Ubizo LweMishini
Isahluko 3: Isifundo 3—IVangeli likaJesu Kristu


“Isahluko 3: Isifundo 3—IVangeli likaJesu Kristu,” Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela ngoKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (2023)

“Isahluko 3: Isifundo 3,” Shumayelani Ivangeli Lami

Isahluko 3: Isifundo 3

IVangeli likaJesu Kristu

Isithombe
Ukuza KwesiBili, nguHarry Anderson

Abantu Bangazibuza

  • Ngubani uJesu Kristu na? Angangisiza kanjani mina nomndeni wami na?

  • Kusho ukuthini ukuba nokholo kuJesu Kristu na? Ukuba nokholo Kuye kungayibusisa kanjani impilo yami na?

  • Kusho ukuthini ukuphenduka?

  • Ngingakuzwa kanjani ukuthula nokuxola kukaNkulunkulu emva kokuba ngikhethe okungalungile na?

  • Siyini isizathu sombhabhadiso na?

  • Uyini umsebenzi woMoya oNgcwele?

  • Kusho ukuthini ukubekezela kuze kufike ekugcineni?

Ivangeli likaJesu Kristu liyindlela esisondela ngayo kuKristu. Lusobala ngokwanele ukuthi umntwana angaliqonda. Lesifundo sigxile kwivangeli kanye nemfundiso kaKristu, okubandakanya ukholo kuJesu Kristu, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, isipho soMoya oNgcwele kanye nokubekezela kuze kube sekugcineni. Siphinde sigxile ekutheni ivangeli libabusisa kanjani abantwana baNkulunkulu.

Igama elithi ivangeli ngokoqobo lisho “izindaba ezinhle.” Ivangeli likaJesu Kristu liyizindaba ezinhle ngoba lisinika imfundiso—iqiniso laphakade—esilidingayo ukuza Kuye futhi sisindiswe (bheka 1 Nefi 15:14). Ivangeli lisifundisa ukuthi siziphile kanjani izimpilo ezinhle, nezinenjongo. Izindaba ezinhle zevangeli zisinika indlela yokuthi sixolelwe izono, singcweliswe, futhi sibuyele ebukhoneni bukaNkulunkulu.

Iziphakamiso Zokufundisa

Lengxenye isinika uhlaka lwesampula ukukusiza ulungiselele ukufundisa. Iphinde ifake izibonelo zemibuzo nezimemo ongazisebenzisa.

Ngesikhathi ulungiselela ukufundisa, ngomkhuleko ake ucabange ngesimo nangezidingo zomoya zomuntu ngamunye. Nquma ukuthi yikuphi okuzoba wusizo kakhulu ukukufundisa. Lungiselela ukuchaza imigomo abantu abangahle bangayiqondi. Hlela ngokuvumelana nesikhathi ozobanaso, ube ukhumbula ukugcina izifundo zibe mfishane.

Khetha izincwadi ezingcwele ongazisebenzisa ngesikhathi ufundisa. Ingxenye ethi “Isisekelo Sezimfundiso” yesifundo ibandakanya izincwadi ezingcwele eziningi ezisizayo.

Cabanga ukuthi yimiphi imibuzo ongayibuza ngesikhathi ufundisa. Hlela izimemo ozozinika ezizogqugquzela umuntu ngamunye ukuba enze.

Gcizelela izibusiso zikaNkulunkulu ezithenjisiwe, futhi wabelane ngobufakazi bakho balokho okufundisayo.

Isithombe
abefundisi bevangeli befundisa umndeni

Ongakufundisa Abantu emiZuzwini eyi-15-25

Khetha owodwa noma eminingi yalemigomo ongayifundisa kule elandelayo. Isizinda sezimfundo somgomo ngamunye sinikeziwe emva kwaloluhlaka.

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu

  • UNkulunkulu wathumela iNdodana Yakhe Ethandekayo uJesu Kristu, emhlabeni ukuzosihlenga esonweni nasekufeni.

  • Ngenxa yenhlawulo kaJesu, singahlanzwa ezonweni futhi singcweliswe ngesikhathi siphenduka.

  • Emva kokuba uJesu abethelwe, Wavuka kwabafileyo. Ngenxa yoVuko Lwakhe, nathi sonke sizovuka kwabafileyo emva kokufa. Lokhu kuchaza ukuthi umoya nomzimba womuntu ngamunye uzohlangana kabusha, futhi umuntu ngamunye uzophila ungunaphakade emzimbeni ophelele du, novukile kwabafileyo.

Ukholo kuJesu Kristu

  • Ukholo luwumgomo wokuqala kwivangeli likaJesu Kristu.

  • Ukholo kuJesu Kristu lufaka ukuba nenkolelo yokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu kanye nokumethemba njengoMsindisi noMhlengi.

  • Ukholo kuJesu Kristu luwumgomo wokwenza namandla.

  • Singalukhulisa ukholo lwethu ngokukhuleka, ukufunda imibhalo engcwele kanye nokulandela imiyalelo.

Ukuphenduka

  • Ukholo kuJesu Kristu luholela ekuphendukeni. Ukuphenduka yinqubo yokuphendukela kuNkulunkulu futhi ufulathele isono. Ngesikhathi siphenduka, izenzo zethu, izifiso, kanye nemicabango kuyashintsha kuvumelane nentando kaNkulunkulu.

  • Ngesikhathi siphenduka ngokweqiniso, uNkulunkulu uzosixolela. Ukuxolelwa kuyenzeka ngoba uJesu Kristu wahlawulela izono zethu.

  • Ngesikhathi siphenduka, sizwa ukuthula njengoba icala nobuhlungu bethu bupholisiwe.

  • Ukuphenduka kuyinqubo eqhubekayo. UNkulunkulu uyasamukela njalo futhi uma siphenduka. Akasoze asilahla.

UMbhabhadiso: Isivumelwano Sethu Sokuqala noNkulunkulu

  • Umbhabhadiso yindlela esingena ngayo okokuqala kubudlelwano besivumelwano noNkulunkulu.

  • Umbhabhadiso unezingxenye ezimbili: umbhabhadiso ngamanzi kanye nangokoMoya. Ngesikhathi sibhabhadiswa futhi siqiniswa, siyahlanzwa ezonweni, okusinika ukuqala impilo entsha.

  • Sibhabhadiswa ngokucwiliswa, ukulandela isibonelo sikaJesu Kristu.

  • Abantwana ababhabhadiswa baze babe neminyaka eyisishiyagalombili. Abantwana abadlula emhlabeni ngaphambi kokuba naleminyaka bayahlengwa ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

  • Sithabatha isidlo esingcwele isonto nesonto ekukhumbuleni umnikelo kaJesu futhi nokukhumbula izivumelwano zethu noNkulunkulu.

Isipho sikaMoya oNgcwele

  • UMoya oNgcwele uyilungu lesithathu eMkhandlwini kaNkulunkulu.

  • Emva kokubhabhadiswa, samukeliswa isipho sikaMoya oNgcwele ngesimiso esibizwa ngokuthi ukuqiniswa.

  • Ngesikhathi sithola isipho sikaMoya oNgcwele, singaba nokulondolozwa Nguye zimpilo zethu zonke uma sethembekile.

  • UMoya oNgcwele uyasingcwelisa, uyasihola, uyasiduduza, futhi usisiza sazi iqiniso.

Ukubekezela kuze kube Sekugcineni

  • Ukubekezela kubala ukuqhubeka ukusebenzisa ukholo kuKristu nsuku zonke. Siyaqhubeka ukugcina izivumelwano zethu noNkulunkulu, siphenduke, sifune ubungani kuMoya oNgcwele, futhi sithabathe isidlo esingcwele.

  • Ngesikhathi ubheka ukulandela uJesu Kristu ngokuthembeka, uNkulunkulu uthembisa ukuthi sizoba nempilo yaphakade.

IVangeli likaJesu Kristu Libusisa Bonke Abantwana baNkulunkulu

  • Ukuphila ivangeli kujulisa injabulo yethu, kukhuthaza izenzo zethu, futhi kuthuthukisa ubudlelwano bethu.

  • Sivame ukuthokoza kakhudlwana—kokubili njengabantu ngabanye kanye nemindeni—ngesikhathi siphila ngezimfundiso zikaJesu Kristu.

  • Ngevangeli likaJesu Kristu, imindeni ibusisiwe kulempilo, futhi ingaba munye ingunaphakade futhi iphile ebukhoneni bukaNkulunkulu.

Imibuzo Ongase Uyibuze Abantu

Lemibuzo elandelayo iyizibonelo yalokho ongakubuza abantu. Lemibuzo ingakusiza ube nezingxoxo ezinengqondo futhi uqonde izidingo kanye nombono womuntu.

  • Yini oyaziyo ngoJesu Kristu na?

  • Kusho ukuthini kuwe ukuba nokholo kuJesu Kristu na?

  • Yiluphi ushintsho ofuna ukulenza empilweni yakho na?

  • Yikuphi okuqonda ngokuphenduka na?

  • Yikuphi okuqondayo ngombhabhadiso na? Yikuphi ongakwenza manje ukulungiselela umbhabhadiso na?

  • UMoya oNgcwele ungakusiza kanjani ohambweni lwakho lokubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu na?

  • Yibuphi ubunzima wena noma umndeni wakho obhekene nawo na? Singakwazi ukwabelana ngezindlela ivangeli likaJesu Kristu elingasiza ngayo na?

Izimemo Ongazikhipha

  • Ungakwazi ukucela uNkulunkulu ngomkhuleko ukuba akusize wazi ukuthi lokhu esikufundisile kuyiqiniso na? (Bheka “Ukucacisa Ukufundisa: Umkhuleko” esigabeni sokugcina kwisifundo 1.)

  • Uzoya esontweni ngaleliSonto ukuze ufunde kabanzi ngalokhu esesikufundisile na?

  • Uzoyifunda iNcwadi kaMormoni futhi ukhuleke ukwazi ukuthi iyizwi likaNkulunkulu na? (Ungahle uphakamise izahluko noma amavesi athize.)

  • Ungakwazi ukulandela isibonlelo sikaJesu futhi ubhabhadiswe? (Bheka “Isimemo sokuba uBhabhadiswe futhi uQiniswe,” esandulela ngokushesha isifundo 1.)

  • Singabeka isikhathi sokuzovakasha ngokuzayo na?

Isisekelo Sezimfundiso

Lengxenye inika imfundiso nezincwadi ezingcwele zokuthi ufunde ukuqinisa ulwazi kanye nobufakazi bakho bevangeli futhi ukukusiza ufundise.

Isithombe
Laba Abayishumi Nambili uJesu Wabathuma, nguWalter Rane

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu

UBaba oseZulwini wathumela iNdodana Yakhe Ethandekayo, uJesu Kristu, emhlabeni ukwenza sikwazi ukuzwa injabulo kulomhlaba kanye nasempilweni yaphakade emhlabeni ozayo. “Futhi nanti ivangeli, izindaba ezimnandi, … ukuthi [uJesu Kristu] weza emhlabeni … ukuzothwala izono zomhlaba, futhi nokuzo ngcwelisa umhlaba, futhi nokuzowu hlanza kukho konke ukungalungi; Ukuze ngaye bonke basindiswe” (IMfundiso neZivumelwano 76:40–42).

Njengabafayo, sonke siyona, futhi sonke siyafa. Isono nokufa kungasivimba ekubeni nempilo yaphakade noNkulunkulu ngaphandle kokuthi sibe noMhlengi (bheka 2 Nefi 9). Ngaphambi kokuba umhlaba udalwe, uBaba oseZulwini wakhetha uJesu Kristu ukuba asihlenge. Ekuboniseni okukhulu kothando, uJesu weza emhlabeni ukuzofeza lomsebenzi ongcwele. Wenza ukuthi sikwazi ukuhlengwea ezonweni zethu, futhi waqinisekisa ukuthi siyovuswa ngemva kokuba sife.

UJesu waphila impilo engenasono. Ekugcineni kobufundisi Bakhe basemhlabeni, Wathatha Kuye izono zethu ngokuzwa Kwakhe ubuhlungu eGetsemane futhi ngesikhathi ebethelwa (bheka 1 Nefi 11:33). Ubuhlungu bukaJesu babub’khulu Kwamenza ukuthi “aqhaqhazele ngenxa yobuhlungu, futhi ngophe kuzo zonke iziqu zoboya” (IMfundiso neziVumelwano 19:18). Emva kokuBethelwa Kwakhe, uJesu wavuka kwabafileyo, wazuza ukunqoba ngaphezu kokufa. Ndawonye, lezi zehlakalo zibizwa ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

Izono zethu zisenza singahlanzeki ngokomoya, futhi “akukho nto engcolile engahlala noNkulunkulu (1 Nefi 10:21). Ekwengezeni, umthetho wokulunga udinga umphumela wezono zethu.

Umhlatshelo kaJesu wenhlawulo unika indlela yokuthi sihlanzwe esonweni futhi singcweliswe ngesikhathi siphenduka. Uphinde usinike indlela yokwanelisa izimfuno zobulungiswa (bheka Alima 42:15, 23–24). UMsindisi wathi, “Mina … ngibahluphekele bonke kulezi zinto, ukuze bangabuzwa ubuhlungu uma bephenduka, kodwa uma bengaphenduki kufanele bezwe ubuhlungu njengami” (IMfundiso neziVumelwano 19:16–17). Ukube bekungasiye uJesu Kristu, isono besizoqeda lonke ithemba lokuphila lakusasa kanye noBaba oseZulwini.

Ekuzinikeleni Kwakhe njengomhlatshelo, uJesu akazange asuse umthwalo womuntu siqu. Sidinga ukuba nokholo Kuye, siphenduke, futhi silwele ukulalela imiyalelo. Ngesikhathi siphenduka, uJesu uzofuna ngenxa yethu amalungelo akhe omusa kaYise (bheka Moroni 7:27–28). Ngenxa yokuncenga koMsindisi, uBaba oseZulwini uyasithethelela, esikhulula emthwalweni nasemlandweni wezono zethu. (bheka Mosiya 15:7–9). Sihlanziwe ngokomoya futhi ekugcineni singamukelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu.

Umsebenzi kaJesu waphezulu kwakuwukusisindisa ekufeni. Ngenxa yokuthi wavuka ekufeni, nathi sonke sizovuka kwabafileyo emva kokufa. Lokhu kuchaza ukuthi umoya nomzimba womuntu ngamunye uzohlangana kabusha, futhi umuntu ngamunye uzophila ungunaphakade emzimbeni ophelele du, novukile kwabafileyo. Ukube bekungesiye uJesu Kristu, ukufa bekuzoqeda lonke ithemba lokuphila lakusasa lokuhlala noBaba oseZulwini.

Ukufunda Umbhalo Ongcwele

UNkulunkulu Wathumela Indodana Yakhe

Insindiso ngoJesu Kristu

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

Ukholo kuJesu Kristu

Umgomo wokuqala wevangeli ukholo eNkosini uJesu Kristu. Ukholo luyisisekelo layo yonke imogomo yevangeli.

Ukholo kuJesu Kristu lufaka ukuba nenkolelo yokuthi uyiNdodana eZelwe Yodwa kaNkulunkulu. Kuhlanganisa ukuthembela Kuye njengoMsindisi noMhlengi wethu—ukuthi uwukuphela kwendlela yethu yokubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu (bheka IZenzo 4:10–12; Mosiya 3:17; 4:6–8). Simenywa ukuba sibonise “nokukholwa kuye okungenakunyakaziswa, nethemba ngokugcwele kuzo izenzo zakhe ezinhle lowo onamandla okusindisa” (2 Nefi 31:19).

Ukholo kuJesu Kristu luhlanganisa ukukholelwa ukuthi Wahlupheka ngenxa yezono zethu emhlatshelweni Wakhe wokuhlawulela. Ngenxa yomhlatshelo Wakhe, singahlanzwa futhi sihlengwe ngesikhathi siphenduka. Lokhu kuhlanzwa kuyasisiza sithole ukuthula nethemba kulempilo. Futhi kuphinde kusivumele ukuthi sithole injabulo ephelele emva kokuba sife.

Ukholo kuJesu Kristu luhlanganisa ukukholelwa ukuthi Ngaye, sonke sizovuka kwabafileyo emva kokufa. Lolukholo lungasiqinisa futhi lusiduduze ezikhathini zokulahlekelwa. Usizi lokufa lungaqedwa ngesithembiso sokuVuka kwabafileyo.

Ukholo kuJesu Kristu luhlanganisa ukukholelwa nokwethemba ukuthi Wazithathela Kuye izinhlupheko nobuthakathaka bethu (bheka U-Isaya 53:3–5). Wazi ngokuhlangenwe nakho Kwakhe ukuthi angasisekela kanjani ngomusa ezinseleleni zokuphila(see Alima 7:11–12; IMfundiso neZivumelwano 122:8). Ngesikhathi sisebenzisa ukholo, Uyasisiza ukuba siqhubekele phambili ebunzimeni.

Ngokholo lwethu kuJesu Kristu, uJesu angasiphilisa, ngokomzimba kanye nangokomoya. Uhlezi ekulungele ukusisiza ngesikhathi sikhumbula isimemo Sakhe soku “bhekani kimi ngayo yonke imicabango yenu; ningangabazi, ningesabi” (IMfundiso neziVumelwano 6:36).

Umgomo Wokwenza naMandla

Ukholo kuJesu Kristu Luholela Ekwenzeni. Sibonisa ukholo lwethu ngokulalela imiyalo nokwenza okuhle usuku nosuku. Siyaphenduka ezonweni zethu. Sineqiniso Kuye. Siyazama ukufana kanconywana Naye.

Ngesikhathi sisebenzisa ukholo, singezwa amandla kaJesu ezimpilweni zethu zansuku zonke. Uzokhulisa imizamo yethu engcono kakhulu. Uzosisiza sikhule futhi singangeni esilingweni.

Ukukhulisa Ukholo Lwethu

Umprofethi u-Alima wafundisa ukuthi ukwakha ukholo kungaqala “ngesifiso sokukholwa” (Alima 32:27). Khona-ke, ukuze ukholo lwethu kuJesu Kristu lukhule, kudingeka silukhulise ngokufunda amazwi Akhe, sisebenzise izimfundiso Zakhe, futhi silalele imiyalo Yakhe. U-Alima wafundisa ukuthi ngesikhathi, ngokulinda, nangokubekezela sikhulisa izwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu,“liyokuba nempande; [futhi lifane] [ne]sihlahla besiyokhula siye phezulu sibe ngukuphila okuphakade.”—kanjalo siqinise ukholo lwethu (Alima 32:41; bheka amavesi 26–43).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Ukholo, Amandla, kanye neNsindiso

IMfundiso yoKholo

Izibonelo zoKholo

Imisebenzi kanye Nokulalela

Ukholo Ekuphendukeni

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

  • Indlela Ekhomba Umbhalo Ongcwele: “uJesu Kristu,” “Hlawula, Inhlawulo,” “Ukholo

  • Bible Dictionary, “Israel.”

  • IziHloko zeVangeli: “uJesu Kristu,” “Inhlawulo kaJesu Kristu,” “Ukholo kuJesu Kristu

Ukuphenduka

Kuyini Ukuphenduka?

Ukuphenduka kuwumgomo wesibili wevangeli. Ukholo kuJesu Kristu kanye nothando lwethu Kuye lusiholela ekuphendukeni (bheka Helamani 14:13). Ukuphenduka yinqubo yokuphendukela kuNkulunkulu futhi ufulathele isono. Ngesikhathi siphenduka, izenzo zethu, izifiso, kanye nemicabango kuyashintsha kuvumelane nentando kaNkulunkulu. Ukuxolelwa izono kwenzeka ngenxa kaJesu Kristu kanye nomnikelo wokuhlawula.

Ukuphenduka kungaphezu kokusebenzisa amandla okuguquka ukuziphatha noma ukunqoba ubuthakathaka. Ukuphenduka kuwukuphendukela kuKristu ngobuqotho, osinika amandla okuthola “uguquko olukhulu” ezinhliziyweni zethu (Alima 5:12–14). Ngesikhathi sizwa inguquko yenhliziyo, sizalwa kabusha ngokomoya (bheka Mosiya 27:24–26).

Ngenxa yokuphenduka, siba nombono omusha ngoNkulunkulu, ngathi, kanye nangomhlaba. Sizwa kabusha uthando lukaNkulunkulu ngathi njengabantwana Bakhe—kanye nothando loMsindisi wethu ngathi. Ithuba lokuphenduka ngesinye sezibusiso ezinkulu zikaNkulunkulu esinikwe zona ngeNdodana Yakhe.

Inqubo Yokuphenduka

Ngesikhathi siphenduka, siyazibona izono zethu futhi sizwe ukuzisola kwangempela. Sivuma izono zethu kuNkulunkulu futhi sicele intethelelo Yakhe. Siphinde sivume izono ezimbi kakhulu kubaholi abavunyelwe beBandla, abazosiseka ngesikhathi siphenduka. Senza konke esingakwenza ukuze senze ubulungiswa, okusho ukuthi sizame ukulungisa izinkinga okungenzeka zibangelwe yizenzo zethu. Ukuphenduka kweqiniso kubonakala kahle kakhulu ngezenzo zokulunga ezithatha isikhathi eside.

Ukuphenduka kuyinqubo yansuku zonke ezimpilweni zethu zonke. “Bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23). Kumele siqhubeke siphenduke, sikhumbula ukuthi “[si]ngenza zonke izinto ngoKristu o[s]iqinisayo” (KwabaseFiliphi 4:13). INkosi isiqinisekisile ukuthi “kangangoba abantu bami bephenduka ngiyobathethelela eziphambekweni zabo” (Mosiya 26:30).

Izibusiso Zokuphenduka

Ukuphenduka kuyisimiso esihle esiletha injabulo nokuthula. Kuletha “abantu emandleni oMkhululi, ngokwanele ukuba kusindiswe imiphefumulo [yethu].” (Helamani 5:11).

Ngesikhathi siphenduka, ukuzisola kwethu nosizi lwethu kuyaphola ngokuhamba kwesikhathi. Sizwa imfundiso yoMoya ngobukhulu. Isifiso sethu sokulandela uNkulunkulu sikhula ngamandla.

Isithombe
UMongameli uRussell M. Nelson

“Abantu abaningi babuka ukuphenduka njengesijeziso—into engagwenywa. … Kodwa lo muzwa wokujeziswa ubangelwa uSathane. Uzama ukusivimba ukuthi singabheki kuJesu Kristu, omile nezandla ezivulekile, enethemba futhi ezimisele ukusiphilisa, ukuthethelela, ukuhlanza, ukuqinisa, ukucwenga, nokungcwelisa” (Russell M. Nelson, “We Can Do Better and Be Better,” Ensign noma Liahona, ngoMeyi 2019, 67).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Ukuphenduka

Insindiso kanye Nokuxolela

Umusa Walabo Abaphendukayo

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

Isithombe
intombazane encane ibhabhadiswa

UMbhabhadiso: Isivumelwano Sethu Sokuqala noNkulunkulu

Ukholo kuJesu Kristu kanye nokuguquka kusilungiselela izimiso zokubhabhadiswa kanye nokuqiniswa. Umbhabhadiso yisimiso sokuqala esisindisayo sevangeli likaJesu Kristu. Ngesikhathi sithola lesi simiso sethemba esijabulisayo, senza isivumelwano sethu sokuqala noNkulunkulu.

Isimiso yisenzo esingcwele noma umcimbi owenziwa ngegunya lobupristi. Ezinye izimiso, njengokubhabhadiswa, zibalulekile ensindisweni yethu.

Ngezimiso, senza izivumelwano noNkulunkulu. Lezi zivumelwano ziyizithembiso ezingcwele phakathi kwethu noNkulunkulu. Uthembisa ukusibusisa ngesikhathi sigcina izithembiso Naye. Kufanele sizibophezele ngokuqinile ukugcina izithembiso zethu noNkulunkulu.

UNkulunkulu usinike izimiso kanye nezivumelwano ukusisiza size Kuye futhi sibe nokuphila okuphakade. Ngesikhathi sithola izimiso zobupristi futhi sigcina izivumelwano ezihambisana nazo, singathola “amandla obunkulunkulu” ezimpilweni zethu (IMfundiso neZivumelwano 84:20).

Isivumelwano Sokubhabhadiswa

UMsindisi wafundisa ukuthi ukubhabhadiswa kuyadingeka ukuze singene embusweni wezulu (bheka NgokukaJohane 3:5). Kuyadingeka futhi ukuba sibe ngamalungu eBandla likaJesu Kristu. UMsindisi wethu wabeka isibonelo ngokubhabhadiswa (bheka NgokukaMathewu 3:13–17).

Ngesikhathi sibhabhadiswa futhi sigcina isivumelwano sethu, uNkulunkulu uthembisa ukuthethelela izono zethu (bheka IZenzo 22:16; 3 Nefi 12:1–2). Lesi sibusiso esikhulu senziwa saba khona ngomhlatshelo wenhlawulo kaJesu Kristu, “[o]wasithanda, wasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe” (IsAmbulo 1:5). UNkulunkulu futhi uthembisa ukusibusisa ngobudlelwane boMoya oNgcwele ukuze singcweliswe, siholwe, futhi siduduzwe.

Engxenyeni yethu yesivumelwano sokubhabhadiswa, siyafakaza ukuthi sizimisele ukuthwala igama likaJesu Kristu kithi. Siyathembisa futhi ukuthi sizomkhumbula njalo futhi sigcine imiyalelo Yakhe. Sithembisa ukuthanda nokusebenzela abanye, “ukukhala nabakhalayo; … siduduze labo abadinga ukududuzwa, futhi sime njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo” (Mosiya 18:9; bheka amavesi 8–10, 13). Sizwakalisa ukuzimisela ukukhonza uJesu Kristu kuze kube sekugcineni kwezimpilo zethu (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:37; Mosiya 2:17).

Izibopho zethu zesivumelwano ezihlobene nombhabhadiso ziwumthwalo wemfanelo omkhulu. Ziphinde zikhuthaze futhi zijabulise. Zakha ubudlelwano obukhethekile phakathi kwethu kanye noBaba oseZulwini lapho Eqhubeka njalo ukulula uthando Lwakhe.

Ukubhabhadiswa ngokuCwiliswa

UJesu wafundisa ukuthi sidinga ukubhabhadiswa ngokucwiliswa ukuze sithethelelwe izono zethu (bheka IMfundiso neziVumelwano 20:72–74). Ukubhabhadiswa ngokucwiliswa emanzini kuwuphawu lokufa, ukungcwatshwa, kanye noVuko lukaJesu Kristu (see KwabaseRoma 6:3–6).

Ukubhabhadiswa ngokucwiliswa emanzini kunomfanekiso onamandla kithi ngabanye. Kumele ukufa kwempilo yethu endala, ukungcwatshwa kwalokho kuphila, nokuvela kwethu ekuzalweni kabusha okungokomoya. Ngesikhathi sibhabhadiswa, siqala ibanga lokuzalwa kabusha futhi sibe ngamadodana kanye namadodakazi womoya kaKristu (bheka Mosiya 5:7–8; KwabaseRoma 8:14–17).

Abantwana

Abantwana ababhabhadiswa baze bafinyelele iminyaka yokuziphendulela, okuyiminyaka eyisishiyagalombili ubudala (bheka IMfundiso neziVumelwano 68:27). Abantwana abadlula emhlabeni ngaphambi kokuba naleminyaka bayahlengwa ngeNhlawulo kaJesu Kristu (bheka Moroni 8:4–24; IMfundiso neziVumelwano 137:10). Ngaphambi kokuba abantwana babhabhadiswe, kufanele bafundiswe ivangeli ukuze balungele lesi sinyathelo esibalulekile ezimpilweni zabo sokwenza isivumelwano noNkulunkulu.

Isidlo esiNgcwele

UBaba wethu oseZulwini ufuna ukuthi sithembeke ezivumelwaneni esizenza Naye. Ukusisiza ukuthi senze lokhu, usiyalile ukuthi sihlangane njalo ukuze sidle isidlo esingcwele. Isidlo esingcwele siyisimiselo sobupristi uJesu asethula kubaPhostoli Bakhe ngaphambi nje kweNhlawulo Yakhe.

Ukudla isidlo esingcwele yinhloso esemqoka kumhlangano wesidlo isonto ngalinye. Isinkwa kanye namanzi ayabusiswa futhi adluliselwe ebandleni. Isinkwa simele umhlatshelo woMsindisi womzimba Wakhe ngenxa yethu. Amanzi amele igazi lakhe, alithululela thina.

Sidla lezi zimpawu esikhumbuzweni somhlatshelo woMsindisi futhi nokuvuselela izivumelwano zethu noNkulunkulu. Semukela kabusha isithembiso sokuthi uMoya uzoba nathi.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Isibonelo sikaKristu

Isivumelwano Sokubhabhadiswa

Izimfanelo zokuBhabhadiswa

Izibusiso Ezithenjisiwe zokuBhabhadiswa

Ukudingeka kweGunya

uJesu Kristu Wamisa Isidlo EsiNgcwele

Imithandazo Yesidlo Esingcwele

Ukuthabathwa kweSidlo EsiNgcwele

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

Isithombe
UKristu ubeka izandla kowesifazane

Isipho sikaMoya oNgcwele

Ukuthola Isipho sikaMoya oNgcwele

Umbhabhadiso unezingxenye ezimbili. UJesu wafundisa ukuthi kudingeka “[si]zalwe ngamanzi kanye nangoMoya” ukungena embusweni kaNkulunkulu (NgokukaJohane 3:5; ukugcizelele kwengeziwe). UJoseph Smith wafundisa, “Umbhabhadiso ngamanzi qha ungumbhabhadiso ongaphelele, futhi awusizi ngalutho ngaphandle kwalenye ingxenye—pheculezi okungukuthi, umbhabhadiso woMoya oNgcwele” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 95).

Ukubhabhadiswa ngamanzi kumele kulandelwe ukubhabhadiswa ngoMoya ukuze kuphelele. Ngesikhathi siyithola yomibili imibhabhadiso, siyahlanzwa ezonweni zethu futhi sizalwa kabusha ngokomoya. Bese-ke siqala impilo entsha yakomoya njengabalandeli baKristu.

Sithola umbhabhadiso kaMoya ngesimiso esibizwa ngokuthi ukuqiniswa. Lesi simiso senziwa ngoyedwa noma ngaphezulu kwabaphathi bobupristi ababeka izandla zabo phezu kwekhanda lethu. Okokuqala basiqinisa njengelungu leBandla, bese besinika isipho sikaMoya oNgcwele. Lesi yisimiso esifanayo nesishiwo eThestamenteni Elisha kanye naseNcwadini kaMormoni (bheka IZenzo 8:14–17; 3 Nefi 18:36–37).

UMoya oNgcwele uyilungu lesithathu eMkhandlwini kaNkulunkulu. Usebenza ngobunye noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu. Ngesikhathi sithola isipho sikaMoya oNgcwele, singaba nobungane Nayo izimpilo zethu zonke uma sethembekile.

Indlela UMoya Ongcwele Usibusisa Ngayo

Isipho sikaMoya oNgcwele esinye sezipho ezinkulu kakhulu zikaBaba oseZulwini. UMoya oNgcwele uyasihlanza futhi uyasingcwelisa, usenze sibe ngcwele kakhulu, siphelele kakhulu, sifane noNkulunkulu (bheka 3 Nefi 27:20). Usisiza ukuba siguquke futhi sikhule ngokomoya ngesikhathi sifuna ukulandela imiyalo kaNkulunkulu.

UMoya oNgcwele uyasisiza ukuthi sifunde futhi sibone iqiniso (bheka Moroni 10:5). Uqinisekisa neqiniso ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu. Ngokwengeza, uMoya oNgcwele usisiza ukuba sifundise iqiniso (bheka IMfundiso neziVumelwano 42:14). Ngesikhathi sifunda futhi sifundisa iqiniso ngamandla kaMoya oNgcwele, Uyalithwala aliyise ezinhliziyweni zethu (bheka 2 Nefi 33:1).

Njengoba ngokuzithoba sifuna isiqondiso kuMoya oNgcwele, Uzosihola (bheka 2 Nefi 32:5). Lokhu kuhlanganisa ukusikhuthaza endleleni esingasiza ngayo abanye.

UMoya oNgcwele unikeza amandla omoya ukuze usisize sinqobe ubuthakathaka. Uyasisiza ukuba simelane nesilingo. Ungasixwayisa ngengozi engokomoya nengokwenyama.

UMoya oNgcwele uzosisiza ezinseleleni zempilo. Uyosiduduza ngezikhathi zokuhlupheka noma zosizi, usigcwalise ngethemba (bheka Moroni 8:26). NgoMoya oNgcwele, singaluzwa uthando lukaNkulunkulu ngathi.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Indabuko yoMoya oNgcwele

Izibusiso kanye nemfundiso evela kuMoya oNgcwele

Ukubaluleka kweSipho soMoya oNgcwele

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

Isithombe
UJesu ebambe abantwana

Ukubekezela kuze kube Sekugcineni

Ngesikhathi sibhabhadiswa futhi siqiniswa, singena esivumelwaneni noNkulunkulu. Phakathi kwezinye izinto, sithembisa ukugcina imiyalelo Yakhe futhi simsebenzele ukuphila kwethu konke (bheka Mosiya 18:8–10, 13; IMfundiso neziVumelwano 20:37).

Emva kokuba sesingene endleleni yevangeli ngokubhabhadiswa kanye nokuqiniswa, senza yonke imizamo yokuhlala kuyo. Uma sisuka endleleni ngisho nakancane, sisebenzisa ukholo kuKristu ukuze siphenduke. Isibusiso sokuphenduka sisivumela ukuthi sibuyele endleleni yevangeli futhi sigcine izibusiso zezivumelwano zethu noNkulunkulu. Ngesikhathi siphenduka ngobuqotho, uNkulunkulu uhlale ezimisele ukusithethelela futhi asamukele.

Ukubekezela kuze kube sekugcineni kusho ukuhlala sithembekile kuNkulunkulu kuze kube sekugcineni kwezimpilo zethu—ezikhathini ezimnandi nezinzima, ekuphumeleleni nasebunzimeni. Ngokuzithoba sivumela uKristu ukuba asibumbe futhi asenze sifane Naye kakhulu. Sibheka kuKristu ngokholo, ukwethemba, kanye nethemba kungakhathaliseki ukuthi kufikani ezimpilweni zethu.

Ukubekezela kuze kube sekugcineni akusho nje ukubambelela size sife. Kunalokho, kusho ukugxilisa izimpilo zethu, imicabango nezenzo zethu kuJesu Kristu. Kuhlanganisa ukuqhubeka sibonisa ukholo kuKristu usuku nosuku. Siyaqhubeka futhi nokuphenduka, sigcine izivumelwano zethu noNkulunkulu, futhi sifune ubungane boMoya oNgcwele.

Ukubekezela kuze kube sekugcineni kufaka “[uku]phikelel[a] ngokwethembeka kuKristu, ninethemba elimsulwa elipheleleyo, kanye nothando lukaNkulunkulu kanye nolwabantu bonke.” UBaba wethu oseZulwini uthembisa ukuthi ngesikhathi sibekezela kuze kube sekugcineni, “sizoba nokuphila okuphakade” (2 Nefi 31:20).

Ukufunda Umbhalo Ongcwele

Ukubekezela kuze kube Sekugcineni

Izibusiso Zalabo Ababekezelayo kuze kube Sekugcineni

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

  • IziHloko zeVangeli: “Ubunzima

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Bekezela,” “Ubunzima

Isithombe
Umndeni umamatheka

IVangeli likaJesu Kristu Libusisa Bonke Abantwana baNkulunkulu

Ivangeli likaJesu Kristu ngelabo bonke abantwana baNkulunkulu. Imibhalo engcwele ifundisa ukuthi “bonke bayafana kuNkulunkulu” akukhathaliseki imvelaphi yethu noma isimo. Umema “bonke ukuthi beze kuyo futhi bahlanganyele ebuhleni bayo; futhi ayenqabeli namunye oza kuyo,” (2 Nefi 26:33).

Ivangeli liyasibusisa ezimpilweni zethu zonke zasemhlabeni kanye naphakade. Sivame ukuthokoza kakhudlwana—kokubili njengabantu ngabanye kanye nemindeni—ngesikhathi siphila ngezimfundiso zikaJesu Kristu (bheka Mosiya 2:41; “Umndeni: Isisimemezelo Emhlabeni Wonke,” ChurchofJesusChrist.org). Ukuphila ivangeli kujulisa injabulo yethu, kukhuthaza izenzo zethu, futhi kuthuthukisa ubudlelwano bethu.

Ukuphila ivangeli likaJesu Kristu nakho kungasivikela ekwenzeni izinqumo ezingasilimaza ngokomzimba noma ngokomoya. Kusisiza ukuba sithole amandla nenduduzo ngezikhathi zokulingwa nosizi. Kusinikeza indlela eya ekuphileni okuphakade okujabulisayo.

Omunye wemilayezo emikhulu yevangeli elibuyisiwe ukuthi sonke siyingxenye yomndeni kaNkulunkulu. Singamadodana namadodakazi Akhe athandekayo. Akukhathaliseki ukuthi siyini isimo somndeni wethu emhlabeni, omunye nomunye wethu uyilungu lomndeni kaNkulunkulu.

Enye ingxenye enkulu yomlayezo wethu wukuthi imindeni ingaba munye kuze kube phakade. Umndeni umiswe nguNkulunkulu. Uhlelo lukaBaba oseZulwini lwenjabulo lenza ubudlelwano bomndeni buqhubeke ngale kwethuna. Izimiso kanye nezivumelwano ezingcwele zasethempelini zenza kwenzeke ukuba imindeni ibe ndawonye ingunaphakade.

Ngokukhanya kwevangeli, imindeni ingaxazulula ukungezwani, imibango, kanye nezinselela. Imindeni edatshulwe ukungezwani ingapholiswa ngokuphenduka, ukuthethelelwa, kanye nokholo emandleni eNhlawulo kaJesu Kristu.

Ivangeli likaJesu Krestu lisisiza sakhe ubudlelwane bomndeni obunamandla. Ikhaya indawo ebaluleke kakhulu yokufundisa nokufunda imigomo yevangeli. Ikhaya elimiswe ngomthetho wevangeli lizoba yindawo yokucasha futhi evikelekile. Lizoba indawo lapho uMoya weNkosi ozohlala khona.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi mayelana naloMgomo

Izifundo Ezimfushane ukuya Kweziningana

Uhlaka olulandelayo luyisibonelo salokho ongase ukufundise othile uma unesikhathi esifushane. Ngesikhathi usebenzisa loluhlaka, khetha umgomo owodwa noma ngaphezulu ozowufundisa. Isisekelo sezimfundiso somgomo ngamunye sinikezwe ekuqaleni kwesifundo.

Njengoba ufundisa, buza imibuzo futhi ulalele. Nikeza izimemo ezizosiza abantu bafunde indlela yokusondela kuNkulunkulu. Isimemo esisodwa esibalulekile esokuba lowomuntu ahlangane nawe futhi. Ubude besifundo buzoncika emibuzweni oyibuzayo nasekulaleleni okwenzayo.

Isithombe
abefundisi bevangeli befundisa abesifazane

Ongakufundisa Abantu emiZuzwini emi 3–10

  • UNkulunkulu wathumela iNdodana Yakhe Ethandekayo uJesu Kristu, emhlabeni ukuzosihlenga esonweni nasekufeni.

  • Ukholo kuJesu Kristu luwumgomo wokwenza namandla. Ukholo lusisiza sizwe amandla aqinisayo kaMsindisi ezimpilweni zethu.

  • Ukholo kuJesu Kristu luholela ekuphendukeni. Ukuphenduka yinqubo yokuphendukela kuNkulunkulu futhi ufulathele isono. Ngesikhathi siphenduka, izenzo zethu, izifiso, kanye nemicabango kuyashintsha kuvumelane nentando kaNkulunkulu.

  • Ngesikhathi siphenduka, uNkulunkulu uyasixolela. Ukuxolelwa kuyenzeka ngoba uJesu Kristu wahlawulela izono zethu.

  • Umbhabhadiso unezingxenye ezimbili: umbhabhadiso ngamanzi kanye nangokoMoya. Ngesikhathi sibhabhadiswa futhi siqiniswa, siyahlanzwa ezonweni, okusinika ukuqala impilo entsha.

  • Emva kokubhabhadiswa ngamanzi, samukeliswa isipho sikaMoya oNgcwele ngesimiso esibizwa ngokuthi ukuqiniswa.

  • Ngesikhathi silandela indlela yevangeli kuze kube sekugcineni kwezimpilo zethu ngokuthembeka, uNkulunkulu uthembisa ukuthi sizoba nempilo yaphakade.

Shicilela