Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Okthoba 6–12: “Ngizozihlela Zonke Izinto Ukuze Nizuze”: IMfundiso neziVumelwano 111–114


“Ngo-Okthoba 6-12: ‘Ngizozihlela Zonke Izinto Ukuze Nizuze’: IMfundiso neziVumelwano 111–114,“ Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 111–114,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2025

UJoseph Smith efundisa eThempelini laseKirtland

Ngo-Okthoba 6-12: “Ngizozihlela Zonke Izinto Ukuze Nizuze”

IMfundiso neziVumelwano 111–114

Wake waba nesigameko sangokomoya esaakwenza waba nesiqiniseko futhi waqina okholweni kuKristu—kodwa ubunzima bomhlaba bavivinya ukholo lwakho, futhi wazithola uzabalaza ukuthola ukuthula okade ukuzwile ngaphambilini? Into ecishe ifane yenzeka kubaNgcwele eKirtland. Kungakapheli ngisho unyaka kube nezibonakaliso zoMoya ngesikhathi kunikelwa iThempeli laseKirtland, izinkinga zaqala. Inhlekelele yezezimali, ukungazwani phakathi koMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, nezinye izinkinga zadala ukuthi abanye bangabaze okholweni labo.

Asikwazi ukugwema izinkinga, ngakho-ke, singazigcina kanjani esimweni sokuthi zingasongeli ukholo nobufakazi bethu na? Mhlawumbe ingxenye yempendulo ingatholakala kumyalo weNkosi kwi- IMfundiso neziVumelwano 112, owanikezwa ngesikhathi ubunzima eKirtland kubhokile. INkosi yathi, “Cwebisani izinhliziyo zenu phambi kwami” (uvesi 28), “Ningavukeli” (uvesi 15), “Bophela izinkalo zakho kulomsebenzi” (uvesi 7), futhi “Zithobe” (uvesi 10). Ngesikhathi silandela lomyalelo, iNkosi “[iyosi]hola ngesandla” ebunzimeni isiyise ekupholeni nasekuthuleni (bheka amavesi 10, 13).

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 111

Inkosi iyakwazi “[uku]hlela zonke izinto ukuze [ngi]zuze.”

Ngonyaka ka-1836, iBandla lalinezikweletu eziningi ekwenzeni umsebenzi weNkosi. UJoseph Smith kanye nabanye bakhathazeka ngalezi zikweletu futhi bacabangela izindlela zokuzikhokha (bheka isihloko esithi IMfundiso neziVumelwano 111).

Njengoba ufunda isigaba 111, cabanga ukuthi amazwi eNkosi kuJoseph angasebenza kanjani kuwe—kanye nezinto ezikukhathazayo. Ngokwesibonelo, uke waluzwa nini uthando lukaNkulunkulu “naphezu kobuwula bakho” (ivesi 1)? Ngabe iNkosi ikusize ngayiphi indlela ukuba uthola “amagugu” obungawalindele (ivesi 10)? Cabanga ngalokho Akwenzele kona “ukuhlela zonke izinto ukuze zuze” (ivesi 11)? Umusho othi “ngokushesha uma nikwazi ukuzemukela” ukufundisani ngoBaba oseZulwini?

Bheka futhi ngokukaMathewu 6:19–21, 33; “More Treasures Than One,” Revelations in Context, 229–34.

IMfundiso neziVumelwano 112:3–15, 22

uphawu lwesikole sevangeli
INkosi izongihola lapho ngifuna intando Yayo ngesizotha.

UThomas B. Marsh, uMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, wayecasulwe ukuthi uJoseph Smith, ngaphandle kokubonisana naye, wabiza amalungu amabili ekhoramu yakhe ukuthi ayoshumayela ivangeli eNgilandi. Wahlangana nomPhrofethi, owathola isambulo esasiza uThomas ukuba abeke eceleni imizwa yakhe yokulimala. Leso sambulo silotshwe ku IMfundiso neziVumelwano 112.

Ukhumbule lomongo walendaba ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 112. Yini oyitholayo okungenzeka ukuthi yelapha imizwa elimele kaThomas? Emavesini 3–15 kanye no-22, ungabheka izimpendulo zemibuzo efana nalena: Kuyini ukuthobeka? Kusho ukuthini ukuthi iNkosi ikuhole “ngesandla”? Kungani ucabanga ukuthi ukuthobeka kukusiza ukuthi uthole ukuholwa yiNkosi? Ungathola izimpendulo ezengeziwe ku-“Pattern of Humility” emlayezweni weGosa uJoseph W. Sitati “Patterns of Discipleship” (Liyahona, ngoNovemba. 2022, 87–88).

Cabanga ngomuntu omaziyo othobekile. Wenzani lo muntu ukuze abonise ukuthobeka? Ufundani kuMsindisi mayelana nokuthobeka? Mhlawumbe ungathola izithombe zezikhathi empilweni Yakhe lapho ekhombisa ukuthobeka.

Kunini lapho uke wazizwa uqondiswa yiNkosi ngenkathi uzithoba?

Bheka futhi inkulumo ka-Ulisses Soares, “Be Meek and Lowly of Heart,” Liyahona, ngoNovemba. 2013, 9–11; “The Faith and Fall of Thomas Marsh,” ku Revelations in Context, 54–60; Izihloko kanye nemibuzo, “Ukuthobeka,” i-Gospel Library; “Be Thou Humble,” Amahubo, no. 130.

Bandakanya abafundi. Cabanga ngokuthi ungabasiza kanjani abantu obafundisayo ukuthi babambe iqhaza ngenkuthalo ekufundeni amaqiniso emibhalweni engcwele. Isibonelo, ukuze ubasize baqonde lokho iNkosi eyakusho KwiMfundiso neziVumelwano 112:10, ungavala amehlo umuntu othile futhi umhole ngokucophelela ngesandla uzungeze isihlalo esincane esiyisithiyo noma ezinye izinto. Yini esingayifunda ngokuthobeka kulo mboniso na?

IMfundiso neziVumelwano 112:12–26; 28, 33–34

Labo abaphenduke ngempela bafinyelela ekumazini uJesu Kristu.

Ukuthi abanye abaPhostoli ngo-1837 baphendukela uMprofethi kuyisikhumbuzo esihle sokuthi kungakhathaliseki ubizo lwethu lwaseBandleni noma ukuthi sazi kangakanani ngevangeli, kumele ngabanye siqinisekise ukuthi siyakondla ukuphendukela kwethu kuJesu Kristu. Mhlawumbe ungafunda IMfundiso neziVumelwano 112:12–26, 28, 33–34 futhi ubheke amaqiniso angakusiza unqobe uvivinyo lokholo noma uphendukele eNkosini ngokugcwele. Ungazizwa ugqugquzelekile ukwabelana ngalokho okutholayo ukuze usize omunye umuntu aqinise ukuguqukela kwakhe kuKristu.

IMfundiso neziVumelwano 113

UJoseph Smith “wayeyinceku ezandleni zikaKristu.”

U-Isaya wabiza oyisizukulwane sikaJesse “ngehlumela” kanye “nempande” (Isaya 11:1, 10). Kwi sigaba 113, iNkosi ichaza ukuthi lenzalo, inceku kaKristu, izoba usizo ekuqoqeni abantu beNkosi ezinsukwini zokugcina (bheka IMfundiso kanye neziVumelwano 113:4, 6). Lesi siphrofetho simchaza kahle uMphrofethi uJoseph Smith. Lokhu kanye namanye amaqiniso kwi sigaba 113 kwabagqugquzele kanjani abaNgcwele ngesikhathi sobunzima abadlula kubo eKirtland? Yikuphi okutholayo kulesisambulo okukukhuthaza ukuthi ubambe iqhaza emsebenzini weNkosi namuhla na?

Bheka futhii IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Jese,” Gospel Library; 2 Nefi 21:10–12; UJoseph Smith—Umlando 1:40.

umfanekiso ka-Isaya 11:1

U-Isaya wabhala “ngenduku” “nezimpande” eziphuma “esiqwini sikaJese” (Isaya 11:1).

Ukuze uthole amanye amasu, bheka amaphephabhuku alenyanga eLiyahona kanye ne For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha).

uphawu lwesigaba sezingane 01

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 111:2; 10–11

Izinto zikaNkulunkulu zingaba yigugu kimi.

  • Wena kanye nabantwana bakho ningakwazi ukudweba okufikayo emqondweni lapho nizwa igama elithi umcebo. Bese ningafunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 111:2, 10–11 futhi niqhathanise ingcebo yasemhlabeni nezinto eziyigugu eNkosini. (Bona ikhasi lomsebenzi laleli sonto.) Singazenza kanjani igugu ngokwengeziwe izinto zikaNkulunkulu?

IMfundiso neziVumelwano 112:10

INkosi izongihola ngesandla futhi iphendule imithandazo yami.

  • Ngemva kokufunda IMfundiso Nezivumelwano 112:10 ndawonye, wena kanye nabantwana bakho ningacula ndawonye “Be You Humble” (Amahubo, no. 130). Ungase futhi udlale umdlalo othilela obandakanya ukuholana “ngesandla” (njengenkambo yezithiyo). INkosi isihola kanjani “ngesandla,” nakuba ingekho ngokoqobo kithi? Kungani sidinga iNkosi ukuthi isihole? Kunini lapho siyizwa khona iNkosi isihola?

  • Wena noma abantwana bakho ningabhala amazwi atholakala KwiMfundiso Nezivumelwano 112:10 futhi nidwebele izibusiso iNkosi esinika zona lapho siphendukela Kuyo ngokuzithoba. Khuthaza abantwana bakho ukuthi babelane ngezikhathi lapho bacela khona usizo lweNkosi ngokuzithoba futhi bathola izimpendulo emithandazweni yabo noma baholwa ekwenzeni okuthile okuhle (bheka uMoroni 7:13, 16).

UJesu ephilisa umntwana

Imininingwane evela ku Arise and Walk, ka-Simon Dewey

IMfundiso neziVumelwano 112:11

UJesu ufuna ukuba ngithande wonke umuntu.

  • Wena kanye nabantwana bakho ningashintshana ngokufunda “Isahluko 41: Trouble in Kirtland” (ku Doctrine and Covenants Stories, 158–60). Ubani endabeni owenza izinkinga zaseKirtland zaba zimbi nakakhulu? Ubani owayezama ukuzenza ngcono? Bese ungafunda IMfundiso neziVumelwano 112:11 futhi ukhulume ngokuthi kungani uMsindisi efuna sithande wonke umuntu. Walubonisa nini uthando kubantu ababengenamusa Kuye? (isibonelo, bona ngokukaLuka 23:34). Ungase futhi ucule iculo elimayelana nokuthanda abanye, njengokuthi “I’ll Walk with You” (Ibhuku Lezingoma Zezingane, 140–41).

2:20

Chapter 41: Trouble in Kirtland: 1837–1838

IMfundiso neziVumelwano 112:11–14, 24–26

Labo abaphenduke ngempela bafinyelela ekumazini uJesu Kristu.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani).

UThomas B. Marsh ubhala isambulo anikezwe sona ngoJoseph Smith.

Zithobe, nguJulie Rogers

ikhasi lomsebenzi labantwana