2. IPalmyra neManchester, New York, ngo 1820–1831
-
IKhaya leziNgodo likaJoseph Smith omDala Ingelosi uMoroni yavela kuJoseph Smith egumbini lalendlu elaliphezulu ngomhlaka 21–22 Septemba 1823 (bheka kuJS—uMl. 1:29–47).
-
IPulazi likaJoseph Smith omDala Lelipulazi elingamahektha angama 40 lathuthukiswa ngumndeni wakwaSmith kusuka ngo 1820 kuya ku 1829.
-
IsiXhobo esiNgcwele UMbono wokuQala kaJoseph Smith omNcane wenzeka kulelizwe lamahlathi epulazini lakwa Smith ekuqaleni kwentwasahlobo yango 1820 (bheka ku JS—uMl. 1:11–20).
-
IKhaya loHlaka likaJoseph Smith omDala Lelikhaya laqalwa ngo1822 ngu-Alvin Smith futhi umndeni wakwaSmith wahlala kulo kusuka ngo 1825 kuya ku 1829.
-
IGquma iKumora Lapha ingelosi uMoroni yanika uMprofethi uJoseph Smith izingcwephe zegolide ngomhlaka 22 Septemba 1827 (bheka kuJS—uMl. 1:50–54, 59).
-
IPulazi likaMartin Harris Lelipulazi kwabanjiswa ngalo kuze kukhokhwe isikweletu futhi inxenye yendawo yalo yadayiswa ukuze kukhokhelwe ukucindezelwa kweNcwadi kaMormoni.
-
IsiTolo sokuCindezela sika E. B. Grandin Amakhophi eNcwadi kaMormoni ayizinkulungwane ezinhlanu acindezelwa lapha ngo 1829–1830.
-
UMnonjana iHathaway Kulomnonjana, owawujwayele ukubizwa ngo Mfudlana oGwegileyo ngabahlali basekuqaleni, imibhabhadiso ethise yokuqala yeBandla yenziwa.