Wozani, Ngilandeleni 2024
Amazwi okuBuyiselwa KweVangeli: INkambu YaseSiyoni


“Amazwi okuBuyiselwa KweVangeli: Inkambu yeSiyoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)

“INkambu yeSiyoni,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025

uphawu lamazwi okubuyiselwa kwevangeli

Ubufakazi Ngokubuyiselwa kweVangeli

INkambu yeSiyoni

Ngenxa yokuthi iNkambu yeSiyoni ayizange ibuyisele abaNgcwele emhlabeni wabo esiGodini saseJackson, abaningi babenomuzwa wokuthi umzamo wabo wawuyizehluleki. Kodwa-ke, abaningi ababamba iqhaza kuleNkambu yeSiyoni bathi uma bebheka emuva kukho konke abadlula kukho babona ukuthi iNkosi yayifeza kanjani inhloso enkulu ezimpilweni zabo ngokunjalo nakumbuso Wayo. Nabu obunye bobufakazi babo.

uJoseph Smith

One drawing in pencil, charcoal and ink on paper.  A left profile, head/shoulders portrait of Joseph Smith; drawn basically in charcoal, highlighted with white paint and black ink.  titled at bottom "Jospeh Smith the Prophet."  Signed at left shoulder "Drawn from the most authentic sources by Dan Weggeland"  A drawn border surrounds it.  No date apparent.

Sekudlule iminyaka engamashumi amane emva kweNkambu yeSiyoni, uJoseph Young owayeyilungu lalenkambu, wabika ukuthi uJoseph Smith washo lokhu:

“Bafowethu, abanye benu bangicasukele, ngoba ningazange nilwe eMissouri; kodwa ake nginitshele nakhu, uNkulunkulu ubengafuni nilwe. Wayengeke ahlele umbuso wakhe namadoda ayishumi nambili ukuba kuvulelwe izizwe zomhlaba umnyango wevangeli, kukhona namadoda angamashumi ayisikhombisa esebenza ngaphansi kokuqondiswa yibo ukuba alandele ezindleleni zabo, ngaphandle uma lawo madoda wayewathathe kumadoda ayenikele ngezimpilo zawo, futhi ayenze umnikelo omkhulu njengalowo ka-Abrahama.

Manje-ke, iNkosi isinabo abayiShumi nambili nabangamaShumi ayisiKhombisa, futhi kusazoba neminye imigwamanda yabangamaShumi ayisiKhombisa esazobizwa, nayo ezokwenza iminikelo, futhi labo abangakayenzi iminikelo yabo manje, bazoyenza emva kwalokhu.”

uBrigham Young

Photograph of Brigham Young in stately side pose.

“Kwathi uma sifika eMissouri iNkosi yakhuluma nenceku yayo uJoseph yathi, ‘Sengiwemukele umnikelo wakho,’ sase siba nenhlanhla yokubuyela futhi. Kuthe sengibuya abaningi babangani bami babuza ukuthi kwakunanzuzoni ukubiza amadoda ezisebenzela ukuba aye eMissouri emva kwalokho abuye, engazange afeze lutho na? ‘Ngubani ozuzile ngalokho na?’ kwakubuza bona. ‘Uma kwakuyiNkosi eyayiyale ukuba lokhu kwenziwe, ngabe yayihloseni ngokwenza lokhu na?’ … Ngabatshela labo bafowethu ukuthi inhle inkokhelo engayithola—futhi ngakhokhelwa nangaphezulu—yebo isilinganiso sami sasichichima ngolwazi engangilutholile ngokuhamba noMphrofethi.”

uWilford Woodruff

Photograph of Brigham Young in stately side pose.

“NgangiseNkambini yeSiyoni noMprofethi kaNkulunkulu. Ngazibona izenzo zikaNkulunkulu ngaye. Ngawabona amandla kaNkulunkulu ngaye Ngabona ukuthi wayenguMprofethi. Okwembulwa kuye ngamandla kaNkulunkulu sikulowomsebenzi wokuthunywa kwakubaluleke kakhulu kimi nakubo bonke abazemukela izimfundiso zakhe.”

Ngesikhathi amalungu eNkambu yeSiyoni ebizwa iningi lethu lalingakaze libonane ngaphambilini; lalingazani futhi abaningi babengakaze mambone umprofethi. Sasihlakazeke ndawo zonke, njengommbila uhlungwa ngesihlungo, ezweni lonke. Sasiyizinsizwa, futhi sabizwa ngalezo zinsuku zokuqala ukuba sikhuphuke siyohlenga iSiyoni, futhi okwakufanele sikwenze kwakufanele sikwenze ngokholo. Saqoqana ndawonye eKirtland sivela eziFundeni ezahlukene sakhuphuka ukuyohlenga iSiyoni, ukuze sifeze umyalelo kaNkulunkulu kithi. UNkulunkulu wayamukela imisebenzi yethu njengoba ayamukela neka-Abrahama. Kuningi esakufeza, nakuba abahlubuki nabangakholwa izikhathi eziningi babuza umbuzo othi ‘yikuphi enakwenza na?’ Esakuzuza ngokuzibonela thina sasingeke sikuzuze nganoma iyiphi enye indlela. Saba nenhlanhla yokubona ubuso bomprofethi, futhi saba nenhlanhla yokuhamba naye amabanga amade, sibona ukusebenza kukamoya kaNkulunkulu ngaye, futhi nezambulo zikaJesu Kristu kuye ngokunjalo nokufezeka kwalezo zambulo. Waqoqa amagosa angamakhulu amabili ezweni lonke ngalezo zinsuku zokuqala wawathumela asakazela wonke umhlaba ukuyoshumayela ivangeli likaJesu Kristu. Ukuba angizange ngikhuphukele eNkambini yeSiyoni ngabe angikho lapha namhlanje [eSalt Lake City, ngisebenza kuMgwamanda wabayiShumi naMbili]. … Ngokuya lapho saphonswa esivinini ukuba siyoshumayela ivangeli, futhi iNkosi yayemukela imisebenzi yethu. Futhi kuyo yonke imisebenzi yethu nokuhlushwa kwethu, izikhathi eziningi izimpilo zethu zisengcupheni, kwakufanele sisebenze futhi siphile ngokholo.”

“Esakuzuza ngokuzibonela ngokuhamba siyiNkambu yeSiyoni kwakuligugu elingaphezu kwegolide.”

Amanothi

  1. KuJoseph Young Omdala, History of the Organization of the Seventies (1878), 14.

  2. “Inkulumo,” Deseret Weekly, ngo Disemba. 3, 1862, 177.

  3. Ngombiko woMhlangano oMkhulu, ngo-Epreli 1898, 29–30; bheka futhi Teachings of Presidents of the Church: Wilford Woodruff (2004), 135.

  4. “Inkulumo,” Deseret News, ngoDisemba 22, 1869, 543; bheka futhi Teachings: Wilford Woodruff, 138.

  5. Deseret News: Semi-Weekly, ngoJulayi 27, 1880, 2; bheka futhi Teachings: Wilford Woodruff, 138.