“Amazwi Okubuyiselwa kweVangeli: INhlangano yokuSiza yabesiFazane,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“INhlangano yokuSiza yabesiFazane,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
Amazwi Okubuyiselwa kweVangeli
INhlangano yokuSiza yabesiFazane
Ngonyaka ka-1842, emuva kokuhlelwa kweNhlangano yokuSiza yabesiFazane eNauvoo, e-Illinois, uMphrofethi uJoseph Smith wathi, “Isonto lalingahlelekile ngokuphelele ngaphambi kokuba abesifazane bahlelwe.” Ngokufanayo, ukufunda ngokuBuyiselwa kweBandla leNkosi nobuphristi Bakhe akuphelele kuze kube ukuthi kuhlanganisa ukufunda ngeNhlangano yokuSiza yabesiFazane, nayo “ebuyiselwe ngendlela yasemandulo” yabafundi baJesu Kristu besimame.
U-Eliza R. Snow wadlala indima ebalulekile kulokhu kubuyiselwa. Wayekhona ngesikhathi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane ihlelwa okokuqala, njengonobhala wenhlangano, wabhala amanothi emhlanganweni yayo. Wazibonela yena ukuthi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane yayihlelwe “emumva komfanekiso wobuphristi.” Ngezansi ngamazwi akhe, abhalwe ngesikhathi enguMongameli wesibili weNhlangano yokuSiza yabesiFazane eBandleni lonke, ukusiza odade bakhe ukuba baqonde umsebenzi ongcwele owawunikezwe amadodakazi kaNkulunkulu esivumelwano.
Ukufunda kabanzi ngokuthi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane yahlelwa kanjani, bheka kuDaughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2017), 1–25; The First Fifty Years of Relief Society (2016), 3–175.
U-Eliza R. Snow
“Noma-ke igama elithi iNhlangano yokuSiza yabesiFazane lingaba into yesimanje-manje, kepha inhlangano yaqala emandulo. Satshelwa [nguJoseph Smith] ukuthi, inhlangano efanayo yayikhona eBandleni lasemandulo, kukhulunywa ngayo ezincwadini zeTestamente eLisha, kusetshenziswa igama elithi ‘inkosikazi ekhethiweyo’ [bheka ku 2 NgokukaJohane 1:1; IMfundiso neziVumelwano 25:3].
“Lenhlangano angeke ibekhona ngaphandle kobuPhristi, ngesizathu sokuthi ithola igunya namandla kubo. Ngesikhathi ubuPhristi bususwa emhlabeni, lenhlangano kanye nakho konke okuhlangene nebandla eliyiqiniso futhi eliphilayo likaJesu Kristu, kwasabalala. …
“Ngoba ngangikhona kuhlelwa ‘iNhlangano yokuSiza yabesiFazane yaseNauvoo,’ … futhi sengibone okuningi ngenxa yokuba kuyo lenhlangano, mhlawumbe ngingakhuluma okuthize okungasiza amadodakazi eSiyoni ukuba eze phambili kulendima ebalulekile, futhi egcwele imisibenzi emisha futhi eminingi. Uma kunomunye wamadodakazi kanye nomama e-Israyeli abazizwa bevimbelekile bengavumelekanga endaweni yabo yamanje, bazokuthola ukufinyelela emandleni kanye nasekhonweni lokwenza okuhle nalokho abaphiwe kona ukuba bakwenze ngenkululeko.
“Uma umbuzo ufika emqondweni, kunoma ubani, othi yini injongo yeNhlangano yokuSiza yabesiFazane na? Ngingaphendula ngithi—ukwenza okuhle—ukuletha konke esinakho kokwenza okuhle, hhayi ngokuba kukhululwe abampofu kuphela kodwa nasekusindiseni imiphefumulo. Umzamo wokubumbana uzofeza okungaphezu kwalokho okungafezwa ngamandla omuntu ngamunye aphumelela kakhulu. …
“Ekusizeni abampofu, iNhlangano yokuSiza yabesiFazane ineminye imisebenzi ngaphandle kokukhulula izidingo zomzimba qha. Ukuhlupheka ngokwengqondo nokugula ngokwenhliziyo, nakho okudinga ukunakwa; futhi ezikhathini eziningi, ukukhombisa umusa—amazwi ayalayo, noma ukuxhawula okunemfudumalo nothando kungenza okuhle okuningi futhi kujatshulelwe kakhulu kunesikhwama segolide. …
“Ngesikhathi abaNgcwele behlangana bephuma phesheya, bengazi muntu, futhi besethubeni lokuholwa yilabo abanamanga abalinde ukukhohlisa, iNhlangano yokuSiza yabesiFazane kumele ihlezi izilungiselele ukubasiza, futhi ibamukele enhlanganweni ezobaqondisa futhi ibakhulise, futhi ikakhulukazi ibaqinise okholweni lweVangeli, futhi ekwenzeni lokho, bangakwazi ukusindisa abaningi.
“Kungadinga okuningi ukuchaza umsebenzi namalungelo aqhumuka nayo lenhlangano. … Hamba (ngaphansi kobuholi bukambhishobhu) ngendlela enokuthula, ehlelekile, enomdlandla,enobunye kanye nomkhuleko, futhi uNkulunkulu uzobusisa amandla enu ngempumelelo.”