Isigaba 37
Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi noSidney Rigdon, eduze naseFayette, eNew York, ngoDisemba 1830. Kulesi sambulo kunikwe umyalelo wokuqala ophathelene nokuqoqana kulolu hlelo lokwengamela.
1–4, AbaNgcwele babizelwa ukuba babuthane e-Ohio.
1 Bhekani, ngithi kini akudingekile kimi ukuthi nihumushe okunye nize niye e-Ohio, futhi lokhu kungenxa yesitha nangenxa yenu.
2 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini aniyikuhamba nize nishumayele ivangeli lami kulezo zingxenye, futhi seniqinise ibandla ndawozonke lapho litholakala khona, futhi ikakhulukazi eColesville; ngokuba, bhekani, bakhuleka kimi ngokholo olukhulu.
3 Futhi phezu kwalokho, umyalelo ngiwunika ibandla, ukuthi kudingekile kimi ukuba babuthane ndawonye e-Ohio, ngokuphambana nesikhathi lapho inceku yami u-Oliver Cowdery ayobuya kubo ngaso.
4 Bhekani, nakhu ukuhlakanipha, futhi wonke umuntu makazikhethele ngize ngize. Ngisho kanjalo. Amen.