Wozani, Ngilandeleni 2024
Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli: IJele laseLiberty


“Amazwi Okubuyiselwa: IJele laseLiberty,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IJele laseLiberty,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2025

uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Amazwi Okubuyiselwa Kwevangeli

IJele laseLiberty

Ngesikhathi eboshiwe eLiberty, eMissouri, uJoseph Smith wathola izincwadi ezamazisa ngesimo esikhathazayo sabaNgcwele bezinsuku zokuGcina ababesuswa kwisifundazwe ngomyalo kandunankulu. Incwadi ejulile yafika iphuma kunkosikazi wakhe u-Emma. Amazwi akhe, nezincwadi zikaJoseph ephendula, kuzwakalisa kokubili ukuhlupheka kanye nokholo lwabo ngalesisikhathi esinzima emlandweni weBandla.

IJele laseLiberty

UJoseph Smith kanye nabanye baboshwa kuleli jele ebusika bango 1838-39.

Incwadi ethunyelwe kuJoseph Smith iphuma ku-Emma Smith, ngoMashi 7, 1839

Myeni Othandekayo

Nginethuba lokuthumela ngomngani, ngizama ukubhala, kepha ngeke ngizame ukubhala imizwa yami yonke, ngoba isimo okusona, izindonga, izinsimbi, izingidi, imifula egijimayo, imifudlana ehambayo, izintaba ezikhulayo, amagquma ashonayo namadlelo akhulayo azama ukusihlukanisa, kanye nalokho okubi nokungekho emthethweni okwaqala kwakufaka ejele futhi kusakugcinile khona, kanye nakho konke ongakucabanga, kubeka imizwa yami esimweni sokuthi anginakuyichaza.

Ngaphandle kobumsulwa, futhi nokungenelela komusa ongcwele, nginesiqiniseko sokuthi akumele ngabe ngikwazile ukumelana nokuhlupheka engidlule kukho … ; kepha ngisaphila futhi ngisazimisele ukuhlupheka uma kuyintando enomusa yaseZulwini ukuba ngihluphekele wena.

Siyaphila okwamanje, ngaphandle kukaFredrick ogulayo impela.

U-Alexander omncane osezandleni zami manje ngomunye wabantwana abalungile kakhulu. Unamandla kangakokuthi angagijima igumbi lonke uma ebambelele esitulweni. …

Akekho umuntu ngaphandle kaNkulunkulu owazi imicabango yami nemizwa yenhliziyo yami ngesikhathi ngishiya indlu nekhaya lethu, nakho konke esasinakho ngaphandle kwabantwana bethu abancane, sathatha uhambo olwasikhipha esifundazweni saseMissouri, sakushiya uvalelekile kulelojele unesizungu. Kepha ukukhumbula lokho kukhulu kunalokho isimilo sobuntu singakwazi ukukuthwala. …

… Ngiyethemba zikhona izinsuku ezingcono eziseza kithi. … [Ngi]ngowakho njalo ngothando.

U-Emma Smith

Incwadi ethunyelwe ku-Emma Smith ephuma kuJoseph Smith, ngo-Ephreli 4, 1839

Nkosikazi—Othandekayo—futhi onothando.

Ngolwesine ebusuku ngahlala phansi ngesikhathi ilanga lishona, ngesikhathi sipopola ezinsimbini zalelitilongo elinesizungu, ukukubhalela, ukuze ngikwazise ngesimo sami. Ngikholwa ukuthi sekuyizinyanga ezinhlanu nezinsuku eziyisithupha selokhu ngibhekwe unogada ebusuku nasemini, futhi ngingaphakathi kwezindonga, izinsimbi, nezicabha zensimbi zetilongo elinesizungu, elimnyama futhi elingcolile. Ngibhala lencwadi ngemizwa eyaziwa nguNkulunkulu kuphela. Imicabango yengqondo ngaphansi kwalezizimo ihlula ipeni, ulimi noma iziNgelosi, ukuyichazela, noma ukuyidwebela umuntu ongakaze adlule kulokhu esidlula kukho. … Sizimelele engalweni kaJehova, futhi hhayi omunye, ukuba sikhululwe, futhi uma engakwenzi, ngeke kwenzeke, ungaba nesiqiniseko salokho, ngoba baningi abomele igazi lethu kulesi sifundazwe; hhayi futhi ngoba sinecala lokuthile. … Emma wami othandekayo ngicabanga ngawe nabantwana njalo. … Ngifuna ukubona uFredrick omncane, uJoseph, uJulia, u-Alexander, no-old major [inja yomndeni]. … Ngingahamba ngezinyawo ngithokozile ngisuka lapha ngiza kuwe, futhi ngingafake lutho ekhanda, ngingagqoke lutho okutheni, ukuzokubona futhi ngingakubona kuyinjabulo, ngingakubali njengobunzima. … Ngiyithwele ngesibindi yonke lengcindezi, nalabo futhi enginabo kunjalo, akekho noyedwa okhombisa ukwesaba. Ngifuna [ungavumeli] [abantwana bethu] bangikhohlwe. Batshele ukuthi uBaba uyabathanda ngothando oluphelele, futhi wenza konke angakwenza ukusuka esixukwini ukuze aze kubo. … Batshele ukuthi uBaba uthi kumele babe ngabantwana abalungile, babheke umama wabo. …

Ngingowakho,

UJoseph Smith Jr.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Letter from Emma Smith, 7 March 1839,” Letterbook 2, 37, josephsmithpapers.org; amagama, izimpawu zokubhala, kanye nolimi kubhalwe ngendlela yesimanje.

  2. Letter to Emma Smith, 4 April 1839,” 1–3, josephsmithpapers.org; amagama, izimpawu zokubhala, kanye nolimi kubhalwe ngendlela yesimanje.

  3. UJoseph nabalingani bakhe baboshwa ngo-Okthoba 31, 1838, futhi bagcinwa begadwe kakhulu ubusuku nemini. Emuva kwecala eRichmond, eMissouri, bathathwa bayiswa eJele laseLiberty ngoDisemba 1.