6. UkuThutha kweBandla liya ngaseNtshonalanga
-
Fayette UMphrofethi uJoseph Smith wahamba eFayette waya eKirtland, e-Ohio, ngoJanuwari 1831. Amagatsha amathathu aseNew York (eFayette, eColesville, nase Manchester) alandela ngo-Epreli kanye nangoMeyi 1831 ngokuyalelwa yiNkosi ukuba abuthane (bheka kwi Mf&V 37–38).
-
Kirtland Ikomkhulu leBandla lalise Kirtland kusuka ngonyaka ka 1831 kuya koka 1838.
-
Independence INkosi yakhomba i-Independence (esiFundeni saseJackson, eMissouri) njengendawo emaphakathi yeSiyoni ngoJulayi 1831 (bheka kwiMf&V 57:3). Uquqaba lwezichwensi lwabaphoqa abaNgcwele ukuba baphume esiFundeni saseJackson ngoNovemba 1833.
-
Liberty AbaNgcwele ababesuka esiFundeni saseJackson babuthana esiFundeni saseClay kusuka ngo 1833 kuya ku 1836, ngesikhathi futhi kufuneka ukuba bahambe. UMphrofethi uJoseph Smith kanye nabanye abahlanu baboshwa lapha bengena cala kusuka ngo Disemba 1838 kuya ku Epreli 1839.
-
Far West Isiphephelo samiselwa abaNgcwele lapha ngo 1836–1838. Kwakuyikomkhulu leBandla ngo 1838. Ngo 1838–1839 abaNgcwele baphoqeleka ukuba babalekele e-Illinois.
-
Nauvoo Yikomkhulu leBandla ngo1839–1846. Ngemuva kokubulawelwa ukholo kukaMprofethi kanye nomfowabo uHyrum, abaNgcwele bathuthela entshonalanga.
-
Council Bluffs Abacabi bafika lapha ngoJuni 1846. Amalungu eQembu lamaMormoni lamaButho ayiNkulungwane ahamba ngomhlaka 21 Julayi 1846, ngaphansi kokuholwa nguJames Allen.
-
Winter Quarters Yindawo yesikhashana yokuhlala eyayibalulekile ngo 1846–1848. Isixuku sabaholi ngaphansi kokuboniswa nguMongameli uBrigham Young sahamba saya eNtshonalanga ngo-Epreli 1847.
-
Fort Leavenworth IQembu lamaButho ayiNkulungwane lamaMormoni lanikwa yonke impahla edingekayo lapha ngaphambi kokuba lihambe liye entshonalanga ngo-Agasti 1846.
-
Santa Fe UPhilip Cooke wahola iQembu lamaMormoni lamaButho ayiNkulungwane ngesikhathi lihamba lisuka lapha ngomhlaka 19 Oktoba 1846.
-
Pueblo Abaqembukayo ababegula beQembu lamaMomorni lamaButho ayiNkulungwane bayalwa ukuba baye ePueblo ukuba bayolulama khona, lapho bachitha khona ubusika bango 1846–1847 kanye nabaNgcwele ababesuka eMississippi. Lesi sixuku sangena esiGodini saseSalt Lake ngoJulayi 1847.
-
San Diego IQembu lamaMormoni lamaButho ayiNkulungwane laqeda uhambo lwalo olwalungamakhilomitha ayizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili lapha ngomhlaka 29 Januwari 1847.
-
Los Angeles IQembu lamaMormoni lamaButho ayiNkulungwane lakhululwa lapha ngomhlaka 16 Julayi 1847.
-
Sacramento Abanye bamalungu eqembu lamabutho ayinkulungwane basebenza lapha kanye naseNdlini yokuGaya kaSutter ngaphambidlana empumalanga eMfuleni waseMelika. Babekhona ngesikhathi kutholakala igolide ngo Januwari 1848.
-
Salt Lake City Yikomkhulu leBandla kusuka ngonyaka ka 1847 kuze kube manje. UBrigham Young wafika esiGodini saseSalt Lake ngomhlaka 24 Julayi 1847.