Ubizo LweMishini
Isahluko 3: Isifundo 4—Ukuba Ngabafundi baJesu Kristu Izimpilo Zethu Zonke


“Isahluko 3: Isifundo 4—Ukuba Ngabafundi baJesu Kristu Izimpilo Zethu Zonke,” Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela woKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (ngo-2023)

“Isahluko 3: Isifundo 4,” Shumayelani Ivangeli Lami

Isahluko 3: Isifundo 4

Ukuba Ngabafundi baJesu Kristu Izimpilo Zethu Zonke

Isithombe
The Lost Lamb [IWundlu Elilahlekile], nguDel Parson

Ukufundisa Lesi Sifundo

Umbhabhadiso uyisimiso esijabulisayo sethemba. Uma sibhabhadiswa, sibonisa isifiso sethu sokulandela uNkulunkulu nokungena endleleni eholela ekuphileni okuphakade. Sikhombisa futhi ukuzibophezela kwethu ekubeni abafundi baJesu Kristu impilo yonke.

Lesi sifundo sihlelwe ngokwezivumelwano esizenza ekubhabhadisweni. Kuhlanganisa lezigaba eziyinhloko ezilandelayo, ngasinye sinezigatshana:

  • Isivumelwano Sethu Sokuvuma Ukuzibiza ngeGama likaJesu Kristu

  • Isivumelwano Sethu Sokugcina Imiyalo kaNkulunkulu

  • Isivumelwano Sethu Sokusebenzela uNkulunkulu naBanye

  • Isivumelwano Sethu sokuBekezela kuze kube Sekugcineni

Siza abantu baqonde ukuthi izimiso kanye nemiyalelo oyifundisayo iyingxenye yesivumelwano abazosenza ekubhabhadisweni. Bakhombise ukuthi ingxenye ngayinye yalesi sifundo izobasiza kanjani ukuba “beze kuKristu … futhi bahlanganyele ensindisweni yakhe” (u-Omini 1:26; bheka futhi 1 uNefi 15:14).

Uzofuna ukufundisa lesi sifundo ekuvakasheni okuningana. Akuvamile ukuthi ukuvakasha kokufundisa kweqe ngaphezu kwemizuzu engama-30. Ngokuvamile kungcono ukuba nokuvakasha okufushane, kaningana okuhlanganisa izingxenye ezincane zezinto ezifundwayo.

Hlela ozokufundisa, ukuthi uzokufundisa nini, nokuthi uzothatha isikhathi esingakanani. Cabanga ngezidingo zabantu obafundisayo, futhi ufune ukuholwa nguMoya. Ungaba nenkululeko yokufundisa ngokuvumelana nalokho okungasiza kakhulu abantu ukuba balungiselele umbhabhadiso nokuqiniswa.

Ezinye izigaba kulesi sifundo zihlanganisa izimemo ezithile. Funa ukuholwa ngumoya ekunqumeni ukuthi uzidlulisela kanjani futhi nini izimemo. Qaphela izinga lokuqonda lomuntu ngamunye. Msize aphile ivangeli isinyathelo esisodwa ngesikhathi.

Isithombe
owesifazane ethatha isidlo esingcwele

Isivumelwano Sethu Sokuvuma Ukuzibiza ngeGama likaJesu Kristu

Lapho sibhabhadiswa, senza isivumelwano sokulandela uJesu Kristu “ngokuzinikela okupheleleyo.” Siyafakaza futhi ukuthi “sizimisele ukubizwa ngegama likaKristu” (2 Nefi 31:13; bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 20:37).

Ukuzibiza ngegama likaJesu Kristu kusho ukuthi siyamkhumbula futhi silwela ukuphila njengabafundi Bakhe impilo yonke. Sivumela ukukhanya Kwakhe kukhanye ngathi kwabanye. Sizibona njengaBakhe futhi simbeka phambili ezimpilweni zethu.

Lezigaba ezilandelayo zichaza izindlela ezimbili zokukhumbula nokulandela uJesu Kristu.

Khuleka Njalo

Umkhuleko ungaba yingxoxo elula evela enhliziyweni noBaba oseZulwini. Emikhulekweni, sikhuluma Naye ngokukhululekile nangokwethembeka. Sikhombisa uthando Ngaye kanye nokubonga ngezibusiso zethu. Sicela futhi usizo, ukuvikeleka, kanye nokusikhombisa indlela. Lapho sivala imikhuleko yethu, kumele sizinike isikhathi sokuthula kancane silalele.

UJesu wafundisa wathi, “kufanele nikhuleke njalo kuBaba egameni lami” (3 Nefi 18:19, kwengezwe ingcizelelo; bheka futhi uMose 5:8). Lapho sikhuleka egameni likaJesu Kristu, sisuke sikhumbula Yena noBaba oseZulwini.

UJesu wasibekela isibonelo sokuba sisilandele lapho sikhuleka. Singafunda okuningi ngomkhuleko ngokufunda imikhuleko yoMsindisi emibhalweni engcwele (bheka ku NgokukaMathewu 6:9–13; NgokukaJohane 17).

Imikhuleko yethu ingahlanganisa lezi zingxenye ezilandelayo:

  • Qala ngokukhuluma noBaba oseZulwini.

  • Ukuveza imizwa yenhliziyo yethu, njengokubonga ngezibusiso esizitholile.

  • Buza imibuzo, funa isiqondiso, futhi ucele izibusiso.

  • Phetha ngokuthi “Egameni likaJesu Kristu, amen.”

Imibhalo engcwele isiyala ukuba sikhulele ekuseni nakusihlwa. Ungakhuleka noma yingasiphi isikhathi futhi nanoma yikuphi. Ngemikhuleko yethu yomuntu siqu kanye neyomndeni, kungaba nomqondo ukuguqa lapho sikhuleka. Kufanele sibe nomkhuleko njalo ezinhliziyweni zethu. (Bheka u-Alima 34:27; 37:36–37; 3 uNefi 17:13; 19:16.)

Imikhuleko yethu kumele ibe nokuzindla okusuka enhliziyweni. Lapho sikhuleka, kufanele sikugweme ukusho izinto ezifanayo ngendlela efanayo.

Sikhuleka ngokholo, ngobuqotho, kanye nangenhloso yangempela yokwenza lokho esikuthola ezimpendulweni. Uma senza lokhu, uNkulunkulu uyosiqondisa futhi asisize senze izinqumo ezinhle. Sizozizwa siseduze Naye. Uzosinika ukuqonda neqiniso. Uyosibusisa ngenduduzo, ukuthula namandla.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Umkhuleko

  • IsiChazamazwi seBhayibheli: “Umkhuleko

  • IziHloko zeVangeli: “Umkhuleko

Funda Imibhalo Engcwele

UNefi wafundisa wathi, “Zitikeni ngamazwi kaKristu; ngokuba [wona] azonitshela zonke izinto okufanele nizenze” (2 uNefi 32:3; bheka futhi 31:20).

Ukufunda imibhalo engcwele kuyindlela ebalulekile yokukhumbula nokulandela uJesu Kristu. Emibhalweni engcwele sifunda ngempilo Yakhe, yinkonzo,kanye nezimfundiso. Sifunda futhi ngezithembiso Zakhe. Lapho sifunda imibhalo engcwele, sizwa uthando Lwakhe. Imiphefumulo yethu iyakhula, ukholo lwethu Kuye luyakhula, nezingqondo zethu ziyakhanyiseleka. Ubufakazi bethu bomsebenzi Wakhe wobuthunywa baphezulu buba namandla.

Sikhumbula futhi silandela uJesu lapho sisebenzisa amazwi Akhe ezimpilweni zethu. Kufanele sifunde imibhalo engcwele nsuku zonke, ikakhulukazi iNcwadi kaMormoni.

Imibhalo engcwele yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina yiBhayibheli eliNgcwele, iNcwadi kaMormoni, iMfundiso neziVumelwano, kanye neGugu leNani eliKhulu. Lezi zibizwa nangokuthi “yimisebenzi ebekiwe.”

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “ImiBhalo eNgcwele

  • IziHloko zeVangeli: “Imibhalo Engcwele

Isithombe
UJesu Kristu efundisa isixuku

Isivumelwano Sethu Sokugcina Imiyalo kaNkulunkulu

Qaphela: Ziningi Izindlela zokufundisa imiyalelo etholakala kulengxenye. Isibonelo, ungabafundisa ngokubavakashela kambalwa nje. Noma ungase ufundise ezinye zazo njengengxenye yezifundo ezintathu zokuqala. Uma ufundisa imiyalelo, qiniseka ukuthi uyixhuma kwisivumelwano sombhabhadiso kanye nesu lensindiso.

Lapho sibhabhadiswa, senza isivumelwano noNkulunkulu sokuthi “siyogcina imiyalo yakhe” (uMosiya 18:10; u-Alima 7:15).

UNkulunkulu usinike imiyalelo ngoba Uyasithanda. Usifunela okungcono, manje naphakade. NjengoBaba wethu oseZulwini, Uyazi ukuthi yini esiyidingayo kwinhlalakahle yethu yangokomoya neyangokwenyama. Uyazi nokuthi yini ezosilethela injabulo enkulu. Umyalelo ngamunye uyisipho saphezulu, esinikezwe sona ukuba siqondise izinqumo zethu, sisivikele, futhi sisisize ukuba sikhule.

Esinye isizathu sokuza kwethu emhlabeni ukuthi sifunde futhi sikhule ngokusebenzisa ukuzikhethela kwethu ngokuhlakanipha (bheka u-Abrahama 3:25). Ukukhetha ukulalela imiyalelo kaNkulunkulu—kanye nokuphenduka lapho senza khona iphutha—kusisiza ukuba sikwazi ukuqondisa uhambo lwasemhlabeni oluvame ukuba yinselelo.

Imithetho kaNkulunkulu ingumthombo wamandla nezibusiso (bheka IMfundiso neziVumelwano 82:8–9). Ngokugcina imiyalo, sifunda ukuthi ayiwona umthetho ongumthwalo osindayo ovimbela inkululeko yethu. Inkululeko yeqiniso itholakala ngokulalela imiyalo. Ukulalela kungumthombo wamandla osilethela ukukhanya nolwazi ngoMoya oNgcwele. Kusilethela injabulo enkulu futhi kusisiza ukuba sifinyelele emandleni ethu angcwele njengabantwana baNkulunkulu.

UNkulunkulu uthembisa ukusibusisa lapho sigcina imiyalo Yakhe. Ezinye izibusiso ziqondene ngqo nemiyalo ethile. Izibusiso Zakhe zokugcina ukuthula kulempilo kanye nempilo yaphakade emhlabeni ozayo. (Bheka uMosiya 2:41; u-Alima 7:16; IMfundiso neziVumelwano 14:7; 59:23; 93:28; 130:20–21.)

Izibusiso zikaNkulunkulu zingokomoya kanye nezesikhashana. Ngezinye izikhathi, sidinga ukubekezela ekuzilindeni, sinethemba lokuthi zizoza ngokwentando Yakhe kanye nesikhathi Sakhe (bheka uMosiya 7:33; IMfundiso neziVumelwano 88:68). Ukuze siqonde izibusiso ezithile, kudingeka sinakisise ngokomoya futhi siqaphelisise. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi ngezibusiso eziza ngezindlela ezilula nezibonakala zijwayelekile.

Ezinye izibusiso zingase zibonakale kuphela ngokubheka emuva. Ezinye zingangafika kuze kube ngemva kwale mpilo. Akukhathalekile ukuthi yisiphi isikhathi noma yiluphi uhlobo lwezibusiso zikaNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi zizofika lapho sizama ukuphila ivangeli likaJesu Kristu (bheka Imfundiso kanye neZivumelwano 82:10).

UNkulunkulu uthanda bonke abantwana Bakhe ngokuphelele. Uyabubekezelela ubuthakathaka bethu, futhi uyathethelela lapho siphenduka.

Imiyalelo Emibili Emikhulu

Lapho uJesu ebuzwa “Yimuphi umyalelo omkhulu emthethweni na?” Waphendula wathi, “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

UJesu wabe esethi, umyalelo wesibili omkhulu uyafana nowokuqala: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (NgokukaMathewu 22:36―39). “Awukho omunye umyalo omkhulu kunale” (NgokukaMarku 12:31).

Njengabantwana baNkulunkulu bomoya, sinomthamo omkhulu wothando. Kuyingxenye yefa lethu elingokomoya. Ukuphila imithetho emibili emikhulu—ukuthanda uNkulunkulu kuqala ngokuthanda umakhelwane wethu—kuyisici esichaza abafundi baJesu Kristu.

Uthando lukaNkulunkulu

Ziningi izindlela esingabonisa ngazo uthando lwethu ngoNkulunkulu. Singagcina imiyalelo Yakhe (bheka NgokukaJohane 14:15, 21). Singambeka kuqala ezimpilweni zethu, sibeke intando yethu kweYakhe. Singabeka izifiso zethu, imicabango nezinhliziyo zethu Kuye (bheka u-Alima 37:36). Singaphila ngokubonga ngezibusiso Asinike zona—futhi sibe nesandla esivulekile ekwabeleni lezo zibusiso (bheka uMosiya 2:21–24; 4:16–21). Ngomkhulekoo kanye nokusebenzela abanye, singaveza futhi sijulise uthando lwethu Ngaye.

Njengeminye imiyalo, umyalo wokuthanda uNkulunkulu ungowenzuzo yethu. Esikuthandayo kunquma ukuthi sifunani. Esikufunayo kunquma esikucabangayo nesikwenzayo. Futhi lokho esikucabangayo nesikwenzayo kunquma ukuthi singobani—nokuthi sizoba ngobani.

Uthando lwaBanye

Ukuthanda abanye kuyisandiso sothando lwethu ngoNkulunkulu. UMsindisi wasifundisa izindlela eziningi zokuthanda abanye (isibonelo bheka, NgokukaLuka 10:25–37 futhi NgokukaMathewu 25:31–46). Sifinyelela futhi sibamukele ezinhliziyweni nasezimpilweni zethu. Sithanda ngokukhonza—ngokuzinikela ngisho nangezindlela ezincane nje. Sithanda abanye ngokusebenzisa izipho uNkulunkulu asiphe zona ukuze sibabusise.

Ukuthanda abanye kuhlanganisa ukuba nesineke, umusa nokwethembeka. Kuhlanganisa nokuthethelela ngokukhululekile. Kusho ukuphatha bonke abantu ngenhlonipho.

Uma sithanda othile, thina nalowo muntu siyabusiseka. Izinhliziyo zethu ziyakhula, ukuphila kwethu kuba nenjongo ngokwengeziwe, futhi injabulo yethu iyanda.

Izibusiso

Imithetho emibili emikhulu—ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane wethu—iyisisekelo sayo yonke imiyalo kaNkulunkulu (bheka NgokukaMathewu 22:40). Uma sithanda uNkulunkulu kuqala, futhi sithanda nabanye, yonke into ezimpilweni zethu iyohamba endaweni yayo efanele. Lolu thando luyothinta indlela esibona ngayo izinto, ukusebenzisa isikhathi sethu, izinto esizilandelayo, nokuhleleka kwezinto ezibalulekile kithi.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Isihe,” “Uthando

  • IziHloko zeVangeli: “Isihe,” “Uthando

Landela uMprofethi

UNkulunkulu ubiza abaprofethi ukuba babe ngabameleli Bakhe emhlabeni. Ngabaprofethi Bakhe, Wembula iqiniso futhi unikeza isiqondiso kanye nezexwayiso.

UNkulunkulu wabiza uJoseph Smith ukuba abe ngumprofethi wokuqala wezinsuku zokugcina (bheka isifundo 1). Abalandela uJoseph Smith ngokufanayo babizwe nguNkulunkulu ukuba bahole iBandla Lakhe, kuhlanganisa nomprofethi oliholayo namuhla. Kufanele sizuze ukuqiniseka ngobizo lwaphezulu lomprofethi ophilayo futhi silandele izimfundiso zakhe.

Izimfundiso zabaprofethi nabapostoli abaphilayo zinikeza ihange leqiniso laphakade emhlabeni wezimiso eziguqukayo. Uma silandela abaprofethi baNkulunkulu, ukudideka nemibango yezwe ngeke kusehlule. Sizothola injabulo enkulu kulempilo futhi sithole isiqondiso salengxenye yohambo lwethu lwaphakade.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

Gcina Imiyalelo Eyishumi

UNkulunkulu wembula iMiyalelo Eyishumi kumprofethi wasendulo owayebizwa ngoMose ukuze ahole abantu bakhe. Lemiyalo isebenza ngokufanayo osukwini lwethu. Isifundisa ukuthi sidumise futhi sikhombise inhlonipho kuNkulunkulu. Iyasifundisa futhi ukuthi siphathane kanjani.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • Izihloko zemiBhalo eNgcwele: “Imiyalelo elishumi

  • IziHloko zeVangeli: “Imiyalelo elishumi

Isithombe
indoda ephethe owesifazane

Phila Impilo Yomthetho wobuMsulwa

Umthetho wobumsulwa uyingxenye ebalulekile yesu likaNkulunkulu lokusindiswa nokuphakanyiswa kwethu. Ukusondelana ngokocansi phakathi kwendoda nomkayo kumiswe nguNkulunkulu ukuze kudalwe abantwana kanye nokubonisa uthando emshadweni. Lokhu kusondelana namandla okudala ukuphila komuntu kuhloselwe ukuba kube kuhle futhi kubengcwele.

Umthetho kaNkulunkulu wobumsulwa ungukuzigwema ebudlelwaneni lwangokocansi ngaphandle komshado osemthethweni ophakathi kwendoda eyodwa nowesifazane oyedwa. Lomthetho uphinde usho ukuba neqiniso nokwethembeka okuphelele koshade naye ngemva komshado.

Ukusisiza ukuba sigcine umthetho wobumsulwa, abaprofethi basiyalile ukuba sihlanzeke emicabangweni nasemazwini ethu. Kumele sigweme ukubukela izithombe ezimayelana nezocansi zanganoma yiluphi uhlobo. Ngokuhambisana nomthetho wobumsulwa, kufanele sibe nesizotha ekuziphatheni nangendlela esibukeka ngayo.

Abazobhabhadiswa kufanele baphile umthetho wobumsulwa.

Ukuphenduka kanye Nentethelelo

Emehlweni kaNkulunkulu, ukwephula umthetho wobumsulwa kuyinto ebucayi kakhulu (bheka u-Eksodusi 20:14; Kwabase-Efesu 5:3). Ukusebenzisa kabi amandla angcwele Awanikile ukuze adale ukuphila. Kodwa uyaqhubeka esithanda nalapho sephule lomthetho. Uyasimema ukuthi siphenduke futhi sihlanzeke ngomhlatshelo wokuhlawulela kaJesu Kristu. Ukuphelelwa ithemba kwesono kungathathelwa indawo ngukuthula okumnandi kwentethelelo kaNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 58:42-43).

Izibusiso

UNkulunkulu unikeze umthetho wobumsulwa ukuze asibusise kanye nabantwana bomoya abathumela emhlabeni. Ukulalela lomthetho kubalulekile ekuthuleni komuntu siqu nasekubeni nothando, ukwethembana, nobunye ebudlelwaneni bemindeni yethu.

Lapho siphila umthetho wobumsulwa, sizovikeleka ekulimaleni ngokomoya okuvela ekusondelaneni ngokocansi ngaphandle komshado. Siyogwema nezinkinga ezingokozwelo nezingokomzimba ezivamise ukuhambisana nobuhlobo obunjalo. Siyokhula ekwethembekeni kwethu phambi kukaNkulunkulu(bheka IMfundiso neziVumelwano 121:45). Sizovuleleka kakhulu ethonyeni loMoya oNgcwele. Sizobe sesikulungele kangcono ukwenza izivumelwano ezingcwele ethempelini ezihlanganisa imindeni yethu ingunaphakade.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

Gcina Umthetho Wokweshumi

Esinye isibusiso esikhulu sokuba yilungu leBandla yithuba lokukhokha okweshumi. Lapho sikhipha okweshumi, sisiza ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi kaNkulunkulu futhi sibusise nabantwana Bakhe.

Umthetho wokweshumi unemvelaphi yangezikhathi zeThestamente Elidala. Isibonelo, umprofethi u-Abrahama wakhokha okweshumi kwakho konke ayenakho (bheka u-Alima 13:15; uGenesise 14:18–20).

Igama elithi okweshumi ngokoqobo lichaza okukodwa kweshumi. Ngesikhathi sikhipha okweshumi, sinikela okweshumi emalini esiyitholayo eBandleni (bheka IMfundiso neziVumelwano 119:3–4; inzalo kuqondwe imali engenayo). Konke esinakho kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Uma sikhokha okweshumi, sikhombisa ukubonga kwethu kuNkulunkulu ngokubuyisela okuyingxenye yalokho asinike kona.

Ukukhokha okweshumi kungukubonisa ukholo lwethu. Kuyindlela futhi yokudumisa uNkulunkulu. UJesu wafundisa ukuthi kufanele “sifune … kuqala umbuso kaNkulunkulu” (NgokukaMathewu 6:33), futhi okweshumi kuyindlela yokwenza lokho.

Isithombe
Widow’s Mite [Ifidingi Lomfelokazi], nguSandra Rast

Ukusetshenziswa kweMali yokweShumi

Izimali zokweshumi zingcwele. Sinikeza ilunga lobubhishobhi okweshumi kwethu, noma ezindaweni eziningi singakhokha ngokusebenzisa i-inthanethi. Uma ububhishobhi buthola okweshumi, bakudlulisela esizindeni esikhulu seBandla.

Umkhandlu wakhiwe wubuMongameli bokuQala, umGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, kanye nobuBhishobhi obeNgamele banqume ukuthi zisetshenziswa kanjani izimali zokweshumi emsebenzini kaNkulunkulu (bheka IMfundiso neziVumelwano 120:1). Lokhu kusetshenziswa kuhlanganisa:

  • Ukwakhwa kanye nokunakekela amathempeli, izindlu zokukhonza.

  • Ukuhumusha nokushicilela imibhalo engcwele.

  • Ukuxhasa imisebenzi kanye nezimiso zamaBandla esifundazwe.

  • Ukusekela umsebenzi wobuthunywa bevangeli emhlabeni wonke.

  • Ukweseka umsebenzi womlando womndeni.

  • Ukuxhasa izikole nemfundo.

Okweshumi akusetshenziselwa ukukhokhela abaholi beBandla lendawo. Basebenza ngokuzithandela ngaphandle kwenkokhelo.

Izibusiso

Uma sikhokha okweshumi, uNkulunkulu uthembisa izibusiso ezinkulu kakhulu kunalokho esikunikelayo. Uzaku “vula … amafasitela asezulwini, anithululele… isibusiso kunokwaneleyo, kungabibikho ngisho nendawo eyanele yokusamukela” (uMalaki 3:10; bheka amavesi 7–12). Izibusiso zingaba ngezomoya kanye nezesikhashana.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

Lalela iZwi lokuHlakanipha

Izwi leNkosi lokuHlakanipha

Imizimba yethu iyizipho ezingcwele ezivela kuNkulunkulu. Sonke sidinga umzimba wenyama ukuze sifane Naye kakhulu. Imizimba yethu ibaluleke kakhulu kangangokuba imibhalo engcwele iyiqhathanise namathempeli (bheka 1 KwabaseKorinte 6:19–20).

INkosi ifuna siphathe imizimba yethu ngenhlonipho. Ukusisiza ukuthi senze lokhu, Wembula umthetho wezempilo obizwa ngeZwi lokuHlakanipha. Lesi sambulo sisifundisa ngokudla ukudla okunempilo futhi singasebenzisi izinto ezilimaza imizimba yethu—ikakhulukazi utshwala, ugwayi, neziphuzo ezishisayo (okusho itiye nekhofi).

Ngomoya weZwi lokuHlakanipha, abaprofethi banamuhla baye baxwayisa ngokusebenzisa ezinye izinto eziyingozi, ezingekho emthethweni, noma eziluthayo. Abaprofethi nabo baxwayisile ngokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. (Umongameli wakho wemishini uzophendula imibuzo mayelana nokuthi ezinye izinto endaweni yangakini akufanele zisetshenziswe.)

Izibusiso

INkosi yanikeza iZwi lokuHlakanipha ukuze sibe nenhlalakahle ngokomzimba kanye nangokomoya. Uthembisa ukusibusisa njengoba sigcina lomyalelo. Lezi zibusiso zihlanganisa impilo, ukuhlakanipha, amagugu olwazi nesivikelo (bheka IMfundiso neziVumelwano 89:18-21).

Ukulalela iZwi lokuHlakanipha kuzosisiza ukuthi samukele kakhulu ukuyalwa nguMoya oNgcwele. Nakuba sonke sinezinkinga zempilo, ukulalela lomthetho kuyosisiza ukuba sibe nempilo enhle emzimbeni, engqondweni nasemoyeni.

Abazobhabhadiswa kufanele balalele iZwi lokuHlakanipha.

Ukuze uthole isiqondiso mayelana nokusiza abantu abanenkinga yokulutheka, bheka isahluko 10.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • Izihloko zemiBhalo eNgcwele: “IZwi lokuHlakanipha

  • IziHloko zeVangeli: “Impilo,” “IZwi lokuHlakanipha

  • Life Help: “Addiction

Gcina usuku lweSabatha liNgcwele

Usuku lokuPhumula nokuKhulekela

ISabatha liwusuku olungcwele uNkulunkulu alubekele thina isonto ngalinye ukuze siphumule emisebenzini yethu yansuku zonke futhi simkhonze. Omunye weMiyalelo Eyishumi eyanikezwa uMose “u[ku]khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise (u-Eksodusi 20:8; bheka futhi amavesi 9–11).

Esambulweni sesimanjemanje, iNkosi yaphinda yaqinisekisa ukuthi iSabatha “wusuku olubekelwe wena ukuphumula emisebenzini yakho, futhi nokugcwalisa izethembiso zakho koPhakeme kaKhulu” (IMfundiso neziVumelwano 59:10). Wathi futhi iSabatha kufanele kube usuku lokujabula, lokukhuleka nokubonga (bheka amavesi 14–15).

Njengengxenye yokukhonza kwethu ngeSabatha, siya emhlanganweni wesidlo esingcwele isonto ngalinye. Kulomhlangano, sikhonza uNkulunkulu futhi sithatha isidlo esingcwele ukuze sikhumbule uJesu Kristu kanye neNhlawulo Yakhe. Uma sithatha isidlo esingcwele, sivuselela izivumelwano zethu noNkulunkulu futhi sibonise ukuthi sizimisele ukuphenduka ezonweni zethu. Isimiso sesidlo esingcwele siyingqikithi ekugcineni usuku lweSabatha.

EBandleni siphinde sibambe iqhaza emakilasini lapho sifunda kabanzi ngevangeli likaJesu Kristu. Ukholo lwethu luyakhula njengoba sifunda imibhalo engcwele ndawonye. Uthando lwethu luyakhula njengoba sisebenzelana futhi siqinisana.

Ukwengeza ekuphumuleni emisebenzini yethu ngeSabatha, kufanele sigweme ukuthenga nezinye izinto ezingalenza lizizwe njengosuku olujwayelekile nje. Sibeka eceleni imisebenzi yezwe futhi sigxilise imicabango nezenzo zethu ezintweni ezingokomoya.

Usuku Lokwenza Okuhle

Ukwenza okuhle ngosuku lweSabatha okungenani kubaluleke kakhulu njengalokho esikugwema ukukwenza ukuligcina lingcwele. Sifunda ivangeli, siqinise ukholo, sakhe ubudlelwano, sinikeze usizo, futhi sibambe iqhaza kweminye imisebenzi eyakhayo nomndeni nabangane.

Isithombe
abashadikazi befunda imibhalo engcwele

Izibusiso

Ukugcina usuku lweSabatha lungcwele kuwukubonakalisa ukuzinikela kwethu kuBaba oseZulwini kanye nakuJesu Kristu. Lapho senza imisebenzi yethu yeSabatha ihambisane nenhloso kaNkulunkulu yosuku, sizozwa injabulo nokuthula. Siyokondliwa ngokomoya futhi siqabuleke ngokwenyama. Sizophinde sizizwe siseduze noNkulunkulu futhi sijulise ubuhlobo bethu noMsindisi wethu. Siyozigcina ngokugcwele “singenasici ezweni” (IMfundiso neziVumelwano 59:9). ISabatha liyoba “injabulo” (u-Isaya 58:13; bheka futhi ivesi 14).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • IziHloko zeVangeli: “Usuku lweSabatha

  • Izihloko zemiBhalo eNgcwele: “Usuku lweSabatha

Lalela futhi Uhloniphe Umthetho

AbaNgcwele Bezinsuku Zokugcina bakholelwa ekuthobeleni umthetho kanye nokuba izakhamuzi ezinhle (bheka IMfundiso neziVumelwano 134; ImiBhalo yoKholo 1:12). Amalungu ebandla akhuthazwa ukuba asebenze ukuthuthukisa imiphakathi nezizwe zawo. Baphinde bagqugquzelwe ukuthi babe nethonya ezimisweni zokuziphatha ezinhle emphakathini nakuhulumeni.

Amalungu ebandla ayamenywa ukuba abambe iqhaza kuhulumeni kanye nenqubo yezombangazwe ngokuhambisana nomthetho. Amalungu aphethe izikhundla kuhulumeni asebenza ezikhundleni njengezakhamuzi ezithintekayo, hhayi njengabameleli beBandla.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • Political and Civic Activity”esigabeni 38.8 se General Handbook

  • IziHloko zeVangeli “Ubuzwe

Isithombe
Greatest in the Kingdom [Omkhulu Embusweni], nguJ. Kirk Richards

Isivumelwano Sethu Sokusebenzela uNkulunkulu naBanye

Ukusebenzela

Uma sibhabhadiswa, sethembisa ukusebenzela uNkulunkulu kanye nokusebenzela abanye. Ukusebenzela abanye kungenye yezindlela eziyinhloko esisebenzela ngayo uNkulunkulu (bheka uMosiya 2:17). Umprofethi u-Alima wafundisa labo abanesfiso sokubhabhadiswa ukuthi kumele “ bazimisele ukuthwalisana imithwalo omunye nomunye, … bakhale kanye nalabo abakhalayo … , futhi baduduze labo abadinga ukududuzwa” (uMosiya 18:8-9).

Emva nje kokubhabhadiswa amalungu asemasha ngokuvamile athola ubizo lokusebenzela eBandleni. Lolubizo lwenziwa ngokuzithandela futhi alukhokhelwa. Lapho silwamukela futhi sisebenza ngokukhuthala, siyakhula okholweni, sikhulisa amathalente, futhi sibusise abanye.

Enye ingxenye yenkonzo yethu eBandleni “wukuba ngumfowethu osizayo” noma “udade osizayo.” Kulesibopho, sisebenzela abantu abangabodwana nemindeni esabelwe yona.

Njengabafundi baJesu Kristu, sibheka amathuba okusiza usuku nosuku. Njengaye, sihamba “senza okuhle” (IzEnzo 10:38). Sisebenzela omakhelwane bethu nabanye emphakathini wethu. Singabamba iqhaza emathubeni okusebenzela nge-JustServe lapho itholakala khona. Singakwazi ukusekela imizamo yeBandla yokusiza abantu futhi sibambe iqhaza ngokusabela ezinhlekeleleni.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukusebenzela

  • IziHloko zeVangeli: “Ukusebenzela

Isithombe
abantu bekhuluma

Ukwabelana Ivangeli

Njengengxenye yesivumelwano sethu sombhabhadiso, sithembisa “ukuma njengofakazi baNkulunkulu” (uMosiya 18:9). Enye indlela esima ngayo njengofakazi ingokwabelana ngevangeli likaJesu Kristu. Ukusiza abanye ukuthi bathole ivangeli kungenye yezinhlobo zokusebenzela ezijabulisa kakhulu esingazinikeza abanye (bheka IMfundiso neziVumelwano 18:15–16). Kuwukubonakaliswa okunamandla kothando lwethu.

Uma sithola izibusiso zokuphila ivangeli, ngokwemvelo siyaye sifune ukwabelana ngalezo zibusiso. Amalungu omndeni, abangani, kanye nalabo esibajwayele bavame ukuba nentshisekelo njengoba sibeka isibonelo esithembekile futhi bebona ukuthi ivangeli libusisa kanjani izimpilo zethu. Singabelana ngevangeli ngezindlela ezijwayelekile nezemvelo (bheka General Handbook, chapter 23).

Simema abanye ukuthi babambe iqhaza kanye nathi ekusebenzeni, emphakathini, nasekungcebelekeni kweBandla. Singabamemela emhlanganweni weBandla noma enkonzweni yombhabhadiso. Singabamema ukuthi babukele ividiyo eku-inthanethi echaza ivangeli likaJesu Kristu, bafunde iNcwadi kaMormoni, noma bavakashele umcimbi wokuvulwa kwethempeli. Kunamakhulu ezimemo esingazidlulisela. Ngokuvamile, ukumema kusho ukufaka umndeni wethu, abangani, kanye nomakhelwane kulokho esivele sikwenza.

Uma sicela, uNkulunkulu uzosisiza sibone amathuba okwabelana ngevangeli futhi sitshele abanye ngendlela elibusisa ngayo izimpilo zethu.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nokusebenzisa izimiso zothando, ukwabelana, kanye nokumema, bheka “Unite with Members” kusahluko 9.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • Izihloko zemiBhalo eNgcwele: “Umsebenzi wobuthunywa

  • IziHloko zeVangeli “Umsebenzi Wobuthunywa

Ukuzila Ukudla Neminikelo Yokuzila Ukudla

UNkulunkulu wamisa umthetho wokuzila ukudla njengendlela yokuba sithuthukise amandla omoya futhi sisize labo abaswele.

Ukuzila ukudla kusho ukungadli ukudla kanye nokuphuzwayo isikhathi esithize. IBandla livamise ukubeka eceleni iSonto lokuqala lenyanga ngayinye njengosuku lokuzila ukudla. Usuku lokuzila ngokujwayelekile luhlanganisa ukungadli nokungaphuzi isikhathi esingamahora angama-24 uma sikwazi ngokomzimba. Ezinye izingxenye ezibalulekile zeSonto lokuzila ukudla zifaka umkhuleko kanye nokunikeza ubufakazi. Siphinde sikhuthazwe ukuba sizile ukudla ngezinye izikhathi lapho sizizwa sinesidingo.

Ukwakha Amandla Angokomoya

Ukuzila ukudla kungasisiza ukuba sithobeke, sisondele kuNkulunkulu futhi sizizwe sivuselelwe ngokomoya. Ngaphambi kokuqala inkonzo Yakhe, uJesu Kristu wazila ukudla (bheka NgokukaMathewu 4:1–2). Imibhalo engcwele ibhala izindaba eziningi zabaprofethi kanye nabanye bezila ukudla ukuze bakhulise amandla abo omoya futhi bafunele izibusiso ezikhethekile bona noma abanye.

Ukuzila ukudla kanye nokukhuleka kuyahambisana. Uma sizila ukudla futhi sikhuleka ngokholo, sijwayelana kakhulu nokwamukela isambulo somuntu siqu. Siyamukela nakakhulu ekuqapheleni iqiniso nokuqonda intando kaNkulunkulu.

Ukusiza Abaswele

Uma sizila ukudla, sinikela ngemali eBandleni ukusiza ukunakekela abantu abadingayo. Lokhu kubizwa ngomnikelo wokuzila ukudla. Siyamenywa ukuba sinikele ngomnikelo olingana nenani lokudla okungadliwanga. Sikhuthazwa ukuba sibe nesandla esivulekile futhi sinikele ngaphezu kwenani lalokhu kudla uma sikwazi. Ukunikeza umnikelo wokuzila ukudla kungenye yezindlela esingasebenzela ngayo abanye.

Lezimali zisetshenziselwa ukunikela ngokudla, kanye nezinye izidingo kubantu abaswele, lapha kanye nasemhlabeni wonke. Ukuze uthole ulwazi mayelana nendlela yokunikela ngeminikelo wokuzila ukudla, bheka “Donating Tithes and Other Offerings” kulesi sifundo.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Ukuzila Ukudla

Ukunakekela Labo Abaswele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • Izihloko zemiBhalo eNgcwele: “Ukuzila ukudla, Zila ukudla

  • General Handbook: 22.2.2

  • IziHloko zeVangeli: “Ukuzila Ukudla, Nomnikelo wokuZila Ukudla

Isithombe
umndeni ngaphandle kwethempeli

Isivumelwano Sethu sokuBekezela kuze kube Sekugcineni

Uma sibhabhadiswa, senza isivumelwano noNkulunkulu “sokubekezela kuze kube sekupheleni” ekuphileni ivangeli likaJesu Kristu (2 Nefi 31:20; bheka futhi uMosiya 18:13). Siyazama ukuba ngabafundi baJesu Kristu impilo yonke.

Umprofethi weNcwadi kaMormoni uNefi wachaza umbhabhadiso njengesango esingena ngalo endleleni yevangeli (bheka 2 uNefi 31:17). Ngemva kokubhabhadiswa, “siyaqhubeka nokuphokophelela phambili ngokuqina kuKristu” (2 Nefi 31:20).

Njengoba “siphokophelela phambili” endleleni yobufundi, silungiselela ukuya ethempelini. Lapho sizokwenza izivumelwano noNkulunkulu ngesikhathi samukela izimiso zasethempelini. Ethempelini, sizophiwa amandla futhi singahlanganiswa njengemindeni ingunaphakade. Ukugcina izivumelwano esizenzayo ethempelini kuzovula umnyango wawo wonke amalungelo omoya kanye nesibusiso uNkulunkulu asibekele sona.

Njengoba siqhubeka ngokwethembeka endleleni yevangeli, ekugcineni siyothola isipho esikhulu kunazo zonke sikaNkulunkulu—isipho sokuphila okuphakade (bheka 2 uNefi 31:20; IMfundiso neziVumelwano 14:7).

Izigaba ezilandelayo zichaza ezinye izici zalokho uNkulunkulu asinike kona ukuze asisize sibekezele kuze kube sekugcineni kohambo lwethu lwasemhlabeni—futhi sithole injabulo kukho.

UbuPristi kanye Nezinhlangano zeBandla

Ubupristi bungamandla kanye negunya likaNkulunkulu. Ngobupristi, uBaba waseZulwini ufeza umsebenzi Wakhe “wokufeza ukungafi nokuphila okuphakade” kwabantwana Bakhe (uMose 1:39). UNkulunkulu unikeza igunya namandla kumadodana namadodakazi Akhe emhlabeni ukuze asize ekwenzeni lomsebenzi.

Ubupristi busibusisa sonke. Izimiso ezinjengokubhabhadiswa kanye nesidlo esingcwele zitholwa ngokusebenzisa labo abanezikhundla zobupristi. Sithola nezibusiso zokuphiliswa, induduzo, nezeluleko.

UbuPristi nobuHoli beBandla kanye noBizo

IBandla liholwa nguJesu Kristu ngabaprofethi kanye nabaphostoli. Laba baholi babizwe nguNkulunkulu, bagcotshwa, futhi banikwe igunya lobupristi ukuthi benze abakwenzayo egameni loMsindisi.

Emandulo, uKristu wanika abaPhostoli Bakhe igunya elifanayo lobupristi, obavumela ukuba bahole iBandla Lakhe emva kokuba enyukele ezulwini. Lelo gunya lalahleka ngenkathi abantu bengalamkeli ivangeli futhi nabaPhostoli bafa.

Izithunywa zaseZulwini zabuyisela ubupristi ngo-1829 ngoMprofethi uJoseph Smith, futhi iNkosi yaphinde yamisa iBandla Layo ngabaphostoli kanye nabaprofethi. (Bheka Isifundo1.)

Ezingeni lendawo, ababhishobhi kanye nabengameli bezikhonkwane banegunya lobupristi lokuhola amabandla eSonto.

Lapho abesilisa nabesifazane bebizwa futhi behlukaniselwa ukusiza eBandleni, banikezwa igunya elivela kuNkulunkulu ukuze benze lolo bizo. Leligunya linikwe abafundisi bevangeli, abaholi, othisha, nabanye baze bakhululwe obizweni lwabo. Linikezwa ngaphansi kokuqondiswa yilabo abaphethe izikhiye zobupristi.

Igunya lobupristi lingasetshenziswa kuphela ngokulunga (bheka IMfundiso neziVumelwano 121:34–46). Leligunya liwukwethenjwa okungcwele lokumela uMsindisi nokwenza egameni Lakhe. Kuhlale kuhloswe ukubusisa kanye nokusebenzela abanye.

Isithombe
abafana eskoleni seSabatha

UbuPristi buka-Aroni kanye nobuPristi bukaMelkisedeki

EBandleni ubupristi buhlanganisa ubuPristi buka-Aroni kanye nobuPristi bukaMelkhezedikhi. Ngaphansi kokuqondiswa kwalabo abaphethe izikhiye zobupristi, ubuPristi buka-Aroni kanye nobuPristi bukaMelkisedeki bunikwa amalungu eBandla angamadoda afanelekile. Emva kokunikezelwa kobupristi obufanele, umuntu ugcotshelwa esikhundleni kulobo bupristi, njengedikoni noma igosa. Kumele agcotshwe ngumuntu onegunya elidingekayo.

Uma indoda noma insizwa ithola ubupristi, yenza isivumelwano noNkulunkulu sokufeza imisebenzi engcwele, isebenzele abanye, futhi isize ekwakheni iBandla.

Abesilisa abasebasha bangathola ubuPristi buka-Aroni futhi bagcotshwe njengamadikoni kusukela ngoMasingana wonyaka abaneminyaka eyi-12 ngawo. Bangase babe othisha abagcotshiwe ngonyaka abahlanganisa ngawo i-14 kanye nabapristi ngonyaka abahlanganisa ngawo i-16. Abesilisa abaguqukileyo asebekhulile bangathola ubuPristi buka-Aroni ngokushesha emva kokubhabhadiswa kanye nokuqiniswa. Abanikazi bobuPristi buka-Aroni basingatha izimiso ezifana nesidlo esingcwele kanye nombhabhadiso.

Emva kokusebenza isikhashana njengompristi ebuPristini buka-Aroni, owesilisa ofanelekile noma okungenani oneminyaka eyi-18 angase athole ubuPristi bukaMelkisedeki futhi agcotshwe njengegosa. Amadoda athola ubuPristi bukaMelkisedeki angenza izimiso zobupristi ezinjengokunikeza izibusiso zokuphilisa kanye nenduduzo kumalungu omndeni kanye nabanye.

Bheka General Handbook, 38.2.9.1, ukuze uthole ulwazi mayelana namalungu amasha athola ubupristi.

Imigwamanda kanye neziNhlangano zeBandla

ImiGwamanda YobuPristi. Umgwamanda yiqembu elihlelekile labaphathi bobupristi. Isigceme ngasinye sinomgwamanda wamagosa wamadoda amadala. Amadikoni, othisha, kanye nemigwamanda yabapristi ingeyezinsizwa.

INhlangano yokuSiza. INhlangano yokuSiza ibandakanya abesifazane abaneminyaka eyi-18 kuye phezulu. Amalungu eNhlangano yokuSiza aqinisa imindeni, abantu abangabodwana, kanye nomphakathi.

Amantombazane. Abesifazane abasebasha bajoyina inhlangano YamaNtombazane kusukela ngoJanuwari wonyaka lapho behlanganisa i-12.

Isithombe
owesifazane ufundisa ikilasi

INhlangano yabaNtwana. Zonke izingane ezineminyaka emi-3 kuya ku-11 ubudala ziyingxenye yeNhlangano yeKilasi leZingane.

IsiKole seSabatha. Bonke abantu abadala kanye nentsha baya Esikolweni seSabatha, lapho behlangana khona ukuze bafunde imibhalo engcwele ndawonye.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nobupristi, bheka General Handbook, isahluko 3.

Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nemigwamanda yobupristi kanye nezinhlangano zeBandla, bheka General Handbook, izahluko 8–13.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • General Handbook, isahluko 3: “Priesthood Principles

  • IziHloko zeVangeli: “ubuPristi buka-Aroni,” “ubuPristi bukaMelkisedeki,” “Ubuphristi

Umshado nemiNdeni

Umshado

Umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu. Ungumgogodla wesu Lakhe lenqubekelaphambili yaphakade yabantwana Bakhe.

Ukuhlangana kwendoda nomfazi emshadweni kufanele kube ngubuhlobo babo obuzobazisa kakhulu. emhlabeni. Banesibopho esingcwele sokuba qotho komunye nomunye futhi bathembeke esivumelwaneni sabo somshado.

Indoda nomfazi bayalingana emehlweni kaNkulunkulu. Omunye akufanele abuse omunye. Izinqumo zabo kufanele zenziwe ngobunye nangothando, ngokuhlanganyela ngokugcwele kukona kokubili.

Njengoba indoda nomkayo bethandana futhi besebenza ndawonye, umshado wabo ungaba umthombo wenjabulo enkulu kakhulu. Bangakwazi ukusizana kanye nezingane zabo ukuthi baqhubekele ekuphileni okuphakade.

UmNdeni

Njengomshado, umndeni ugcotshwe nguNkulunkulu futhi ubalulekile ohlelweni Lwakhe lwenjabulo yaphakade. Imindeni yethu iyojabula kakhulu lapho siphila ngezimfundiso zikaJesu Kristu. Abazali bafundisa izingane zabo ivangeli likaJesu Kristu futhi babeke isibonelo ekuliphileni. Imindeni isinika amathuba okuthi sithandane futhi sisebenzele omunye nomunye.

Abazali kufanele babeke umndeni wabo kuqala kunakho konke. Kuyilungelo elingcwele nomthwalo wemfanelo ngabazali ukunakekela izingane abakwazi ukuzizala noma ukuzithabatha.

Yonke imindeni inezinselelo. Njengoba sifuna ukwesekwa nguNkulunkulu futhi sigcina imiyalelo Yakhe, izinselelo zomndeni zingasisiza sifunde futhi sikhule. Kwesinye isikhathi lezi zinselelo zisisiza ukuba sifunde ukuphenduka futhi sixolele.

Isithombe
ubaba efundisa umndeni

Abaholi bebandla bakhuthaze amalungu ukuthi abambe ubusuku bomndeni bamasonto onke. Abazali kumele basebenzise lesikhathi ukufundisa abantwana babo ivangeli, baqinise ubudlelwane bomndeni, futhi bajabule bonke. Abaholi beBandla nabo bakhiphe isimemezelo esifundisa amaqiniso abalulekile ngomndeni (bheka “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke,” ChurchofJesusChrist.org).

Ezinye izindlela zokuqinisa umndeni zihlanganisa umthandazo womndeni, ukufunda imibhalo engcwele, kanye nokukhonza ndawonye esontweni. Singakwazi futhi ukucwaninga umlando womndeni, siqoqe izindaba zomndeni, futhi sisebenzele abanye.

Abantu abaningi banamathuba alinganiselwe omshado noma ubuhlobo bomndeni obunothando. Abaningi baye babhekana nesehlukaniso nezinye izimo ezinzima zomndeni. Nokho, ivangeli liyasibusisa umuntu ngamunye ngokunganaki isimo somndeni wethu. Futhi njengoba sithembekile, uNkulunkulu uzosilungiselela indlela yokuba sibe nezibusiso zemindeni enothando, akukhathaliseki ukuthi kulokhu kuphila noma ekuphileni okuzayo.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Umshado

Umndeni

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Umndeni,” “Shada, Umshado

  • General Handbook, chapter 2: “Supporting Individuals and Families in the Work of Salvation and Exaltation

  • IziHloko zeVangeli: “Umshado,” “Umndeni” “Ukukhulisa Abantwana

Umsebenzi weThempeli noMlando womNdeni wamaDlozi Angasekho

UBaba oseZulwini ubathanda bonke abantwana Bakhe futhi ufisa bathole insindiso nokuphakanyiswa. Yize izigidigidi zabantu ziye zafa ngaphandle kokuzwa ivangeli likaJesu Kristu noma ukuthola izimiso ezisindisayo zevangeli. Lezi zimiso zihlanganisa ukubhabhadiswa, ukuqiniswa, ukugcotshwa kwamadoda kobupristi, isipho sethempeli, kanye nomshado waphakade.

Ngomusa Wakhe nesihawu, iNkosi inikeze enye indlela yokuthi laba bantu bathole ivangeli kanye nezimiso. Ezweni lemimoya, ivangeli liyashunyayelwa kulabo abafe bengakalitholi (bheka IMfundiso neziVumelwano 138). Emathempelini, singenza izimiso egameni lokhokho bethu abangasekho kanye nabanye. Laba bantu abangasekho emhlabeni wemimoya bangakwazi-ke ukwamukela noma ukwenqaba ivangeli kanye nemithetho eyenzelwa bona.

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Ngaphambi kokuba senze lezimiso, sidinga ukukhomba okhokho bethu abangakazitholi. Ukukhomba amalungu omndeni wethu ukuze athole izimiso kuyinhloso esemqoka yomsebenzi wethu womlando womndeni. Uma sithola ulwazi ngabo, singayengeza kusizindalwazi seBandla ku FamilySearch.org Bese thina (noma abanye) singabenzela izimiso zommeleli ethempelini.

Njengoba sikhomba okhokho bethu futhi sibenzela izimiso, imindeni yethu ingaba munye ingunaphakade.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • General Handbook, chapter 28: “Temple Ordinances for the Deceased

  • IziHloko zeVangeli: “Umbhabhadiso wabaNgasekho,” “Umlando woMndeni

Amathempeli, uKwembathiswa, Umshado Waphakade, kanye Nemindeni Yaphakade

AmaThempeli

Ithempeli liyindlu yeNkosi. Yindawo engcwele lapho singenza khona izivumelwano noNkulunkulu ngesikhathi samukela izimiso Zakhe ezingcwele. Lapho sigcina lezizivumelwano, sizoba namandla obunkulunkulu ezibonakalisa ezimpilweni zethu (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:19–22; 109:22–23).

UkweMbathiswa

Isimiso esisodwa esisithola ethempelini isipho somoya. Igama isipho somoya lisho “isipho.” Lesi sipho samandla nolwazi sivela kuNkulunkulu. Ngesikhathi sithola isipho somoya, senza izivumelwano noNkulunkulu ezisibophezela Kuye kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu (bheka isahluko 1).

Abantu abadala bangase bafaneleke ukuthola isipho sabo sethempeli ngemva okungenani konyaka owodwa wobulungu beBandla. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nesipho somoya, bheka General Handbook, 27.2.

Umshado Waphakade kanye Nemindeni Yaphakade

Uhlelo lukaNkulunkulu lwenjabulo lenza ubudlelwano bomndeni bubekezelele ngale kwethuna. Ethempelini singashada isikhathi naphakade. Lokhu kwenza kwenzeke ukuba imindeni ibe ndawonye kuze kube phakade.

Emva kokuba abashadile sebethole isembathosabo sethempeli, bangase baboshwe noma bashade ingunaphakade. Abantwana babo bangase baboshelwe kubo.

Indoda nomfazi ababophile ethempelini kufanele bagcine izivumelwano abazenzile ukuze bathole izibusiso zomshado waphakade.

Isithombe
abashadikazi abahamba emgwaqeni

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi ngaloMgomo

  • General Handbook, isahluko 27: “Temple Ordinances for the Living

  • IziHloko zeVangeli: “Ithempeli,” “Ukwembathiswa” “Umshado

  • Temples.ChurchofJesusChrist.org

Shicilela