Isigaba 53
Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi ku-Algernon Sidney Gilbert, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 8Â Juni, 1831. Ngenxa yesicelo sikaSidney Gilbert, umPhrofethi wabuza iNkosi ngomsebenzi woMzalwane uGilbert nokubekwa kwakhe eBandleni.
1–3, Ukubizwa nokukhethwa kukaSidney Gilbert eBandleni wukugcotshwa abe yigosa; 4–7, Uzosebenza futhi njengomphatheli kambhishobhi.
1 Bheka, ngithi kuwe, nceku yami uSidney Gilbert, ngiyizwile imikhuleko yakho; futhi ucelile ukuze waziswe, yiNkosi uNkulunkulu wakho, mayelana nobizo nokukhethwa kwakho ebandleni, mina, iNkosi, engilimisile kulezi zinsuku zokugcina.
2 Bheka, mina, iNkosi, eyabethelwa ukuze kukhokhelwe izono zomhlaba, ngikunika umyalelo wokuthi uyowudela umhlaba.
3 Yamukela ubizo lwami, ngisho lolo lobugosa, ukushumayela ukukholwa nokuphenduka noku thethelwa kwezono, ngokwezwi lami, nokwamukela uMoya oNgcwele ngokubekwa izandla.
4 Futhi nokuba wumphatheli kuleli bandla endaweni eyokhethwa ngumbhishobhi, ngokwemiyalelo eyonikezwa emva kwalokhu.
5 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kuwe, uyothatha uhambo lwakho nezinceku zami uJoseph Smith, omNcane, noSidney Rigdon.
6 Bheka, lezi yizimiso zokuqala ozozifumana; futhi ezinye zizokwaziswa ngesikhathi esizayo, ngokusebenza kwakho esivinini sami.
7 Futhi phezu kwalokho, ngifuna ufunde ukuthi yilowo kuphela osindiswayo obekezela kuze kube sekupheleni. Ngisho kanjalo. Amen.