Wozani, Ngilandeleni 2024
Ngo-Okthoba 27–Novemba 2: “INdlu eGameni Lami”: IMfundiso neziVumelwano 124


“Ngo-Okthoba 27–Novemba 2: ‘INdlu eGameni Lami’: IMfundiso neziVumelwano 124,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“IMfundiso neziVumelwano 124,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

umdwebo weNauvoo, e-Illinois

INauvoo eNhle, nguLarry Winborg Copyright 2023

Ngo-Okthoba 27–Novemba 2: “INdlu eGameni Lami”

IMfundiso neziVumelwano 124

Noma ngabe iminyaka eyisithupha edlule ibinzima kanjani kubaNgcwele, izinto zaqala ukubangconywana ngentwasahlobo yangonyaka ka-1839: Abahambi abaNgcwele bathola uzwelo kubantu baseQuincy, e-Illinois. Onogada babevumele uJoseph Smith nabanye abaholi beBandla ukuba beqe eMissouri. Futhi neBandla lalisanda kuthenga umhlaba e-Illinois lapho abaNgcwele babengahlanganyela khona futhi. Yebo, kwakuyindawo eyixhaphozi, umhlaba ugcwele imiyane, kodwa uma kuqhathaniswa nobunzima abaNgcwele abekade bebhekene nabo, lokhu kwabukeka kungabekezeleka. Ngakho-ke bomisa ixhaphozi futhi babhala imithetho yedolobha elisha, abaliqamba ngokuthi iNauvoo. Kuchaza ukuthi “kuhle” ngesiHeberu, noma ekuqaleni kwakuyigama eliveza ukholo kunokuba liveze isimo sangempela. Ngalesosikhathi, iNkosi yayihlaba umxhwele umPhrofethi waKhe ngomuzwa wokuphuthuma. Yayinamanye amaqiniso nezimiso okwakumele zibuyiselwe, futhi yayidinga ithempeli elingcwele lapho Yayinga “qhelisa [Abangcwele Bakhe] ngenhlonipho, nangokungafi, nokuphila okuphakade.” (IMfundiso neziVumelwano 124:55). Ngezindlela eziningi, lemizwa efanayo yokholo nokuphuthuma ingubufakazi emsebenzini weNkosi namhlanje.

Bheka ku Saints, 1:399-427; “Organizing the Church in Nauvoo,” kwi Revelations in Context, 264–71.

Funda kabanzi mayelana nezingosi zomlando zeBandla e-Illinois.

uphawu lokufunda

Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni

IMfundiso neziVumelwano 124:2–11

Ngingamema abanye beze kuKristu.

INkosi yatshela uJoseph Smith ukuthi “ukuba enze isaziso ngesizotha sevangeli [Lakhe]” kuwo “wonke amakhosi omhlaba” (bheka IMfundiso neziVumelwano 124:2–11). Uma wasithola lesi sabelo, ngabe isimemezelo sakho singathini ngoJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe elibuyisiwe? Zindla futhi ukuthi ungabelana kanjani ngobufakazi bakho ngokujwayelekile nangokwemvelo nabantu oxhumana nabo nsuku zonke.

Bheka futhi “UkuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngokuPhelele: IsiMemezelo semiNyaka engamaKhulu amaBili esibhekiswe emHlabeni,” Umtapo woLwazi weVangeli.

IMfundiso neziVumelwano 124:12–21

Ngingaba umfundi iNkosi emethembayo.

Cabangela ukwabelana nabanye, njengoba uMsindisi enza kwiMfundiso neziVumelwano 124:12–21, izimfanelo zikaKristu ozibonayo kubo. Uluveze kanjani uthando nethemba Lakhe kuwe?

Bheka futhi kuRichard J. Maynes, “Earning the Trust of the Lord and Your Family,” Liahona, Nov. 2017, 75–77.

IMfundiso neziVumelwano 124:22–24, 60–61

INkosi ifuna ngamukele abanye.

Ngesikhathi uzindla ngomyalo weNkosi kwiMfundiso neziVumelwano 124:22–24, 60–61, cabanga ukuthi ungenza kanjani ikhaya lakho newadi yakho kube indawo efana naleyo iNkosi eyayiyifisa ngeNauvoo.

-

4:0

A Friend to All

IThempeli laseNauvoo lakhiwa

Umniningwane ovela kuJoseph Smith eThempelini laseNauvoo, nguGarry E. Smith

IMfundiso neziVumelwano 124:25–45, 55

Sakha amathempeli eNkosini ukuze sithole izimiso ezingcwele.

Kungani uzwa ukuthi iNkosi “ihlale iyala” abantu Bayo “ukuba bakhe [amathempeli] egameni [Layo] elingcwele”? Cabanga ukwenza uhla lwezizathu ozitholayo kwi Mfundiso neziVumelwano 124:25–45, 55. - ­(Umtapo woLwazi weVangeli). Ngabe umsebenzi wokwakha amathempeli uwuphawu kanjani lothando lweNkosi kuwe?

5:40

What Is a Temple?

Selokhu lakhiwa ithempeli laseNauvoo ngezikhathi zeminyaka ka-1840, angaphezulu kwama-300 amathemppeli asemenyezelwe noma akhiwa. UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa wathi: “Siyazi ukuthi isikhathi sethu ethempelini sibaluleke kakhulu ngokuphathelene nensindiso nokuphakanyiswa kwethu ngokunjalo nokwemindeni yethu. … Izilingo zesitha ziyakhula kakhulu, ngamandla kanye nangokwehluka. Isidingo sethu sokuba ethempelini esikhathini esiningi asikaze sibesikhulu kunamanje” (“Becoming Exemplary Latter-day Saints,” kwiLiyahona”, Nov. 2018, 114). Ithempeli likusize kanjani ukuthi umelane “nezilingo zesitha” na? Ngabe yikuphi ozizwa ugqugquzeleka ukukwenza ukulandela umyalo kaMongameli uNelson na?

Bheka futhi “,“ temples.ChurchofJesusChrist.org.

IMfundiso neziVumelwano 124:45–55

INkosi ibusisa abantu abazamayo ukulalela imiyalelo Yakhe.

AbaNgcwele babeyalwe ukuthi bakhe ithempeli esiFundeni iJackson, eMissouri, kodwa “bavinjwa izitha zabo” (IMfundiso neziVumelwano 124:51). Amavesi 49–55 aqukethe imiyalezo ekhuthazayo kubantu abafuna ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kepha bevinjelwe ukwenza kanjalo ngenxa yomndeni noma ezinye izimo. Yisiphi iseluleko osithola kulamavesi esingasiza umuntu osesimweni esinjalo?

IMfundiso neziVumelwano 124:91–92

uphawu lohlelo lokufundisa ivangeli
INkosi ingangihola esibusisweni sami somphatriyakhe.

Ngemva nje kokushona kukayise womPhrofethi, uJoseph Smith Omdala, iNkosi yabiza uHyrum Smith obizweni uyise ayenalo—umPhatriyakhe eBandleni. Ungafunda ngalokhu kwiMfundiso neziVumelwano 124:91-92.

Ukuze ufunde kabanzi ngomlando wabaphatriyakhe kanye nezibusiso zomphatriyakhe, chofoza lapha.

Ungasichaza kanjani isibusiso somphatriyakhe kumuntu ongakaze ezwe ngaso? Yikuphi ongakusho ukuze ukhuthaze omunye ukuthi asithole? Bheka izimpendulo zalemibuzo kumyalezo weGosa uRandall K. Bennett’s “Your Patriarchal Blessing—Inspired Direction from Heavenly Father” (Liyahona, May 2023, 42–43) noma kwi Topics and Questions, “Patriarchal Blessings” (Umtapo woLwazi weVangeli).

Ngokusekelwe yilokho okufundile futhi wabhekana nakho, cabanga ukuthi ungawuqedela kanjani lomusho: “Isibusiso somphatriyakhe sifana .” Kungani uBaba oseZulwini efuna ukuthi abantwana Bakhe bathole isibusiso somphatriyakhe?

Uma ungakasitholi isibusiso somphatriyakhe, yini ongayenza ukuze usilungiselele? Uma uke wathola isibusiso somphatriyakhe, ungambonisa kanjani uNkulunkulu ukuthi uyasazisa lesi sipho?

Bheka futhi kuKazuhiko Yamashita, “When to Receive Your Patriarchal Blessing,” Liyahona, ngoMeyi 2023, 88–90; General Handbook, 18.17, Umtapo woLwazi weVangel.

Fundisa okusuka enhliziyweni. Ukufundisa kunenjongo kakhulu uma kubandakanya ulwazi lomuntu siqu kanye nobufakazi. Isibonelo, uma uke wathola isibusiso somphatriyakhe, sibuyekeze njengoba ulungiselela ukufundisa ngalezi zibusiso ezikhethekile. Kungani usibonga isibusiso sakho? Uzobakhuthaza kanjani abanye ukuthi balungiselele ukuthola ezabo noma ukufunda izibusiso zomphatriyakhe njalo?

uphawu lwesigaba sabantwana 02

Amasu okuFundisa abaNtwana

IMfundiso neziVumelwano 124:15, 20

UJesu Kristu uyabuthanda ubuqotho.

  • Ukusiza abantwana bakho bakhumbule lokho abakufundayo kwiMfundiso neziVumelwano 124:15, 20, ungabasiza ukuba badwebe futhi basike izinhliziyo zephepha. Ezinhliziyweni, ungabasiza ukuba babhale imishwana emqoka ekulamavesi. -

  • Emva kokufunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 124:15, 20, mhlawumbe ungasiza abantwana bakho bathole ukuthi kusho ukuthini ukuphila ngobuqotho kwikhasi 31 kwincwadi ethi For the Strength of Youth: A Guide to Making Choices. Yathini iNkosi mayelana nokuqondene noGeorge Miller kwivesi 20 “ngenxa yobuqotho benhliziyo [kaGeorge]”? Ungase futhi wabelane ngezibonelo zabantwana bebonisa ubuqotho empilweni yakho noma obuvela kwiphephabhuku elithi Friend (Umngani). Mema abantwana bakho ukuthi bazibekele impokophelo yokukhombisa ubuqotho kuleli sonto futhi bakutshele ukuthi bazizwa kanjani uma benza njalo.

IMfundiso neziVumelwano 124:28–29, 39

UJesu uyala abantu Bakhe ukuba bakhe amathempeli.

  • Abantwana bakho bangase bakujabulele ukubuka izithombe zamathempeli, okuhlanganisa ithempeli lasendulo nethempeli eliseduze nalapho behlala khona (bheka ChurchofJesusChrist.org/temples/list). Ungasebenzisa lezi zithombe kanye neMfundiso neziVumelwano 124:39 ukuchaza ukuthi uJesu Kristu ubehlale eyala abantu Bakhe ukuthi bakhe amathempeli—ezikhathini zakudala nasosukwini lwethu (bheka futhi ikhasi lomsebenzi lakulelisonto).

  • Uma uhlala eduze ngokwanele nethempeli, cabanga ukuyisa abantwana bakho khona futhi nihambe ngenhlonipho emagcekeni ethempeli. Bameme ukuthi bathole amagama athi “Holiness to the Lord—The House of the Lord” ngaphandle kwethempeli. Khuluma nabantwana bakho ngokuthi asho ukuthini lawa magama.

  • Cabangela ukusebenzisa amasu atholakala kwisithasiselo A “Ukubhabhadiselwa nokuQiniselwa oKhokho” ukusiza abantwana bakho babheke phambili osukwini lapho bengangena khona ethempelini (bheka futhi “IThempeli kanye neSu leNjabulo” kwisithasiselo B).

IThempeli likaSolomoni

Ithempeli likaSolomoni, nguSam Lawlor

IMfundiso neziVumelwano 124:91–92

INkosi izongibusisa ngesibusiso somphatriyakhe.

  • Ngesikhathi nifunda ndawonye iMfundiso neziVumelwano 124:91–92, siza abantwana bakho bathole lokho iNkosi ebize uHyrum Smith ukuthi akwenze. Khulumani ngokuthi siyini isibusiso somphatriyakhe: isibusiso esikhethekile lapho iNkosi isifundisa ngathi kanye nalokho efuna sikwenze futhi sibe yikho. Cabanga ukusebenzisa isigaba “Ukuthola isiBusiso soMphatriyakhe” kwisithasiselo A ukusiza abantwana bakho balungiselele ukuthola isibusiso somphatriyakhe.

Ukuze uthole amanye amasu, bheka iphephabhuku lalenyanga le Friend (Umngani) .

umdwebo weThempeli laseNauvoo

IThempeli laseNauvoo, nguGeorge D. Durrant

ikhasi lomsebenzi labantwana