Isigaba 130
Izimfundiso ezihlokweni ezahlukene ezanikwa nguJoseph Smith umPhrofethi, eRamus, e-Illinois, ngomhlaka 2Â Epreli 1843.
1–3, UBaba neNdodana bangaziveza bona uqobo lwabo kubantu; 4–7, Izingelosi zihlala kwimbulunga yasezulwini i; 8–9, Umhlaba wesilestiyali uzoba yi-Urimi neThumimi enkulu; 10–11, Itshe elimhlophe linikwa bonke abangena ezweni lesilestiyali; 12–17, Isikhathi sokuZa kwesiBili sigodliwe kumPhrofethi; 18–19, Ulwazi olutholakale kulempilo sivuka nalo oVukweni; 20–21, Zonke izibusiso ziza ngokulalela umthetho; 22–23, UBaba neNdodana banemizimba yenyama namathambo.
1 Uma umSindisi esebonakaliswa siyombona njengoba enjalo. Siyobona ukuthi ungu muntu njengathi.
2 Futhi lobo budlelwane obukhona phakathi kwethu lapha buyoba khona phakathi kwethu lapho, kodwa buyobe sebuhambisana ne nkazimulo yaphakade, leyo nkazimulo esingenayo njengamanje.
3 UJohane 14:23—Ukuvela kuka Baba ne Ndodana, kulelo vesi, wuku ziveza bona uqobo lwabo; futhi umqondo wokuthi uBaba neNdodana bahlala enhliziyweni yomuntu yinkolo endala yamabandla, futhi ingamanga.
4 Ukuphendula umbuzo othi—Ingabe ukubala isikhathi sikaNkulunkulu, sezingelosi, sabaphrofethi, futhi nesabantu, akuvumelani yini neplanethi abahlala kuyo na?
5 Ngiphendula ngithi, Yebo. Kodwa azikho izingelosi ezithunywa kulomhlaba ngaphandle kwalezo ezingezawo noma ezike zaba ngezawo.
6 Izingelosi azihlali kwiplanethi enjengalo mhlaba;
7 Kodwa zihlala phambi kukaNkulunkulu, kwimbulunga enjengo lwandle lwengilazi no mlilo, lapho zonke izinto zenkazimulo yazo zambuliwe, okwedlule, imanje, nekusasa, futhi zonke izinto ziphambi kweNkosi ngaso sonke isikhathi.
8 Indawo lapho uNkulunkulu ehlala khona iyi-Urimi neThumimi enkulu.
9 Lo mhlaba, esimweni sawo sokungcweliswa nesokungafi, uyokwenziwa ufane netshe elikhanya njenge ngilazi futhi ube yi-Urimi neThumimi kubantu abahlala kuwo, okuyothi ngawo zonke izinto eziphathelene nombuso ongaphansi, noma yonke imibuso yohlelo olungaphansi, iyokwembulwa kulabo abahlala kuwo; futhi lomhlaba uyoba ngokaKristu.
10 Ngaleso sikhathi itshe elimhlophe okukhulunywa ngalo encwadini yesAmbulo 2:17, liyoba yi-Urimi neThumimi kumuntu ngamunye olitholayo, okuyokwaziswa ngalo izinto eziphathelene nohlelo oluphezulu lwemibuso ziyokwembulwa;
11 Futhi itshe elimhlophe linikezwa umuntu ngamunye kulabo abeza embusweni wesilestiyali, okubhalwe kulo igama elisha, elingaziwa muntu ngaphandle kwalowo olitholayo. Lelo gama elisha lingukhiye.
12 Ngiyaphrofetha, egameni leNkosi uNkulunkulu, ukuthi ukuqala ko bunzima obuyodala ukuchitheka kwegazi eliningi ngaphambi kokuza kweNdodana yoMuntu kuyoba se South Carolina.
13 Kungenzeka buvele ngenxa yenkinga yobugqila. Lokhu izwi lakusho kimi, ngesikhathi ngikhuleka kakhulu ngaloludaba, ngomhlaka 25Â Disemba 1832.
14 Ngake ngakhuleka kakhulu ukuze ngazi isikhathi so kuza kweNdodana yoMuntu, ngesikhathi ngizwa izwi lisho lokhu okulandelayo:
15 UJoseph, ndodana yami, uma uyophila uze ube neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ubudala, uyobubona ubuso beNdodana yoMuntu; ngakho-ke lokhu makukwanelise, futhi ungabe usangihlupha ngaloludaba.
16 Ngasala ngikuleso simo, ngaphandle kokwazi ukuthi ngabe lokhu kuza kuqondiswe ekuqaleni kwenkulungwane yeminyaka noma kokunye ukuvela kwayo kwaphambilini, noma kufanele ngife kuthi ngenxa yalokho bese ngibona ubuso bakhe.
17 Ngikholwa wukuthi ukuza kweNdodana yoMuntu akuzukwenzweka ngaphambi kwaleso sikhathi.
18 Noma ngabe lungakanani ulwazi esilutholayo kulempilo, luyovuka nathi kulo uvuko.
19 Futhi uma umuntu ethola ulwazi nokuqonda okuningi kulempilo ngoku khuthala noku lalela kwakhe kunomunye, uyokuba ne nzuzo enkulu ezweni elizayo.
20 Kukhona umthetho, ongeke ususwe owamiswa ezulwini ngaphambi koku sekelwa kwalomhlaba, izibusiso zonke ezimiswe kuwo—
21 Futhi uma sithola noma yisiphi isibusiso kuNkulunkulu, kungenxa yokulalela lowo mthetho esimiswe kuwo.
22 UBaba uno mzimba wenyama namathambo othintekayo njengowo muntu; ngokunjalo neNdodana; kodwa uMoya oNgcwele awunawo umzimba wenyama namathambo, kodwa ungumuntu onesithunzi woMoya. Ukuba kwakungenjalo, uMoya oNgcwele wawungeke uhlale kithi.
23 Umuntu angawuthola uMoya oNgcwele, futhi ungehlela phezu kwakhe futhi ungahlali naye.