“NgoNovemba10-16: ‘Ngiyibonile Iminikelo Yakho Ngokulalela’: IMfundiso neziVumelwano 129–132,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 129–132,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoNovemba 10–16: “Ngiyibonile Iminikelo Yakho Ngokulalela”
IMfundiso neziVumelwano 129–132
NgoJoseph Smith, iNkosi yakhipha enye yezimfihlakalo phakade. Ubukhulu bukaNkulunkulu, inkazimulo yezulu, kanye nobukhulu bengunaphakade bungabonakala kujwayelekile ekukhanyeni kwevangeli elibuyisiwe, ngisho nasemiqondweni elinganiselwe njengeyethu. Izambulo KwiMfundiso neziVumelwano 129–32 ziyisibonelo esihle. Ngabe unjani uNkulunkulu na? “Unomzimba … obambekayo njengowomuntu.” Ngabe linjani izulu na? “Lobo budlelwane obufanayo obukhona phakathi kwethu lapha buyoba khona phakathi kwethu lapho” (IMfundiso neziVumelwano 130:22, 2). Eqinisweni, elinye lamaqiniso ajabulisa kakhulu ngezulu ukuthi lingahlanganisa ubudlelwane bethu bomndeni esibuthandayo, uma bubekwe uphawu ngegunya elifanele. Amaqiniso anjengalawa angalenza izulu libonakale lingekude nathi—lilihle, kodwa futhi sikwazi ukufinyelela kulo.
Kodwa-ke, kwesinye isikhathi uNkulunkulu kungenzeka asicele ukuba senze izinto ezikhathazayo esizibona singeke sikwazi ukuzenza. Kwabangcwele abaningi bokuqala, umshado wesithembu wawungomunye umyalo onjalo. Kwakuwuvivinyo olunzima lokholo kuJoseph Smith, umkakhe u-Emma, futhi cishe wonke umuntu owaluthola. Ukuze bakwazi ukudlula kulokhu kuvivinywa, babedinga okungaphezulu nje kwemizwa yabo yokuthanda ukubuyiselwa kwevangeli; babedinga ukholo kuNkulunkulu olwaluqine kakhulu kunezifiso zabo noma lokho okwakuthandwa yibo. Lomyalelo awusekho namhlanje, kodwa zisekhona izibonelo zokwethembeka zalabo abawuphila lomyalelo. Futhi lezo zibonelo zisinika ugqozi uma nathi sicelwa ukuthi senze okwethu “ukuzinikela ekulaleleni” (IMfundiso neziVumelwano 132:50).
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 130–132
UNkulunkulu ufuna ukuphakamisa abantwana Bakhe.
Kunezinto eziningi esingazazi ngokuphakanyiswa noma ukuphila ezingeni eliphezulu kakhulu lombuso wesilestiyali—uhlobo lwempilo uNkulunkulu ayiphilayo. Okuningi kwakho kungase kube ngaphezu kwamandla ethu okuqonda njengamanje. Kodwa uNkulunkulu wembule imikhondo embalwa eyigugu, futhi eminingi yayo itholakala KwiMfundiso Nezivumelwano 130–32. Ungase ufunde unemibuzo enjengalena engqondweni: Ngifundani ngoNkulunkulu? Ngabe yikuphi engikufundayo ngempilo ezayo emva kwalempilo yasemhlabeni na? Ingabe lolu lwazi mayelana nokuphila okuphakade luyibusisa kanjani impilo yami manje?
Bheka futhi “Our Hearts Rejoiced to Hear Him Speak,” ku Revelations in Context, 277–80.
IMfundiso Nezivumelwano 130:20–21; 132:5
UNkulunkulu uyababusisa abantu abalalela imithetho Yakhe.
Ungasho kanjani, ngamazwi akho, lokho iNkosi ekufundisayo KwiMfundiso Nezivumelwano 130:20–21 kanye 132:5? Zindla ngokuthi lesi simiso siboniswe kanjani ekuphileni kwakho.
Ngezinye izikhathi, ngisho nalapho silalela uNkulunkulu, izibusiso esinethemba lazo azifiki ngokushesha. Ulugcina kanjani ukholo lwakho nethemba uma lokhu kwenzeka? Bheka ukuqonda emyalezweni weGosa u-D. Todd Christofferson “Ubudlelwane Bethu noNkulunkulu” (Liyahona, ngoMeyi 2022, 78–80).
Bheka futhi 1 Nefi 17:35; IMfundiso neziVumelwano 82:10.
IMfundiso neziVumelwano 132:13–21
UBaba oseZulwini wenza ukuba imindeni ibe ingunaphakade.
NgoMphrofethi uJoseph Smith, iNkosi yabuyisela iqiniso lokuthi umshado kanye nobudlelwane bomndeni bungaba ingunaphakade. Njengoba ufunda IMfundiso Nezivumelwano 132:13–21, bheka imishwana ekusiza uqonde umehluko phakathi kwalokho “okuyohlala” ingunaphakade nalokho okungeke. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuthi ubudlelwane bomshado bube nge[Nkosi]”? (ivesi 14).
Emlayezweni wakhe “Ekudumiseni Labo Abasindisa,” uMongameli Dieter F. Uchtdorf uqhathanisa ubudlelwane bomshado waphakade nezinto “ezilahlwayo” (Liyahona, ngoMeyi 2016, 77–78). Lokhu kuqhathanisa kukufundisani ngendlela yokukhulisa—noma ukulungiselela—ubudlelwane bomshado? Cabanga ngobudlelwane bomndeni wakho—manje kanye nasesikhathini esizayo—njengoba ufunda umlayezo weGosa u-Uchtdorf. Yini oyitholayo lapho ekunika ithemba kuKristu ngobudlelwane bomndeni wakho?
UMongameli Henry B. Eyring wabelana ngalesi seluleko asithola ngesikhathi ekhathazekile ngesimo somndeni wakhe: “Uphila nje ngokufanele umbuso wesilestiyali, futhi amalungiselelo omndeni azoba mahle kakhulu kunalokho ongakucabanga” (in “Ikhaya Lapho Umoya WeNkosi Uhlala khona,” Liyahona, Meyi 2019, 25). Lesi seluleko singakusiza kanjani wena noma othile omaziyo?
Bheka futhi “Imindeni Ingaba Ndawonye Phakade,” Amahubo, no. 300; Izihloko kanye nemibuzo, “Umshado,” Umthombo woLwazi weVangeli.
IMfundiso neziVumelwano 132:1–2, 29–40
Umshado wesithembu wamukelekile kuNkulunkulu uma kuNguye okuyalile lokho.
Labo aseke balifunda iTestamente eliDala kungenzeka banemibuzo ngo-Abrahama, uJakobe, uMose, ngokunjalo nabanye abathatha amakhosikazi amaningi. Ingabe lezi zinceku zeNkosi zaziphinga? Noma-ke ngabe uNkulunkulu wayivumela yini lemishado yabo na? UJoseph Smith wayenemibuzo efanayo. Bheka izimpendulo zalemibuzo KwiMfundiso neziVumelwano 132:1–2, 29–40.
Umshado phakathi kwendoda eyodwa nowesifazane oyedwa iwona mthetho kaNkulunkulu womshado (bheka isihloko seZwi eliGunyaziwe 1; bheka futhi ku Jakobe 2:27, 30). Kodwa-ke, sezike zaba khona izikhathi emlandweni lapho uNkulunkulu ayala khona abantwana Bakhe ukuba balandele umkhuba womshado wesithembu.
Iminyaka yokuqala yaleliBandla elibuyiselwe ingezinye zalezo zikhathi ezehlukile. Uma ufuna ukufunda okwengeziwe mayelana nomshado wesithembu phakathi kwabangcwele bokuqala, bona “Mercy Thompson kanye Nesambulo Ngomshado” (ku- Revelations in Contexti, 281–93); Abangcwele, 1:290–92, 432–35, 482–92, 502–4; Izihloko kanye nemibuzo, “Umshado Obuningi Ebandleni LikaJesu Kristu Labangcwele Bezinsuku Zokugcina,” Umthombo woLwazi lweVangeli; “Kungani Kwakudingeka NgoJoseph Smith Nabanye Ukuba Bathathe Isithembu?” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org.
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 130:2, 18–19; 132:13, 19
UBaba oseZulwini ufuna ngigxile ezintweni zaphakade.
-
Ngabe sifundiswani KwiMfundiso neziVumelwano 132:13 ngezinto zomhlaba na? Mhlawumbe wena nabantwana bakho ningapakisha isikhwama ngalezo zinto ezimele izinto, ngokwe Mfundiso neziVumelwano 130:2, 18–19; 132:19, esingahamba nazo ukuya empilweni ezayo.
IMfundiso neziVumelwano 130:20–21; 132:5, 21–23
UNkulunkulu uyangibusisa lapho ngilalela imithetho Yakhe.
-
Mhlawumbe ukuqhathanisa okulula kungafundisa abantwana bakho ngokulalela imiyalo kaNkulunkulu. Isibonelo, ungabacela ukuthi bakunikeze izinkomba zokuhamba ngezinyawo endaweni ethile, njengokuya esikoleni noma esakhiweni seBandla. Kwenzekani uma singalandeli izinkomba? Bese ungafunda IMfundiso neziVumelwano 130:21 futhi uqhathanise lezi zinkomba nemiyalelo uNkulunkulu asinike yona.
-
Ningase futhi nicule ndawonye iculo elimayelana nokulalela, njengokuthi “Keep the Commandments” (Ibhuku Lezingoma Zezingane, 146–47), futhi nifune amagama KwiMfundiso Nezivumelwano 130:20–21 kanye no 132:5 afana nalawo aseculweni. UNkulunkulu usibusisa kanjani njengoba silwela ukugcina imiyalo Yakhe?
IMfundiso neziVumelwano 130:22
UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu banemizimba yenyama engafi.
-
Ngemva kokufunda IMfundiso neziVumelwano 130:22 ndawonye, wena kanye nabantwana bakho ningabuka isithombe sikaJesu Kristu futhi nikhombe amehlweni Akhe, emlonyeni Wakhe, kanye nezinye izingxenye zomzimba Wakhe. Abantwana bakho bangakhomba ingxenye efanayo yemizimba yabo. Batshele ukuthi kungani kubalulekile kuwena ukwazi ukuthi imizimba yethu ibukeka njengemizimba kaBaba oseZulwini kanye nekaJesu.
IMfundiso neziVumelwano 132:19
UBaba oseZulwini wenza ukuba imindeni ibe ingunaphakade.
-
Siza abantwana bakho bathole izibonelo zezinto ezingahlali phakade—ukudla okonakalayo, izimbali ezibunayo, nokunye. Bese nibheka IMfundiso neziVumelwano 132:19 ndawonye futhi nithole imishwana ebalulekile efana nethi “isivumelwano saphakade,” “sibekwe uphawu,” “kuyo yonke ingunaphakade,” kanye “naphakade naphakade.” (Bheka futhi “Isahluko 55: Isambulo Ngomshado,” kokuthi Izindaba zeMfundiso Nezivumelwano, 198, noma kuvidiyo ehambisana nayo ku-Gospel Library.) Ungabheka futhi izithombe zomndeni wakho bese ufakaza ukuthi iNkosi yenza, ngezimiso kanye nezivumelwano zethempeli, ukuthi imindeni ihlale ingunaphakade.