Isigaba 21
Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, eFayette, eNew York, ngomhlaka 6 ku-Epreli 1830. Lesi sambulo sanikwa ekumisweni kwebandla, ngosuku oselushiwo, ekhaya lika Peter Whitmer oMdala. Amadoda ayisithupha, ayebhabhadisiwe phambilini, ahlanganyela. Ngevoti lokuvumelana laba bantu bazwakalisa isifiso sabo nokuzimisela ukumisa, ngokwemiyalelo kaNkulunkulu (bheka isigaba 20). Futhi bavota ukwamukela nokusekela uJoseph Smith omNcane no-Oliver Cowdery njengabengamele iBandla. Ngokubeka izandla ekhanda, uJoseph wabe esemgcoba u-Oliver njengegosa leBandla, futhi u-Oliver ngokufanayo naye wagcoba uJoseph. Emuva kokubusisa isidlo esingcwele, uJoseph no-Oliver babeka izandla phezu kwabahlanganyeli ngamunye ukubapha uMoya oNgcwele futhi nokuqiniswa ngamunye njengelungu leBandla.
1–3, UJoseph Smith ubizelwe ukuba umboni, umhumushi, umphrofethi, umphostoli, negosa; 4–8, Izwi lakhe lizohola umgomo weSiyoni; 9–12, AbaNgcwele bazowakholwa amazwi akhe nanini uma ekhuluma ngoMduduzi.
1 Bheka, kuyokuba nombhalo oyogcinwa phakathi kwenu; futhi kuwo uyobizwa ngomboni, umhumushi, umphrofethi, umphostoli kaJesu Kristu, igosa lebandla ngentando kaNkulunkulu uBaba, nangomusa weNkosi yenu uJesu Kristu,
2 Oshisekeliswe nguMoya oNgcwele ukubeka isisekelo salo, futhi nokulakhela ekukholweni okungcwele kakhulu.
3 Lelo bandla elahlelwa futhi lamiswa ngonyaka weNkosi yenu wamakhulu ayishumi nesishiyagalombili namashumi amathathu, ngenyanga yesine, futhi ngosuku lwesithupha lwenyanga ebizwa ngokuthi u-Epreli.
4 Ngalokho-ke, ngisho ibandla, niyowanaka wonke amazwi akhe nemiyalelo ayoninikeza yona nanini uma eyinikwa, nihamba ngobungcwele bonke phambi kwami;
5 Ngamanye amagama izwi lakhe niyolamukela, kube sengathi liphuma kowami umlomo, ngokubekezela konke nangokukholwa konke.
6 Ngokuba ngokwenza lezi zinto amasango esihogo ngeke abuse phezu kwenu; yebo, futhi iNkosi uNkulunkulu izowachitha amandla obumnyama iwasuse phambi kwenu, futhi yenze amazulu azamazame ukuze nizuze, nokudumisa igama lakhe.
7 Ngokuba isho kanje iNkosi uNkulunkulu: Yena ngimshisekelisile ukuba ahambise umgomo we Siyoni ngamandla amakhulu ukuze nizuze, futhi ukukhuthala kwakhe ngiyakwazi, nemikhuleko yakhe ngiyizwile.
8 Yebo, ukulilela kwakhe iSiyoni ngikubonile, futhi ngizokwenza ukuthi angabe esaqhubeka nokuyililela; ngokuba izinsuku zakhe zokuthokoza sezifikile ngenxa yokuthethelelwa kwezono zakhe, futhi nokubonakaliswa kwezibusiso zami phezu kwemisebenzi yakhe.
9 Ngokuba, bhekani, ngiyoba busisa bonke labo abasebenza ensimini yami ngesibusiso esikhulu, futhi bayokholelwa emazwini akhe, anikwe wona ngami nguMduduzi, owambula ukuthi uJesu wabethelwa ngabantu ababi ukuze kukhokhelwe izono zomhlaba, yebo, ukuze kuthethelelwe izono kulabo abanezinhliziyo ezidabukileyo.
10 Ngalokho-ke kuyintando yami ukuba agcotshwe nguwe, u-Oliver Cowdery mphostoli wami;
11 Lokhu okuyisimiso kuwe, ukuthi uyigosa ngaphansi kwesandla sakhe, yena abe ngowokuqala kuwe, ukuze ube yigosa kuleli bandla likaKristu, elaziwa ngegama lami—
12 Futhi ungumshumayeli wokuqala walelibandla ebandleni, naphambi komhlaba, yebo, phambi kwabeZizwe; yebo, futhi isho kanje iNkosi uNkulunkulu, bheka, bheka! naku maJuda futhi. Amen.