Isigaba 118
Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 8 Julayi 1838, kuphendulwa umkhuleko wokunxusa owawuthi, “Sitshengise intando yakho, O Nkosi, ngokuphathelene nabayiShumi namBili.”
1–3, INkosi izoyondla imindeni yabayiShumi namBili; 4–6, Izikhala kwabayiShumi namBili ziyagcwaliswa.
1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi: Makubanjwe umhlangano ngokushesha; abayiShumi namBili mabahlelwe; futhi makubekwe amadoda azothatha indawo yalawo awileyo.
2 Inceku yami uThomas makahlale okwesikhashana ezweni laseSiyoni, ukuze azise ngezwi lami.
3 Abaseleyo mabaqhubeke bashumayele kusuka ngalelo hora, futhi uma bezokwenza lokhu ngakho konke ukuzithoba kwenhliziyo, ngobumnene nokuthobeka, nokuba nenhliziyo ende, mina, iNkosi, ngibanika isethembiso sokuthi ngizoyondla imindeni yabo; futhi umnyango omkhulu wethuba lokusebenza bayovulelwa wona, kusuka ngalesi sikhathi kuya phambili.
4 Futhi ngentwasahlobo elandelayo mabasuke bahambe bawele amanzi amakhulu, futhi lapho bashumayele ivangeli lami, ukuphelela kwalo, futhi bafakaze ngegama lami.
5 Mabasuke kwabangcwele bami edolobheni laseFar West, zingamashumi amabili nesithupha ku-Epreli olandelayo, ebaleni lokwakhiwa lendlu yami, kusho iNkosi.
6 Inceku yami uJohn Taylor, futhi nenceku yami uJohn E. Page, futhi nenceku yami uWilford Woodruff, futhi nenceku yami uWillard Richards, mababekwe ukugcwalisa izikhala zalabo abawileyo, futhi baziswe ngokusemthethweni ngokubekwa kwabo.