“NgoNovemba 3–9: ‘IZwi leNjabulo kwabaPhilayo nabaFileyo: IMfundiso neziVumelwano 125–128,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 125–128,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoNovemba 3–9: “IZwi leNjabulo kwabaPhilayo nabaFileyo”
IMfundiso neziVumelwano 125–128
Ngo-Agasti 1840, uJane Neyman owayesosizini walalela uMphrofethi uJoseph ekhuluma emgcwabeni womngane wakhe uSeymour Brunson. Indodana kaJane uCyrus eyayiseyintsha nayo yayisanda kushona. Okwakongeza osizini lwakhe wukuthi uCyrus wayengakaze abhabhadiswe, futhi uJane wayekhathazwa wukuthi lokhu kwakuyosho ukuthini ngomphefumulo wakhe waphakade. UJoseph wayezibuza umbuzo ofanayo ngomfowabo u-Alvin, naye owayefe ngaphambi kokuba abhabhadiswe. Ngakho-ke umPhrofethi wabona kukuhle ukuba axoxele bonke ababekhona kumngcwabo ngalokho iNkosi eyayimembulele kona ngabantu ababefe bengazange bathole izimiso zevangeli—nokuthi yikuphi esingakwenza ukubasiza.
Imfundiso yokubhabhadiselwa abafileyo yayibavusela injabulo abaNgcwele; imicabango yabo yaphendukela kumalungu emindeni yabo ngokushesha. Manje kwase kukhona ithemba ngabo! UJoseph wayejabula kanye nabo, futhi encwadini efundisa lemfundiso, wayesebenzisa ulimi lwenjabulo nomdlandla ukubachazela ngalokho iNkosi eyamfundisa kona ngokusindiswa kwabafileyo: “Izintaba mazimemeze ngenxa yenjabulo, futhi nonke nina zigodi khalani kakhulu, futhi nonke nina zilwandle nemihlaba eyomileyo yishoni izimanga zeNkosi yenu yaPhakade!” (IMfundiso neziVumelwano 128:23).
Bheka ku Saints, 1:415–27; “Letters on Baptism for the Dead,” Revelations in Context, 272–76.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
INkosi ifuna ngiwunakekele umndeni wami.
Emva kokubuya kwimishini evela eNgilandi—enye yamamishini aminingi awahamba—uBrigham Young wathola olunye ubizo olubalulekile oluvela eNkosini. Wacelwa ukuba “anakekele ngokukhethekile umndeni [wakhe]” (ivesi 3), owawuhluphekile engekho. Ngesikhathi ufunda lesi sigaba, cabanga ukuthi kungani iNkosi ngezinye izikhathi idinga umhlatshelo emisebenzini yethu. Ungenzani ukunakekela umndeni wakho?
-
IMfundiso neziVumelwano 127:2–4
Ngingathembela eNkosini ngezikhathi ezinzima.
Ukumangalelwa okungamanga kanye nosongo lokuboshwa kwakuphinde kwaphoqa uJoseph Smith ukuba acashe ngo-August 1842. Kodwa amagama awabhalela abaNgcwele ngalesisikhathi (manje aziwa nge Mfundiso neziVumelwano 127) agcwele ithemba lokuhle nenjabulo. Ngabe amavesi 2–4 akufundisani ngoNkulunkulu na? mayelana nokuthi wena ungabhekana kanjani nobakho ubunzima na? Yimiphi imishwana evela kulamavesi engakusiza ngesikhathi uzizwa ushushiswa? Cabanga ngokubhala phansi ukuthi ngabe iNkosi ikusekela kanjani “emanzini ajulile” empilo yakho na?
IMfundiso neziVumelwano 127:5–8; 128:1–8
“Enikubhalayo emhlabeni kuyobhalwa nasezulwini.”
Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 127:5–8; 128:1–8, bheka izizathu zokuthi kungani iNkosi yanika uJoseph Smith imiyalelo ethize ngokuphathelene nokubhabhadiselwa abafileyo. Ngabe lokhu kukufundisani wena ngeNkosi nangomsebenzi Wayo na? Uzwa ukuthi lo myalelo ungasebenza kanjani kwimibhalo yomndeni wakho, njengamaphephabhuku omuntu siqu?
IMfundiso neziVumelwano 128:5–25
Insindiso yokhokho bami ibaluleke kakhulu ekusindisweni kwami.
Kuyacaca kulokho uNkulunkulu akwembulela uJoseph Smith ukuthi kungani okhokho bethu abangazange babhabhadiswe kulempilo besidinga: sibhabhadiswa esikhundleni sabo ukuze bakhethe ukwamukela noma ukwenqaba lesi simiso. Kodwa umPhrofethi wabuye wafundisa ukuthi insindiso yokhokho bethu “iyadingeka futhi ibalulekile ensindisweni yethu.” Ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 128:15–18, cabanga ngokuthi kungani kunjalo.
Uvesi 5 usifundisa ukuthi isimiso sokubhabhadisela abafileyo “salungiswa ngaphambi kokusekelwa komhlaba.” Ngabe leliqiniso likufundisani wena ngoNkulunkulu nangohlelo Lwakhe na? Ngabe umyalezo weGosa uDale G. Renlund “Family History and Temple Work: Sealing and Healing” wengeza ini ekuqondeni kwakho? (ILiyahona, Meyi 2018, 46–49).
UJoseph Smith usebenzisa imishwana enjenga le ethi-“mandla okubopha,” “ubudlelwano obuhlanganisayo,” kanye “nokuhlangana okupheleleyo” uma efundisa ngezimiso zobuphristi nokubhabhadisela abafileyo. Bheka lemishwana neminye efana nayo ngesikhathi ufunda IMfundiso neziVumelwano 128:5–25. Ungakwazi ukucabanga ngezinto ongazisebenzisa ukuze ufanekise lemisho, njengeketango noma intambo? Kungani lemisho imihle ekuchazeni lemfundiso?
Ukucabanga ngalemibuzo elandelayo kungase kusize nasekufundeni kwakho lamavesi:
-
Ngombono wakho, kungani ukubhabhadisela abafileyo kungase kubhekwe “njengodaba olumangalisa kakhulu olungele vangeli laphakade”? (ivesi 17). Yiziphi izehlakalo eziye zakusiza ukuba uzizwe ngalendlela?
-
Umhlaba ungaqalekiswa ngamuphi umqondo uma bungekho “ubudlelwane obuhlanganisayo … phakathi kobaba nabantwana”? (ivesi 18).
-
Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngamagama kaJoseph Smith emavesini 19–25 na? Ngabe lamavesi ayithinta kanjani imizwa yakho mayelana noJesu Kristu? ngosizo lwasethempelini ukuze kuzuze okhokho bakho na?
Ngemva kokufunda lamavesi, ungase uzizwe ukhuthazeka ukuba wenzele okhokho bakho okuthile. Amasu atholakala ku FamilySearch.org angasiza.
-
Bheka futhi kuKevin R. Duncan, “A Voice of Gladness!,” Liyahona, May 2023, 95–97.
“Ukuhlinzekela Okukhazimulayo Futhi Okumangalisayo.”
UMongameli uGordon B. Hinckley wathi:
“Inhlawulo kaJesu yabo bonke imele umnikelo omkhulu wokwenzelwa. Wabeka umhlahlandlela lapho Aba khona ngummeleli waso sonke isintu. Lomhlahlandlela lapho umuntu oyedwa engasebenzela omunye uqhutshwa phambili ezimisweni zendlu yeNkosi. Lapha sisebenzela labo abafa ngaphandle kolwazi lwevangeli. Okwabo ukukhetha ukwamukela noma ukwenqaba isimiso esenziwayo. Babekwe endaweni elinganayo nalabo abahamba emhlabeni. Abafileyo banikezwa ithuba elifanayo nabaphilayo. Futhi, yeka ukuhlinzeleka okukhazimulayo nokumangalisayo okwenziwe uMninimandla onke ngesambulo Sakhe kumPhrofethi Wakhe” (“The Great Things Which God Has Revealed,” Liyahona, ngoMeyi 2005, 82–83).
Amasu okuFundisa AbaNtwana
Ngingasiza ukunakekela umndeni wami.
-
Ukusiza abantwana bakho bafunde ukusebenzela amalungu omndeni abo, cabangela ukufinqa IMfundiso neziVumelwano 126 ngamagama akho. Ungase ugcizelele umusho othi “unakekele ngokukhethekile umndeni wakho” (ivesi 3) bese ukhuluma nabantwana bakho ngokuthi ngabe kuqonde ukuthini ukunakekela ngokukhethekile imindeni yethu.
-
Kungase kube mnandi kuwe nabantwaba bakho ukubuka izithombe zomndeni (noma ukudweba izithombe) ngesikhathi nixoxa ngezindlela esingasiza ngazo “ukunakekela” amalungu omndeni. -
IMfundiso neziVumelwano 128:5, 12
Bonke abantwana baNkulunkulu badinga ithuba lokubhabhadiswa.
-
Mema abantwana bakho ukuthi bathole kwiMfundiso neziVumelwano 128:1 ukuthi isiphi isihloko esasihlala engqondweni kaJoseph Smith. Bangabheka kwivesi 17 ukuthola ukuthi yisiphi isihloko ayesibheka “njengesikhazimula kakhulu.” Bavumele babelane ngalokho abakutholayo futhi bakhulume ngokuthi kungani lesi sihloko sijabulisa kangaka.
-
Ngaphezu kokusiza abantwana bakho ukuba bazilungiselele (futhi baphile) izivumelwano zabo zokubhabhadiswa, ungabasiza bazi ukuthi bangabasiza kanjani abantu abangazange benze lezi zivumelwano ngesikhathi sokuphila kwabo. Cabangela ukutshela abantwana bakho ngothile omaziyo owashona engabhanhadisiwe. Bese-ke nifunda ndawonye IMfundiso neziVumelwano 128:5 bese nibuka isithombe sefonti yokubhabhadiselwa yasethempelini (njengalesi esisekugcineni kwaloluhlaka). Tshela abantwana bakho ukuthi uzizwa kanjani ngokubhabhadiswa emathempelini esikhundleni sabantu abafileyo ukuze wonke umuntu abe nethuba lokwenza izivumelwano noBaba oseZulwini.
IMfundiso neziVumelwano 128:18
UBaba oseZulwini ufuna ngifunde ngomlando womndeni wami.
-
Kungase kube mnandi kuwe nabantwana bakho ukwenza iketango lephepha olunamagama abazali, ogogo nomkhulu, okhokho, njalo njalo (bheka ikhasi lomsebenzi lakuleli sonto) Ningabe seniyabelana omunye nomunye ngenikwaziyo ngalabokhokho. Fundani ndawonye IMfundiso neziVumelwano 128:18 ukuthola ukuthi yini “isixhumanisi sokushisela” esenza umlando womndeni wethu “uphelele futhi uphele.” -
-
Imisebenzi eyengeziwe yokusiza abantwana bakho ukuba babambe iqhaza kumlando womndeni ingatholakala ku “IThempeli kanye neSu leNjabulo” kwisithasiselo B noma ku FamilySearch.org.