … ngesikhathi bekhuluma ngezinye izilimi futhi baphrofetha.”
uBenjamin Brown
“Ziningi izibonakaliso ezabonwa. Oyedwa wabona umcamelo noma ifu lihlala phezu kwendlu, likhanya njengelanga phezu kwefu elifana negolide. Abanye ababili babona abantu abathathu besemoyeni egunjini bephethe izikhiye ezikhanyayo ezandleni, kanye neketango elikhanyayo ezandleni zabo.”
u-Orson Pratt
UNkulunkulu wayekhona, izingelosi zakhe zazikhona, uMoya oNgcwele wawuphakathi kwabantu … futhi bagcwaliswa kusuka ekhanda kuya ezithendeni zezinyawo zabo ngamandla nomthelela kaMoya oNgcwele.”
uNancy Naomi Alexander Tracy
“Ngesikhathi iThempeli seliphelile futhi selinikeliwe … kwakuyizinsuku ezimbili ezazijabulisa kakhulu empilweni yami. Iculo elalifanele elabhalwa ngalelolanga kwakuyileli elithi ‘The Spirit of God Like a Fire is Burning.’ Kuyiqiniso ngempela ukuthi ithonya lasezulwini lehlela kuleyandlu. Ngezwa engathi iyizulu emhlabeni.”