Isigaba 94
Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 2Â Agasti, 1833. UHyrum Smith, uReynolds Cahoon, noJared Carter babekwa njengekomiti elakha izakhiwo zeBandla.
1–9, INkosi inika umyalelo omayelana nokwakhiwa kwendlu yomsebenzi wobuMongameli; 10–12, Indlu yokucindezela okubhaliweyo kufanele yakhiwe; 13–17, Amafa athile ayabiwa.
1 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, bahlobo bami, ngini nika umyalelo, wokuthi niyoqala umsebenzi wokuklama nokulungiselela isiqalo nesisekelo sedolobha lesi khonkwane seSiyoni, lapha ezweni laseKirtland, niqale endlini yami.
2 Futhi bhekani, kufanele kwenziwe ngesifanekiso engini nike sona.
3 Futhi ingxenye yokuqala engaseningizimu mayingcweliselwe mina ukuze kwakhiwa indlu yobumongameli, yomsebenzi wobumongameli, ekutholeni izambulo; neyokwenzela umsebenzi wobufundisi bo bumongameli, kuzo zonke izinto eziphathelene nebandla nombuso.
4 Ngiqinisile ngithi kini, iyokwakhiwa ibe isilinganiso samashumi ayisihlanu nanhlanu nangesilinganiso samashumi ayisithupha sezinyawo ububanzi nobude bayo, ingaphakathi legceke.
5 Futhi kuyokuba igceke eliphansi neliphezulu, ngokwesifanekiso eniyosinikwa emva kwalokhu.
6 Futhi iyongcweliselwa iNkosi kusuka esisekelweni sayo, ngokohlelo lobuphristi, ngokwesifanekiselo eniyonikwa sona emva kwalokhu.
7 Futhi yonke iyongcweliselwa iNkosi ukwenza umsebenzi wobumongameli.
8 Futhi aniyikuvumela into engahlanzekile ukuba ize kuyo; futhi inkazimulo yami iyoba lapho, futhi nami ngiyoba lapho.
9 Kodwa uma kuyoza kuyo into engahlanzekile, inkazimulo yami ngeke ibe lapho; futhi nami ngeke ngize kuyo.
10 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, ingxenye yesibili engaseningizimu iyongcweliselwa mina ukuze kwakhiwe indlu yami, yomsebenzi wokucindezela ukuhunyushwa kwemibhalo yami engcwele, nazo zonke izinto noma yiziphi engiyoniyala ngazo.
11 Futhi iyoba ngamashumi amahlanu nanhlanu ngamashumi ayisithupha nanhlanu ezinyawo ububanzi nobude bayo, egcekeni elingaphakathi; futhi kuyoba khona eliphansi neliphezulu igceke.
12 Futhi lendlu yonke iyongcweliselwa iNkosi kusuka esisekelweni sayo, ukweza umsebenzi wokucindezela, kuzo zonke izinto noma yini engiyoniyala ngayo, ibe ngcwele, ingangcoliswa, ngokwesifanekiselo ezintweni zonke njengoba niyonikezwa.
13 Futhi engxenyeni yesithathu inceku yami uHyrum Smith uyofumana ifa lakhe.
14 Futhi kweyokuqala neyesibili ingxenye ngasenyakatho izinceku zami uReynolds Cahoon noJared Carter bayothola amafa abo—
15 Ukuze benze umsebenzi engibabekele wona, ukuba babe yikomiti elakha izindlu zami, ngokomyalelo, mina, iNkosi uNkulunkulu, engininike wona.
16 Lezi zindlu zombili akufanele zakhiwe ngize ngininike umyalelo ngazo.
17 Manje angini niki lutho olunye kulesi sikhathi. Amen.