Isahluko 16
UNkulunkulu ukhulula abantu esimweni sabo sokulahleka kanye nesokuwa—Labo abanaka inyama basala sengathi akuzange kube khona kukhululwa—UKristu ufeza ukuvukela ekuphileni okungenakuphela noma ubuhlungu obungenakuphela. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.
1 Manje, kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Abinadi esekhulume lamazwi welula isandla sakhe futhi wathi: Isikhathi siyeza lapho bonke beyoyibona insindiso yeNkosi; lapho zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu beyobona iso neso futhi beyovuma phambi kukaNkulunkulu ukuthi izahlulelo zakhe zilungile.
2 Futhi ngaleso sikhathi ababi bayolahlwa, futhi bayokuba nesizathu sokuhhewula, nesokukhala, nesokulila, kanye nesokugedla amazinyo abo; futhi lokhu kuyoba ngenxa yokuthi bengalilalelanga izwi leNkosi; ngakho-ke iNkosi ayibakhululi.
3 Ngokuba banaka inyama futhi banobudeveli, futhi udeveli unamandla phezu kwabo; yebo, ngisho leyo nyoka endala eyakhohlisa abazali bethu bokuqala, eyaba yisizathu sokuwa kwabo; okwaba yisizathu sesintu sonke ukuthi sinake inyama, nemizwa, sibe nobudeveli, sazi okubi kokuhle, sizibeka ngaphansi kokulawulwa ngudeveli.
4 Ngalendlela sonke isintu salahleka; futhi bheka, sasiyolahleka okokuphela ukuba kwakungekhona ukuthi uNkulunkulu wabakhulula abantu bakhe ekulahlekeni kwabo kanye nasesimweni sabo sokuwa.
5 Kodwa khumbulani ukuthi lowo ophikelelayo esimweni sakhe semvelo yasemhlabeni, aqhubeke ezindleleni zesono futhi ahlubuke kuNkulunkulu, uhlala esesimweni sakhe sokuwa futhi udeveli uba namandla onke phezu kwakhe. Ngakho-ke kuye kuba sengathi akuzange kuze kube khona kukhululwa okwenziwayo, eyisitha kuNkulunkulu; futhi ngokunjalo nodeveli uyisitha kuNkulunkulu.
6 Futhi ukuba uKristu ubengazange eze emhlabeni, ngikhuluma ngezinto ezisazokwenzeka sengathi sezenzekile, bekungeke kube khona ukukhululwa.
7 Futhi ukuba uKristu akazange avuke kwabafileyo, noma agqabule izibopho zokufa ukuze ithuna lingabi nakunqoba, futhi nokuthi ukufa kungabi nadosi, belungenakuba khona uvuko.
8 Kodwa lukhona uvuko, ngakho-ke ithuna alinakunqoba, futhi udosi lokufa lugwinywe kuKristu.
9 Ungukukhanya kanye nokuphila komhlaba; yebo, ukukhanya okungapheliyo, okungenakufiphaliswa nanini; yebo, futhi ngokunjalo nempilo engapheliyo, ukuze kungabe kusaba khona ukufa nanini.
10 Ngisho nalokhu okufayo kuyogqoka ukungafi; futhi nalokhu okubolayo kuyogqoka ukungaboli, futhi kuyolethwa ukuba kume phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, ukuze kwahlulelwe nguye njengokwemisebenzi yabo noma ngabe mihle noma ngabe mibi—
11 Uma imihle, ovukweni lokuphila okungapheliyo kanye nenjabulo; futhi uma imibi, ovukweni lobuhlungu obungapheliyo, benikezwe udeveli, obabeke ngaphansi kwakhe, okungubuhlungu—
12 Behambe ngokwentando yenyama kanye nezifiso zabo; bengazange bayibize nanini iNkosi ngesikhathi izingalo zomusa ziselulelwe kubo; ngokuba izingalo zomusa zazelulelwe kubo, futhi abazange bawemukele umusa; beyaliwe ngobubi babo kepha bengasukanga kubo; futhi bayalwa ukuthi baphenduke kepha abazange baphenduke.
13 Manje, ngabe akumele yini nithuthumele futhi niphenduke ezonweni zenu, futhi nikhumbule ukuthi kuphela kuye kanye nangaye uKristu ningasindiswa na?
14 Ngakho-ke, uma nifundisa umthetho kaMose, phezu kwalokho fundisani ukuthi kuwumfanekiso walezo zinto ezizayo—
15 Bafundiseni ukuthi ukukhululwa kuza ngoKristu iNkosi, onguBaba waPhakade uqobo. Amen.