Uhla lwamabalazwe lungakusiza ukuba ukwazi ukuthola indawo ethize ebalazweni. Umbhalo ngamunye unenombolo yebalazwe ulandelwe yinkomba eyenziwe yinombolo kanye neletha. Isibonelo, lapho kutholakala khona iFort Hall kuqanjwe ngokuthi 6:B1; okungukuthi, yibalazwe 6, isikwele B1. Ungakwazi ukuthola izikwele ezithize kwibalazwe ngalinye ngokuthi ubheke lokho okuqondanisayo maphezulu naseceleni kwalelo balazwe. Amanye amagama ezindawo abhalwe kubakaki; isibonelo, Council Bluffs (Kanesville).