Isigaba 131
Izimfundiso zikaJoseph Smith umPhrofethi, ezanikwa eRamus, e-Illinois, ngomhlaka 16 no 17Â Meyi 1843.
1–4, Umshado wesilestiyali udingeka kakhulu ukuze umuntu aphakanyiselwe kweliphezulu kakhulu izulu; 5–6, Kuyachazwa ukuthi abantu baqinisekiswa kanjani ngokuphila okuphakade; 7–8, Konke okungumoya kuyinto ethintekayo futhi nebonakalayo.
1 Embusweni wesilestiyali kunamazulu noma amabanga amathathu;
2 Futhi ukuze afumane eliphezulu kunawo wonke, umuntu kufanele angene kulolu hlelo lobuphristi, [okungukuthi isivumelwano esisha nesaphakade somshado];
3 Futhi uma engangeni kulolu hlelo, ngeke alifumane.
4 Angangena kwelinye ibanga, kodwa lokho sekuyisiphetho sombuso wakhe; ngeke abe nokwanda ngezizukulwane.
5 (Ngomhlaka 17Â Meyi 1843.) Izwi eliqinisekile kakhulu le siphrofetho lisho ukwazi komuntu ukuthi use khethelwe ukuphila okuphakade, ngesambulo nangomoya wokuphrofetha, ngamandla obuPhristi obuNgcwele.
6 Ngeke kwenzeke ukuba umuntu asindiswe engenalo ulwazi.
7 Ayikho into engathinteki nenga bonakali. Konke okungu moya kuyinto ethintekayo nebonakalayo, kodwa kucolekile noma kucwebe kakhulu, futhi kungabonwa kuphela ngamehlo acwebe kakhulu;
8 Asikwazi ukuku bona; kodwa uma imizimba yethu isicwebisiwe siyobona ukuthi konke kuyinto ethintekayo nebonakalayo.