Ubizo LweMishini
Isahluko 3: Isifundo 1—Umlayezo Wokubuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu


“Isahluko 3: Isifundo 1—Umlayezo Wokubuyiselwa Kwevangeli likaJesu Kristu,” Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela woKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (2023)

“Isahluko 3: Isifundo 1,” Shumayelani Ivangeli Lami

Isahluko 3: Isifundo 1

UMyalezo Wokubuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu

Isithombe
UmBono wokuQala

Abantu Bangazibuza

  • Ngabe uNkulunkulu ukhona?

  • Ngingazizwa kanjani ngiseduze noNkulunkulu?

  • Ngingalifunda kanjani iqiniso ezweni lanamuhla elididayo?

  • Inkolo ingangisiza kanjani?

  • Kungani kunamabandla amaningi kangaka?

  • Kungani nginezivivinyo eziningi kangaka?

  • Ngingakuthola kanjani ukuthula ngezikhathi zezinxushunxushu?

  • Ngingajabula kanjani?

  • Umprofethi angawusiza kanjani umhlaba namuhla?

Kusukela ekuqaleni komhlaba, uNkulunkulu uveze ivangeli kubantwana Bakhe ngabaprofethi. Lokhu ukwenze ngeNdodana Yakhe, uJesu Kristu. Emandulo, uJesu wembula ivangeli kubaprofethi njengo-Adamu, uNowa, u-Abrahamu kanye noMose. Kodwa abantu abaningi balenqaba.

Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyadlule, uJesu Kristu ngokwaKhe wafundisa ivangeli Lakhe futhi wasungula iBandla Lakhe. Ngisho abantu nabo bamhlubuka uJesu. Ngokushesha ngemva kokufa Kwakhe, kwaba nokuhlubuka okusabalele eqinisweni neBandla leNkosi. Ukuphelela kwevangeli kanye negunya lobupristi kwakungasekho emhlabeni.

Emakhulwini eminyaka kamuva, uNkulunkulu wabiza omunye umprofethi, uJoseph Smith. UNkulunkulu wabuyisela ukuphelela kwevangeli ngaye futhi wamgunyaza ukuthi ahlele iBandla likaJesu Kristu futhi.

Ukuba nokugcwala kwevangeli likaJesu Kristu emhlabeni ngesinye sezibusiso ezinkulu zosuku lwethu. Ivangeli lisisiza ukuthi siphendule imibuzo ecwaninga kakhulu impilo. Abaprofethi abaphilayo bayasihola ezikhathini ezinzima. Igunya lobupristi bukaNkulunkulu seliphinde lasemhlabeni ukuzobusisa abantwana Bakhe.

Isithombe
abefundisi bevangeli befundisa umndeni

Iziphakamiso Zokufundisa

Lengxenye inikeza uhlaka oluyisibonelo olungakusiza ulungiselele ukufundisa. Kuhlanganise nezibonelo zemibuzo nezimemo ongazisebenzisa.

Njengoba ulungiselela ukufundisa, cabangela ngomthandazo isimo somuntu ngamunye kanye nezidingo ezingokomoya. Nquma ukuthi yini ezoba usizo kakhulu ukuyifundisa. Lungiselela ukuchaza amagama abantu abangase bangawaqondi. Hlela ngokuthi singakanani isikhathi oyoba naso, ukhumbule ukwenza izifundo zibe mfushane.

Khetha imibhalo engcwele ongayisebenzisa lapho ufundisa. Ingxenye ethi “Isisekelo Semfundiso” yesifundo ihlanganisa imibhalo engcwele eminingi ewusizo.

Cabangela ukuthi imiphi imibuzo ongayibuza ngesikhathi ufundisa. Hlela izimemo ozozidlulisela ezizokhuthaza umuntu ngamunye ukuba athathe isinyathelo.

Gcizelela izibusiso zikaNkulunkulu ezithenjisiwe, futhi wabelane ngobufakazi bakho balokho okufundisayo.

Ongakufundisa Abantu Emizuzwini eyi-15–25

Khetha umgomo owodwa noma eminingi kwelandelayo ozoyifundisa. Isisekelo semfundiso yesimiso ngasinye sinikezwa ngemva kwaloluhlaka.

UNkulunkulu unguBaba Wethu oseZulwini Othandekayo

  • UNkulunkulu unguBaba wethu oseZulwini, futhi singabantwana Bakhe. Wasidala ngomfanekiso Wakhe.

  • UNkulunkulu uyasazi mathupha futhi uyasithanda.

  • UNkulunkulu unomzimba okhazinyulisiwe, ophelelisiwe wenyama namathambo.

  • UNkulunkulu ufuna ukusibusisa ngokuthula kanye nokugcwala kwenjabulo eyohlala ingunaphakade.

  • Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasithanda, wathumela iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, ukuba izosikhulula esonweni nasekufeni.

UNkulunkulu Wembula iVangeli Ngabaprofethi Kuyo Yonke Inkathi

  • UNkulunkulu ubiza abaprofethi ukuthi babe ngabameleli Bakhe emhlabeni.

  • Emandulo, uNkulunkulu wabiza abaprofethi abanjengo-Adamu, uNowa, u-Abrahama noMose.

  • Umprofethi ophilayo uthola isambulo esivela kuNkulunkulu ukuze asifundise futhi asihole namuhla.

Ubufundisi bukaJesu Kristu Basemhlabeni kanye neNhlawulo

  • UJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.

  • Ngesikhathi somsebenzi Wakhe wasemhlabeni, uJesu wafundisa ivangeli Lakhe futhi wasungula iBandla Lakhe.

  • UJesu wabiza abaPhostoli abayishumi nambili futhi wabanika igunya lokuhola iBandla Lakhe.

  • Ekupheleni kwempilo Yakhe, uJesu wahlawulela izono zethu ngokuhlupheka kwakhe eNsimini yaseGetsemane nangesikhathi sokuBethelwa. Ngemva kokufa kukaJesu, Wavuswa kwabafileyo.

  • Ngenxa yomhlatshelo kaJesu wenhlawulo, singathethelelwa futhi sihlanzwe izono zethu ngesikhathi siphenduka. Lokhu kusilethela ukuthula futhi kwenza sikwazi ukubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi sithole ukugcwala kwenjabulo.

  • Ngenxa yoVuko lukaJesu, nathi sonke sizovuka kwabafileyo emva kokufa. Lokhu kusho ukuthi umoya nomzimba womuntu ngamunye kuzophinde kuhlanganiswe futhi kuphile phakade.

Ukuhlubuka

  • Emva kokufa kwabaPhostoli baJesu, kwaba khona ukuhlubuka okusabalele evangelini naseBandleni likaJesu Kristu.

  • Ngalesi sikhathi, abantu baguqula izimfundiso eziningi zevangeli. Abantu baphinde baguqula izimiso zobupristi, njengokubhabhadiswa. Igunya lobupristi kanye neBandla elamiswa nguJesu kwakungasekho emhlabeni.

Ukubuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngoJoseph Smith

  • UJoseph Smith wayefuna ukwazi ukuthi yiliphi ibandla elaliyiBandla likaNkulunkulu leqiniso ukuze azibandakanye nalo. UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu babonakala Kuye ngo-1820. Lesi sigameko sibizwa ngokuthi umBono wokuQala.

  • UNkulunkulu wabiza uJoseph Smith ukuba abe ngumprofethi, njengoba ayebize abaprofethi ezikhathini zangaphambili.

  • Ivangeli likaJesu Kristu labuyiselwa ngoJoseph Smith.

  • Ezinye izithunywa zasezulwini zabuyisela ubupristi, futhi uJoseph wagunyazwa ukuhlela iBandla likaJesu Kristu.

  • UJesu Kristu uyaqhubeka nokuhola iBandla Lakhe namuhla ngabaprofethi nabaphostoli abaphilayo.

INcwadi kaMormoni: Elinye iThestamente likaJesu Kristu

  • INcwadi kaMormoni ingumqulu wemibhalo engcwele eyabhalwa ezikhathini zakudala ngabaprofethi emazweni aseMelika. UJoseph Smith wayihumusha ngesipho nangamandla kaNkulunkulu.

  • Kanye neBhayibheli, iNcwadi kaMormoni ihlinzeka ngobufakazi benkonzo kaJesu, izimfundiso, kanye nomsebenzi wakhe njengoMsindisi wethu.

  • Singasondela kuNkulunkulu ngokufunda iNcwadi kaMormoni futhi sigcine imiyalelo yayo.

  • Singakwazi ukuthi iNcwadi kaMormoni iyizwi likaNkulunkulu ngokuyifunda, ngokucabangisisa ngayo, kanye nokukhuleka ngayo. Lenqubo izosisiza futhi ukuthi sazi ukuthi uJoseph Smith wayengumprofethi.

Khuleka Ukwazi Ngeqiniso ngoMoya oNgcwele

  • Umkhuleko uwukuxhumana kwababili phakathi kukaNkulunkulu nabantwana Bakhe.

  • Ngomkhuleko oqotho, singakwazi ukuthi umlayezo wokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu uyiqiniso.

  • Njengoba sikhuleka, uMoya oNgcwele uyasifundisa futhi uqinisekise iqiniso kithi.

Isithombe
abefundisi bevangeli befundisa izinsizwa

Imibuzo Ongase Uyibuze Abantu

Imibuzo elandelayo iyizibonelo zalokho ongase ukubuze abantu. Lemibuzo ingakusiza ube nezingxoxo eziphusile futhi uqonde izidingo zomuntu kanye nombono wakhe.

  • Yini oyikholelwayo ngoNkulunkulu?

  • Ukuzizwa useduze noNkulunkulu kungakusiza kanjani?

  • Wazini ngoJesu Kristu? Impilo Yakhe kanye nezimfundiso Zakhe zikuthinte kanjani?

  • Uzithola kanjani izimpendulo ezithembisayo emhlabeni wanamuhla odidayo?

  • Kungakusiza kanjani ukwazi ukuthi kukhona umprofethi ophilayo emhlabeni namuhla?

  • Uke wezwa ngeNcwadi kaMormoni na? Singaxoxa ngokuthi kungani ibalulekile na?

  • Ungasitshela izinkolelo zakho ngomkhuleko na? Singaxoxa ngezinkolelo zethu ngomkhuleko na?

Izimemo Ongazikhipha

  • Ungamcela uNkulunkulu ngomkhuleko ukuba akusize wazi ukuthi lokho esikufundisile kuyiqiniso na? (Bheka “Ukucacisa Ukufundisa: Umkhuleko” esigabeni sokugcina salesi sifundo.)

  • Ingabe uzoya esontweni kuleli Sonto ukuze ufunde okwengeziwe ngalokho esikufundisile?

  • Ngabe uzoyifunda iNcwadi kaMormoni futhi uthandaze ukuze wazi ukuthi iyizwi likaNkulunkulu na? (Ungaphakamisa izahluko noma amavesi athile.)

  • Ingabe uzosilandela isibonelo sikaJesu futhi ubhabhadiswe na? (Bheka “Isimemo sokuba uBhabhadiswe futhi uQiniswe,” esandulela lesi sifundo ngokushesha.)

  • Singabeka isikhathi sokuzovakasha ngokuzayo na?

Isisekelo Sezimfundiso

Lesi sigaba sihlinzeka ngemfundiso kanye nemibhalo engcwele ukuze uyifunde ukuze uqinise ulwazi lwakho kanye nobufakazi bevangeli futhi ikusize ufundise.

Isithombe
umndeni

UNkulunkulu unguBaba Wethu oseZulwini Othandekayo

UNkulunkulu unguBaba wethu oseZulwini, futhi singabantwana Bakhe. Wasidala ngomfanekiso Wakhe. [Unomzimba] okhazimulayo, ophelelisiwe “wenyama namathambo othintekayo njengowomuntu” (IMfundiso neziVumelwano 130:22).

UNkulunkulu usazi thina mathupha, futhi usithanda ngaphezu kwalokho esingakuqonda. Uyaziqonda izivivinyo zethu, usizi, kanye nobuthakathaka bethu, futhi uyazinikela ukuze asisekele ngakho. Uyayijabulela intuthuko yethu futhi uyosisiza senze izinqumo ezifanele. Ufuna ukuxhumana nathi, futhi singaxhumana Naye ngomkhuleko.

UNkulunkulu usinike lesi sigameko emhlabeni ukuze sifunde, sikhule, futhi sifane Naye kakhulu. Ngothando oluphelele, ufuna sibuyele Kuye ngemva kokufa. Nokho, ngeke sikwazi ukwenza lokhu ngokwethu. Ngoba uNkulunkulu uyasithanda, Wathumela iNdodana Yakhe, uJesu Kristu ukuba asihlenge. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, … ukuba izwe lisindiswe ngayo” (NgokukaJohane 3:16–17).

UNkulunkulu ufuna ukusibusisa ngokuthula kanye nokugcwala kwenjabulo eyohlala ingunaphakade. Usinikeze isu elisinika ithuba lokuthola lezi zibusiso. Lelisu libizwa ngokuthi isu lensindiso (bheka isifundo 2).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

Isithombe
Moses and the Tablets [uMose kanye neziBhebhe], nguJerry Harston

UNkulunkulu Wembula iVangeli Ngabaprofethi Kuyo Yonke Inkathi

Abaprofethi Bangabameleli BaNkulunkulu Emhlabeni

Enye indlela ebalulekile uNkulunkulu akhombisa ngayo uthando Lwakhe kithi iwukubiza abaprofethi, abanike igunya lobupristi, futhi abakhuthaze ukuthi bamkhulumele. Abaprofethi bangabameleli baNkulunkulu emhlabeni. Umprofethi weThestamente Elidala wabhala ukuthi “iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayimbulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi” (U-Amose 3:7). Ezinye zezibusiso esizithola kubaprofethi abaphilayo zibalulwe ngezansi.

Ofakazi baJesu Kristu. Abaprofethi bangofakazi abakhethekile baJesu Kristu, abafakaza Ngaye njengoMsindisi kanye noMhlengi wethu.

Izimfundiso. Abaprofethi bathola isiqondiso esivela kuNkulunkulu ukuze basisize sihlukanise iqiniso emaphutheni. Basifundisa ukuthi silalele imiyalelo kaNkulunkulu futhi siphenduke uma senza iphutha. Bagxeka isono futhi baxwayise ngemiphumela yaso.

Izimfundiso zabaProfethi zisiphakamisela kuNkulunkulu futhi zisisize sithole izibusiso Yena asifisela zona. Ukuphepha kwethu okukhulu kulele ekulandeleni izwi leNkosi elanikezwa ngabaprofethi Bakhe.

Igunya Lobupristi. Umprofethi wamanje ungumphathi wobupristi owengamele emhlabeni. Ubupristi buyigunya kanye namandla kaNkulunkulu. Umprofethi unegunya lokukhuluma nokwenza egameni likaNkulunkulu ukuze kusindiswe abantwana Bakhe.

Isiqondiso seBandla. IBandla likaJesu Khristu lakhiwe esisekelweni sabaprofethi kanye nabaphostoli (bheka Kwabase-Efesu 2:19–20; 4:11–14).

Abaprofethi eziKhathini Zasendulo

U-Adamu waba ngumprofethi wokuqala emhlabeni. UNkulunkulu waveza ivangeli likaJesu Kristu kuye wase emnika igunya lobupristi. U-Adamu kanye no-Eva bafundisa abantwana babo lamaqiniso futhi babakhuthaza ukuba bakhulise ukholo nokuthi baphile ivangeli.

Ekugcineni inzalo ka-Adamu no-Eva yahlubuka futhi yalifulathela ivangeli. Lokhu kwaholela esimweni esibizwa ngokuthi ukuhlubuka, noma ukuwa. Ngesikhathi ukuhlubuka okusabalele kwenzeka, uNkulunkulu uyalihoxisa igunya Lakhe lobupristi, elidingekayo ukufundisa kanye nokuphatha izimiso zevangeli.

IThestamente Elidala libhala izigameko eziningi zokuhlubuka okwandile. Ukuqeda lezi zikhathi, uNkulunkulu wafinyelela kubantwana Bakhe ngokubiza omunye umprofethi. Wembula amaqiniso evangeli kabusha kulaba baprofethi futhi wabanika igunya lobupristi. Abanye balaba baprofethi kwakunguNowa, u-Abrahama noMose. Ngokudabukisayo, ngokuphindaphindiwe ngokuhamba kwesikhathi, abantu bagcina belahle abaprofethi futhi bawa.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “uMphrofethi.”

  • IziHloko zeVangeli: “Abaphrofethi,” “Ukubuyiselwa kweBandla

Isithombe
O My Father [O Baba Wami], nguSimon Dewey

Ubufundisi bukaJesu Kristu Basemhlabeni kanye neNhlawulo

UJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu. UJesu kanye neNhlawulo Yakhe babalulekile kwisu likaNkulunkulu ngathi. INhlawulo Yakhe yahlanganisa ukuhlupheka Kwakhe eNsimini yaseGetsemane, ukuhlupheka nokufa Kwakhe esiphambanweni, kanye noVuko Lwakhe.

Kusukela ngesikhathi sika-Adamu no-Eva, uBaba oseZulwini uthumele iNkosi uJesu Kristu ukuba ikhulume nabaprofethi Bakhe. UBaba oseZulwini wathumela uJesu emhlabeni eminyakeni engaphezu kwe-2,000 edlule.

UJesu waphila impilo ephelele, engenasono. Wafundisa ivangeli Lakhe futhi wamisa iBandla Lakhe. Wabiza abaPhostoli abayishumi nambili futhi wabanika igunya lobupristi lokufundisa kanye nokwenza izimiso ezingcwele, njengokubhabhadiswa. Wabanikeza futhi igunya lokuhola iBandla Lakhe.

Ekugcineni kwempilo Yakhe, uJesu wahlawulela izono zethu ngokuhlupheka Kwakhe eGetsemane nangesikhathi sokubethelwa Kwakhe. Ngenxa yomhlatshelo kaJesu wenhlawulo, singahlanzwa ezonweni zethu ngesikhathi siphenduka. Lokhu kwenza kwenzeke ukuthi sibuyele ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi sithole ukugcwala kwenjabulo.

Ngemva kokuba uJesu ebethelwe esiphambanweni, wavuswa kwabafileyo, wazuza ukunqoba phezu kokufa ngamandla kaBaba oseZulwini. Ngenxa yoVuko lukaJesu, sonke siyovuswa ngemva kokufa. Lokhu kusho ukuthi umoya nomzimba womuntu ngamunye kuyohlanganiswa, futhi umuntu ngamunye wethu uyophila phakade emzimbeni ophelele, ovusiwe. (Bheka “INhlawulo kaJesu Kristu” kwisifundo 2.)

Isithombe
umProfethi uJoseph Smith

UMprofethi uJoseph Smith wathi, “Imigomo esemqoka yokholo lwethu ngubufakazi kwabaPhostoli nabaProfethi, ngoJesu Kristu, ukuthi wafa, wangcwatshwa, futhi wavuka ngosuku lwesithathu, futhi wanyukela ezulwini; futhi konke okunye kokholo lwethu kuxhume kulokho” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 49).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

Ukuhlubuka

Emva kokufa kukaJesu Kristu, abaPhostoli Bakhe bafuna ukugcina imfundiso kaKristu imsulwa kanye nokugcina ukuhleleka eBandleni. Nokho, amalungu amaningi eBandla afulathela abaPhostoli kanye nemfundiso uJesu ayeyifundisile.

Emva kokuba abaPhostoli sebebulewe, kwaba khona ukuhlubuka okusabalele evangelini naseBandleni likaJesu Kristu. Lokhu kuhlubuka ngezinye izikhathi kubizwa ngokuthi Ukuhlubuka Okukhulu. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wasusa igunya lobupristi emhlabeni. Lokhu kulahlekelwa kwakuhlanganisa igunya elidingekayo lokuhola iBandla. Ngenxa yalokho, iBandla elamiswa nguJesu lalingasekho emhlabeni.

Ngalesi sikhathi, abantu baguqula izimfundiso eziningi zevangeli. Ulwazi oluningi mayelana nesimo sangempela sikaBaba oseZulwini, uJesu Kristu, kanye noMoya oNgcwele lwahlanekezelwa noma lwalahleka. Abantu baphinde baguqula izimiso zobupristi, njengokubhabhadiswa.

Emakhulwini eminyaka kamuva, amadoda nabesifazane abafuna iqiniso bazama ukulungisa izimfundiso nezenzo ezaziguquliwe. Bafuna ukukhanya komoya okukhulu, futhi abanye babo bakhuluma ngesidingo sokubuyiswa kweqiniso. Imizamo yabo yaholela ekuhleleni amabandla amaningi.

Lenkathi yesikhathi yaholela ekukhuleni okugcizelelwe kwenkululeko engokwenkolo, eyavula indlela yokubuyiselwa kweqiniso negunya elivela kuNkulunkulu.

Abaprofethi nabaphostoli babekubikezele ukuhlubuka (bheka 2 KwabaseThesalonikha 2:1–3). Futhi base bebikezele ukuthi ivangeli kanye neBandla likaJesu Kristu lizobuyiselwa emhlabeni (bheka IZenzo 3:20–21). Ukube bekungazange kube nokuwa, ukubuyiselwa bekungeke kudingeke.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

Ukubuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngoJoseph Smith

UmBono wokuQala kanye nokuBizwa kukaJoseph Smith njengoMprofethi

Phakathi namakhulu eminyaka lapho ukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu kwakungekho emhlabeni, uBaba oseZulwini waqhubeka nokufinyelela kubantwana Bakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, walungisa indlela ukuze babusiswe futhi ngokugcwala kwevangeli Lakhe. Ngesikhathi izimo sezilungile, wabiza uJoseph Smith njengomprofethi okwakuzobuyiselwa ngaye ivangeli kanye neBandla likaJesu Kristu.

UJoseph Smith wayehlala empumalanga ye-Melika ngesikhathi sesasasa elikhulu lezenkolo. Amalungu omndeni wakhe ayezinikele kuNkulunkulu futhi efuna iqiniso. Amabandla amaningi ayethi aneqiniso, futhi uJoseph wayefisa ukwazi ukuthi yiliphi elalineqiniso (bheka Joseph Smith—Umlando 1:18). IBhayibheli lisifundisa ukuthi “yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhabhadiso” (Kwabase-Efesu 4:5). Ngesikhathi uJoseph eya emasontweni ahlukahlukene, wayedidekile ukuthi azibandakanye naliphi. Ekugcineni wathi:

“Kwakukukhulu ukudideka kanye nengxabano phakathi kwamabandla, ukuthi kwakunzima ukuthi umuntu osemncane njengami…angenza isinqumo sanoma yini sokuthi ngubani olungileyo futhi ngubani ongalungile. …

“Phakathi nalempi yamazwi nokuxokozela kwemibono, ngayiye ngizibuze ukuthi: Kufanele kwenziwe njani? Yibaphi kulamabandla aba qinisile; noma, ngabe bonke basephutheni na? Uma elinye labo lilungile, yiliphi, futhi ngizokwazi kanjani? Joseph Smith—uMlando 1:8, 10.

Njengabantu abaningi, uJoseph Smith naye wayenemibuzo mayelana nensindiso yomphefumulo wakhe. Wayefuna ukuthethelelwa izono zakhe futhi ahlanzeke phambi kukaNkulunkulu. Ngesikhathi ebheka iqiniso emabandleni ahlukene wafunda kwiBhayibheli, “Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho” (KaJakobe 1:5).

Ngenxa yalesi siqephu, uJoseph wathatha isinqumo ukucela uNkulunkulu ukuthi kumele enzeni. Entwasahlobo ka-1820, waya ehlane elinezihlahla elaliseduze nomuzi wakubo futhi waguqa ngamadolo ekhuleka. Kunezindaba ezine zombono ezalandela, ezilotshwe nguJoseph Smith noma ngababhali ngaphansi kokuqondisa kwakhe (bheka Gospel Topics Essays, “First Vision Accounts”). Ekulandiseni okubhalwe njengombhalo ongcwele, wachaza isehlakalo sakhe kanje:

Isithombe
The First Vision (UMbono wokuQala), nguLinda Christensen kanye noMichael Malm

“Ngabona insika yokukhanya imaqondana nekhanda lami, eyayingaphezu kokukhanya kwelanga, yehla kancane yaze yawela phezu kwami. … Kwathi ukukhanya sekuhleli phezu kwami ngabona aBantu ababili ababenesithunzi, ukukhanya nenkazimulo yabo okwakungachazeki, bemi ngaphezu kwami emoyeni. Omunye wabo wakhuluma nami, engibiza ngegama futhi ethi, ekhomba komunye—Lena yiNdodana Yami Ethandekayo. Yilalele!” (Joseph Smith—Umlando 1:16–17).

Kulombono, uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, baziveza kuJoseph Smith. UMsindisi wamtshela ukuthi makangazi bandakanyi nelilodwa ibandla.

Kwenye indaba yalombono, uJoseph wabelana ngokuthi uMsindisi naye wamtshela: “Izono zakho zithethelelwe. … Bheka NgiyiNkosi yenkazimulo. Ngabethelelwa umhlaba ukuze bonke abakholwa egameni lami babe nokuphila okuPhakade.”

Emva kombono, uJoseph wacabanga, “Umphefumulo wami wagcwala uthando, futhi izinsuku eziningi ngangikwazi ukuthokoza ngentokozo enkulu futhi iNkosi yayinami” (Joseph Smith History, circa Summer 1832, 3, josephsmithpapers.org; isibiza magama nezimpawu zokuloba zenziwe zibe zesimanje).

Ngalombono, uJoseph Smith waba ngufakazi kaJesu Kristu futhi wafunda amaqiniso abalulekile ngobuNkulunkulu. Isibonelo, wafunda ukuthi uBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu bayizidalwa ezahlukene. Ngesikhathi bembiza ngegama, wathola ukuthi babemazi mathupha. Ngesikhathi uJoseph etshelwa ukuthi wayethethelelwe, wafunda ukuthi uNkulunkulu unomusa. Lesi senzakalo samjabulisa kakhulu.

Njengoba uNkulunkulu ayenzile ngabaprofethi abaningi baphambilini, wabiza uJoseph Smith ukuthi abe ngumprofethi okwakuzobuyiselwa ngaye ukuphelela kwevangeli emhlabeni. Lokhu kubuyiselwa kwakuyosiza abantwana baNkulunkulu bathole injabulo kulomhlaba kanye nempilo yaphakade emhlabeni ozayo—konke ngoJesu Kristu.

Ukubuyiselwa kobuPristi nezikhiye zobuPristi

Isithombe
Upon You My Fellow Servants [Kini Zinceku Engisebenza Nazo], nguLinda Curley Christensen kanye noMichael Malm

Emva kokuvela kukaBaba neNdodana, ezinye izithunywa zasezulwini zathunyelwa kuJoseph Smith kanye nomlingani wakhe u-Oliver Cowdery. UJohane uMbhabhadisi wabonakala njengomuntu ovusiwe futhi wanikeza ubuPristi buka-Aroni nezikhiye zabo kubo. UbuPristi buka-Aroni buhlanganisa igunya lokubhabhadisa.

Isithombe
Izwi likaPhethro, uJakobe, noJohane, nguWelden C. Andersen

Ngokushesha ngemva kwalokho, uPhethro, uJakobe, kanye noJohane—abaPhostoli abathathu baKristu bokuqala—bavela njengabantu abavusiwe kwabafileyo futhi banikeza ubuPristi bukaMelkisedeki nezikhiye zabo kuJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery. Lobupristi buyigunya elifanayo uKristu alinika abaPhostoli Bakhe kudala.

Isithombe
Image of Moses Elias and Elijah descending into the Kirtland temple and appearing to Joseph Smith.

EThempelini laseKirtland, uMose, u-Eliyasi, kanye no-Eliya babonakala kuJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery futhi banikela kubo elinye igunya nezikhiye zobupristi ezidingekayo ukuze bafeze umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina. UMose waletha izikhiye zokuqoqa u-Israyeli. U-Eliyasi waletha isikhathi sevangeli lika-Abrahama. U-Eliya waletha izikhiye zamandla wokuqinisa. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 110:11–16; bheka futhi General Handbook, 3.1.)

INhlangano yeBandla

UJoseph Smith wakhonjiswa ukuba ahlanganise iBandla likaJesu Kristu futhi lapha emhlabeni. Ngaye, uJesu Kristu wabiza abaPhostoli abayishumi nambili.

Abaprofethi ezikhathini zeBhayibheli babebhekisela esikhathini esiphila kuso njengezinsuku zokugcina. Yisikhathi maduze nje ngaphambi koKuza kwesiBili kukaJesu Kristu. Yingakho iBandla libizwa ngeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina (bheka IMfundiso neziVumelwano 115:3–4; bheka futhi 3 Nefi 27:3–8).

AbaProfethi nabaPhostoli Abaphilayo Namuhla

Njengoba uJesu abiza abaPhostoli ngesikhathi somsebenzi Wakhe wasemhlabeni ukuthi bahole iBandla Lakhe, ubize abaPhostoli ukuthi balihole namuhla. UbuMongameli Bokuqala kanye noMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili bangabaprofethi, ababoni, kanye nabembuli.

NguMphostoli omkhulu kuphela obizwa ngomprofethi ngoba wengamela iBandla lonke futhi ugunyazwe ngokukhethekileyo ukukhuluma egameni leNkosi. Ungumlandeli ogunyaziwe kaJoseph Smith. Yena kanye nabaPhostoli bamanje balandelela igunya labo kuJesu Kristu ochungechungeni olunganqamuki lokugcotshwa olwaqala ngesikhathi uJoseph Smith egcotshwa ngaphansi kwezandla zezithunywa zasezulwini.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

INcwadi kaMormoni: Elinye iThestamente likaJesu Kristu

INcwadi kaMormoni ingumqingo wemibhalo engcwele njengeBhayibheli. IBhayibheli lingufakazi oyedwa kaJesu Kristu, futhi iNcwadi kaMormoni ingufakazi wesibili wenkonzo Yakhe, izimfundiso Zakhe, kanye nomsebenzi Wakhe njengoMsindisi wethu.

UJoseph Smith wakhonjiswa yinceku yaseZulwini igama layo linguMoroni entabeni lapho izingcwephe zegolide zazifihlwe khona iminyaka ngeminyaka. Lombhalo ogciniwe, owawuqoshwe ezingcwepheni zegolide (amashidi amancane ensimbi), wawuqukethe imibhalo yabaprofethi ephathelene nokusebenzelana kukaNkulunkulu nezinye izakhamuzi zasendulo zaseMelika. UJoseph Smith wahumusha lombhalo ngesipho nangamandla kaNkulunkulu.

Abaprofethi eNcwadini kaMormoni babazi ngomsebenzi kaJesu Kristu futhi bafundisa ivangeli Lakhe. Ngemva kokuba uJesu avuke, wabonakala kulaba bantu futhi wabakhonza mathupha. Wabafundisa futhi wamisa iBandla Lakhe.

INcwadi kaMormoni isisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu njengoba sifunda, siqonda, futhi sisebenzisa izimfundiso zayo. UmProfethi uJoseph Smith wathi “owesilisa [noma owesifazane] uzosondela kuNkulunkulu ngokugcina imiyalo [yencwadi], kunanoma iyiphi enye incwadi” (Teachings: Joseph Smith64).

Isithombe
indoda ifunda

Ukuze sazi ukuthi iNcwadi kaMormoni iyizwi likaNkulunkulu, sidinga ukuyifunda, siyicabangisise, futhi sikhuleke ngayo. Umphrofethi weNcwadi kaMormoni wathembisa ukuthi uNkulunkulu uzosambulela iqiniso lencwadi njengoba sikhuleka ngenhliziyo eqotho, ngenhloso yangempela, nangokholo kuKristu (bheka Moroni 10:3–5). Ukufunda iNcwadi kaMormoni kubalulekile ukuze ube nokuphenduka okubekezelayo.

Ngesikhathi sifunda iNcwadi kaMormoni futhi sikhuleka ngayo, sizofunda amaqiniso ngoJesu Kristu azobusisa izimpilo zethu. Sizokwazi futhi ukuthi uJoseph Smith wayengumprofethi kaNkulunkulu nokuthi ivangeli kanye neBandla likaJesu Kristu libuyisiwe ngaye.

Isithombe
UMongameli uRussell M. Nelson

“Ngiyathembisa ukuthi ngesikhathi ufunda iNcwadi kaMormoni ngomkhuleko nsuku zonke, uzokwenza izinqumo ezingconywana—nsuku zonke. Ngiyathembisa ukuthi ngesikhathi ukucabangisisa lokhu okufundayo, amawindi asezulwini azovuleka, futhi uzothola izimpendulo emibuzweni yakho nesiqondiso empilweni yakho. Ngiyathembisa ukuthi ngesikhathi uzicwilisa eNcwadini kaMormoni nsuku zonke, ungavikeleka obubini bosuku” (uRussell M. Nelson, “The Book of Mormon: What Would Your Life Be Like without It?Ensign noma iLiyahona, Nov. 2017, 62–63).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “iNcwadi kaMormoni.”

  • IziHloko zeVangeli: “INcwadi kaMormoni

Isithombe
owesifazane ekhuleka

Khuleka Ukwazi Ngeqiniso ngoMoya oNgcwele

Ngoba uNkulunkulu unguBaba wethu, Uzosisiza ukuba sibone iqiniso. Singakwazi ukuthi umlayezo wokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu uyiqiniso ngesikhathi sifunda iNcwadi kaMormoni futhi sikhuleka kuNkulunkulu. Uma sikhuleka ngokholo nangenhloso yangempela, Uzophendula imibuzo yethu futhi aqondise izimpilo zethu.

UNkulunkulu uvamise ukuphendula imikhuleko yethu ngoMoya oNgcwele. Ngesikhathi sikhuleka, uMoya oNgcwele uyafundisa futhi uqinisekise iqiniso. Ukuxhumana okuvela kuMoya oNgcwele kunamandla. Ngokuvamile kuza njengesiqinisekiso esithulile ngemizwa yethu, imicabango, kanye nemibono yethu (bheka 1 AMaKhosi 19:11–12; Helamani 5:30; IMfundiso neziVumelwano 8:2).

Ukufunda imibhalo engcwele (ikakhulukazi iNcwadi kaMormoni), ukuya emihlanganweni yesidlo esingcwele yamasonto onke, kanye nomthandazo oqotho kusisiza ukuthi sizwe amandla oMoya oNgcwele futhi sithole iqiniso.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda Kabanzi mayelana naloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Umkhuleko

  • Bible Dictionary: “Prayer

  • IziHloko zeVangeli: “Umkhuleko

Izifundo Ezimfushane ukuya Kweziningana

Uhlaka olulandelayo luyisibonelo salokho ongase ukufundise othile uma unesikhathi esifushane. Lapho usebenzisa loluhlaka, khetha isimiso esisodwa noma ngaphezulu ozosifundisa. Isisekelo sezimfundiso zesimiso ngasinye sinikezwe ekuqaleni kwesifundo.

Ngesikhathi ufundisa, buza imibuzo futhi ulalele. Nikeza izimemo ezizosiza abantu bafunde indlela yokusondela kuNkulunkulu. Isimemo esisodwa esibalulekile esokuba lowo muntu ahlangane nawe futhi. Ubude besifundo buzoncika emibuzweni oyibuzayo nasekulaleleni okwenzayo.

Isithombe
abefundisi bevangeli bekhuluma nomuntu

Ongakufundisa Abantu emiZuzwini emi-3-10

  • UNkulunkulu unguBaba wethu oseZulwini, futhi usidale ngomfanekiso Wakhe. Uyasazi futhi uyasithanda. Ufuna ukusibusisa ngokuthula kanye nokugcwala kwenjabulo eyohlala ingunaphakade.

  • UJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu. Umsebenzi wakhe kwakuwukwenza ukuba sikwazi ukuhlanzwa ezonweni zethu, sinqobe ukufa, futhi sithole ukuphila okuphakade.

  • UNkulunkulu ubiza abaprofethi ukuthi babe ngabameleli Bakhe emhlabeni. Endulo, Wabiza abaprofethi abanjengo-Adamu, uNowa, u-Abrahama noMose. Umprofethi ophilayo uthola isambulo esivela kuNkulunkulu ukuze asifundise futhi asihole namuhla.

  • Ngesikhathi somsebenzi kaJesu wasemhlabeni, Wamisa iBandla Lakhe. Emva kokufa kwabaPhostoli baJesu, kwaba khona ukuhlubuka okusabalele evangelini naseBandleni likaJesu Kristu. Abantu baguqula izimfundiso zevangeli eziningi kanye nezimiso zobupristi, njengokubhabhadiswa.

  • UNkulunkulu wabiza uJoseph Smith ukuba abe ngumprofethi, njengoba ayebize abaprofethi ezikhathini zangaphambili. UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu babonakala kuye. Ivangeli likaJesu Kristu labuyiselwa ngaye.

  • INcwadi kaMormoni ingumqulu wemibhalo engcwele. NjengeBhayibheli, iwubufakazi bukaJesu Kristu futhi isisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu njengoba siyifunda futhi sisebenzisa imiyalo yayo. UJoseph Smith wayihumusha ngesipho nangamandla kaNkulunkulu.

  • Ngomkhuleko oqotho, singakhuluma noNkulunkulu. Singazi ukuthi umlayezo wokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu uyiqiniso.

Shicilela