“Ngo-Okthoba 20-26: ‘O Nkulunkulu, Ukuphi na?’: IMfundiso neziVumelwano 121–123,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 121–123,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2025
Ngo-Okthoba 20–26: “O Nkulunkulu, Ukuphi Na?”
IMfundiso neziVumelwano 121–123
Indawo esezansi etilongweni laseLiberty, eMissouri, yayaziwa “ngokuthi yitilongo.” Izindonga zaziwugqinsi, phansi kwamatshe kubanda futhi kungcolile, ukudla kuyingcosana futhi kubolile, namafasitela amabili amancane anemigoqo yensimbi eduze nophahla avumela ukukhanya okuncane kakhulu. Yilapho uJoseph Smith kanye nabanye abambalwa bachitha khona izinyanga ezine ezibandayo ebusika bango 1838–39. Ngalesisikhathi, uJoseph wayehlezi ethola izindaba ngabaNgcwele abahluphekayo. Ukuthula nenjabulo yaseFar West kwahlala izinyanga ezimbalwa, manje abaNgcwele babengenamakhaya futhi, bedudulelwe ehlane ukuyobheka futhi enye indawo yokuqala phansi—manje bezokwenza lokhu uMphrofethi wabo esetilongweni.
Nokho, nakulelo jele losizi, “ulwazi oluvela ezulwini” lweza “luthululwa phansi” (IMfundiso neziVumelwano 121:33). Umbuzo kaJoseph othi, “O Nkulunkulu, ukuphi na?” waphendulwa ngokucacile nangokunamandla: “Ungesabi … , ngokuba uNkulunkulu uyakuba nawe kuze kube phakade naphakade” (IMfundiso neziVumelwano 121:1; 122:9).
Bheka Saints, 1:323–96; “Ngaphakathi Kwezindonga Zejele Lenkululeko,” Isambulo Esikumongo, 256–63.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 121:1–10, 23–33; 122
NoNkulunkulu, ukuhlupheka kungaba “okuhle [kimi] .”
Uma thina noma labo esibathandayo bedlula ekuhluphekeni, kujwayelekile ukuba sizibuze ukuthi ingabe uNkulunkulu usiqaphele na. Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 121:1–6, cabanga ngesikhathi lapho ube nemibuzo kanye nemizwa ecishe ifane nekaJospeh Smith. Yikuphi okutholayo kwimpendulo yeNkosi okungakusiza uma unaleyomibuzo noma leyomizwa? Isibonelo, emavesini 7–10, 26–33, qaphela izibusiso Azithembisayo. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukubekezela … kahle”? Ngabe uMsindisi ukusiza kanjani ukwenza lokhu?
Ngesikhathi ufunda isigaba 122, cabanga ngokuthi iNkosi ifuna ububuke kanjani ubunzima bakho. Ungase ucabange ngezigigaba ezivele ezivivinyweni zakho nokuthi zingaba kanjani “okuhle [kuwe]” (ivesi 7).
Bheka futhi u-Quentin L. Cook, “Ukuthula Komuntu Siqu Ngezikhathi Eziyinselele,” Liyahona, ngoNovemba. 2021, 89–92; “Ngingaphendukela Kuphi Ukuze Ngithole Ukuthula?,” Amaculo, no. 129.
IMfundiso neziVumelwano 121:34–46
Amandla eqiniso nethonya kusekelwe “ezimisweni zokulunga.”
Amandla omhlaba aphoqelela ukuphuma kwabangcwele eMissouri kanye nokungena kwaJoseph Smith ejele. Kodwa ngesikhathi uJoseph elapho, iNkosi yamfundisa ngohlobo oluhlukile lwamandla: amandla Akhe, “amandla ezulu.” Ukufunda ngalawo mandla KwiMfundiso neziVumelwano 121:34–46 kungakusiza ukuthi ufunde ukuthi ungawathola kanjani lawo mandla—kanye nokuthi ungawasebenzisa kanjani ukubusisa abanye. Mhlawumbe ungabhala phansi okufundayo kwithebula elinamakholomu abhalwe ukuthi Amandla Ezulu kanye nokuthi Amandla Omhlaba. Zihluke kanjani lezi zinhlobo ezimbili zamandla? Lezi zincazelo zamandla eNkosi zifundisani Ngaye?
Ungase futhi uzindle ngegama elithi ithonya ivesi 41. Yiziphi ezinye izimo ofuna ukuba yithonya lokuhle kuzo—mhlawumbe ebudlelwaneni bomndeni, esikoleni, emsebenzini, noma emsebenzini weBandla? Ufundani kumavesi 41–46 mayelana nokuthi uNkulunkulu ubathonya kanjani abantwana Bakhe? Ungase ufingqe okufundayo ngokuqedela umusho ofana nalo: “Ukuze ngithonye ngokuhle, ngizo .”
Bheka futhi uJeffrey R. Holland, “Not as the World Giveth,” Liyahona, ngoMeyi 2021, 35–38; David A. Bednar, “The Powers of Heaven,” Liahona, Meyi 2012, 48–51; “The Powers of Heaven” (video), Gospel Library.
UJesu Kristu wehlele ngaphansi kwazo zonke izinto ukuze angiphakamise.
Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuthi uJesu Kristu “wehla phansi … zonke [izinto]”? Nanka amanye amavesi engeziwe angakusiza uqonde lesi sisho: Isaya 53:3–4; AmaHebheru 2:17–18; 1 Nefi 11:16–33; Alima 7:11–13. Ngokusekelwe kulokho okufundayo, cabanga ukuphinda IMfundiso neziVumelwano 122:8 ngamazwi akho. Ungakubonisa kanjani ukubonga kwakho kuJesu Kristu ngokwehlela ngaphansi kwazo zonke izinto?
Lokhu kuqonda okuvela kuMongameli uDallin H. Oaks kuthinta kanjani ukuqonda kwakho? “Singase sithi njengoba sehlele ngaphansi kwakho konke, [uJesu Kristu] umi endaweni ephelele ukuze asiphakamise futhi asinike amandla esiwadingayo ukuze sibekezelele izinhlupheko zethu” (“Ukuqiniswa Ngenhlawulo kaJesu Kristu,” Liyahona, ngoNovemba. 2015, 64).
“Masenze zonke izinto esinamandla okuzenza ngenjabulo.”
KwiMfundiso neziVumelwano 123:7–8, uJoseph Smith ubhekisele ezinkolelweni ezingamanga ezaholela ekuhluphekeni, okuhlanganisa nokushushiswa kwabaNgcwele. NgoMashi wangonyaka ka-1839, mhlawumbe kwakubukeka engathi akukho okuningi okungenziwa ngabaNgcwele ngalokho. Kepha ezincwadini zakhe azibhale eJele laseLiberty, uJoseph wabatshela ngalokho abangakwenza: “[hlanganisani] ulwazi lawo wonke amaqiniso” bese “[n]iyama [n]ithule, ngesikhulu isiqiniseko, ukuze [n]ibone insindiso kaNkulunkulu” (IMfundiso neziVumelwano 123:1, 17). Njengoba ucabanga ngezinkinga ezikhona emhlabeni namuhla, cabanga ngezindlela zokubhekana nazo “ezisemandleni akho” (amavesi 12, 17). Futhi ungazinaki “izinto ezincane” (ivesi 15). Kungani kubalulekile ukwenza lezi zinto “ngenjabulo”? (uvesi 17).
Izindaba eziningi uJoseph Smith azicela encwadini yakhe zahanjiswa kuhulumeni futhi zashicilelwa zaba yizindaba ezehlukaniswe ka-11 ephephandabeni laseNauvoo, okuthiwa yi Times and Seasons (bheka ku “A History, of the Persecution, of the Church of Jesus Christ, of Latter Day Saints in Missouri, December 1839–October 1840,” [josephsmithpapers.org]).
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 121:1–9; 122:7–9
NoNkulunkulu, uvivinyo lwami lungangizuzisa.
-
Ukusiza abantwana bakho bacabange ukuthi bekungaba njani kuJoseph Smith nabangane bakhe eJele laseLiberty, ningafunda ndawonye “Isahluko 46: UJoseph Smith EJele LaseLiberty” (ku Doctrine and Covenants Stories, 172–74) noma “Voices of the Restoration: Liberty Jail” noma buka ingxenye yevidiyo “Joseph Smith: Prophet of the Restoration” (Gospel Library, eqala ngo 41:30). Bese, njengoba nifunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 121:1–9, ningakhuluma ngokuthi uMsindisi wamsiza kanjani uJoseph ukuba azizwe enokuthula. Sikuthola kanjani ukuthula kuMsindisi, ngisho nangezikhathi ezinzima?
-
Ukusiza abantwana bakho ukuthi babone ukuthi izilingo zethu “zingaba ngezokuzuza [kithi]” (IMfundiso neziVumelwano 122:7), ungaxoxa nazo ngokuthi imisipha yethu ikhula kanjani uma sithwele into esindayo. Ungase ngisho ubameme ukuba baphakamise into esindayo. Emva kwalokho ungakhuluma ngokuthi ukudlula ezikhathini ezinzima kungasiza kanjani imimoya yethu ukuthi ikhule—njengoba siphendukela eNkosini ukuze sithole usizo. Yabelana ngezibonelo ezithile ezivela empilweni yakho.
IMfundiso neziVumelwano 121:34–46
Ukulunga kuletha “amandla asezulwini.”
-
Mhlawumbe isifaniso singasiza umndeni wakho uqondisise “amandla asezulwini.” Ngokwesibonelo, ungaqhathanisa amandla kaNkulunkulu namandla kagesi. Yini engavimbela idivayisi kagesi ekutholeni amandla? Yini enciphisa amandla ethu okomoya? Yini ewandisayo? (Funa amagama nemisho KwiMfundiso neziVumelwano 121:34–46; bheka futhi General Handbook, 3.5, 3.6, iVangeli Umtapo wolwazi.)
IMfundiso neziVumelwano 122:7–9
UJesu Kristu uyakwazi engibhekene nakho.
-
Ngemva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 122:7–9 nabantwana bakho, ungase wabelane ngesigameko lapho wezwa ukuthi uMsindisi unawe ngesikhathi sovivinyo olunzima. Ningaphinde nicule ndawonye iculo elithi “Jesus Once Was a Little Child” (Ibhuku Lezingoma Zezingane, 55) futhi nifakaze ukuthi uJesu Kristu angasisiza ngoba Uyayazi indlela esizizwa ngayo.
IMfundiso neziVumelwano 123:15–17
Ngisho nezinto ezincane zingenza umehluko omkhulu enkonzweni kaNkulunkulu.
-
Ukusiza abantwana bakho ukuthi baqonde IMfundiso neziVumelwano 123:15–17, ungabelana nabo ngesithombe somkhumbi omkhulu kanye nesigqoko esincane sokuzivikela, noma wabelane nabo ngencazelo yeGosa uDavid A. Bednar ku-“Izimiso Zevangeli Lami” (Liahona, Meyi 2021, 125–26). Khona-ke ningakhuluma ngezindlela ezincane esingasiza ngenjabulo umndeni wethu nabangane bethu.