“NgoNovemba 24–30: ‘”UsekuQinisile Ukuthunywa Kwakhe neMisebenzi Yakhe ngeGazi Lakhe Uqobo”’: IMfundiso neziVumelwano 135–136,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: IMfundiso neziVumelwano 2025 (2025)
“IMfundiso neziVumelwano 135–136,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo ZaseKhaya naseBandleni: 2025
NgoNovemba 24–30: “UsekuQinisile Ukuthunywa Kwakhe neMisebenzi Yakhe ngeGazi Lakhe Uqobo’”
IMfundiso neziVumelwano 135–136
Ngentambama yangomhlaka 27 kuJuni, 1844, uJoseph Smith noHyrum Smith babesejele futhi, bephelezelwa nguJohn Taylor noWilliam Richards. Babekholwa ukuthi babengenacala, kodwa baziletha ukuba baboshwe, benethemba lokugcina abaNgcwele eNauvoo bephephile. Kwakungekona okokuqala izitha zeBandla zifake uMphrofethi uJoseph ejele, kodwa ngalesi sikhathi kwaba ngathi uyazi ukuthi wayengeke esabuya esaphila. Yena nabangani bakhe bazama ukududuzana ngokufunda iNcwadi kaMormoni becula namahubo. Emveni kwalokho kwezwakala ukudubula kwezibhamu, kwathi emva kwemizuzwana nje izimpilo zikaJoseph Smith noHyrum umfowabo zasezifike esiphethweni.
Nakuba kunjalo lokhu kwakungesona isiphetho somgomo wasezulwini ababewamukele. Futhi kwakungesona isiphetho sokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu. Wawusemningi umsebenzi okwakusafanele wenziwe futhi zaziseziningi nezambulo ezazisazohola leliBandla ukuba liye phambili. Ukuphela kwempilo yoMphrofethi kwakungesona isiphetho somsebenzi kaNkulunkulu.
Bheka ku Saints, 1:521–52.
Amasu okuFunda eKhaya naseBandleni
IMfundiso neziVumelwano 135; 136:37–39.
UJoseph noHyrum Smith babuqinisa ubufakazi babo ngegazi labo.
Ake ucabange nje ukuthi wawungaba nayiphi imizwa ukuba wawuhlala eNauvoo ngesikhathi uJoseph noHyrum Smith bebulawa (bheka ku Saints, 1:554–55). Ubungawenza kanjani umqondo ngalesi sigameko esibuhlungu na? IMfundiso neziVumelwano 135, eyashicilelwa ngemva kwezinyanga ezintathu, kungenzeka ukuthi yasiza. Ngesikhathi ubheka kulesigaba, cabanga ngokuthi yini eyayingakulethela ukuqonda nesiqinisekiso. Ngabe yikuphi ongakusho kulowo obuza lombuzo, “Kungani uNkulunkulu avumela kubulawe uMphrofethi Wakhe na?” (bheka IMfundiso neziVumelwano 136:37–39).
Ungase futhi ubheke amazwi noma imishwana kwisigaba 135 ekugqugquzela ukuthi uthembeke kuKristu kuze kube sekugcineni, njengoJoseph noHyrum.
Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 5:21–22; “Remembering the Martyrdom,” in Revelations in Context, 299–306; Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2011), 522–23, 529–40; “Testimony of the Book of Mormon” (video), Gospel Library.
UJoseph Smith wayengumphrofethi kanye nofakazi kaJesu Kristu.
IMfundiso neziVumelwano 135:3 sibala ezinye zezinto uJoseph Smith azifeza “ngesikhathi esifushane seminyaka engamashumi amabili.” Ngabe lezi zinto sezibuthinte kanjani ubudlelwane bakho noBaba oseZulwini noJesu Kristu na? Cabanga ukuthi ungawuqedela kanjani umusho ofana nalo: Ngenxa yalokho iNkosi eyakwenza ngoJoseph Smith, ngi… Ungaqopha futhi wabelane ngobufakazi bakho bomPhrofethi uJoseph Smith kwabanye.
Enye indlela yokufunda ngomsebenzi kaJoseph Smith ukuzama ukumbhalela umlando kamufi omfishane. Yini ongayisho ukwakha ukholo kuKristu kanye nevangeli Lakhe elibuyisiwe? Ungase ufune ukufaka izehlakalo ezibalulekile noma ezifeziwe ezitholakala kwiMfundiso neziVumelwano 135 noma lezo ezibaliwe ezinsizeni ezingezansi.
UJesu Kristu wembula amaqiniso amaningi Ngaye kanye neNhlawulo Yakhe ngoJoseph Smith. Cabanga ukuzindla ngolwazi onalo ekufundeni iMfundiso neziVumelwano kulonyaka. Yimaphi amaqiniso avelele kuwe? Ungase ufune ukwabelana ngalokhu nomndeni wakho, ikilasi noma amalungu omgwamanda, noma abanye njengoba ufunda kuleli sonto. Lamaqiniso akusiza kanjani ukuthi uqonde futhi usondele kuMsindisi?
Bheka futhi “Joseph Smith: The Prophet of the Restoration” (video), Gospel Library; Tad R. Callister, “Joseph Smith—Prophet of the Restoration,” Liyahona, ngoNovemba. 2009, 35–37; “Praise to the Man,” Hymns, no. 27; Topics and Questions, “Joseph Smith,” Umtapo woLwazi weVangeli.
Umculo Ahlobene
Ukucula la mahubo alandelayo noma ukubuka amavidiyo kungamema uMoya oNgcwele noma kukhuthaze ingxoxo ngomsebenzi woMphrofethi uJoseph Smith kanye nokuzinikela kwabaNgcwele abaqhubeka emva kwakhe.
“A Poor Wayfaring Man of Grief” (Hymns, no. 29). Ngesikhathi eseJele laseCarthage, uJohn Taylor wacula leli hubo.
“Praise to the Man” (Hymns, no. 27. Umbhalo walelihubo wabhalwa ukuhlonipha uJoseph Smith.
“Come, Come, Ye Saints” (Hymns, no. 30.
-
Ngingasiza ekufezeni intando yeNkosi njengoba ngilandela iseluleko Sayo.
Emva kokufa kukaJoseph Smith, abaNgcwele baxoshwa eNauvoo. Manje base bebhekene nohambo olungamamayela angama-1,300 (2,100 km) ehlane elibi. UBrigham Young, uMongameli woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, wakhathazeka ngokuthi abaNgcwele bazosinda kanjani kuloluhambo. Endaweni yokuhlala yesikhashana eyayibizwa ngokuthi yiWinter Quarters wakhulekela ukuholwa. Impendulo yeNkosi ilotshwe kwisigaba 136. “Ngokusiza abaNgcwele bakhumbule ukuthi ukuziphatha kwabo kuloluhambo kwakubaluleke kufana nendawo ababeya kuyo, lesisambulo sasiza ukuba kuguqulwe ukuthutheleka kwabantu kuyiwa entshonalanga kungabi yinto okudingeke yenzeke ngenxa yeshwa kodwa kube yinto ebalulekile abayizwayo nabayibonayo ngokomoya bendawonye” (“This Shall Be Our Covenant,” kwi Revelations in Context, 308).
Kugcine lokhu emqondweni ngesikhathi ufunda isigaba 136. Ngabe yisiphi iseluleko ositholayo esingasiza siguqule ukuvivinywa okunzima empilweni yakho “kube yinto ebalulekile oyizwayo noyibonayo ngokomoya” na? Ungazindla ngokuthi ngabe lesi seluleko singakusiza kanjani ukuba ufeze intando yeNkosi empilweni yakho, njengoba sabasiza nabaNgcwele ohambweni labo.
-
Amasu okuFundisa abaNtwana
IMfundiso neziVumelwano 135:1–2, 4–5
UJoseph kanye noHyrum Smith banikela ngezimpilo zabo ngenxa kaJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe.
-
Fingqela abantwana bakho IMfundiso neziVumelwano 135:1. Leli kungaba yithuba elihle kuwe kanye nabantwana bakho lokwabelana ngemizwa yakho mayelana nomhlatshelo uJoseph kanye noHyrum abawenzela uMsindisi kanye nevangeli Lakhe.
-
IMfundiso neziVumelwano 135:4–5 uthi uHyrum Smith wafunda isiqephu eNcwadini kaMormoni ngaphambi kokuba aye ejele laseCarthage. Wena kanye nabantwana bakho ningafunda lesi siqephu ndawonye (bheka u-Etere 12:36–38). La mavesi ayengamduduza kanjani uHyrum? Ungase futhi wabelane ngemibhalo engcwele ekududuzayo uma ukhathazekile noma udangele.
-
- Ngabe labaprofethi banikela ngani kuMsindisi?
UJoseph Smith wayengumphrofethi kanye nofakazi kaJesu Kristu.
-
Ukusiza abantwana bakho bakhumbule futhi bathokozele ukuthi iNkosi isibusise kanjani ngomsebenzi kaJoseph Smith, ungaveza izinto ezimele izinto ezenziwa nguJoseph, njengeNcwadi kaMormoni, iMfundiso neziVumelwano, noma isithombe sethempeli (bheka futhi ikhasi lomsebenzi lakulelisonto). Abantwana bakho bangabheka KwiMfundiso neziVumelwano 135:3 ezinye izinto uJoseph Smith azenza ukuze asisize sisondele kuBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Mema abantwana bakho ukuba babelane ngokuthi kungani bebonga lezi zinto.
INkosi ingangibusisa uma ngizabalaza.
-
Cabangela ukubeka isithombe seThempeli laseNauvoo ohlangothini olulodwa lwegumbi futhi wakhe indawo yokukhosela elula ngakolunye uhlangothi. - Gcizelela ukholo labaNgcwele ababenalo kuJesu Kristu, futhi umeme abantwana bakho ukuthi bahambe baye endaweni yokukhosela ukuze bamele uhambo oluya eWinter Quarters. -
-
Chaza ukuthi KwiMfundiso neziVumelwano 136, iNkosi yanikeza iseluleko ukusiza abaNgcwele ohambweni lwabo oluya eSigodini saseSalt Lake. Siza abantwana bakho bathole okuthile kulesi sambulo okungabanika isibindi salolu hambo (bheka amavesi 4, 10–11, 18–30). Lesi seluleko singasisiza kanjani ezivivinyweni esibhekana nazo namuhla?