Amasu Okufunda
4. IKirtland ne-Ohio, ngo 1830–1838


4. IKirtland ne-Ohio, ngo 1830–1838

Ibalazwe lomlando weBandla 4

Nyakatho

IPulazi lika Morley

UMfula iChagrin, iGatsha eliseMpumalanga

ukuya eWilloughby

ukuya Mentor

Sawmill

UmGwaqo uMarkell

Grist Mill

IziNdawo zokuBhabhadisela

IKhaya labakwa Whitney

ukuya ePainesville

IsiTolo sabakwa Whitney

Tannery

Johnson Inn

IsiKole

UmGwaqo uCowdery

Ashery

Stoney Brook

IKhaya likaJoseph Smith omNcane

IsiTolo seZinto eziNhlobonhlobo sikaJoseph Smith omNcane

ukuya eChardon

AmaThuna

UmGwaqo uWhitney

IHhovisi lokuCindezela

IThempeli laseKirtland

IKhaya likaSidney Rigdon

IBhange

UmGwaqo iChillicothe

UmGwaqo uJoseph

IKhaya likaHyrum Smith

Amamitha

0 150 300

A B C D

1 2 3 4

1

2

3

4

5

6

7

  1. IKhaya likaNewel K. Whitney UJoseph kanye no-Emma babehlala lapha amasonto ambalwa ngemuva kokuba bethuthele eKirtland okokuqala ngo 1831. UJoseph wathola izambulo ezimbalwa lapha.

  2. IPulazi lika-Isaac Morley UJoseph kanye no-Emma Smith babehlala lapha kusuka ngoMashi kwaze kwaba nguSeptemba 1831. Abaphristi abakhulu bokuqala bagcotshelwa lapha. UJoseph wayesebenza ukuHunyushwa kweBhayibheli okwenZiwa nguJoseph Smith (HJS).

  3. IsiTolo sikaNewel K. Whitney UbuMongameli bokuQala beBandla banikwa izikhiye zombuso lapha. IsiKole sabaProfethi sahlangana lapha ngobusika bangonyaka ka 1833. I HJS yayisaqhubeka nokuba iqedelwe lapha ngonyaka ka 1833. UJoseph kanye no-Emma babehlala lapha kusuka ngo 1832 kuya ku 1833. UJoseph wathola izambulo eziningi lapha.

  4. IsiPhumulo sika Johnson Lesi siphumulo sasiqukethe ihhovisi lokuqala lokucindezela eKirtland. The Evening and Morning Star yacindezelwa lapha kulandelwa ukubhujiswa komshini wokucindezela izincwadi esiFundeni saseJackson, eMissouri. AbaPhostoli abaliShumi namBili bahamba besuka lapha ngomhlaka 4 Meyi 1835 beya emsebenzini wabo wokufundisa ivangeli wokuqala.

  5. IKhaya likaJoseph Smith omNcane UJoseph kanye no-Emma babehlala lapha kusuka ngonyaka ka 1833 usuyophela kuya ekuqaleni konyaka ka 1838. Ukuhunyushwa kwencwadi ka-Abrahama kwaqedelwa futhi uJoseph wathola izambulo ezimbalwa lapha.

  6. IHhovisi lokuCindezela ILectures on Faith (IziFundo ngoKholo) yanikwa kulesi sakhiwo. AbaPhostoli abaliShumi namBili kanye nomGwamanda wokuQala wabangamaShumi ayisiKhombisa babizwa futhi bagcotshelwa lapha. IMfundiso neziVumelwano (ukucindezelwa kokuqala), iNcwadi kaMormoni (ukucindezelwa kwesibili), The Evening and the Morning Star, iLatter-Day Saints’ Messenger and Advocate, kanye nokukhishwa kokuqala kwe-Elders’ Journal kwacindezelwa lapha.

  7. IThempeli laseKirtland Leli thempeli laba ngelokuqala kulolu hlelo lokwengamela. UJesu Kristu wavela futhi walemukela lelithempeli. UMose, u-Eliyasi, kanye no-Eliya bavela futhi babuyisela izikhiye zobuphristi ezithile (bheka kwi Mf&V 110). IsiKole sabaProfethi naso sahlanganela lapha. Izambulo ezatholakala lapha: Mf&V 109–110; 137.

    IKirtland Ngomhlaka 17 Agasti 1835, iMfundiso neziVumelwano yemukelwa njengemibhalo engcwele. Ezinye zezambulo ezatholakala eKirtland yilezi: Mf&V 41–50; 52–56; 63–64; 72; 78; 84–98; 101–104; 106–110; 112; 134; kanye no 137. Isigaba 104 sikhomba ukuthi izimpahla ezithile kufanele zinikwe njengobuphathi kumalungu eBandla ahlanganyela ohlelweni lokuba munye (bheka amavesi 19–46).