Ubizo LweMishini
Isahluko 3: Isifundo 2—Isu Lensindiso likaBaba OseZulwini


“Isahluko 3: Isifundo 2—Isu Lensindiso likaBaba OseZulwini,” Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela woKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (ngo-2023)

“Isahluko 3: Isifundo 2” Shumayelani Ivangeli Lami

Isahluko 3: Isifundo 2

Isu Lensindiso ilkaBaba OseZulwini

Isithombe
Umfanekiso kaKristu

Abantu Bangazibuza

  • Iyini injongo yokuphila?

  • Ngivelaphi?

  • Ngabe ukhona uNkulunkulu ongikhathalelayo na? Ngingezwa kanjani ukuthi uyangikhathalalela?

  • Ngingakholelwa kanjani kuNkulunkulu uma kwenzeka izinto ezimbi kangaka?

  • Kungani impilo ibenzima kangaka ngezinye izikhathi? Ngingawathola kanjani amandla ngalezi zikhathi?

  • Ngingaba kanjani umuntu ongcono?

  • Kuzokwenzekani emva kokufa kwami?

Ivangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe liyasisiza ukuba siphendule imibuzo ebalulekile yomphefumulo. Ngevangeli, sifunda ngobunikazi bethu bobuNkulunkulu kanye namandla ethu aphakade njengabantwana baNkulunkulu. Ivangeli lisinika ithemba futhi lisisiza ukuba sithole ukuthula, injabulo, kanye nokuqonda. Ukuphila ivangeli kusisiza ukuba sikhule futhi sithole amandla lapho sibhekana nezinselelo zempilo.

UNkulunkulu ubafunela okuhle kakhulu abantwana Bakhe futhi ufisa ukusinika izibusiso Zakhe ezinkulu, eziwukungafi kanye nokuphila okuphakade (bheka uMose 1:39; IMfundiso neziVumelwano 14:7). Ngenxa yokuthi uyasithanda, usinike icebo lokuthi sithole lezi zibusiso. Emibhalweni engcwele lesu libizwa ngokuthi yisu lensindiso, yisu elikhulu lenjabulo, futhi nesu lokuhlengwa (bheka u-Alima 42:5, 8, 11, 13, 15, 16, 31).

Ohlelweni lukaNkulunkulu, umuntu ngamunye wenza uhambo empilweni yangaphambi kokuzalwa, impilo yasemhlabeni, ukufa, kanye nempilo emva kokufa. UNkulunkulu usinike esikudingayo kulolu hambo ukuze emva kokufa, ekugcineni sibuyele ebukhoneni Bakhe futhi sithole ukugcwala kwenjabulo.

UJesu Kristu ungumgogodla wohlelo lukaNkulunkulu. Ngenhlawulo kanye noVuko Lwakhe, uJesu wenza ukuba kwenzeke ukuthi umuntu ngamunye athole ukungafi futhi nokuphila okuphakade.

Ngesikhathi sokuphila kwethu emhlabeni, asiyikhumbuli impilo yethu yangaphambi kwasemhlabeni. Futhi asikuqondi ngokugcwele ukuphila ngemva kokufa. Nokho, uNkulunkulu wembule amaqiniso amaningi ngalezi zingxenye zohambo lwethu lwaphakade. Lamaqiniso asinika ulwazi olwanele ukuze siqonde injongo yokuphila, sijabulele futhi sibe nethemba lezinto ezinhle ezizayo. Lolu lwazi lungumcebo ongcwele osiqondisayo sisasemhlabeni.

Iziphakamiso Zokufundisa

Lengxenye inikeza uhlaka oluyisibonelo olungakusiza ulungiselele ukufundisa. Kuhlanganisa futhi nezibonelo zemibuzo nezimemo ongase uzisebenzise.

Njengoba ulungiselela ukufundisa, cabanga ngomkhuleko isimo somuntu ngamunye kanye nezidingo ezingokomoya. Nquma ukuthi yikuphi ongakufundisa okungaba wusizo kakhulu. Lungiselela ukuchaza amagama abantu abangase bangawaqondi. Hlela kuye ngokuthi singakanani isikhathi oyoba naso, ukhumbule ukwenza izifundo zibe mfushane.

Khetha imibhalo ozoyisebenzisa ngesikhathi ufundisa. Ingxenye ethi “Isisekelo Semfundiso” isigaba sesifundo esihlanganisa imibhalo eminingi ewusizo.

Cabanga ukuthi yimiphi imibuzo okumele uyibuze lapho ufundisa. Hlela izimemo ozozidlulisela ezizokhuthaza umuntu ngamunye ukuba athathe isinyathelo.

Gcizelela izibusiso zikaNkulunkulu ezithenjisiwe, futhi wabelane ngobufakazi bakho balokho okufundisayo.

Isithombe
abefundisi bevangeli befundisa umndeni

Ongakufundisa abantu ngemizuzu eyi 15–25

Khetha owodwa noma iningi yalemigomo elandelayo emayelana nesu lensindiso ozoyifundisa. Isisekelo semfundiso yesimiso ngasinye sihlinzekwe ngemva kwaloluhlaka.

Impilo Eyandulela Eyasemhlabeni: Inhloso noHlelo lukaNkulunkulu Ngathi

  • Sonke singabantwana baNkulunkulu bangokomoya. Wasidala ngomfanekiso Wakhe.

  • Sasiphila noNkulunkulu ngaphambi kokuba sizalwe emhlabeni. Singamalungu omndeni Wakhe. Uyasazi futhi usithanda ngamunye.

  • UNkulunkulu usinike icebo lenjabulo yethu kanye nenqubekela phambili kulempilo kanye naphakade.

  • Empilweni yethu eyandulela eyasemhlabeni , sakhetha ukulandela icebo likaNkulunkulu. Lokhu kwakusho ukuza emhlabeni ukuze sithathe isinyathelo esilandelayo ekuqhubekeleni phambili kwethu kwaphakade.

  • UJesu Kristu ungumgogodla wohlelo lukaNkulunkulu. Wenza kwenzeke ukuba singafi futhi sibe nokuphila okuphakade.

Indalo

  • Ngakukhonjiswa uNkulunkulu, uJesu Kristu wadala umhlaba.

Ukuwa kuka-Adamu no-Eva

  • U-Adamu no-Eva babengabantwana bokuqala baNkulunkulu abangokomoya ukuza emhlabeni. UNkulunkulu wadala imizimba yabo wabe esebabeka eNsimini yase-Edeni.

  • U-Adamu no-Eva bona, baxoshwa ensimini, futhi bahlukaniswa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Lesisehlakalo sibizwa ngoKuwa.

  • Emva kokuwa, u-Adamu no-Eva baba ngabantu abafayo. Njengabantu abafayo, babekwazi ukufunda, ukuthuthuka, nokuba nabantwana. Baphinde babhekana nosizi, isono nokufa.

  • Ukuwa kwakuyisinyathelo esiya phambili esintwini. Ukuwa kwenza kwenzeka ukuba sizalwe emhlabeni futhi siqhubekele phambili ohlelweni lukaBaba oseZulwini.

Impilo Yethu Emhlabeni

  • Ohlelweni lukaNkulunkulu, sasidinga ukuza emhlabeni ukuze samukele imizimba yenyama, sifunde, futhi sikhule.

  • Emhlabeni, sifunda ukuhamba ngokukholwa. Nokho, uBaba oseZulwini akasishiyanga sodwa. Usiphe izipho eziningi neziqondiso ukuze asisize sibuyele ebukhoneni Bakhe.

INhlawulo kaJesu Kristu

  • Umuntu ngamunye wethu uyona, futhi umuntu ngamunye wethu uyokufa. Ngokuba uNkulunkulu uyasithanda, Wathumela iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, emhlabeni ukuze asihlenge esonweni nasekufeni.

  • Ngenxa yomhlatshelo kaJesu ohlawulelayo, singathethelelwa futhi sihlanzwe ezonweni zethu. Izinhliziyo zethu zingaguqulwa zibe ngcono njengoba siphenduka. Lokhu kwenza kwenzeke ukuthi sikwazi ukubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi sithole ukugcwala kwenjabulo.

  • Ngenxa yokuVuka kwabafileyo kukaJesu, sonke siyovuswa ngemva kokufa. Lokhu kusho ukuthi umoya nomzimba womuntu ngamunye kuzophinde kuhlanganiswe, futhi umuntu ngamunye wethu uyophila phakade emzimbeni ophelele, ovusiwe.

  • UJesu Kristu unikeza induduzo, ithemba, kanye nokuphilisa. Umnikelo Wakhe wokuhlawulela ungukuveza okokugcina uthando Lwakhe. Konke okungenaqiniso empilweni kungalungiswa ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

Izwe likaMoya

  • Lapho umzimba wenyama ufa, umoya uyaqhubeka uphile ezweni likamoya. Lesi yisimo sesikhashana sokufunda nesokuzilungiselela ngaphambi koVuko.

  • Ivangeli likaJesu Kristu liyafundiswa ezweni likamoya, futhi singaqhubeka nokukhula futhi sibe nenqubekela phambili.

Ukuvuka kwabafileyo, Insindiso, Nokuphakanyiswa

  • Ngemva kwesikhathi sethu emhlabeni kamoya, uVuko yisinyathelo esilandelayo ohambweni lwethu lwaphakade.

  • UVuko ukuhlangana komoya wethu kanye momzimba Umuntu ngamunye wethu uyovuswa kwabafileyo futhi abe nomzimba wenyama ophelele. Siyophila ingunaphakade. Lokhu kwenzeke ngeNhlawulo kanye noVuko loMsindisi.

Ukwahlulela neMibuso Yenkazimulo

  • Lapho sivuswa, uJesu Kristu uyoba umahluleli wethu. Ngaphandle kwabambalwa kakhulu, bonke abantwana baNkulunkulu bazothola indawo embusweni wenkazimulo.

  • Nakuba sonke siyovuswa, ngeke sithole inkazimulo yaphakade efanayo. UJesu uzosahlulela ngokokholo lwethu, imisebenzi, kanye nokuphenduka kwethu emhlabeni kanye nasemhlabeni kamoya. Singabuyela siyohlala ebukhoneni bukaNkulunkulu uma sithembekile.

Imibuzo Ongase Uyibuze Abantu

Imibuzo elandelayo iyizibonelo zalokho ongase ukubuze abantu. Lemibuzo ingakusiza ube nezingxoxo eziphusile futhi uqonde izidingo zomuntu kanye nombono wakhe.

  • Ucabanga ukuthi iyini injongo yokuphila?

  • Yikuphi okukulethela injabulo?

  • Yiziphi izinselela odinga uNkulunkulu akusize ngazo?

  • Yini oyifundile ezinkingeni osuke wabhekana nazo?

  • Yini oyaziyo ngoJesu Kristu? Impilo Yakhe kanye nomsebenzi Wakhe kuyithinte kanjani impilo yakho?

Izimemo Ongase Uzidlulisele

  • Ungakukhulekela ukwazi ukuthi lokhu esikufundisile kuyiqiniso? (Bheka ku “Teaching Insights: Prayer” esigabeni sokugcina sesifundo 1.)

  • Ungakwazi ukuya eSontweni nathi kuleliSonto ukuze ufunde kabanzi ngalokhu esikufundisile?

  • Ngabe uzoyifunda iNcwadi kaMormoni futhi ukhuleke ukuze wazi ukuthi iyizwi likaNkulunkulu? (Ungaphakamisa izahluko noma amavesi athile.)

  • Ungakwazi ukulandela isibonelo sikaJesu futhi ubhabhadiswe? (Bheka “Isimemo Sokubhabhadiswa nokuQiniswa,” eyandulela isifundo 1 ngokushesha.)

  • Singasihlela isikhathi sokuzovakasha ngokuzayo?

Isithombe
Umfanekiso wesu lensindiso

Isisekelo Sezimfundiso

Lesisigaba sihlinzeka ngemfundiso kanye nemibhalo engcwele ukuze uyifunde ukuze uqinise ulwazi lwakho kanye nobufakazi bevangeli futhi ikusize ufundise.

Isithombe
imithala

Impilo Eyandulela Eyasemhlabeni: Inhloso noHlelo lukaNkulunkulu Ngathi

Singabantwana baNkulunkulu, futhi Sasihlala Naye ngaphambi kokuba Sizalwe

UNkulunkulu unguBaba wemimoya yethu. Singabantwana Bakhe, abadalwe ngomfanekiso Wakhe. Umuntu ngamunye wethu unemvelo yobunkulunkulu njengomntwana kaNkulunkulu. Lolwazi lungasisiza ezikhathini ezinzima futhi lungasikhuthaza ukuba sibe ngcono kakhulu kunakuqala.

Sasiphila noNkulunkulu njengabantwana Bakhe bakamoya ngaphambi kokuba sizalwe emhlabeni. Singamalungu omndeni Wakhe.

Isithombe
UMongameli uM. Russell Ballard

“Kunobunikazi obubodwa obubalulekile sonke esabelana ngabo manje naphakade, okufanele singalokothi sibukhohlwe, futhi okufanele sikubonge. Okungukuthi wena ubulokhu uyindodana noma indodakazi kaNkulunkulu enezimpande zikamoya naphakade.

“… Ukuqonda leli qiniso—ukuliqonda ngempela nokulisingatha—kuyayishintsha impilo. Kukunikeza ubuwena obungavamile okungeke wabuphucwa muntu. Kodwa ngaphezu kwalokho, kufanele kukunike umuzwa omkhulu wenani kanye nomuzwa wokubaluleka kwakho okungapheli. Okokugcina, ikunikeza injongo yaphezulu, enhle, nefanelekile empilweni” (NguM. Russell Ballard, “Children of Heavenly Father” [inkulumo ethulwe eBrigham Young University, ngoMashi. 3, 2020], 2, speeches.byu.edu).

Sakhetha Ukuza Emhlabeni

UBaba wethu oseZulwini uyasithanda futhi ufisa ukuba sifane Naye. Uyisidalwa esiphakanyisiweyo esinomzimba wenyama okhazimulisiwe.

Empilweni yethu eyandulela eyasemhlabeni, safunda ukuthi uNkulunkulu unesu lokuthi sifane Naye. Enye ingxenye yesu Lakhe kwakuwukuthi sizoshiya ikhaya lethu lasezulwini size emhlabeni ukuze samukele imizimba yenyama. Kwakudingeka futhi sizuze ulwazi futhi sithuthukise ukholo ngesikhathi singekho ebukhoneni bukaNkulunkulu. Angeke sikukhumbule ukuhlala noNkulunkulu. Nokho, wayezosinika lokho esikudingayo ukuze sikwazi ukubuyela siyohlala Naye.

Ukuzikhethela, noma inkululeko namandla okuzikhethela, kuyingxenye ebalulekile yesu likaNkulunkulu ngathi. Empilweni yethu eyandulela eyasemhlabeni, umuntu ngamunye wethu wakhetha ukulandela isu likaNkulunkulu futhi eze emhlabeni ukuze sithathe isinyathelo esilandelayo ekuqhubekeleni phambili kwethu empilweni yaphakade. Saqonda ukuthi ngesikathi silapha, sasizoba namathuba amaningi amasha okukhula nokuthola injabulo. Saqonda nokuthi sizobhekana nokuphikiswa. Sasizobhekana nezilingo, ukulingwa, usizi, nokufa.

Lapho sikhetha ukuza emhlabeni, sathembela othandweni nasosizweni lukaNkulunkulu. Sathembela ohlelweni Lwakhe lokusindiswa kwethu.

UBaba oseZulwini Wakhetha uJesu Kristu ukuba Asihlenge

UJesu Kristu ungumgogodla wohlelo lukaNkulunkulu. Ngaphambi kokuba size emhlabeni, sasazi ukuthi sasingeke sisakwazi ukubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu ngokwethu. UBaba oseZulwini wakhetha uJesu Kristu, iNdodana Yakhe eyizibulo, ukuze kwenzeke ukuthi sibuyele Kuye futhi sibe nokuphila okuphakade.

UJesu wavuma ngokuzithandela. Wavuma ukuza emhlabeni futhi azosihlenga ngomnikelo Wakhe wokuhlawulela. Ukuhlawulelwa kanye noVuko Lwakhe kuzokwenza izinjongo zikaNkulunkulu ngathi zifezeke.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Abantwana baNkulunkulu

Injongo kaNkulunkulu

Impilo Eyandulela Eyasemhlabeni

Funda kaBanzi NgaloMgomo

  • Umhlahlandlela wemiBhalo eNgcwele: “Impilo eyandulela eyasemhlabeni,” “Isu lokuhlengwa

  • General Handbook, 1.1: “God’s Plan of Happiness

  • IZiHloko zeVangeli: “Premortality [Ukuphila ngaphambi kokufa],” “Plan of Salvation [Isu Lensindiso]

Isithombe
ukushona kwelanga phezu kolwandle

Indalo

Isu likaBaba oseZulwini lahlinzekela ukudalwa komhlaba, lapho abantwana Bakhe bakamoya babezothola khona imizimba yenyama futhi bathole nolwazi. Ukuphila kwethu emhlabeni kuyadingeka ukuze sithuthuke futhi sifane noNkulunkulu.

Ngaphansi kwesiqondiso sikaBaba oseZulwini, uJesu Kristu wadala umhlaba kanye nazo zonke izinto eziphilayo. UBaba oseZulwini wabe esedala owesilisa nowesifazane ngomfanekiso Wakhe. Indalo ingukuvezwa kothando lukaNkulunkulu kanye nesifiso Sakhe sokuba sibe nethuba lokukhula.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi NgaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Dala, Indalo

  • IziHloko zeVangeli: “Indalo

Isithombe
Leaving the Garden of Eden [Ukushiya Insimu yase-Edene], nguJoseph Brickey

Ukuwa kuka-Adamu no-Eva

Ngaphambi koKuwa

U-Adamu no-Eva babengabantwana bokuqala baBaba oseZulwini ukuba beze emhlabeni. UNkulunkulu wadala imizimba yabo ngomfanekiso Wakhe futhi wababeka eNsimini yase-Edeni. Ensimini babemsulwa, noNkulunkulu wabanika izidingo zabo.

Ngesikhathi u-Adamu no-Eva besensimini, uNkulunkulu wabayala ukuba bangasidli isithelo somuthi wokwazi okuhle nokubi. Uma bawulalela lomyalo, babengahlala ensimini. Nokho, bebengeke bakwazi ukuthuthuka ngokufunda ekuphikisweni nasezinseleleni zokufa. Bebangeke bayazi injabulo ngoba babengakaze balubone usizi nobuhlungu.

USathane walinga u-Adamu no-Eva ukuba badle isithelo okwakungamele basidle, kepha bakhetha ukusidla. Ngenxa yalokhu kukhetha, baxoshwa ensimini futhi basuswa phambi kobuso bukaNkulunkulu. Lesisehlakalo sibizwa ngoKuwa.

Emva koKuwa

Emva kokuwa, u-Adamu no-Eva baba ngabantu abafayo. Bengasekho esimweni sokuba msulwa, baqonda futhi bahlangabezana nakho kokubili okuhle nokubi. Babengasebenzisa ilungelo labo lokukhetha phakathi kwabo. Ngenxa yokuthi u-Adamu no-Eva babhekana nokuphikiswa nezinselele, bakwazi ukufunda nokuthuthuka. Ngenxa yokuthi bezwa ukudabuka, babekwazi futhi ukuzwa nenjabulo. (Bheka 2 Nefi 18:10-25.)

Naphezu kobunzima babo, u-Adamu no-Eva baba nomuzwa wokuthi ukuba ngabantu abafayo kwakuyisibusiso esikhulu. Esinye isibusiso kwakuwukuthi babengaba nabantwana. Lokhu kwavulela abanye abantwana baNkulunkulu bakamoya indlela yokuba beze emhlabeni futhi bathole imizimba yenyama.

Mayelana nezibusiso zokuwa, bobabili u-Adamu no-Eva bajabula. U-Eva wathi, “Ukuba kwakungave kungenxa yesiphambeko sethu ngabe asizange siyithole inzalo, futhi sasingeke sazi okuhle nokubi, nenjabulo yokuhlengwa kwethu, nokuphila okuphakade uNkulunkulu akunika bonke abalalelayo” (uMose 5:11; bheka futhi ivesi 10).

Ukufunda Imibhalo Engcwele

ENsimini

UKuwa

Funda kaBanzi NgaloMgomo

Impilo Yethu Emhlabeni

Abantu abaningi bayazibuza, “Kungani ngilapha emhlabeni?” Impilo yethu emhlabeni iyingxenye ebalulekile yesu likaNkulunkulu lenjabulo yaphakade. Inhloso yethu enkulu wukulungiselela ukubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi sithole ukugcwala kwenjabulo. Okuchazwe ngezansi kungezinye zezindlela ukuphila komhlaba okusilungiselela ngazo lokhu.

Isithombe
umfana emamatheka

Thola Umzimba Wenyama

Enye inhloso yokuza emhlabeni ngukwamukela umzimba wenyama lapho umoya wethu ungahlala khona. Imizimba yethu ingcwele, iyindalo kaNkulunkulu eyisimangaliso. Ngemizimba yenyama, singenza, sifunde, futhi sizwe izinto eziningi imimoya yethu ebingenakukwazi. Singathuthuka ngezindlela ebesingenakuthuthuka ngazo njengemimoya.

Ngenxa yokuthi imizimba yethu iyafa, sibhekana nobuhlungu, izifo, nezinye izilingo. Lezi zenzakalo zingasisiza sifunde ukubekezela, ububele nezinye izimfanelo zikaNkulunkulu. Zingaba yingxenye yendlela yethu eya enjabulweni. Ukukhetha okulungile lapho kunzima ukukwenza kuvame ukuba yindlela ukholo, ithemba, kanye nomusa kuba yingxenye yesimilo sethu.

Funda Ukusebenzisa iLungelo lokuKhetha Ngokuhlakanipha

Enye inhloso yokufa iwukufunda ukusebenzisa ukuzikhethela kwethu ngokuhlakanipha—ukuze sikhethe okulungile. Ukufunda ukusebenzisa ukukhetha kwethu ngokuhlakanipha kubalulekile ukuze sifane noNkulunkulu.

UBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu basifundisa okulungile futhi banikeze imiyalelo ukuze isiqondise enjabulweni. USathane usilinga ukuba senze okubi, efuna sibe lusizi njengaye. Sibhekana nokuphikiswa phakathi kokuhle nokubi, okudingekayo ekufundeni ukusebenzisa ukukhetha kwethu (bheka 2 Nefi 2:11).

Lapho silalela uNkulunkulu, siyakhula futhi sithole izibusiso Zakhe azithembisile. Uma singalaleli, siyaziqhelelanisa Naye futhi sithole imiphumela yesono. Noma-ke kwesinye isikhathi kubukeka ngenye indlela, isono sikuholela ekutheni ungajabuli. Ngokuvamile izibusiso zokulalela—kanye nemiphumela yesono—azibonakali ngokushesha noma zibonakale ngaphandle. Kodwa ziqinisekile, ngoba uNkulunkulu ulungile.

Nalapho senza konke okusemandleni ethu, sonke siyona futhi “siyasilela enkazimulweni kaNkulunkulu” (KwabaseRoma 3:23). Ukwazi lokhu, uBaba oseZulwini wasinika indlela yokuthi siphenduke ukuze sibuyele Kuye.

Ukuphenduka kuletha amandla oMhlengi wethu, uJesu Kristu, ezimpilweni zethu (bheka uHelamani 5:11). Njengoba siphenduka, siyahlanzwa esonweni ngomnikelo wokuhlawulela kaJesu Kristu kanye nesipho sikaMoya oNgcwele (bheka 3 Nefi 27:16–20). Ngokuphenduka, sithola injabulo. Indlela ebuyela kuBaba wethu oseZulwini ivulelwe thina, ngokuba unesihe. (Bheka “Ukuphenduka” kwisifundo 3.)

Funda ukuHamba ngokuKholwa.

Enye inhloso yalempilo ukuthola ulwazi esingaluthola kuphela ngokuhlukana noBaba oseZulwini. Ngenxa yokuthi asimboni, sidinga ukufunda ukuhamba ngokukholwa (bheka 2 KwabaseKorinte 5:6–7).

UNkulunkulu akasishiyanga sodwa kulolu hambo. Usilethele uMoya oNgcwele ukuba usihole, asiqinise, futhi asingcwelise. Unikeze nemibhalo engcwele, abaprofethi, umkhuleko, kanye nevangeli likaJesu Kristu.

Yonke ingxenye yesidlula kukho emhlabeni—injabulo kanye nosizi, impumelelo kanye nezithiyo—ingasisiza ukuthi sikhule njengoba silungiselela ukubuyela kuNkulunkulu.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Isikhathi Sokuba Ukhule futhi Uthuthuke

Ukhetho

Okuhle noKubi

Isono

Kumele Sihlanzeke Ukuze Sibe NoNkulunkulu

Funda kaBanzi NgaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele: “Ofayo , Ukufa ,” “Ubunzima

  • IziHloko zeVangeli: “Ukufa,” “Ubunzima

INhlawulo kaJesu Kristu

Ngenxa yoKuwa kuka-Adamu no-Eva, sonke singaphansi kwesono nokufa. Ngeke sikwazi ukunqoba imiphumela yesono nokufa ngokwethu. Ohlelweni lukaBaba wethu oseZulwini lwensindiso, Wanikeza indlela yokunqoba imiphumela yokuwa ukuze sibuyele Kuye. Ngaphambi kokuthi umhlaba udalwe, Wakhetha uJesu Kristu ukuba abe uMsindisi noMhlengi wethu.

UJesu Kristu kuphela owayengasisindisa esonweni nasekufeni. UyiNdodana kaNkulunkulu engokoqobo. Waphila impilo engenasono, elalela uYise ngokuphelele. Wayezinikelile ekwenzeni intando kaBaba Wakhe.

Ukuhlawulelwa kuye kwafaka ukuhlupheka ensimini yaseGetsemani, ukuhlupheka nokufa Kwakhe esiphambanweni, futhi kwaphela ngoVuko Lwakhe. Wahlupheka ngendlela engenakuqondakala—kangangoba Wopha kuzo zonke iziqu zoboya (bheka IMfundiso neziVumelwano 19:18).

INhlawulo kaJesu Kristu iyisenzakalo esikhazimula kakhulu kuwowonke umlando wabantu. Ngomhlatshelo Wakhe wokuhlawulela, uJesu wenza icebo likaBaba lasebenza. Besingeke sikwazi ukuzisiza ngaphandle kweNhlawulo kaJesu Kristu ngoba asikwazi ukuzisindisa esonweni nasekufeni (bheka u-Alima 22:12–15).

Umnikelo woMsindisi wethu wawuyisibonakaliso esiphezulu sothando ngoBaba Wakhe kanye nathi. “Ububanzi, nobude, nokujula, nokuphakama” kothando lukaKristu kudlula ukuqonda kwethu (Kwabase-Efesu 3:18; bheka futhi ivesi 19).

Isithombe
The Crucifixion [Ukubethelwa], nguHarry Anderson

UJesu Kristu Wakunqoba Ukufa Kwabo Bonke

Ngenkathi efa esiphambanweni, Umoya Wakhe wahlukana nomzimba Wakhe. Ngosuku lwesithathu, Umoya Wakhe kanye nomzimba waphinde kwabandawonye ingunaphakade, awuzange wehlukane futhi. Wavela kubantu abaningi ebakhombisa ukuthi unomzimba ongafi wenyama namathambo. Lokhu kuhlangana kabusha komoya nomzimba kubizwa ngokuthi uVuko.

Njengabantu abafayo, umuntu ngamunye wethu uzofa. Nokho, ngenxa yokuthi uJesu wakunqoba ukufa, wonke umuntu ozelwe emhlabeni uyovuswa. UVuko luyisipho esingcwele kubo bonke, esinikezwa ngesihe soMsindisi nomusa okhululayo. Umoya nomzimba womuntu ngamunye kuyohlanganiswa, futhi umuntu ngamunye wethu uyophila phakade emzimbeni ophelele, ovusiwe. Ukuba bekungengenxa kaJesu Kristu, ukufa bekuyoqeda lonke ithemba lokuphila esikhathini esizayo noBaba oseZulwini (bheka 2 Nefi 9:8–12).

UJesu Wenza Ukuba Sihlanzwe Ezonweni Zethu

Ukuze siqonde ithemba esingalithola ngoKristu, kudingeka siqonde umthetho wobulungiswa. Lona ngumthetho ongaguquki oletha imiphumela ngezenzo zethu. Ukulalela uNkulunkulu kuletha imiphumela emihle, futhi ukungalaleli kuletha emibi. (Bheka u-Alima 42:14–18.) Lapho sona, siba abangcolile ngokomoya, futhi akukho lutho olungcolile olungaphila ebukhoneni bukaNkulunkulu (bheka 3 Nefi 27:19).

Isithombe
Jesus Praying in Gethsemane [UJesu Ekhuleka eGetsemane], nguHarrry Anderson

Ngesikhathi somhlatshelo kaJesu Kristu wokuhlawulela, Wema endaweni yethu, wahlupheka, futhi wakhokhela inhlawulo yezono zethu (bheka 3 Nefi 27:16–20). Isu likaNkulunkulu linikeza uJesu Kristu amandla okusinxusela—ukuma phakathi kwethu nobulungiswa (bheka uMosiya 15:9). Ngenxa yomhlatshelo kaJesu ohlawulelayo, Angafuna amalungelo Akhe esihe ngenxa yethu njengoba sisebenzisa ukholo ekuphendukeni (bheka uMoroni 7:27; IMfundiso neziVumelwano 45:3–5). “Kanjalo isihe singazenelisa izimfuno zobulungiswa, futhi sisizungeze ngezingalo zokuphepha” (u-Alima 34:16).

Ingenxa yesipho seNhlwawulo futhi nokuphenduka kwethu kuphela lapho singakwazi ukubuyela sihlale noNkulunkulu. Lapho siphenduka, siyathethelelwa futhi sihlanzwe ngokomoya. Sikhululiwe emthwalweni wecala lezono zethu. Imiphefumulo yethu elimele iphulukisiwe. Sigcwala injabulo (bheka u-Alima 36:24).

Nakuba singaphelele futhi singahluleka futhi, muningi umusa, uthando, nesihe kuJesu Kristu kunokwehluleka, ukushiyeka, noma isono kithi. UNkulunkulu uhlale ekulungele futhi uyakulangazelela ukusamukela njengoba sibheka Kuye futhi siphenduka (bheka NgokukaLuka 15:11–32). Akukho lutho futhi akekho “oyokwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu” (KwabaseRoma 08:39).

UJesu Wathwala Ubuhlungu Bethu, Izinhlupheko, noButhakathaka.

Emhlatshelweni Wakhe wokuhlawulela, uJesu Kristu wazithathela izinhlungu, izinhlupheko, nobuthakathaka bethu. Ngenxa yalokhu, Uyazi “ngokwasenyameni ukuthi ingabasiza kanjani abantu bayo ngokobuthakathaka kwabo” (u-Alima 7:12; bheka futhi ivesi 11). Uyamema, “Zanini kimi,” futhi njengoba senza, Usinika ukuphumula, ithemba, amandla, umbono, nokuphola (NgokukaMathewu 11:28; bheka futhi amavesi 29–30).

Lapho sithembela kuJesu Kristu neNhlawulo Yakhe, Angasisiza ukuba sibekezelele izilingo zethu, izifo, kanye nobuhlungu. Singagcwala injabulo, uxolo kanye nenduduzo. Konke lokho okungenaqiniso ngempilo kungalungiswa ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

INhlawulo YoMsindisi

UVuko

Funda kaBanzi NgaloMgomo

Isithombe
umndeni uvakashela ithuna

Izwe likaMoya

Abantu abaningi bayazibuza, “Kwenzekani ngemva kokufa kwami?” Isu lensindiso linikeza izimpendulo ezibalulekile kulombuzo.

Ukufa kuyingxenye ‘yesu’ likaNkulunkulu “lesihe” ngathi (2 uNefi 9:6). Kunokuba kuphele ubukhona bethu, ukufa kuyisinyathelo esilandelayo ekuqhubekeleni kwethu phambili kwaphakade. Ukuze sibe njengoNkulunkulu, kumele sibhekane nokufa futhi kamuva samukele imizimba ephelelisiwe, evusiwe.

Lapho umzimba wenyama ufa, umoya uyaqhubeka uphile ezweni likamoya. Lesi yisimo sesikhashana sokufunda nokuzilungiselela ngaphambi koVuko kanye neSahlulelo sokuGcina. Ulwazi lwethu oluvela empilweni yasemhlabeni luhlala nathi.

Ezweni likamoya, abantu abamukela futhi baphila ivangeli likaJesu Kristu “bamukelwa esimweni senjabulo, esibizwa ngokuthi iparadesi” (u-Alima 40:12). Izingane ezincane nazo zemukelwa eparadesi uma zifa.

Imimoya eparadesi iyobe inokuthula ezinkingeni nasosizini lwayo. Bayoqhubeka nokukhula kwabo ngokomoya, benze umsebenzi kaNkulunkulu futhi basebenzele abanye. Bazofundisa ivangeli kulabo abangalitholanga ngesikhathi sempilo yabo yasemhlabeni (bheka IMfundiso neziVumelwano 138:32–37, 57–59).

Ezweni lemimoya, abantu ababengakwazi ukwamukela ivangeli emhlabeni, noma abakhetha ukungalandeli imiyalelo, bayothola ukulinganiselwa okuthile (bheka IMfundiso neziVumelwano 138:6–37; u-Alima 40:6–14). Nokho, ngenxa yokuthi uNkulunkulu ulungile futhi unesihe, bayoba nethuba lokufundiswa ivangeli likaJesu Kristu. Uma belamukela futhi bephenduka, bazohlengwa ezonweni zabo (bheka IMfundiso neziVumelwano 138:58; bheka futhi 138:31–35; 128:22). Bayokwamukelwa ekuthuleni kweparadesi. Ekugcineni bayothola indawo embusweni wenkazimulo esekelwe abakwenzile enyameni kanye nasezweni lemimoya.

Sihlala ezweni likamoya kuze kufike isikhathi sokuvuswa.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi NgaloMgomo

  • IzoHloko zemiBhalo eNgcwele: “Iparadesi

Ukuvuka kwabafileyo, Insindiso, Nokuphakanyiswa

UVuko

Isu likaNkulunkulu lenza ukuthi sikwazi ukukhula nokuthola ukuphila okuphakade. Ngemva kwesikhathi sethu emhlabeni kamoya, uVuko yisinyathelo esilandelayo ekukhuleni kwethu.

UVuko luwukuhlangana kabusha komoya nomzimba. Umuntu ngamunye wethu uzovuswa kwabafileyo. Lokhu kwenzeke ngeNhlawulo kanye noVuko loMsindisi. (Bheka u-Alima 7:42-44.)

Lapho sivuswa kwabafileyo, umuntu ngamunye wethu uyoba nomzimba wenyama ophelele, ongenabo ubuhlungu nokugula. Siyobe singafi, siyophila phakade.

Insindiso

Ngenxa yokuthi sonke siyovuswa, sonke siyosindiswa—noma sithole insindiso—ekufeni okungokwenyama. Lesi sipho siphiwa sona ngomusa kaJesu Kristu.

Futhi singasindiswa—noma sizuze insindiso—emiphumeleni edinga umthetho wobulungiswa ezonweni zethu. Lesi sipho senziwa futhi ngobuhle nesihe sikaJesu Kristu njengoba siphenduka. (Bheka u-Alima 42:13–15, 21-25.)

Ukuphakanyiswa

Ukuphakanyiswa, noma ukuphila okuphakade, isimo esiphezulu senjabulo kanye nenkazimulo embusweni wesilestiyali. Ukuphakanyiswa kuyisipho esinemibandela. UMongameli uRussell M. Nelson wafundisa, “Those qualifying conditions include faith in the Lord, repentance, baptism, receiving the Holy Ghost, and remaining faithful to the ordinances and covenants of the temple” (“Salvation and Exaltation,” Liahona, ngoMeyi 2008, 9).

Ukuphakanyiswa kusho ukuphila noNkulunkulu ingunaphakade emindenini yaphakade. Kuwukwazi uNkulunkulu noJesu Kristu, ukuba njeNgabo, nokuzwa lempilo abayijabulelayo.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi NgaloMgomo

  • IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “UVuko

  • IziHloko zeVangeli: “UVuko,” “Insindiso

Isithombe
imisebe yelanga ekhanya phakathi kwamafu

Ukwahlulela neMibuso Yenkazimulo

Qaphela Lapho uqala ukufundisa ngemibuso yenkazimulo, fundisa ezingeni eliyisisekelo ngokwezidingo zomuntu kanye nokuqonda.

Lapho sivuswa kwabafileyo, uJesu Kristu uyoba umahluleli wethu onobulungiswa nesihe. Ngaphandle kwabambalwa kakhulu, umuntu ngamunye wethu uzothola indawo embusweni wenkazimulo. Nakuba sonke siyovuswa, ngeke sithole inkazimulo yaphakade efanayo (bheka IMfundiso neziVumelwano 88:22–24, 29–34; 130:20–21; 132:5).

Abantu abangazange babe nethuba lokuqonda ngokugcwele nokulalela imithetho kaNkulunkulu ngesikhathi sempilo yabo yasemhlabeni bazonikezwa lelo thuba ezweni lemimoya. UJesu uyokwahlulela umuntu ngamunye ngokokholo lwakhe, imisebenzi yakhe, izifiso zakhe, nokuphenduka kwakhe emhlabeni nasemhlabeni womoya (bheka IMfundiso neziVumelwano 138:32–34, 57–59).

Imibhalo engcwele ifundisa ngemibuso yenkazimulo yesilestiyali, kanye nethelestiyali. Umbuso ngamunye uwukubonakaliswa kothando, ubulungiswa, nesihe sikaNkulunkulu.

Labo ababonisa ukholo kuKristu, baphenduke ezonweni zabo, bamukele izimiso zevangeli, bagcine izivumelwano zabo, bamukele uMoya oNgcwele, futhi babekezele kuze kube sekugcineni bayosindiswa embusweni wesilestiyali. Lombuso uzophinde uhlanganise abantu abangazange babe nethuba lokuthola ivangeli ngesikhathi sokuphila kwabo kwasemhlabeni kodwa “ababeyolamukela ngezinhliziyo zabo zonke” futhi bakwenza lokho ezweni likamoya (IMfundiso neziVumelwano 137:8; bheka futhi ivesi 7). Izingane ezishone ngaphambi kweminyaka yokuziphendulela (iminyaka eyisishiyagalombili ubudala) nazo zizosindiswa embusweni wesilestiyali (bheka IMfundiso neziVumelwano 137:10).

Emibhalweni engcwele, umbuso wesilestiyali ufaniswa nenkazimulo noma ukukhanya kwelanga. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 76:50–70.)

Abantu abaphila izimpilo ezihloniphekile “abangazange babamukele ubufakazi bukaJesu enyameni, kodwa kamuva babamukela” bayothola indawo embusweni wethirestriyali (IMfundiso neziVumelwano 76:74). Kunjalo nakulabo ababengenasibindi ebufakazini babo ngoJesu. Lombuso ufaniswa nenkazimulo yenyanga. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 76:71-80.)

Labo abaqhubeka nezono futhi bangaguquka kulempilo noma bavume ivangeli likaJesu Kristu emhlabeni wemimoya bazothola umklomelo embusweni wetelestiyali. Lombuso ufaniswa nenkazimulo yezinkanyezi. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 76:81-86.)

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda kaBanzi NgaloMgomo

Uhlaka Lwesifundo Esifushane kuya Kwesiphakathi

Uhlaka olulandelayo luyisibonelo salokho ongase ukufundise othile uma unesikhathi esifushane. Lapho usebenzisa loluhlaka, khetha isimiso esisodwa noma ngaphezulu ozosifundisa. Isisekelo sezimfundiso zesimiso ngasinye sinikezwe ekuqaleni kwesifundo.

Ngesikhathi ufundisa, buza imibuzo futhi ulalele. Nikeza izimemo ezizosiza abantu bafunde indlela yokusondela kuNkulunkulu. Isimemo esisodwa esibalulekile esokuba lowo muntu ahlangane nawe futhi. Ubude besifundo buzoncika emibuzweni oyibuzayo nasekulaleleni okwenzayo.

Yikuphi Ongakufundisa Abantu Emizuzwini emi 3–10

  • Sonke singabantwana baNkulunkulu bangokomoya. Singamalungu omndeni Wakhe. Uyasazi futhi usithanda ngamunye.

  • UNkulunkulu usinike icebo lenjabulo yethu kanye nenqubekela phambili kulempilo kanye naphakade.

  • Ohlelweni lukaNkulunkulu, sasidinga ukuza emhlabeni ukuze samukele imizimba yenyama, sifunde, futhi sikhule.

  • UJesu Kristu ungumgogodla wohlelo lukaNkulunkulu. Wenza ukuba sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade.

  • Ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, uJesu wadala umhlaba.

  • Esesihlangabezane nakho emhlabeni kuhloselwe ukusisiza ukuba silungiselele ukubuyela ebukhoneni bukaNkulunkulu.

  • Umuntu ngamunye wethu uyona, futhi umuntu ngamunye wethu uyokufa. Ngokuba uNkulunkulu uyasithanda, Wathumela iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, emhlabeni ukuze asihlenge esonweni nasekufeni.

  • Konke okungenaqiniso empilweni kungalungiswa ngeNhlawulo kaJesu Kristu.

  • Uma umzimba wenyama ufa, umoya uyaqhubeka uphile. Ekugcineni sizovuswa sonke. Lokhu kusho ukuthi umoya nomzimba womuntu ngamunye kuzophinde kuhlanganiswe, futhi umuntu ngamunye wethu uyophila phakade emzimbeni ophelele, ovusiwe.

  • Lapho sivuswa, uJesu Kristu uyoba umahluleli wethu. Ngaphandle kwabambalwa kakhulu, bonke abantwana baNkulunkulu bazothola indawo embusweni wenkazimulo. Singabuyela siyohlala ebukhoneni bukaNkulunkulu uma sithembekile.

Shicilela