Isigaba 81
Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eHiram, e-Ohio, ngomhlaka 15 Mashi, 1832. UFrederick G. Williams ubizwa ukuba abe ngumphristi omkhulu nomeluleki kubuMongameli bobuPhristi obuKhulu. Imibhalo yomlando itshengisa ukuthi ngesikhathi lesi sambulo sitholakala ngoMashi 1832, sabiza uJesse Gause esikhundleni sokuba ngumeluleki kuJoseph Smith kubuMongameli. Kodwa, kwathi uma ehluleka ukuqhuba ngendlela ehambisana nalokhu kubekwa, ubizo kamuva lwadluliselwa kuFrederick G. Williams. Lesi sambulo (sango Mashi 1832) kufanele sithathwe njengesinyathelo sokuhlelwa ngokusemthethweni kobuMongameli bokuQala, ngenxa yokuthi sibiza isikhundla sikameluleki kulowo mgwamanda futhi sicacisa isithunzi salesi sikhundla. Umzalwane uGause wasebenza okwesikhashana kodwa waxoshwa eBandleni ngoDisemba 1832. Umzalwane uWilliams wagcotshwa kulesi sikhundla ngomhlaka 18 Mashi 1833.
1–2, Izikhiye zombuso njalo zihlale ziphethwe ngubuMongameli bokuQala; 3–7, Uma uFrederick G. Williams ethembekile ebufundisini bakhe, uzofumana ukuphila okuphakade.
1 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe nceku yami uFrederick G. Williams: Yizwa izwi lalowo okhulumayo, izwi leNkosi uNkulunkulu wakho, futhi ulalele ubizo obizwe ngalo, ngisho ukuba ngumphristi omkhulu ebandleni lami, nomeluleki encekwini yami uJoseph Smith, omNcane;
2 Kuye engimnike izikhiye zombuso, ezingezobu Mongameli bobuPhristi obuKhulu njalo:
3 Ngakho-ke, ngiqinisile ngiyamvuma futhi ngizombusisa, futhi nawe, kangangoba uthembekile emsebenzini wokuba ngumeluleki, esikhundleni engikubeke kuso, ekukhulekeni njalo, ngokuzwakala nangenhliziyo, emphakathini nangasese, futhi nasebufundisini bakho ekushumayeleni ivangeli ezweni labaphilayo, naphakathi kwalabo owakhe nabo.
4 Futhi ngokwenza lezi zinto uyokwenza obukhulu kakhulu ubuhle kubantu bakini, futhi uzoqhubekisa nenkazimulo yakhe oyiNkosi yakho.
5 Ngalokho-ke, thembeka; yima esikhundleni engikubeke kuso; siza ababuthakathaka, phakamisa izandla ezibuthakathaka, futhi uqinise amadolo axegayo.
6 Futhi uma uthembeka kuze kube sekupheleni uyothweswa umqhele wokungafi, nokuphila okuphakade ezindlini engizilungisile ekhaya likaBaba.
7 Bheka, futhi bheka, lawa ngamazwi ka-Alfa no-Omega, ngisho uJesu Kristu. Amen.